FUTHER EDUCATION
AND TRAINING
IBANGA LE 10
ISIZULU ULIMI LWASEKHAYA (HL)
BASELINE ASSESSMENT
UMHLAHLANDLELA WOKUMAKA
UMASINGANA 2025
AMAMAKI: 55
Lomhlahlandlela wokumaka unamakhasi ayisi-6.
Akuvumelekile ukukopisa leli phepha Pheqa ikhasi
2
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya ianga 11 (Umsebenzi wesi-4) T4 /2024
ISIQEPHU A: ISIVIVINYO SOKUQONDISISA
UMBUZO 1
INDLELA YOKUMAKA:
1. Ngenxa yokuthi sigxila emqondweni wempendulo; ukungabhaleki kahle
kwamagama namaphutha olimi sikushaya indiva/asikunaki ngaphandle uma
kuthinta umqondo wempendulo yonke. Omakayo kumele awatshengise
ngezimpawu ezisetshenziswayo amaphutha uma ekhona.
2. Uma umfundi esebenzise amagama angekho olimini ahlolwa ngalo, lawo
magama ngeke anakwe uma impendulo ayibhalile inomqondo ophelele. Uma
kunegama elithathelwe kolunye ulimi embhalweni onikeziwe noma kudingeka
ukuthi impendulo inike lona, lokho kuyovumeleka.
3. Imibuzo evulelekile edinga izimpendulo ezinjengoYEBO/CHA noma
ANGIVUMI/NGIYAVUMA azinikwa amamaki. Ngokufanayo nalezi ezinjengo-
IQINISO/AKUSILO IQINISO noma IQINISO/UMBONO nazo azinikwa
amamaki kodwa indlela umfundi asekela ngayo ethola amamaki.
4. Uma impendulo iyigama elilodwa kodwa umfundi abhale umusho wonke;
umfundi uthola amamaki uma eyidwebele impendulo noma eyikhombise
ngandlela thize.
5. Uma impendulo idinga amaphuzu amabili/amathathu kodwa umfundi wabhala
angaphezulu kwalokho, kumakwa amaphuzu amabili/amathathu okuqala
okunye kungabe kusanakwa
6. Umfundi uyanikwa amamaki uma esebenzise ulimi lwesigodi empendulweni
yakhe.
7. Emibuzweni lapho umfundi ekhetha impendulo kwazinikiwe; uyawathola
amamaki uma ebhale impendulo ephelele kanje: Isib: 1.1.14 D/Isango.
(okuwuhlamvu oluphelele).
Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
3
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya ianga 11 (Umsebenzi wesi-4) T4 /2024
1.1 UMBHALO A (OFUNDWAYO)
UMBHALO A
1.1 Iziphihli. (1)
1.2 Ukulahla imfucuza.
Ukungcolisa umoya ngentuthu (2)
1.3 Kuwa izindlu ezinde nezemfishane zimboze abantu.
Iziqu zezihlahla zibheke phezulu.
Izimoto zimuke namanzi (2)
(Okubili kulokhu.)
1.4 Inkanyamba. (1)
1.5 Okungumehluko kulezi zigaba imbangela yezinhlekelele kukhona edalwa
ukushisa kwelanga enye idalwa ukukhithika kweqhwa. Esigabeni sesine
kukhulunywa ngenhlekelele yokushisa kwelanga edala isomiso ilimaze
nemfuyo. Esigabeni sesihlanu kukhulunywa ngenhlekelele yokukhithika (2)
kweqhwa okulimaza imfuyo, izimoto kanye nezakhiwo.
1.6 B. (uthukile) (1)
1.7 Ukufundisa ngezinhlekelele ezahlukene ezidalwa imvelo
Ukunikeza ulwazi ngezingozi ezidalwa izinhlekelele zemvelo (2)
(nezinye izimpendulo ezinembayo)
1.8 Esigabeni sesi-2 kukhulunywa ngezinhlekelele ezidalwa ukuzamazama
komhlaba kanye nenkanyamba okulimaza abantu kanye nemvelo, Esigabeni
sesihlanu kukhulunya ngenhlekelele yokukhithika kweqhwa okwalimaza
imfuyo, izimoto nezakhiwo.
lezi zigaba ziyefana ziqukethe umqondo wezinhlekelele zemvelo ezidala
ukulimala kubantu kanye nemvelo (2)
1.9 Ichaza ukuthi akuyona yini imvula enkulu. (1)
Ukufundisa abantu ngezindlela zokuphephisa imvelo bangashisi imvelo
1.10 futhi bangalahli udoti
Ukufundisa abantu izindlela zokuphepha uma kuvela izinhlekelele (2)
1.11 Yebo, izinhlekelele azilimazi imvelo kuphela kodwa ziyaqeda imali
kahulumeni njengoba kuba umsebenzi kahumeni ukunakekela abantu
aphinde alungise imonakalo yezakhiwo. (2)
Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
4
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya ianga 11 (Umsebenzi wesi-4) T4 /2024
1.12 Umbhali usebenzise kahle amagama athi ‘kuyogcina kudla fumuka kudla
silaza’ asho ukubulala konke kungasali lutho. Lawa magama agcamisa ukuthi
ukuthi izinhlekelele ezidalwa imvelo zenza umonakalo omkhulu kakhulu (2)
ubulale konke okuphilayo.
1.13 Esithombeni soku-1 kukhona umlilo oshisa isiganga kanye nesihlala. (1)
1.14 Kungafa abantu
Abantu bangalahlekelwa izindlu (2)
1.15 Isithombe sesithathu siveza izimoto eziminzile ngenxa yokugcwala kwamanzi
ezimvula ezinkulu. (1)
1.16 Imibhalo yomibili iqukethe umqondo ofanayo. Okhuluma ngesomiso esilimaza
izilwane. Umbhalo A Esigabeni sesine kukhulunywa ngenhlekelele yokushisa
kwelanga edala isomiso ilimaze nemfuyo. Umbhalo B esithombeni sesine
kubonakala izinkomo ezifile endaweni eyimile okungenzeka zibulawe
ukungatholi amanzi (4)
1.17 Kungafundiswa abantu ngobungozi bokuqalwa komlilo ezigangeni. Lokhu (2)
kunganciphiza ukusha kweziganga nezihlahla kuphinde kuvikele imiphakathi.
AMAMAKI ESIQEPHU A: [30]
UMBUZO 2 IMIBHALO EDLULISA IMILAYEZO
INCWADI YOBUNGANE
2.1 INCWADI YOBUNGANI
Iba nekheli elilodwa lobhalayo.
Ikheli lihamba nosuku. (4 Nhlolanja 1981, 4 Febhruwari 1981)
Isibingelelo asiveze ubuhlobo noma umgagule ngegama isibonelo:
Khwezi
Isingeniso: siba sifushane. Asikhombise ubuhlobo obukhona phakathi
kwababhalelanayo kanye nenhloso.
Umzimba: umayelana nokududuza umngane wakhe esakwazi
ukuyofunda eKapa.
Isiphetho: Kumele ohlolwayo avalelise. Angaveza ukuthi uyathemba
ukuthi umngani wakhe usazolithola elinye ithuba lokuba ayofunda
ngonyaka olandelayo. Khonza kubo bonke ekhaya.
Makavalelise akhombise ubuhlobo angasifaki isibongo. isb.
Yimina umngani wakho
uMbuso
QAPHELA: Asifakwa isibongo esivalelisweni. [25]
Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
IsiZulu Ulimi Lwasekhaya (HL) 5 (2025)
AMARUBHRIKHI OKUHLOLA UMBHALO OMUDE ODLULISA UMYALEZO ULIMI LWASEKHAYA [AMAMAKI ANGAMA-25]
INCWADI YOBUNGANI/UMLANDO KAMUFI/I–AJENDA NAMAMINITHI OMHLANGANO/I–INTHAVYU/INCWADI YAKOMKHULU/ISIBUYEKEZO
Okungabonwa ngakho Okungavamile Okunekhono Okusendimeni Okuqalisayo Akwanelisi
OKUQUKETHWE, 13–15 10–12 7–9 4–6 0–3
AMALUNGISELELO & -Impendulo enembayo -Impendulo enhle kakhulu -Impendulo esendimeni -Impendulo esezingeni -Impendulo ikhombisa
NEFOMATHI ngaphezu kobekulindelekile ekhombisa ulwazi ekhombisa ulwazi eliyisisekelo ekhombisa ukungabi nalo ulwazi
-Amasu akhaliphile kanye lwezimpawu zohlobo lwezimpawu zohlobo ulwazi lwezimpawu zohlobo lwezimpawu zohlobo
Impendulo kanye nemibono nokuvuthwa komqondo lombhalo lombhalo lombhalo lombhalo
Ukuhlela imibono ukuze kube -Ulwazi olubanzi -Inamathele esihlokweni -Inamathele esihlokweni -Ukunamathela -Umqondo uyanhlanhlatha
namalungiselelo lwezimpawu zohlobo -Kunamaphushana - inamaphutha asendimeni kuyabonakala kodwa kunamaphutha amakhulu
Inhloso, izethameli, izakhiwo lombhalo -Ukulandelana -Ukulandelana kwemibono kunamaphutha -Imibono ayilandelani
nezimiso kanye nesimo -Umbhalo unamathele kokuqukethwe nemibono, okuqukethwe kufanelekile amaningana sanhlobo
esihlokweni kuchazwe kahle futhi -Ukuchaza okumbalwa -Ukulandelana -Ukuchaza okumbalwa
AMAMAKI AYI-15 -Amasu akhombisa kusekela isihloko kusekela isihloko kwamaphuzu okuqukethwe okusekela isihloko
ukuthelelana kanye -Ifomathi efanele -Ifomathi efanelekile kodwa kubuye kungabonakali -Akasebenzisanga nhlobo
nokulandelana enamaphushana kunamaphutha ambalwa -Ukuchaza okumbalwa imithetho yefomathi
-Acacisa ngokusobala kusekela isihloko
kanye nokusekela isihloko -Usebenzise ngokunganele
-Ifomathi efanelekile imithetho yefomathi
necacile -Kukhona okumbalwa
okubalulekile
ULIMI, ISITAYELA KANYE 9–10 7–8 5–6 3–4 0–2
NOKULUNGISA -Ithoni, irejista, isitayela, -Ithoni, irejista, isitayela, -Ithoni, irejista, isitayela, -Ithoni, irejista, isitayela, -Ithoni, irejista, isitayela
AMAPHUTHA ulwazimagama ulwazimagama ulwazimagama ulwazimagama kanye nolwazimagama
kuhambisana kahle kakhulu kuhambisana kahle kuyahambisana nenhloso, kunokungahambisani akuhambisani nenhloso,
Ithoni, irejista, isitayela, nenhloso, izethameli kanye nenhloso, izethameli kanye izethameli kanye nesimo nenhloso, izethameli kanye izethameli kanye nesimo
inhloso/umthelela, izethameli nesimo nesimo -Kunamaphutha ambalwa nesimo -Kugcwele amaphutha futhi
kanye nesimo -Uhlelo lufanelekile futhi -Uhlelo lufanelekile futhi -Ulwazimagama -Uhlelo olungafanelekile kuyadida
Ukusetshenziswa kolimi kanye lwakheke kahle kakhulu lwakheke kahle olusendimeni olunamaphutha amaningi -Ulwazimagama
nezimiso -Akunamaphutha sanhlobo -Ulwazimagama oluhle -Amaphutha -Ulwazimagama olunganele aluhambisani nenhloso
Ukukhethwa kwamagama -Kunamaphushana awawuphazamisi umqondo -Umqondo awusalandeleki -Umqondo uyanhlanhlatha
Izimpawu zokuloba kanye kahle kakhulu
nesipelingi
AMAMAKI AYI-10
Akuvumelekile ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
Akuvumelekile ukukopisa leli phepha Pheqa ikhasi