0% found this document useful (0 votes)
1K views34 pages

ISIZULU HL GRD 12 P2 QP May-June 2024

Isizulu hl

Uploaded by

Nondumiso Ndlovu
Copyright
© © All Rights Reserved
We take content rights seriously. If you suspect this is your content, claim it here.
Available Formats
Download as PDF, TXT or read online on Scribd
0% found this document useful (0 votes)
1K views34 pages

ISIZULU HL GRD 12 P2 QP May-June 2024

Isizulu hl

Uploaded by

Nondumiso Ndlovu
Copyright
© © All Rights Reserved
We take content rights seriously. If you suspect this is your content, claim it here.
Available Formats
Download as PDF, TXT or read online on Scribd
You are on page 1/ 34

IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 Juni 2024

GAUTENG EAST DISTRICT

IBANGA LE - 12

ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA (HL)

IPHEPHA LESIBILI (P2)


JUNI 2024

AMAMAKI: 80

ISIKHATHI: Amahora ama-2½

Leli phepha linamakhasi angama-34

1
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 Juni 2024

IMIYALELO KWABAHLOLWAYO
1. Fundisisa kahle imiyalelo ngaphambi kokuba uqale ukuphendula imibuzo.
2. Ungafundi imibuzo yonke yephepha. Bheka bese ukhetha kuphela imibhalo
oyifundile kulo nyaka.
3. Leli phepha LINEZIQEPHU EZINTATHU:
ISIQEPHU A: Izinkondlo (30)
ISIQEPHU B: Inoveli/Ubuciko bomlomo (25)
ISIQEPHU C: Umdlalo (25)
4. Phendula imibuzo EMIHLANU isiyonke: ISIQEPHU A: Imibuzo EMITHATHU,
ISIQEPHU B: Umbuzo OWODWA, ISIQEPHU C: Umbuzo OWODWA .
ISIQEPHU A: IZINKONDLO
IZINKONDLO EZIMISELWE—Phendula noma yimiphi imibuzo EMIBILI.
INKONDLO ENGAMISELWE—UPHOQELEKILE ukuphendula lo mbuzo.
ISIQEPHU B: INOVELI/UBUCIKO BOMLOMO
Phendula umbuzo OWODWA.
ISIQEPHU C: UMDLALO.
Phendula umbuzo OWODWA.
5. INDLELA YOKUPHENDULA IMIBUZO YESIQEPHU B (INOVELI/UBUCIKO
BOMLOMO) KANYE NEYESIQEPHU C (UMDLALO)
-Phendula KUPHELA umbuzo wenoveli/ubuciko bomlomo kanye nomdlalo
owufundile.
-Phendula UMBUZO OWODWA OMUDE kanye NOWODWA OMFUSHANE. Uma
ukhetha ukuphendula umbuzo omude ESIQESHINI B, kufanele uphendule umbuzo
omfushane ESIQESHINI C. Uma ukhetha ukuphendula umbuzo omfushane
ESIQESHINI B, kufanele uphendule umbuzo omude ESIQESHINI C.
6. UBUDE OBULINDELEKILE BEZIMPENDULO
-Impendulo yombuzo omude wenkondlo kumele ube ngamagama ayi-190 kuya
kwangama-240.
-Izimpendulo zemibuzo emide enovelini/ebucikweni bomlomo/nasemdlalweni mazibe
ngamagama angama-340 kuya kwangama-390.
Ubude bezimpendulo zemibuzo emifushane buyolekelelwa amamaki anikeziwe
okuyiwona ayolawula ohlolwayo ukuthi kumele aphendule kangakanani. Abafundi
mabaqaphele ukuthi bangathemelezi kodwa baphendule okubuziwe.
7. Landela ngokucophelela imiyalelo oyinikeziwe ekuqaleni kwaleso siqephu.

2
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 Juni 2024

8. Qaphela ukuthi izinombolo ozisebenzise ezimpendulweni zakho ziyahambisana


nalezo ezisetshenziswe abahlolayo emibuzweni.
9. Qalisa isiqephu NGASINYE ekhasini ELISHA.
10. Ukusetshenziswa kwesikhathi kungahlelwa ngale ndlela.
ISIQEPHU A: Imizuzu engama-40
ISIQEPHU B: Imizuzu engama-55
ISIQEPHU C: Imizuzu engama-55.
11. Bhala ngobunono nangesandla esibonakalayo.

3
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 Juni 2024

ISIQEPHU A: IZINKONDLO
IZINKONDLO EZIMISELWE
Phendula noma yimiphi imibuzo EMIBILI kulena emine elandelayo.
UMBUZO1 (UMBUZO OMUDE)
Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo.

Zingqwele ze-Afrika – VS Khumalo


1Umhlaba uzolile,
2 Uhloniph’ izingqwele,
3 Zidl’ ubhedu lwengoma,
4 Oludonsel’ ezinzulwini zomphefumulo,
5 Nenhliziy’ edabukil’ ithinteke,
6 AbakwaNdumalo babhoph’ imithwalo,
7 Bashaye bashantshule.
8 Ningamuki zingqwele ze-Afrika,
9 Khuphulani lolo ngqambothi!
10 Umhlab’ uzohloba ngengubo yothando,
11 Kukikizwe kuchwaze,
12 Khuphulani leyo nhlokomo!
13 Ehlokoma namahlokohlok’ ehlobo
14 Kuhlaluke’ ubuhle bomhlaba.

15 Ningaphezi badli bobhedu!


16 Ngizw’ amaphimb’ avuma kamnandi
17 Amagod’ okuzibamb’ agqabuka,
18 Ngahlokoma nezingqwele zobhedu,
19 Umzwangedwa wangival’ isamuku!
20 Umphefumulo wami washwibashwiba,
21 Ngaphil’ezwen’ elingenamngcele.

22 Nazo sezikhophozel’ izingqwele,


23 Zasholo phansi kamnandi,
24 Zahlekis’ umhlab’ ongahleki,
25 Kwavunguz’ umoya wothando,
26 AbakwaNzondo bashaya bachitha!
27 Umlilo wothando wadlondlobala,
28 Iphunga lothando lagcwal’ umhlaba.

Imbongi iyakwazi ukusebenzisa amakhono amasu ahlukene ukwethula


ukubumbeka/isakhiwo sangaphandle. Fakazela lesi sitatimende ngokubhekisa kule
nkondlo engenhla ethi: Zingqwele ze-Afrika.
Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ibe namagama ayi-190 kuya
kwangama-240. [10]

4
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 Juni 2024

UMBUZO 2:(UMBUZO OMFUSHANE)


Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo.
IMVELO-K. N. N. GCUMISA
1 Uma ngiphakamis’ amehlo ami
2 Kuwo woman’ amagumb’ omhlaba,
3 Ngizw’ amehlo ami ehungeka,
4 Ehungwa uthando lwemvelo,
5 Imvelo eyadalwa uMdali.

6 Lapho ngiphakamisel’ amehlo esibhakabhakeni,


7 Ngibon’ izinyoni zemvelo zijabule.
8 Lapho ngehlisel’ amehlo ami emhlabeni,
9 Ngibona imihlambi ehlane iklabile,
10 Izimila zihuba ingoma yenjabulo.
11 Ngiluzwe uthando lwemvelo lwenyuka.
12 Ngiqalaze ngibon’ ubuhle bezintaba zezwe,
13 Namanz’ apholile agelez’ emifuleni,
14 Ngilizwe uthando lwemvelo lufukuka
15 Ngitshakadule njengenkonyan’ ibona unina,
16 Ngibone kuyifanele imvelo ukuba
17 Siyiphe lonke uthando njengokway’ukusithanda.

18 Uthando lwemvelo yezwe


19 Lwenz’ umzimba wami uthuthumele,
20 Lapho ngibona abonakalisi bemvelo
21 Bebhubhisa ubuhle bezwe bengezwa,
22 Bengezwa kwabumnandi bokubusiseka,
23 Bengazi nanyaka ngokungehla
24 Uma ingabhujisw’ iqothulwe imvelo.

2. 1. Tomula ukuxhumana okutholakala ebinzeni loku-1 bese usho uhlobo lwako.


(2)
2. 2. Chaza kafushane isifengqo esigqanyiswa umugqa we-10. (2)
2. 3. Chaza kafushane umoya oqukethwe yibinza lesi-2. (2)
2. 4. Chaza kafushane inhloso yembongi yokusebenzisa i-enjambamenti emigqeni
we – 16 kuya kowe - 17 (2)

2. 5. Phawula ngesigqi sale nkondlo. (2)


[10]

5
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 Juni 2024

UMBUZO 3 (UMBUZO OMFUSHANE)


Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo.
UTHUNYWE NGUBANI? - K. N. N. GCUMISA
1 We kufa, ak’ungihlebele,
2 Uthunywa ngubani wena?
3 Ukub’ uzosibangel’ usizi?
4 Nguban’ okuph’ amandlakazi
5 Angangawamabuth’ akwaMandlakazi?
6 Owephul’ uphoqoze ngawo
7 Izithomb’ ezingamaklume
8 Omthathe, omsimbithi nomthombothi?
9 AbakwaMthombothi bangavuma.

10 AbakwaMsimbithi bangavuma
11 NabakwaMthathe bavume
12 Ukuthi usuke wabenzakalisa,
13 Kungabe uyisithunywa sikaSathane
14 Noma uthunywe ngoMkhulukhulu?

3. 1. Tomula imvumelwano etholakala ebinzeni loku-1, bese usho nohlobo lwayo. (2)
3. 2. Chaza kafushane ngenhloso yembongi yokusebenzisa umbuzo-mbumbulu
emgqeni we-2 kuya kowe-5. (2)

3. 3. Chaza ngokusetshenziswa kwe-enjambamenti etholakala emgqeni we-13 kuya


kowe -14. (2)

3. 4. Chaza ithoni equkethwe umugqa we-10. (2)


3. 5. Chaza ngokuphumelela kwembongi ekusebenziseni isizura/isikhawu emgqeni
we-8. (2)
[10]

6
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 Juni 2024

UMBUZO 4(UMBUZO OMFUSHANE)


Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo.
UKUTHULA - B. W. VILAKAZI
1 Uma thina sobabili singahlala lapha,
2 Sicambalale osebeni lolwandle nogu,
3 Ehlabathin’ elimhloph’ eligcwel’ ufasimbe,
4 Lapho kugcwel’ ukuthula komhlaba nezulu
5 Yiyo le ndaw’ eyenza mina ngiqumbelane
6 Usikisiki lomphefumulo nonembeza.
7 Le ndaw’ egcwel’ inhlokomo, kuyo kubuthene
8 Konk’ okuhle nokuphas’ umphefumulo wami.

9 Kuyona ngizw’ amazwan’ abantu bekhuluma,


10 Abant’ abahamba ngezinyawo nangomoya,
11 Abanye bentanta nangaphezulu kwamanzi.
12 Bayasikhohlisa bathi ngamahlengethwa,
13 Abanye balokhu benyakazisana nemithi,
14 Benyakazisana nezindwan’ eziluhlaza.
15 Kuthi nxa siyobuza kuthiwe yiwona moya.
16 Ngiyabezwa bekhuluma, woza ungizwise.
17 Ngiyabathanda, bayangithanda, woz’uzizwele.

4. 1. Shono ukuthi nhloboni yenkondlo le? Sekela impendulo yakho.


(2)
4. 2. Ngabe ukukhethwa kwamagama emgqeni we - 11 kunamthelela muni
ekuqondeni indikimba yale nkondlo? (2)

4. 3. Chaza kafushane umqondo oqukethwe umugqa we-7 kuya kowe-8. (2)


4. 4. Ngabe yini inhloso yembongi yokusebenzisa ukuxhumana emgqeni we-13
nowe -14? (2)

4. 5. Phawula ngokuphumelela kwembongi ekusebenziseni isizura/isikhawu emgqeni


wama-17. (2)
[10]

KANYE

7
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 Juni 2024

NENKONDLO ENGAMISELWE (Uphoqelekile ukuphendula lo mbuzo)


UMBUZO 5 (UMBUZO OMFUSHANE)
Fundisisa le nkondlo bese uphendula imibuzo elandelayo.
SADALELWA UKUHLUPHEKA - J. C. DLAMINI
1 Ngiphakathi kwezitezi ezigwaza izulu
2 Ngigebisa ikhanjana ngizibukabuk;
3 Izinswenya zezimali zikinatelw’ emabhangi,
4 Mina ngishaya ngonobhaqa kuklokloza isisu,
5 Ngilala ngivuke ngingakuthanga mbibi.

6 Insebenzwana ngukuphandela emuva,


7 Umsebenzi ngiyawuthola ngingawutholi
8 Abelungu bangududula ngemikhaba, bheka!
9 Kodwa Nkulunkulu ngiyoze ngiphumulephi?
10 Okwethu okwezandla sadalelwa ukuhlupheka!

11 Besengikhohliwe, angidalwanga ngazalwa,


12 Abadalwa bokuqala babephelele ngokugcwele,
13 Ngokomzimba ngokomqondo, ngokoMphefumulo;
14 Ngubuqili bukaSathane obeza nezinhlupheko,
15 Ofulathela ubuqili bukaSathane UYAPHILA.

16 Angiyeke ubuqili ngiphile ngokugcwele ngensebenzo,


17 Angiyeke umona ngiphile ngokugcwele ngobudlelwane,
18 Angiyeke inzondo ngiphile ngokugcwele ngoZENZELE!

5. 1. Tomula imvumelwano etholakala ebinzeni loku-1 bese usho uhlobo lwayo. (2)
5. 2. Nikeza kafushane umoya olethwa imifanekisomqondo emgqeni we-4
usebenzise awakho amagama. (2)

5. 3. Chaza ukuthi ukusetshenziswa kwe-okzimoroni ebinzeni lesi-2 kukwelekelele


kanjani ekuqondeni isimo salo muntu? Sekela impendulo yakho. (2)

5. 4. Humusha ukusetshenziswa kwemigqa evalekile emigqeni we-11 kuya


kowe-15. (2)

5. 5. Phawula ngokuhlolisisa okushiwo yimbongi ebinzeni lokugcina. (2)


[10]
AMAMAKI ESIQEPHU A: 30

8
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 Juni 2024

ISIQEPHU B: INOVELI/UBUCIKO BOMLOMO


Khetha uhlobo OLULODWA lombhalo phakathi KWENOVELI NOBUCIKO
BOMLOMO, uphendule ngokulandela imiyalelo enikeziwe.
INOVELI
Phendula umbuzo OWODWA ngencwadi oyifundile.
UMBUZO 6 (UMBUZO OMUDE)
BENGITHI LIZOKUNA - N. G. SIBIYA
Umbhali wale noveli uphumelele kahle ukusebenzisa isimo sokukhuluma esithi:
Ithemba alibulali, ukuze adlulise umyalezo wakhe. Fakazela lesi sitatimende
ubhekise kokwenzeka kule noveli ethi: Bengithi Lizokuna.’’
Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ibe namagama angama - 340 kuya
kwangama - 390. (25)

UMBUZO 7 (UMBUZO OMFUSHANE)


BENGITHI LIZOKUNA - N. G. SIBIYA
Fundisisa lesi seqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo.
ISIQESHANA A

Kabuzange buvume ukufika ubuthongo kuXolani. Wayethi uzama ukucimeza kuvele


kugqame isithombe sikaMahlengi nje engqondweni yakhe. Wayeze azethuke
esequma manje, ngenhliziyo ebalisa ngokuthi uyaqala ukusanganiswa ngumuntu
kanje. “Kawulele ngani, ucabangani kangaka?” Kubuza umkakhe ngokunganaki nje.
“Eyi, yindaba yomsebenzi, ingqondo kayikutholi ukuphumula,” enkwankwaza
ezinxaphisa ubala.
“Uthi kusewumsebenzi wodwa nje lona okuqwashisile?” ebuza sakubhuqa. “Uchaza
ukuthini?” Ebuza ngolakana oluxube ukwethuka.
“Hhayi, bengizibuzela nje mntanomuntu,” kuphendula umkakhe, edonsa umoya,
ephenduka emfulathela.

Wakuziba ukukhononda okwakuzwakala ekuphawuleni komkakhe. Wazama ukulala.


Nakho-ke esezithela kuMahlengi. Bahlangana olwandle seliyozilahla kunina,
kuheleza umoya opholile, amagagasi alokhu eduma laphaya ezansi sengathi
abashayela ihlombe njengoba bebingelelana bevula izingalo bebambana.
‘Mahlengi, Mahlengi….’ kubingelela uXolani ngenjabulo embamba ngesandla
uMahlengi emdonsa ngengalo, bexhakana, becothoza kancane ezihlabathini
zolwandle ezithofozelayo, bephenduka begqolozelana ngamehlo alanguka uthando.

9
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 Juni 2024

‘Mahlengi, Mahle….’ Embambisisa, enamathela esifubeni sakhe esincanyana,


esithaphuka amakha awungqambothi, esihlotshiswe ngamabele amancanyana,
esifudumele, okulenga kuso umgexo obenyezeliswa yimisebe yelanga seliyoshona.
Akabange esaqeda ukumemeza.
‘Ngivelelwa yini? Ngubani lo Mahlengi olokhu ubalisa ngaye?’ kubhoka umkakhe
ngolaka egubhuka ezingutsheni, ekhanyisa ilambu likagesi elilapha eceleni
kombhede wabo omkhulukazi.
‘Bengiphupha’, kuchaza uXolani kuduma ikhanda, esho elenwaya nalo ikhanda,
ecikica amehlo, emshalazela umkakhe oseqhaqhazela ngenxa yokucasuka.
‘Kangiphiki ukuthi ubuphupha. Engikubuzayo ngukuthi ngubani lo Mahlengi
omphuphayo?’ embuza emgqolozele emehlweni. Ishalaze indoda.

‘Kangimazi. Uyawazi nje nawe amawongowongo amaphupho ukuthi ….’ eneka


izandla, etshekisa ikhanda sengathi ucela ukuba umkakhe avumelane naye ekuthini
amaphupho kuyenzeka umuntu amphuphise amawongowongo nje angaqondakali.
‘Hhayi njalo Xolani. Ngiyakukhuza njalo……’emhlaba ngeso elibi qede enikina
ikhanda.
‘Khululeka s’thandwa. Yiphupho nje elibi. Ngiyabona kufanele ngikhiphe inyongo’.’
Kakukho nyongo okufanele uyikhiphe. Kufanele ukhiphe lo Mahlengi engqondweni
yakho nje kwaphela.’
‘Okunye -ke, ngifuna ukulala manje,’isho ifulathela futhi intokazi, yelula ingalo icisha
ugesi, imshiya ebakaza emnyameni uXolani, esalokhu elinikine njalo ikhanda
elisalokhu lidume lokho nje.
Yake yandwaza eside isikhathi ezingutsheni insizwa, ikhanda liduma.
‘Mahlengi, ungenzani kodwa bakithi?’ kubalisa uXolani ngenhliziyo edonsa umoya
ezama ukulala, engasazi noma usafisa yini ukuphinde ambone kwelamaphupho
uMahlengi.
Wayebalisa kanjena nje uXolani noMahlengi naye wayengalele ethatha ebeka
ebukeza konke obekwenzeka ngenkathi behleli kamnandi noXolani, bexoxa
beqhumisa amahlaya sengathi sekuyiminyaka bazana, ungaphika ukuthi
kakukapheli nosuku olulodwa lolu bazene. (isahluko sesi-3, ikhasi 52-53)

7. 1. Shono izizathu EZIMBILI ezenza ukuthi umlingiswa onguXolani aqwashe


ngokwalesi siqeshana. (2)
7. 2. Yimuphi umoya otholakala kulesi seqeshana? Bhekisa impendulo yakho
kumlingiswa onguLungile bese usekela impendulo yakho. (2)
7. 3. Chaza kafushane ukuthi lesi siqeshana siyigqamisa kanjani indikimba yothando
kule noveli. (3)

10
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 Juni 2024

7. 4. Nikeza okufanayo mayelana nezenzo zomlingiswa onguXolani kanye


nomlingiswa onguNontobeko mayelana nothando lwabo lukaMhlengi/Mahlengi. (3)
7. 5. Iyini inhloso yombhali yokuveza ubudlelwano phakathi komlingiswa
onguMahlengi kanye nomlingiswa onguMandla kule noveli? Sekela impendulo
yakho. (2)
7. 6. Chaza ukubikezela okutholakala emazwini kaNontobeko athi: ’Uyangethembisa
ukuthi ngeke ungilwise uma ngehluleka endleleni’ awasho kuNkululeko ngenkathi
enquma ukuthandana naye’ (2)
7. 7. Chaza ukulandelana kwezehlakalo/kwezigameko ezaholela ekutheni
uNkululeko azibulale. (3)
7. 8. Ucabanga ukuthi wawuzoba njani umphumela ukube umlingiswa onguXolani
wawalalela la magama abhalwe ngokugqamile kulesi siqeshana? Nikeza isizathu
sempendulo yakho. (3)
7. 9. Uyavumelana yini nokuthi udweshu phakathi kukaZakithi noNomthi yilona
olwaholela ekuboshweni masinyane kukaNdumiso? Sekela impendulo yakho. (2)
7. 10. Uyazwelana yini noLungile kulesi simo abhekene naso lapho uXolani ephupha
ngoMahlengi? Yikuphi owawungakwenza ukube kwakunguwe uLungile uma
ubhekene nalesi simo.? (3)
[25]

11
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 Juni 2024

UMBUZO 8: UMBUZO OMUDE


USUMENYEZELWE -KE UMCEBO - M. J. MNGADI
Umbhali wale noveli uphumelele kahle ukusebenzisa isimo sokukhuluma esithi: Imali
yimpande yesono ekudluliseni kahle umyalezo wakhe. Fakazela lesi sitatimende
ubhekise kule noveli ethi: “Usumenyezelwe -ke umcebo”
Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ibe namagama angama - 340 kuya
kwangama - 390. (25)

UMBUZO 9: UMBUZO OMFUSHANE


USUMENYEZELWE -KE UMCEBO - M. J. MNGADI
Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo.
ISIQESHANA B
Simphethe isibibithwane uMirriam wambuka ngayesebomvu eswakeme.
‘Kwenzenjani manje Nzim’ omuhle? Ngathi ngikuthokozele ngizokulanda
ngakuthola uqhatha umunyu? Wasukuma wahlala embhedeni eduze kwakhe,
wakhipha iduku wamesula izinyembezi.
‘Sekwenze njani Themba lamathemba ami?’
‘Hhi!Hhi!Hhi! Ziqathaka ethi uyazithiba. Akukho lutho olunye Chule olonakele.
Yiyonje le ndaba yomfowethu esangiphethe kabi.’
‘Kufanele. Uma unesifiso sokumbona okokugcina umfowenu singahlela
sesisekhaya ngikuphuthumise eMangwaneni. Sukuma - ke mntwana wasekhaya
silayishe impahla angaze asiphazamise umfana kaNtshangase.’
‘NoNtshangase lowo akasekho,’ephihlika futhi ekhala.
Wethuka uChule wathi,’Sekwenzenjani? Useshonile naye?’
‘Uboshiwe Chule’
‘Eboshelwani manje?’
‘Usanda kuboshwa wumseshi othi wena nabanye nimmangalele.’
‘Hhawu!’ Ekhamisa.’ Okunye - ke lokhu. Umuntu engammangalela kudalo yilapho
bembopha namhlanje?’
‘NAMI NGIMANGALISWA YIKHONA UKUQONDANA KOKUBOSHWA
KWAKHE NOSUKU OZONGILANDA NGALO’
‘Wo, mntakaMazibuko, ngeke sazi ukuthi amathongo akwenu nawakwethu,
noMdali bahlele su lini lokuba sithuthane ngokuthula nangoxolo. Futhi nawe uyazi
ukuthi ayikho indoda engajabulela ukuba ithi ilande umuntu imfice ekhalela isoka
elidala. Nawe ngeke ukuthokozele neze ukuthi uthi ufika laphaya kwami ungithole
ngibambe isihlathi ngikhalela umkami osewashona’.
‘Cha Chule,’ ehefuzeliswa yisibibithwane, ’Angikhaleli soka, ngililela umfowethu.’
‘Siyezwelana kulokho Mwelase. Qoqa sihambe. Sizohlela sesisekhaya.’
UMirriam sengathi wayebethelwe kwaDicey. Wake wahlala wathula kungavumi
nokuba asukume.

12
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 Juni 2024

‘Akusavumi yini ukuba uphume lapha ekhaya?’ebuza ejabhile.


‘Hhayi sengizosukuma. Uyazi nawe ukuthi akulubala ukushiya indlu osuyihlale
iminyaka ethi ayibe yishumi nesithupha.’
‘Okusho ukuthi kubuhlungu nokubushiya ubugqila uma ukhulele kubo?”
‘Kunjalo Chule uma kunjengoba ngizwa.’ Wasukuma ngokuzidela wakhomba
amapulasitiki namapotimenjana akhathele. UChule wakweya. Ngokubona kwakhe
uMirriam kwakufanele ayishiye le mithwalo, aphume ngayekugqokile kuphela
ayothenga okusha okungafanelana nezinga lomuzi wakhe.
‘Bengizothi kushiyele umfana kaNtshangase konke lokhu kokwendlula umbhede
ukuba angesabi ukuthi angahle akuphephethe ngezinsila zakho.’
‘Kanti ngeke akwenze lokho.’
‘Ungamphikeli. Ukhala nje, kulukhuni kuyitshe nokuba uphume lapha endlini,
awazi wakwenzani.’
Imithwalo yaphuma, walekelela uHlulintombi bayilayisha emotweni.
‘Sizomtshela uGenyeza ukuthi wena phixiphixina ubuwelekelela kulayishwa
izimpahla.’ Esho sengathi akanakile uRose ezedlulela ngendlela.
Wema khimilili uHlulintombi enamahlonyana.
Waqhubeka nokho ngoba egqugquzelwa uChule ngokuba asale eseqhubeka
ukuze ashayelwe isenzo asaziyo.
Balayisha koma. Kwasala umbhede, iwodilobhu netafula elalinomsakazwana
omncane uChule athi awushiyele ukududuza uGenyeza. OChule noHlulintombi
besaxhawulana ngasemotweni, bebongana ngemali, uChule embonga ngosizo
ayebe nalo ekunqotshweni kukaMirriam, uMirriam wasala wathatha ipheshana
wabhalela uGenyeza.

9. 1. Shono izizathu EZIMBILI ezibangela ukuthi umlingiswa onguMirriam akhale


ngokwalesi siqeshana. (2)
9. 2. Yimuphi umoya otholakala kulesi siqeshana ?Bhekisa impendulo yakho
kumlingiswa onguChule bese usekela impendulo yakho. (2)
9. 3. Chaza kafushane ukuthi lesi siqeshana siyigqamisa kanjani indikimba yomcebo
kule noveli. (3)
9. 4. Nikeza okufanayo mayelana nezenzo zomlingiswa onguMirriam kanye
nomlingiswa onguMaDludla mayelana nothando lwabo ngoChule. (3)
9. 5. Iyini inhloso yombhali yokuveza ubudlelwano phakathi komlingiswa
onguMaHadebe kanye nomlingiswa onguMaNdelu kule noveli? Sekela impendulo
yakho. (2)
9. 6. Chaza ukubikezela okutholakala emazwini omculo kaGenyeza othi’Ngakutshela
ukuthi angihambile: Ngiyolanda igala lakwethu elinenhloko’ngenkathi uChule
noNomvula belalele umsakazo. (2)
9. 7. Chaza ukulandelana kwezehlakalo/kwezigameko ezaholela ekushoneni
kukaMahuzu. (3)

13
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 Juni 2024

9. 8. Ucabanga ukuthi wawuzoba njani umphumela empilweni kaMirriam ukube


wazilalela lezi zinsolo ayenazo nhoChule ezibhalwe ngamagama agqamile kulesi
seqeshana? Nikeza isizathu sempendulo yakho. (3)
9. 9. Uyavumelana yini nokuthi udweshu phakathi kukaChule noNomvula yilona
olwaholela ekuboshweni kwesibili kukaDaffo? Sekela impendulo yakho. (2)
9. 10. Phawula ngempumelelo yombhali ekwethuleni isingeniso sale noveli. (3)
(25)

14
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 Juni 2024

UMBUZO 10: UMBUZO OMUDE


KUNJALO-KE - M. E. WANDA
Umbhali wale noveli uphumelele ukusethulela umyalezo othi: Ukungabi nesimilo
esihle kungasidalela izinkinga thina kanye nabantu abasondelene nathi. Fakazela
lesi sitatimende ubhekise kule noveli ethi: Kunjalo-ke.
Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ibe namagama angama - 340 kuya
kwangama - 390. (25)

UMBUZO 11: UMBUZO OMFUSHANE


KUNJALO-KE - M. E. WANDA
Fundisisa lesi siqeshana bese uphendula imibuzo elandelayo.
ISIQESHANA C

15
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 Juni 2024

‘Ngithe ngiseMkhobeni izolo kusihlwa, imoto yakhunyukelwa ngushafu, yagijima


phansi nge-enkapleti. Cishe yangibulala. Nginenhlanhla enkulu ngikwazile
ukuyibamba, yama. Ngihlale lapho-ke kwaze kwasa ngikhanda.’ Kwavele kwala
kuMaNzimande ukuba aqhubeke nokulalela leyo mbude.
‘Bewuyaphi eMkhobeni yise kaMpisendlini?’

‘EMkhobeni phela kusendleleni ebheke eMzimkhulu. Bengihambisa uDumazile kubo


njengesicelo sakho. Ngiyethemba ukuthi usakhumbula ukuthi wathi angimphindisele
lapho ngamthatha khona. Ingozi -ke ingehlele ngisohambweni olunjalo.”

‘Pho bewukhanda kanjani ukilini kanjena?” Aphinde asikhihle futhi isililo


uMaNzimande. USithole wezwa ecikeka nje ukutetenyelwa ngumuntu omdala
kangaka, futhi olokhu embuza ipasi nesipesheli. Wadumisa imoto, watshela umkakhe
ukuthi sebeyobonana ntambama, wakhala wemuka.
UMaNzimande wasala nentshidi wasala nesidanga sevondwe. Wazibuza, ezifuna
ngaphakathi:
‘Nkosi yami, lesi sichitho esingaka sivela kuphi phakathi komuzi wami? USithole
ubengenje! Selokhu ngakhuluma noLizy angibange ngisakuthola ukuthula phakathi
komuzi wami. Ukuba uLizy akangifikelanga nezindaba, ngabe ngisahlezi kahle
nomyeni wam. Mh… ngaze ngazibhidlizela umendo wami! Kuzofanela ngifunde
manje ukuba ngingaqophisani noyise kaMpisendlini. Kuzothi uma ebuya ntambama,
angifice senguwumama omuhle wekhaya onesizotha. Ngeke ngisamqulisa amacala
umyeni wami. Ngizomphekela ukudla okuhle, akuthandayo ngimenzele netiye,
aphuze. Ehhe, kusukela namhlanjena ngizomphatha kahle umyeni wami’

16
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 Juni 2024

USithole wafika esitolo abantu sebazi ukuthi ubekade engalalanga ekhaya


ngayizolo.
UMaNzimande wayeseyichele yonke indawo indaba. Isimo sasingesihle neze
esitolo. Abasebenzi base behlukene phakathi. Nabantu nje abangabathengi base
bekhombisa uqhekeko. Abanye babemdabukela uMaNzimande, kanti abanye
babesimze bathi:
‘Uyalunga futhi uyaqhuqheka! Sengathi uDumazile angayithatha unomphela le
ndoda yakhe. Ehhe, khona azoyeka ukuba wumedemu lokhu’.
Kwasetshenzwa -ke ngaleyo ndlela kwaze kwavalwa ntambama. Kwathi angathi kixi
izihluthulelo esitolo ntambama uSithole, wangena emotweni yakhe, yaduma, zaya
esephikelele khona eMafezini eMlazi.
Ngemuva kwezinsuku ezimbili, USithole wafikelwa ngomunye umcabango.
NGEKE NGISHIYE UMFAZI NOMUZI WAMI. Lo muzi ngawakha kanzima kabi.
Kuzofanele aphume aphele aphindele kubo. Ukuthi akusekho muntu kubo,
akudokwe ligayelwe mina lelo.’ USithole wayifaka -ke incwadi yesehlukaniso
phakathi kwakhe nomkakhe. Wazibeka izizathu ezimenza angakwazi
ukumbekezelela umkakhe. Inkantolo yambiza noMaNzimande ukuba
azoziphendulela. Ngemuva kokulalelisisa macala onke, inkantolo yabeluleka ukuba
bangehlukanisi, kodwa babakezelelane emshadweni wabo. Basukuma, bavalelisa,
baphuma. USithole akalubhadanga unyawo emzini wakhe e-Adams, kodwa
washaya imoto waqonda eMafezini eMlazi. [Isahluko sei-5: Ikhasi 94-95]

11. 1. Shono izizathu EZIMBILI umlingiswa onguSithole azethula kuMaNzimande


eziyimbangela yokungabuyi kwakhe ekhaya ngokwalesi siqeshana.
(2)
11. 2. Yimuphi umoya otholakala kulesi siqeshana? Bhekisa impendulo yakho
kumlingiswa onguMaNzimande bese usekela impendulo yakho. (2)
11. 3. Chaza kafushane ukuthi lesi siqeshana siyigqamisa kanjani indikimba yesimilo
esingesihle kule noveli. (3)
11. 4. Nikeza okufanayo mayelana nezenzo zomlingiswa onguSithole kanye
nomlingiswa onguMtalaselwa mayelana nothando lwabo ngoDumazile. (3)
11. 5. Iyini inhloso yombhali yokuveza ubudlelwano phakathi komlingiswa
onguMaNdovela kanye noMaJwara kule noveli? Sekela impendulo yakho. (2)
11. 6. Chaza ukubikezela okutholakala emazwini kaDumazile athi:Ngeke ngihlukane
nothisha uMoloi.’ (2)
11. 7. Chaza ukulandelana kwezehlakalo/kwezigameko ezaholela ekuphelelweni
kukaMoloi umsebenzi eZenzele High School. (3)

17
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 Juni 2024

11. 8. Ucabanga ukuthi wawuzoba njani umphumela empilweni kaSithole ukuba la


magama abhalwe ngokugqamile ashiwo nguSithole kulesi siqeshana afezeka?
Nikeza isizathu sempendulo yakho. (3)
11. 9. Uyavumelana yini nokuthi udweshu phakathi kukaMoloi noSithole yilona
olwaholela ekuphumeni kukaLerato esikoleni ? Sekela impendulo yakho. (2)
11. 10. Phawula ngempumelelo yombhali ekwethuleni isingeniso sale noveli. (3)
(25)

18
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 Juni 2024

UMBUZO 12: UMBUZO OMUDE


IMPI YABOMDABU ISETHUNJINI - J. C. BUTHELEZI
Kukhona izenzo ezibukeka sengathi zinhle ngenkathi sisazenza kodwa ekugcineni
kuba nokuzisola. Fakazela lesi sitatimende ubhekise kule noveli ethi: Impi
Yabomdabu Isethunjini’
Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ibe ngamagama angama - 340
kuya kwangama - 390.
(25)

UMBUZO 13: UMBUZO OMUDE


IMP YABOMDABU ISETHUNJINI - J. C. BUTHELEZI
Fundisisa lesi siqeshana senoveli bese uphendula imibuzo elandelayo.
ISIQESHANA D

‘Sawubona Poppie.’ Ngiyaphila mina, wena unjani?


‘Sawubona bani? Mina ngithe sawubona myeni wami. Wena uthi sawubona bani?’
‘Ngithe sawubona Poppie’
‘Angiyena uPoppie mina. Ngingumkakho.’
‘Angikwazi lokho mina’.
‘Ungathini ukuthi awukwazi lokho Ngubane?’
‘Phela thina nawe sihlale iminyaka edlule emashumini amabili singo-Poppie
noBafana.
Kungeke kuthi namuhla sesihlukene, bese ngibangumyeni wakho nawe ube
ngumkami. Thina nawe singo-Poppie noBafana kwaphela nje. Angiboni ukuthi uze
lapha ukuzongibuza ukuthi mina ngithi wena ungubani. Kunganjani ukuba ungene
odabeni ngoba ngimatasatasa kabi Poppie. Izinto zingimele kabi lapha
emsebenzini.’ Wathi ukusondeza isitulo sakhe uPoppie wasethi, ’Manje Bafana
ngize lapha ukuzothi masiyeke le nto yethu yokuziphathisa okwezingane sibadala
kangaka. Angiboni ukuthi kukhona into engalungiswa ngokuduba. Khona ngiyazi
ukuthi nina kwaNgubane nihlala ngokuduba. Izinto zoniwa ngomlomo, zilungiswa
ngumlomo futhi. Kuhle thina nawe sihlale phansi, sibonisane, silungise lokho
okonakele. Awukwazi ukuvele udube uphume ngomnyango ungishiye nendlu
nezingane.’

19
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 Juni 2024

‘Akukho esingakuxoxa nawe Poppie ‘’.


‘Singahlulwa yini myeni wami?’
‘Singahlulwa ukuthi mina nawe siyizingane. Asivuthiwe neze.’
‘Yini esikwenze ukuba ubone ukuthi asivuthiwe ngemuva kweminyaka engamashumi
amabili nanhlanu.’
‘Kuningi kabi Poppie.’
‘Akusho nje okumbalwa ngizwe ukuthi kuyini.’
‘Ukube wawuvuthiwe ngabe awulishiyanga eMlazi iBhayibheli owaliphiwa ngumama.’
‘Awu kahle myeni wami. Wasuvusa indaba endala kangaka. Mina angisalazi ukuthi
lasalaphi iBhayibheli likamama wakho.’
‘Akungimangalisi ukuthi awazi lasalaphi leli Bhayibheli ngoba ngelikamama wami. hhayi
umama wethu. Eqinisweni thina nawe asikaze sibe yinto eyodwa. Angazi
nje ukuthi uyaphi lapha ngoba phela lokwehlukana kwethu yinto owawukade uyibumba
Poppie’.
‘Singaba yinto eyodwa kanjani wena ungikhunga kule milando yakini nakumaBhayibheli
akini? Singaba yinto eyodwa kanjani wena uhlala ngokuduba uma kukhona ongakuboni
kahle? Nakhu manje awusahlali ekhaya ngoba ngithengele izingane imoto,UMA
UNGAYIFUNI IMOTO, BUYA EKHAYA SIZOKHULUMA SIYITHENGISE IMOTO.’
‘Sihambile isikhathi manje Poppie. Ngisho ungaze uyithengise imoto ngeke iwusule lo
monakalo osewenzekile ezinganeni zethu laphaya ekhaya. Zingeke ziphinde zilunge lezi
zingane zethu.’
‘Manje uthi masenzenjani manje myeni wami?’
‘Ngithi masiyeke zilime ziye etsheni . Phela igeja libanjwe yisiphukuphuku’.
‘Noma ngonile ngathengela izingane imoto, angisona isiphukuphuku Bafana.’
‘Lixhoshwa libhekile Ngubane. Angiboni ukuthi uma mina ngenze iphutha, kufanele
ungibize ngesiphukuphuku’.
‘Angizange ngithi wena uyisiphukuphuku. Mina ngithe igeja libanjwe yisiphukuphuku. Uma
likulingana leli kepisi, ligqoke Poppie. Uyabona ….
[Isahluko sesi-11: Ikhasi: 92- 193]

13. 1. Shono izizathu EZIMBILI ezibangela ukuthi umlingiswa onguBafana enqabe


ukubiza uPoppie ngomkakhe kulesi seqeshana. (2)
13. 2. Yimuphi umoya otholakala kulesi seqeshana?Bhekisa impendulo yakho
kumlingiswa onguPoppie bese usekela impendulo yakho. (2)

20
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 Juni 2024

13. 3. Chaza kafushane ukuthi lesi seqeshana siyigqamisa kanjani indikimba yokuba
nobuntu nokungabi nobuntu kule noveli. (3)
13. 4. Nikeza okufanayo mayelana nezenzo zomlingiswa onguMaMsibi kanye
nomlingiswa onguMaMthunzi mayelana nothando lwabo ngoNgubane. (3)
13. 5. Iyini inhloso yombhali yokuveza ubudlelwano phakathi komlingiswa
onguMaXakushe kanye noPoppie kule noveli? Sekela impendulo yakho. (2)
13. 6. Chaza ukubikezela okutholakala emazwini ka-Ethenasia athi: Sengathi
ngingahlala nawe njalo ‘, awasho kuCele ngenkathi uCele efike kwaNgubane
ngemuva kokumkhulekela. (2)
13. 7. Chaza ukulandelana kwezehlakalo/kwezigameko ezaholela ekuhambeni
kukaJonny(Bafana) eMadadeni. (2)
13. 8. Ucabanga ukuthi wawuzoba njani umphumela empilweni kaBafana ukube la
magama abhalwe ngokugqamile kulesi siqeshana uNgubane wawalalela? Nikeza
isizathu sempendulo yakho. (3)
13. 9. Uyavumelana yini nokuthi udweshu phakathi kukaBafana noPoppie yilona
olwaholela ekweqeni kuka-Ethenasia?Sekela impendulo yakho. (2)
13. 10. Phawula ngempumelelo yombhali ekwethuleni isingeniso sale noveli. (3)
(25)

NOMA

21
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 Juni 2024

UBUCIKO BOMLOMO: UJU LWEZIZUKULWANE - K. L. MAKHOBA


Phendula umbuzo OWODWA
UMBUZO 14: UMBUZO OMUDE
Abalingiswa bobuciko bomlomo bayaye benze izinto/bathathe izinqumo eziveza
ubunjalo babo.
Xoxa ngokuvezwa kwabalingiswa ngezenzo zabo kulobu buciko bomlomo . Bhekisa
impendulo yakho kulaba balingiswa abalandelayo:
Inganekwane: Unwabu nentulo: uMdali nonwabu
Izibongo: Izibongo zeNkosi u-Dkt. Sibongile Zungu: uDkt. Sibongile Zungu.

Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ibe namagama angama - 340 kuya
kwangama - 390 sekuhlangene impendulo yenganekwane nezibongo.
(25)

UMBUZO 15: UMBUZO OMFUSHANE


INGANEKWANE: IMPISI EYISIMINZI
Fundisisa lezi ziqeshana ezilandelayo zezinganekwane bese uphedula imibuzo
ehambisana nazo.
ISIQESHANA E

Umxoxi: Kwesukela
Abalaleli: Cosu!
Izinto zazingamhambeli kahle uMazinyo, ingwenya endala eyayihlala echibini.
Umashayandawonye wawudlala ngaye. Inkinga yakhe kwakungukuthi zonke
izilwane zazingasayingeni eyokuphuza echibini. Ichibi leli kwakuyindawo lapho
uMazinyo ayezibambela khona izinyamazane zakhe uma zithi ziphuza amanzi.
Engabe zase ziphuza kuphi lezi zilwane? Izilwane ndini zase ziphuza emakhaya
azo, sezinompompi bamanzi ngenxa yempucuzeko. Izinkawu kuphela ezase zifika
ziyophuza echibini kodwa nazo zazingasondeli eduze. Zazifika ziphonse ipayipi bese
zimunca amanzi zibuqamama.
‘Yimihlola!” Wakhononda uMazinyo.’ Kanti impucuzeko injena? Yindlala yodwa?”
wazibuza ezamula Kabili, kathathu, kwaze kwakhala izikelemu esiswini sakhe.
Yazamula yaze yaphathwa yisiyezi into kaMazinyo.

22
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 Juni 2024

Kwaqhamuka okuyinkawana kwafike kwaphonsa ipayipi, kwamunca amanzi. Kwathi


makaqhume ukudinwa uMazinyo, kodwa wazibamba.
‘Kodwa Nkawana sewungaze ube yivaka kangaka ngikwethembile! Kwabubula
uMazinyo.
‘Uhambe kabi Mazinyo, ngeke ungithole. Ukube nginguwe ngabe ngizidlela
utshani,’ yasho inkawu yashaya isishwapha sayo yasithela ezihlahleni.
UMazinyo waphuma echibini wathi ukulula imicondo yakhe. Wathi uma ephonsa
amehlo ngaphesheya wayibona impala ikha amanzi empompini.
Wakhumbula amazwi enkabi.’ Ukube nginguwe ngabe ngizidlela uyshani.’
Ngokuphazima kweso, uMazinyowacabanga isu. Wamemeza, ’We mngani wami
Mpala! Uyayibona ukuthi imnandi kanjani impucuzeko? Awusadingi ngisho
ukuyophuza echibini elingcolile. Mina impucuzeko ingisize kabi. Angisayilokothi
inyama. Asisekho Isidingo sokucathamela izilwane zeNkosi. Nguyincwasimende
manje. Sengiphucuzekile, sengidla utshani nemifino!’
Impala yamisa amadlebe ukuze izwisise kahle.’ Awuphinde, uthini?” Yasho ibuza.’
Mina nenyama asisatholani”, kwaphinda ingwenya. “Inyama ngeyamaqaba futhi
ibanga ukunona nomkhaba. Mina ngidla utshani, obuwukudla okunomsoco,’washo
enqantula isikhonko esihlafuna noma sibaba nje.
Impala yanyakazisa umsila ithakasela elokunconywa kotshani, ukudla kwayo
kwemihla ngemihla. Ibingazi ukuthi lobu sebungadliwa nayizingwenya, amakhosi
echibi.
“Ngiyajabula kabi uma usukhanyiselwe Mazinyo.’ yasho impala imamatheka.’ Kodwa
-ke akubona utshani bodwa obunomsoco, ubodla namaqabunga emithi.’
Iqili elinguMazinyo lacabanga ngokushesha, layibona intuba lapho ingakhona.’
Ngifisa kabi ukuhlafuna amacembe emithi anomsoco, kodwa angiwatholi kahle.
Nawe uyazi ukuthi ngimfishane angikwazi ukufinyelela emagatsheni
emithi,’yaphendula iqhubeka nokuhlafuna isikhonko ingwenya noma sasehla
kabuhlungwana nje emphinjeni.’ Kodwa ungengikhele igatsha libe linye-ke ngizwe
umuzwa, ’yacela kumpala ingwenya. Impala yaya imagange esihlahleni esasiseduze
nengwenya. UMazinyo waconsa amathe esebona inyama iziletha. Wayelinde ukuthi
ithi uma impala isiletha igatsha lelo bese iyibhudukeza.
Impala yathi lapho isathi isalidonsa igatsha yezwa ngezwi lenkawu esihlahleni
lithi,’Sale usuyeka mpala, yimina umnikazi wezihlahla, ngizoyijikijelela ingwenya.’
Inkawu yaphonsa igatsha lomsilinga engwenyeni uMazinyo. Kwabe lonakele iqhinga
lengwenya. Wezwakala ebubula ngokukhononda uMazinyo ethi, Wena Nkawana
mhla sahlangana, kuyoba inkawu nesikhwebu!’

15. 1. Nikeza OKUKODWA okwakukhombisa ukuthi kwase kunempucuko kule


nganekwane. (1)
15. 2. Chaza kafushane ngokusetshenziswa kwengwijikhwebu etholakala kulesi
sIqeshana senganekwane. (2)
15. 3. Iyini inhloso yomxoxi ngokusixoxela le nganekwane? Sekela impendulo
yakho. (2)

23
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 Juni 2024

15. 4. Uyazwelana yini nomlingiswa oyimpala ngesimo acishe azithola ngaphansi


kwaso sokudliwa yingwenya? Sekela impendulo yakho. (1)
15. 5. Xoxa ngesu lomlingiswa oyingwenya alisebenzisile lokujeqeza emuva kule
nganekwane. (2)

KANYE

INGANEKWANE: AMAHLAYA ALALA INSILA


Fundisisa lesi siqeshana esilandelayo senganekwane esihambisananesisho, ihubo
nesithakazelo bese uphendula imibuzo ezolandela.

Kudala ngezikhathi zeNkosi uShaka, kuthiwa kwakukhona indoda yakwaNzimande


eyayihlekisa nangento engafanele. Igama layo kwakunguVelaphansi. UVelaphansi
wayehola abantu bakwaNzimande ngalezo zikhathi zikaShaka. Abantu
bakwaNzimande badume ngezithakazelo zoGwala kanye noMphephethe.
AMaphephethe ayengasebenzi. Ayenekhono lokukhetha usawoti esihlabathini
Isithakazelo sikaMphephethe savela ngoba babephephetha isihlabathi solwandle
kusawoti. Uma-ke usawoti sebewunekile waze woma, babewuthatha bawusonge
ngezikhumba bawuyise eNdlunkulu.
ISilo uShaka wayebathanda abantu bakwaNzimande ngenxa yokuthi wayekhonze
uVelaphansi. Phela uVelaphansi wayehola aMaphephethe futhi edume ngokuba
noteku. UShaka wayezifela ngomuntu otekulayo. ISilo sagcina sesikwenza kwaba
wumthetho ukuthi uVelaphansi abe ngusomahlaya waseNdlunkulu. UVelaphansi
wayesholo isilo amahlaya njalo uma siphumulile noma kukhona izivakashi.
Sesiyohleka -ke iSilo kujabule wonke umuntu. Akekho ongeke ajabule uma ebona
okaNdaba emoyizela.
Langa limbe uVelaphansi wacabanga ukuthi uzosihlekisa ngani iSilo uma
esebizwa ukuzokwenza amahlaya. Wacabanga wacabanga, do ukufika ihlaya
elisha. Akufuneki phela ukuthi asho ihlaya elidala futhi alaziwayo eNdlunkulu. Kubi
kakhulu uma lelo hlaya selake lashiwo nguyena. Akufuneki ukuthi adlale
ngezindlebe zeSilo. Wafika umcabango ngokushesha. Wahlala yedwa umfo
kaMphephethe. Wayesephumile osizini ngoba ihlaya elisha seliqhamukile.
Wadumela amaqaqa amabili azifele wawasonga ngesikhumba esikhulu sengwe.
Safika ngaleso sikhathi isithunywa esivela eNkosini uShaka. INkosi yayifuna ukuthi
ethi: uVelaphansi enze adume ngakho.
‘Hlanga Lezwe! Ngiphathele iNkosi yami engiyithandayo futhi engiziqhenya ngayo
isipho esihle kabi’, washo uVelaphansi evula isikhumba sengwe kuthaphuka
umsanka odabula ukhakhayi.
Phela amaqaqa ayesedlulele ngokubola. Lavimbanisa iququ endlini kwavakasha
izimpethu ngokushsha. ISilo sahleka inhlinini ngesenzo sikaVelaphansi. Izinduna
zesaba ukwenanela ngokuhleka ngoba zabona ukuthi uMphephethe
unamagangangozi. Kwahlukwana esephelile amahlaya.
Kukhona abaluma uVelaphansi indlebe ukuthi iSilo sidinwe sithelwa ngamanzi
ngalesi senzo asenzile. Basho bengananazi ukuthi uzulelwa ngamanqe uma
engabaleki.

24
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 Juni 2024

15. 6. Chaza imbangela yodweshu lwangaphakathi lukaVelaphansi kulesi siqeshana.


(1)
15. 7. Chaza kafushane ubudlelwano phakathi kwehlaya likaVelaphansi nesisho
esilandelayo. (2)
ISISHO
UKUNGENA NENJA ESONTWENI
INCAZELO:Ukudelela

15. 8. Qhathanisa okufanayo kule nganekwane ethi: Amahlaya alala insila” kanye
nehubo elilandelayo. (3)

Nkonyane kaNdaba
Induna: We Nkonyane kaNdaba!
Ibutho: Kwanyakaz” Umkhonto, weNkonyane kaNdaba
Induna: We Nkonyane kaNdaba!
Ibutho: Kwanyakaz’ umkhonto, weNkonyane kaNdaba.

15. 9. Uyavumelana nombono wokuthi bukhona ubudlelwano phakathi kwale


nganekwane nesithakazelo sakwaZulu? Sekela. (1)

Zulu!
Zulu!
Mageba!
Nkosinkulu!
Nina bakaMjokwane kaNdaba!
Nina bakaPhunga noMageba!
Sizukulwane sikaNtombela,
Malandela!

KANYE NE
NEZIBONGO
IZIBONGO ZIKAGCINA MHLOPHE
1 Isihlahla somdlebe esimayikayika,
2 Esiyikazela ngenhlobonhlobo zezithelo,
3 Ngoba siyikazele ngubuhle be-Afrika.
4 Usihlahla esigabe ngezithelo zaso,

25
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 Juni 2024

5 Umkhiwane omuhle ongenazimpethu


6 Eminye yoniwa zibungu.
7 Abadla kuso abadeli,
8 Nezithelo zaso azipheli
9 Usihlahla abaphumula kuso
10 Bamila izimpande.

11 Isihlahla esikhulise
12 Safukamel’ izinyoni zase-Afrika,
13 Saye safukamela nezinyoni
14 Zamajalimane namaNtaliyane,
15 Abadala nabancane bethi sixolele.

16 Isihlahla abasibone eLandane basichelela,


17 NaseNyuvesi yaseThekwini basivukuzela
18 Isihlahla esimpande zaso zisabalele
19 Zinabele kwejulile
20 Imithombo.
21 Amaqabunga aso
22 Akhephuzela uthando,
23 Sithe singesakwaMhlophe
24 Samane sabamhlophe,
25 Siphethe okumhlophe!

15. 10. Gagula isifengqo esitholakala emgqeni woku-1 bese usho uhlobo lwaso. (2)
15. 11. Chaza kafushane umqondo osobala oshiwo yimbongi kusukela emgqeni we -
7 kuya kowe -10. (2)
15. 12. Iyini inhloso yembongi yokusebenzisa imvumelwano sigcino emgqeni we-16
kuya kowe-17 ezibongweni zikaGcina Mhlophe? Sekela impendulo yakho. (2)
15. 13. Ngabe umugqa wama - 23 kuya kowama - 25 iwugqamisa kanjani umoya
walezi zibongo? Sekela impendulo yakho. (2)
15. 14. Phawula ngekhono lembongi ekusebenziseni isaga esibhalwe ngokugqamile
emgqeni wesi - 5 ezibongweni. (2)
(25)

AMAMAKI ESIQEPHU B: 25

ISIQEPHU C: UMDLALO
Phendula umbuzo OWODWA ngencwadi oyifundile.
UMBUZO 16: UMBUZO OMUDE
KUDELA OWAZIYO – BP Maphumulo

26
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 Juni 2024

Umbhali uyaye asebenzise isakhiwo ukukhulisa indaba yakhe.


Xoxa ngamabanga esakhiwo kulo mdlalo okwenza indaba ikholakale.
Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ngokomgomo wokubhalwa
kwe-eseyi ibe namagama angama-340 kuya kwangama-390. [25]

UMBUZO 17: UMBUZO OMFUSHANE


KUDELA OWAZIYO – BP Maphumulo
Fundisisa lesi siqeshana bese uphendula imibuzo elandelayo.
ISIQESHANA F
(Ehlathini laseMphekandlubu maqondana nehlanze laeThukela, uChivenga
unqamula ezindleleni zesintu ulibangise eMangethe. Ethi engazelele lutho avukelwe
isigubhukane nguMdaluli lona obekade emlalele unyendle efokozini lotshani obude)

MDALULI: (ngezwi eliphuma ngomfutho nelethusayo.) Qhu! Zasha! Washa


Mqhuqhumbe nantu uqhomfane. Yaze yahlangana-ke idabuli mamhlanje.
Ehhe! Ayaphela amaphupho. Kade ngangivele nginesifiso sokuba
sihlangane esikhaleni sakwaNtombela, ngakho-ke zibambe ziqine
ndodamphini. Yizinkani zababili-ke mamhlanje. Ngithi usufile
eMphelandaba.
CHIVENGA: (wethukile usezewaqethuka waphakamisa izandla samumtu ovikayo)
Yehheni yebantu. Nansi imihlola ingehlela bakithi. Ngavinjezelwa
Isiqhwaga ehlathini nje, ngabe ngisikweleta malini?
MDALULI: (ngezwi eliphakeme) Sengibayathe ngiyakuzama ngenkwayindane
kanye nangendelamagugu, lutho angikutholi kwerekwere ndini, kodwa-ke
namhlanje ngikutholile. Ngikuthole endaweni efanele nangesikhathi
esifanele. Libuke uligcine-ke namhlanje. Uya kwaGoqanyawo.
CHIVENGA: (wexwayile, ngezwi elidabukisayo, usikhuluma ubukwerekwere isiZulu)
Ngoba sengenzeni? Ngoneni kuwe mnumzane wami?
MDALULI: (ngokufutheka, useze wamqwebulela amehlo.) Kanti usabuza wena
ekubeni vele nje unayo impendulo? Usuka lena kwelakini eMozambikwi
uzongephuca isinkwa sami kuleli, ucabanga ukuthi ngizoyishayela
ihlombe-ke mina into efana naleyo?
CHIVENGA: (usemcwebisele amehlo, usikhuluma ubukwerekwere isiZulu) Phela
Akusimina engimela abantu empambanamigwaqo ngicele
ukubakhela izindlu, kepha yibona abazisukela emakhaya abo bafike
ekhaya lami bazocela usizo kumbe bangifonele. Wena kumele ube
nekhono eledlula elami emsebenzini wobumeselandi ukuze ube
newozawoza kubantu
MDALULI: (uhleka inhlinini) Ehhe! Ingani ukhuluma kahle nje? Njengoba
senginekhononlokukubhonya nje ngenxa yokungephuca amakhasimende ami
ngoba ugabe ngokuthi unekhono likwakha eledlula elami…
(ugwabula imolontshisi ngokushesha yona lena elenga enqulwini nebikade ilokhu
ibanjwe ibhande lokhalo. Umbhokla ngayo emhlane)
MDALULI: (uze akhanule khathi egadla ephindelela) Ehhe! Awungizwe! E-(egalela)
E-(egalela) Awungizwe lapho ngihamba khona kwerekwere ndini. Yikhona

27
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 Juni 2024

uzophindela kwelakini lapho wavela khona ngoba sewucacelwe okwangempela


ukuthi ngeke siphinde sizwane. (Athi noma ezama ukumhesha ngethilofolo
likasimende uChivenga, avele abuyele eceleni uMdaluli. Aphelelwe ngamandla
umlisa lona adiyazele abonakale esewa phansi)
CHIVENGA: (uyamemeza, usikhuluma ubkwerekwere isiZulu) Ngelekeleleni bo!
Nakhu ngidikadikwa ichalaha ngingaphethe mbhulanja.

MDALULI: (ngezwi eliphezulu elinesankahlu) Kanti usaqhubeka ngempela


nokungeyisa namanje wena mlisa? Yimina njalo wonke lona ombiza ngechalaha?
(amgqeme ikhanda) Nakho! (amphinde) Nakhu-ya! Yikho lokhu! Tha-tha!

CHIVENGA: (uyakhala, uyadazuluka) Maye babo!

{Inkundla Yesi-5, Isigcawu Soku-1: Ikhasi 92-94}

17. 1 Shono umsebenzi womlandi ngokuzokwenzeka enkundleni yokudlalela kulesi


siqeshana. (2)
17. 2 Nikeza umyalezo odluliswa yilesi siqeshana bese usekela impendulo yakho.(2)
17. 3 Fingqa ngamaphuzu AMATHATHU udweshu oluphakathikukaMdaluli
noChivenga olutholakala kulesi siqeshana. (3)
17. 4 Xoxa kafushane ngephupho lokuqala likaMdaluli elitholakala kulo mdlalo. (3)
17. 5 Qhathanisa ukuvezwa komlingiswa onguZenyezile nomlingiswa onguHeshane
ngezenzo zabo kulo mdlalo. (3)
17. 6 Ucabanga ukuthi wawuzoba njani umphumela empilweni kaLondiwe ukuba
akazange ambophise ubaba wakhe uMdaluli? Sekela impendulo yakho. (2)
17. 7 Yini inhloso yombhali yokwethula indikimba yodlame kulo mdlalo? Sekela
impendulo yakho. (2)
17. 8 Chaza ithoni etholakala kulesi siqeshana. Bhekisa emagameni adwetshelwe.
(3)
17. 9 Ngabe isenzo sikaMbhebhezeli sokuvakashela uChivenga esibhedlela
samukelekile yini kuwe? Sekela impendulo yakho. (2)
17. 10 Uyazwelana nomlingiswa onguMaMlanduli ngesimo ayebhekene naso
sokuhlukunyezwa uMdaluli? Sekela impendulo yakho bese usho ukuthi yikuphi
owawungakwenza ukube kwakunguwe obhekene nalesi simo. (3)
[25]

UMBUZO 18: UMBUZO OMUDE


AWUWELWA UMNGENI – M Gcumisa
Umbhali uyaye asebenzise isakhiwo ukukhulisa indaba yakhe.

28
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 Juni 2024

Xoxa ngamabanga esakhiwo kulo mdlalo okwenza indaba ikholakale.


Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ngokomgomo wokubhalwa
kwe-eseyi ibe namagama angama-340 kuya kwangama-390. [25]

UMBUZO 19: UMBUZO OMFUSHANE


AWUWELWA UMNGENI - M Gcumisa
Fundisisa lesi siqeshana somdlalo bese uphendula imibuzo elandelayo.
ISIQESHANA G
(KukwaVimbingwenya, kwaMcondo enkundleni yamacala. Amabutho nabantu
bakwaVimbingwenya babuya embizweni eTsheni. Inyanga ibhananazile phezulu.
Kuphakathi kwamabili. Amabutho ahleli phansi ayahuba ayahuba. Izinkamba
ziyaqhuqha kuphuzwa utshwala obebusale ngenkathi kuhanjiswa obebusiwe
embizweni komkhulu. UNomehlo noSikhova bakhona. Babuye noMcondo
ukuzomelekelela ekudingideni udaba lomthakathi okwakuthiwa uhlala emhhumeni
phezu koMngeni, kuthiwa usebaqedile abantu. Bazoqoqela inkosi ubufakazi
ngalolu daba)

NOMEHLO: (uyahuba) Zikude … Salimani …


Zikude … (Uyawahola amabutho uwafundisa amahubo esizwe
ngokwesicelo sawo)
AMABUTHO: ZiseSamvula
Wadondolozela
Ngehhash’ elimhlophe!
(Aya lena nalena evumela ihubo ngamakhanda. Kushisa phansi)
ABANTU (bamane bathi nje memfu enkundleni behlome bephelele)
BASEMAPULAZINI: (Kwakhala amacilongo kwaba ubupopopo)
Kula! Kula! Kula!
Kula! Kula! Kula!
(bakhuza isaga maqedane babathelekela)
IBUTHO: Sebephakathi! Isingene …!
AMABUTHO (asukuma agxuma izithonto awezinziswa ahlala ezikhalini
zawo. Kanti awezintombi aswacela ngemuva kwawezinsizwa
yase idumelene! Ibhambabulana ngezinduku, ingqimuzana
ngamawisa, igemezana ngezizenze, ibhoxana nangemikhonto)
IBUTHO: Ngizwe! Uyangizwa! Nangu unyoke! (Ibutho uShaqa kaSalimani
akasabangwazi uyababhokoda ngazo zombili ebadicilela phansi.
Usekhwifa amathe ngapha nangapha. )
ABANTU : (abanye bayazidela sebelwisa okwezilo. Abanye bacela
BASEPULAZINI: empunzini bathi galo yephuka. Abanye bayabeqela laba
abasubathayo bababhula ngamahawu balinga ukubabuyisela
khona.
MPHILIPHILI: (uyalamula. Umi ngakubantu bakaMgqabula. Uvimba amabutho
kaSalimani acoboshisa abantu bakaMgqabula abalinga ukubaleka)
NOMEHLO: (uvimba nhlangothi zombili. Uyakhuza.) Hheyi wena Mphiliphili! Hheyi
wena mbuka ndini! usungakuMgqabula manje?

29
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 Juni 2024

(Uyamshekelela.) Kanti awubonakali nje usungapha?


IBUTHO: (lithi ngingezwa lelo likaMehlo liphenduke libheke ngalapho uNomehlo
esho kanjalo ngakhona. Liyambona uMphiliphili ehlehla nyovane,
ehlehlela ngakwabaMgqabula. Liqonda kuyena ngqo seliphaphatheka)
MPHILIPHILI: (uyabaleka)
NOMEHLO: (ulinga ukunqanda ibutho)
IBUTHO: (ligalela uMphiliphili esithendeni ngesizenze.) Uyangizwa mbuka ndini?
MPHILIPHILI: (uyanyongaza uyosithela.)
AMABUTHO: (ayawashaya amuka nawo akaMgqubula)
ABANTU (bayahlakazeka) Hhawu! Ngiyazisa! Saze safa kabi kangaka
BASEMAPULAZINI: (Bezikhalela)
AMABUTHO: (ayabaxosha. Bathi uma besithela laba bakaMgqabula, ayabuya.
akhuza izaga.)
NOMEHLO: Kula! Kula! Kula! (Ekhuza isaga sabo.)
AMABUTHO: Kula! Kulla! Kula!
NOMEHLO: He … be!
AMABUTHO: Wusuthu!
NOMEHLO: Hebe!
AMABUTHO: Wusuthu!
NOMEHLO: Zikude; Salimani …! (Uhlaba ihubo)
AMABUTHO: (Avuma ihubo.) ZiseSamvula!
NOMEHLO: Zikude …!
AMABUTHO: Wadondolozela ngehhash’ elimhlophe!
NOMEHLO: Zikude; Salimani!
AMABUTHO: ZiseSamvula
NOMEHLO: Zikude! (ushaya phansi ngonyawo ukhomba phansi ngesizenze.)
(ayasina alingisa uNomehlo.)
AMABUTHO: Wadondoloozela
Ngehhash’ elimhlophe!
NOMEHLO: Zikude Sali … (uyasina. Ukhomba ngaphesheya koMngeni.)
AMABUTHO: Zisesa. (Akhomba lapho kusithela ngakhona abakwaMgqabula.)
Zisesa … (Enza njengoNomehlo)
(Kungazelelwe amabutho ezibusela kwamane kwathi memfu
Onogqayi bawakaka)
[Inkundla Yesi-3, Isigcawu Sesi-2, Ikhasi 82-84]

19. 1 Shono umsebenzi womlandi ngokuzokwenzeka enkundleni yokudlalela kulesi


siqeshana. (2)
19. 2 Nikeza umyalezo odluliswa yilesi siqeshana bese usekela impendulo yakho.
(2)
19. 3 Fingqa ngamaphuzu AMATHATHU udweshu olutholakala phakathi
kwamabutho kaSalimani nabantu bakaMgqabuli kulesi siqeshana. (3)
19. 4 Chaza kafushane indlela abelungu abathatha ngayo izwe lamaZulu enkosini
uCetshwayo njengoba kuchaza uSalimane kulo mdlalo. (3)

30
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 Juni 2024

19. 5 Qhathanisa indlela yokuvezwa komlingiswa onguSalimani kanye


neyabafowabo mayelana nokujeziswa kukaMphiliphili. (3)
19. 6 Ucabanga ukuthi wawuzoba njani umphumela empilweni kaSalimani ukuba
icala laseMgungundlovu alimthethanga? Sekela impendulo yakho. (2)
19. 7 Yini inhloso yombhali yokwethula indikimba yombangazwe kulo mdlalo?
Sekela impendulo yakho. (2)
19. 8 Chaza ithoni etholakale kulesi siqeshane. Bhekisa emagameni adwetshelwe.
(3)
19. 9 Ngabe isenzo sikaMphiliphili sokuhambisana noHulumeni kaZithulele
samukelekile yini kuwe? Sekela impendulo yakho. (2)
19. 10 Uyazwelana nomlingiswa onguZithulele ngokulahlwa icala enkantolo
yaseMgungundlovu? Sekela impendulo yakho bese usho ukuthi yikuphi
owawungakwenza ukube kwakunguwe obhekene nalesi simo. (3)
[25]

UMBUZO 20: UMBUZO OMUDE


UBHUKU LWAMANQE – EJ Mhlanga
Umbhali uyaye asebenzise isakhiwo ukukhulisa indaba yakhe.

31
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 Juni 2024

Xoxa ngamabanga esakhiwo kulo mdlalo okwenza indaba ikholakale.


Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ngokomgomo wokubhalwa kwe-
eseyi ibe namagama angama-340 kuya kwangama-390.
[25]

UMBUZO 21: UMBUZO OMFUSHANE


UBHUKU LWAMANQE – EJ Mhlanga
Fundisisa lesi siqeshana somdlalo bese uphendula imibuzo elandelayo.
ISIQESHANA H

(Kusebhange. Angene uPhindisiwe emnyango wokuqala elandelwa nguNkululeko.


Omunye asale emnyango eqaphile.)

PHINDISIWE: Sondela nesibhamu usibeke okhalweni lwami okungathi


uyangiphusha ngoba kunekhamera. Kufanele ngiyocima i-alamu kuqala.

NKULULEKO: (Ezibamba ukhalo.) Ungangitsheli insambatheka wena


Phindisiwe. Angithi ikhamera nayo iyacinywa?

PHINDISIWE: Kayikho enye indlela Nkululeko njengoba simi lapha siqondene


nayo.

NKULULEKO: (Ngokucasuka.) Ubungasho ngani sonke lesi sikhathi ukuthi


ikhamera ikhona emnyango?

PHINDISIWE: (Ngokufutheka) Akuwona umbuzo ongabuza mina lowo. Angithi


nihlale nibamba inkunzi emabange kanti nenze kanjani ngoba yinto yokuqala
okufanele uyazi emqondweni wakho leyo.
Phuma-ke kimina. (Aqhubeke afake ukhiye kuze kuvuleke umnyango)

NKULULEKO: Kahle! Ingakuliphi uhlangothi leyo khamera ngoba kangiyiboni


mina? Ngifuna ukuphonsa leli jezi ngiyivale uma kungenjalo ngiyihlabe ngenhlavu.

PHINDISIWE: Cha phela ubulima obuphindiwe lobo ngoba umsindo wesibhamu


yiwona-ke oyokudonsela amahlo. Imenenja yaseSuphamakethe isikhona isole
ibize amaphoyisa.

NKULULEKO: Ungalokothi ungibize ngesilima wena.


PHINDISIWE: Esathunywa ugwayi sabuya neboza angikuncengi phela
mina.
NKULULEKO: Ungangicasuli wena vula lapha sekuyobonakala khona.
PHINDISIWE: (Ngesibindi avule umnyango) Phakathi! (Emgqula)
NKULULEKO: (Eqalaza.) Sikuphi isisefo semali? (Ebheke ngakuPhindisiwe osefile
wuvalo.)

32
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 Juni 2024

PHINDISIWE: (Eqonda kusona. Avule amkhombise amasaka email.) Yiyona-ke


lena kayisekho enye.
NKULULEKO: (Embheka ngamehlo agcwele ulaka) Hheyi ungazodlala wena.
Yincane kabi le mali.
PHINDISIWE: Kangisazi-ke ukuthi enye ngiyithathephi mina?
NKULULEKO: Phindisiwe ngishilo uma siza lapha ukuthi kasizodlala. Ngeke
ungitshele ukuthi le nkeshezana yiyona mali ibhange enalo lena. (Akhiphe
isibhamu) Uyayibona le nto. Ngicela ukuthi sizwane ingagcini isisebenza kuwe
kungafanele.
PHINDISIWE: Ungangidubula Nkululeko? (Esegcwele izinyembezi emehlweni)
NKULULEKO: Akulutho lokho. Yekela ukulokhu uchitha isikhathi ngemibuzo
engasizi ngalutho. Khipha imali wena bo! Akuyona eyakho lemali. (Emhlohloloza
ngesibhamu.)
PHINDISIWE: Kahle Nkululeko uyangilimaza.
NKULULEKO: Ufuna ukwenziwa ngale Ndlela ngoba ulubele ukukhuluma.
Isikhathi Siyahamba singaze siboshwe. Phangisa-ke!
PHINDISIWE: (Useyaqhaqhazela manje. Avule kwesinye isisefo esithe ukucasha.)
Shesha-ke nawe.
NKULULEKO: Isiphelele? Indawo enifaka kuyo imali ye-ATM ikuphi?
PHINDISIWE: (Eyovula omunye umnyango lapho bengena khona uma befaka
imali ku-ATM.)
NKULULEKO: Kuxhuxhuma injabulo ebona izizumbulu zemalikumakhasethi
ehlukahlukene. Ngadla mina kababa ngingasaqali. (Ayitape samuntu enwampela
uju lwezinyosi. Usejatshuliswa ngumgodla asewuthwele emahlombe.) Cha
sekunesisindo esibonakalayo. (Ezwe umsinjwana wabantu ngaphandle.) Ake
uthule ngizwe.
[Inkundla Yesi-4, Isigcawu Sesi-5, Ikhasi 93-94]

21. 1 Shono umsebenzi womlandi ngokuzokwenzeka enkundleni yokudlalela kulesi


siqeshana. (2)
21. 2 Nikeza umyalezo odluliswa yilesi siqeshana bese usekela impendulo yakho.
(2)
21. 3 Fingqa ngamaphuzu AMATHATHU udweshu olutholakala phakathi
kukaPhindisiwe noNkululeko kulesi siqeshana. (3)
21. 4 Chaza kafushane iphupho likaMaMhlongo elitholakala kulo mdlalo. (3)
21. 5 Qhathanisa ukuvezwa komlingiswa onguNkululeko nomlingiswa
onguThamsanqa ngothando ababenalo ngoPhindisiwe. (3)
21. 6 Ucabanga ukuthi wawuzoba njani umphumela empilweni kaKholekile ukuba
uNkululeko akagwetshwanga? Sekela impendulo yakho. (2)
21. 7 Yini inhloso yombhali yokwethula indikimba yobugebengu kulo mdlalo? Sekela
impendulo yakho. (2)
21. 8 Chaza ithoni etholakale kulesi siqeshane. Bhekisa emagameni adwetshelwe.
(3)

33
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) P2 Juni 2024

21. 9 Ngabe isenzo sikaSikela sokusiza uNkululeko samukelekile yini kuwe? Sekela
impendulo yakho. (2)
21. 10 Uyazwelana nomlingiswa onguMakhangela ngesimo ayebhekene naso
sokudelela uThamsanqa ngenkathi uThamsanqa ekwakhe ezolanda izinkomo zakhe
zamalobolo? Sekela impendulo yakho bese usho ukuthi yikuphi owawungakwenza
ukube kwakunguwe obhekene nalesi simo. (3)
[25]
AMAMAKI ESIQEPHU C: 25
AMAMAKI ESEWONKE: 80

34

You might also like