UMKHANYAKUDE COMPREHENSIVE CLUSTER
UMBUZ0 4 IKHATHUNI [ NAMANOTHI KANYE NOMSEBENZI WASEKILASINI ]
IYINI IKHATHUNI?
• Isebenzisa abalingiswa.
• Umsebenzi wekhathuni ukufundisa, ukwazisa, ukuhlekisa, ukwethula amaqiniso ngendlela enoteku
kanye nokubhuqa.
• Umdwebo kuvamise ukuthi ube owodwa noma ngaphezulu.
• Ibeka umbono noma ngani okusematheni ezindabeni.
• Iveza ubuthaka bomuntu, abantu abathile noma umphakathi.
• Ingaba nesithombe kuphela noma isithombe sihambisane nombhalo.
• Imidwebo iba yihaba okungaba ikhala noma amehlo amakhulu.
• Iyabhinqa noma ukulingisa ngokubhuqa.
• Uma kuyikhathuni yepolitiki / yosaziwayo / yomdlali odumile inhloso ukwehlisa isithunzi sakhe.
Umdwebo wekhomikhi
• Isebenzisa abalingiswa.
• Imayelana nezehlakalo zemihla ngemihla.
• Yethulwa ngamabhokisana axoxa indaba.
• Iveza ubuthaka bomuntu / abantu abathile noma umphakathi.
• Inhloso ukuhlekisa, ibuye ijabulise.
• Indaba inesingeniso, umzimba nesiphetho.
• Iba nengwijikwebu.
Okumele kuqashelwe kumakhathuni:
• Umdwebo / Imidwebo iba sebhokisini.
• Izinhlamvu zokubhala ezincane zisetshenziselwa ukungcizelela okuthile.
• Inkulumo iba phakathi kwezibiyelo.
• Kungaba nesihlokwana ezihambisana nomdwebo.
• Ifundisa ngemifanekiso-zithombe.
• Inkulumo-mpendulwano yethula imizwa nemicabango yomlobi.
zimpawu ezikhombisa amazwi aphinyisiwe kanye nemicabango angama kanje:
• Ibhaluni elinolayini ogcwele (solid) limele inkulumo eyejwayelekile.
• Ibhaluni elinolayini ongamadoti (dotted) limele ukuhebeza / ukuhleba.
• Ibhaluni elinolayini odlavukile (jagged) limele ukumemeza.
• Kwamanye amakhathuni amabhaluni awasetshenziswa kuba nomugqa omuncane osuka
kumlingiswa uye emazwini awakhulumayo.
• Ubukhulu befonti buhambelana nobukhulu bomsindo
wempimiso -dlana, DLANA, DLANA.
• Izimpawu ezinjenge gilobhu likagesi likhomba umbono ophusile, ifulegi noma ibheji likhomba
ezombusazwe.
• Isithombe simele okubonwayo.
• Amagama amele amazwi.
• Bheka abalingiswa kanye nesizinda.
• Abalingiswa bavezwe ngendlela eyejwayelekile noma bayihaba.
• Bheka isimo sobuso sabalingiswa, isimo somzimba sinabudlelwano buni nomlingiswa?
• Bheka isizinda.
• Ngabe ikhathuni ikhuluma ngamaqiniso noma umzekeliso?
• Ngabe ulimi olusetshenzisiwe lunjani? Isilenge noma ulimi olusetsheniswa abantu abathize
okuwulimi olwaziwa yibona kuphela (olungamukelekile), ijagoni noma ulimi olusetshenziswa
abantu abathile. Isibonelo: abantu abafundile nolimi lwesigodi
• Ngabe ikhathuni inegama elilodwa, imishwana noma imisho?
Izimpawu zokuloba
• Zinamthelela muni esimweni kanye nasezwini lomlingiswa
• Umbabazi ophindaphindiwe (!!!)
• I-elipsis (………)
• Izimpawu zokufunga (*#~! @.)
Ukunyakaza komzimba
• Kwethulwa ngemifanekiso-zithombe, isimo sobuso kanye nezimpawu.
3|Page
IZIBIYELO
ISIBIYELO INCAZELO YASO
Lesi sibiyelo sitholakala kakhulu esingenisweni. Umsebenzi waso
ukungenisa inkulumo ephakathi kwabalingiswa.
1.
2. Lesi sibiyelo sisetshenziselwa ukuveza lokho umlingiswa
akucabangayo esikhundleni sokukusho.
3. Lesi sibiyelo sichaza ukuthi umlingiswa uyamemeza noma
uyakabalasa okhombisa ukudinwa kakhulu.
5. Lesi sibiyelo sisetshenziselwa isimo samathonsi emvula noma
ukunethwa kwezulu.
6. Lesi sibuyelo sisebenziselwa ukuveza umbono ophusile.
7. Lesi sibiyelo sigqamisa inkulumo eyejwayelekile.
8. Lesi sibiyelo sigqamisa ukuthi abalingisqa bayahleba.
9 Lesi sibiyelo sigqamisa ukuthi umlingiswa lento asuke
eyiphethe iyamsinda noma iyasinda kakhulu.
4|Page
10. Lesi sibiyelo sigqamisa ukuthi umlingiswa uyesaba ukwenza
okuthile noma unovalo.
UMBUZO 4: UKUQONDISISA EZINYE IZINGXENYE ZEMITHOMBO YEZINDABA
Bukisisa UMBHALO E bese uphendula imibuzo elandelayo. UMBHALO E
(IKHATHUNI)
4.1 Shono ukuthi ukusetshenziswa kwefonti enkulu kanye nophawu lokubabaza
kule khathuni kukhombisani ngomama uRuby. (2)
4.2 Qhathanisa okufanayo enkulumeni kamama uRuby kanye nesihloko esivela
ephephandabeni mayelana nodlame ezikoleni. (2)
4.3 Chaza imbangela eyenza ukuba uThemba abukeke emangele kule khathuni. (2)
4.4 Ucabanga ukuthi ukufakwa kwesikhali esiyibhomu lesandla kule khathuni
kugudliselani ngodlame olukhona ezikoleni? (2)
4.5 Hlaziya umyalezo othulwa yile khathuni ubhekise emazwini kamama uRuby
kanye nasembhalweni okhuluma ngodlame nokukhuluphala ezikoleni. (2)
[10]
5|Page
6|Page
UMBUZO 4
4.1 Ukusetshenziswa kwefonti enkulu kanye nophawu lokubabaza kukhombisa
ukuthetha okuveza ukuthi umama uRuby akahambisani nalezi zinto eziphuma
epotimendeni likaThemba. (2)
4.2 Umama uphawula ngamaswidi kuphela akasho lutho ngezikhali eziphuma
epotimendeni likaThemba kanjalo nephephandaba liqhakambisa
ukukhuluphala ngokweqile kwezingane kunokuphawula ngodlame olwenzeka
ezikoleni. (2)
4.3 Umangazwa inkulumo kanina ethethela amaswidid kunokuba athethele
izikhali eziphuma epotimendeni lakhe. (2)
4.4 Kugudlisela ukuthi izinga lodlame ezikoleni selidlondlobele kakhulu. (2)
4.5 Umyalezo wekhathuni udlulisa ukuthi ukukhuluphala ezinganeni zesikole
yikona okusemqoka kunodlame olukhona ezikoleni. Umbhalo uveza
7|Page
ukukhuluphala kanye nodlame sengathi yinto efanayo. (2)
[10]
UMBUZO 4: UKUQONDISISA EZINYE IZINGXENYE ZEMITHOMBO YEZINDABA
Bukisisa UMBHALO E bese uphendula imibuzo elandelayo. UMBHALO E
8|Page
(IKHATHUNI)
[Sithathwe ku-Intern
4.1 Nikeza isizathu esenza ukuba lona wesifazane ozikalayo angazigqoki
izicathulo kanye nebhantshi uma ezikala. (1)
4.2 Xoxa ngomyalezo odluliswa umdwebi wale khathuni ngowesifazane ociphize
isikali ngonyawo olulodwa. (2)
4.3 Khetha impendulo EYODWA kulezi ezilandelayo:
Ngabe isimo sokukhuluma esidwetshelwe kule khathuni sichaza ukuthi ...
A bangithukile ngesisindo sami.
B bangikhohlisile ngesisindo sami. C
bangilimazile emzimbeni wami.
D bangiloyile emzimbeni wami. (1)
4.4 Qhathanisa izenzo zalaba bantu besifazane abavezwe kule khathuni. (4)
4.5 Phawula ngokusetshenziswa kwesibiyelo esicijile samagama enkulumeni
yowesifazane ozikalayo. (2)
[10]
9|Page
UMBUZO 4: UKUQONDISISA EZINYE IZINGXENYE ZEMITHOMBO YEZINDABA
4.1 Wenzela ukuthola isikali esiyiso sesisindo somzimba wakhe.√ (1)
4.2 Umdwebi udlulisa umyalezo wokuthi kunabantu abathile abakwazi ukucekela
phansi imizamo yabanye ngoba bona sebehlulekile.√√ (2)
4.3 B/Bangikhohlisile ngesisindo sami.√ (1)
4.4 • Owesifazane ogibele esikalini uyethuka umangazwa isisindo esikhulu
akade engasilindele.√ Ubuye acabange ukuthi lo muthi abamthengisele wona
wokwehlisa umzimba awusebenzi.√
• Owesifazane wesibili uthena amandla lo wesifazane ozikalayo
ngokuciphiza isikali.√ Uyahleka ejatshuliswa ukumangala kwalo
ozikalayo.√ (4)
4.5 Lesi sibiyelo samagama sigqamisa umuzwa wokucasuka kanye nokumangala
10 | P a g e
kwalo wesifazane ngesisindo asibonayo abengasilindele.√√ (2)
[10]
11 | P a g e
UMBUZO 4: UKUQONDISISA EZINYE IZINGXENYE ZEMITHOMBO YEZINDABA
Bukisisa UMBHALO E bese uphendula imibuzo elandelayo.
UMBHALO E
(IKHATHUNI
)
Awudingi
mjovo.
Ngiyethemba
awuzwa
buhlungu!
Eshu!
[[Ithathwe ku
-www.cartoons.
com]
4.1 Kungani umdwebi wale khathuni esebenzise isibiyelo esicijile enkulumeni
kadokotela? (2)
4.2 Chaza kafushane ukungqubuzana (umbhinqo) phakathi kwenkulumo
kadokotela kanye nesimo sesiguli. (2)
4.3 Uphawu lokubabaza olusetshenziswa enkulumeni yesiguli, luhambisana
kanjani nesimo sobuso besiguli? Sekela impendulo yakho. (2)
4.4 Ucabanga ukuthi yimuphi umyalezo obufuna ukudluliswa umdwebi ngale
khathuni? (2)
4.5 Phawula ngokukholeka noma ukungakholeki kwesenzo sikadokot
ela kulesi
siguli. (2)
[10]
| 12
Page
UMBUZO 4
4.1 Yingoba ubonisa intukuthelo eyenziwa udokotela uma ekhipha izinyo esigulini
13
sakhe. √√ (2)
4.2 Inkulumo iveza ukuthi isiguli asibuzwa ubuhlungu ekubeni isiguli sesihlahle
amehlo savula nomlomo nezinyo laziqhashela okukhombisa ukuthi siyabuzwa
ubuhlungu.√√ (2)
4.3 Luhambisana kahle ngoba isiguli sizwa ubuhlungu kangangoba sesikhiphe
amehlo sikhamisile kanti nezinyo selize laqhasha.√√ (2)
4.4 Umdwebi wale khathuni udlulisa umyalezo wokuthi akumele uye kunoma
imuphi udokotela uma ugula qala wenze ucwaningo olunzulu ngaye.
(Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukelwa)√√ (2)
4.5 Lokhu okwenzeka kule khathuni kunehaba kodwa kudlulisa umyalezo othize.
Ngalokho akudingekile ukuba ikholeke okubhekwayo umyalezo
owedluliswayo.√√ (2)
[10]
|Page
14
UMBUZO 4: UKUHUMUSHA IKHA
THUNI
Bukisisa UMBHALO E bese uphendula imibuzo elandelayo.
UMBHALO E (OFUNDWAYO NOBUKWAYO)
[Icashunywe ku
-www.fun2video.com
]
4.1 Chaza ukuhambisana kombala omnyama osemuva kwalona wesilisa kanye
nesenzo sakhe. (2)
4.2 Chaza kafushane ukuthi igama elidwetshelwe enkulumeni yowesimame
likhombisa ubudlelwane obunjani phakathi kwakhe nomyeni wakhe. (2)
4.3 Ucabanga ukuthi inkulumo ekule khathuni iyahambelana yini nesenzo salowo
wesilisa okule kathuni? Sekela impendulo yakho. (2)
4.4 Chaza umyalezo odluliswa umdwebi wale khathuni. (2)
4.5 Phawula ngekhono lomdwebi ukusebenzisa isathaya kule khathuni ubhekise
kumuntu wesifazane. (2)
[10]
|Page
15
UMBUZO 4: UKUHLAZIYA IKHATHUNI
Bukisisa UMBHALO E bese uphendula imibuzo elandelayo.
UMBHALO E (OFUNDWAYO NOBUKWAYO)
Bukisisa le khathuni engezansi bese uphendula imibuzo elandelayo.
[Icashunwe ku-Inthanethi yabuye yahunyushwa]
4.1 Shono ukuthi okwenzeka kule khathuni kuvame ukwenzeka kuphi. (2)
4.2 Chaza kafushane ubuqiniso ngokwenzeka kule khathuni. (2)
4.3 Khetha impendulo enembayo kulezi ezilandelayo.
Igama elingumqondofana nelidwetshelwe ekhathunini lithi …
A ngiyakunxenxa. B ngiyakucela. C ngiyakutusa.
D ngiyakuphoqa. (1)
4.4 Kungabe amagama, 'Indawo yokuthula' anabudlelwane buni nesimo sobuso
bendoda ekule khathuni? (3)
4.5 Phawula ngomyalezo odluliswa umdwebi wale khathuni. (2)
16 | P a g e
[10]
17 | P a g e
UMBUZO 4: UKUQONDISISA EZINYE IZINGXENYE ZEMITHOMBO YEZINDABA
4.1 Kuvame ukwenzeka onqenqemeni lwemigwaqo eyahlukene/emarobhothini/
emadolobheni lapho kuvame ukudlula khona abantu
abaningi/ngasenxanxatheleni yezitolo lapho abantu abafana nalona
osesithombeni becela khona imali.√√ (2)
4.2 Ubuqiniso obenzeka kule khathuni ukuthi baningi abantu abahlala emigwaqeni
abasebenzisa amaqhinga/amasu ahlukene okucela imali kubantu
ukuze baziphilise/ukuqola abantu ngoba benqena ukuyosebenza/bentula (2)
imisebenzi.√√
4.3 B/ngiyakucela (1)
4.4 Anobudlelwane bokuthi nayo le ndoda ekule khathuni ivale amehlo/icimezile
kungathi iyacabanga, √ ijulile ayifune kuphazanyiswa√ futhi ithandazela ukuthi
abantu abayifake le mali engamaphepha. √ (3)
4.5 Umdwebi wale khathuni udlulisa umyalezo wokuthi abantu abasazisabi izinto
ezingamahlazo√ ngenxa yokuthanda imali njengalo mlisa okule khathuni
ufuna ukusizwa kodwa akanamahloni okuthi ufuna imali enjani/engakanani.√ (2)
[10]
18 | P a g e
19 | P a g e
UMBUZO 4: UKUHU
MUSHA IKHATHUNI
Bukisisa UMBHALO E bese uphendula imibuzo elandelayo.
UMBHALO E (OFUNDWAYO NOBUKWAYO)
[Icashunwe yabuye yahunyushwa
-inthanethi]
ku
4.1 Shono ukuthi kwenzeka kuphi nendawo lokhu okukule khathuni. (1)
4.2 Siyini isizathu sokub
a lo okule khathuni omele amanzi? (2)
4.3 Chaza uteku olusetshenziswe umdwebi wale khathuni ubhekise esenzweni
salo muntu okule khathuni kanye namabhodi. (3)
4.4 Humusha le nkulumo esetshenziswe umdwebi kule khathuni ubhekise
emazwini omun
tu osesibiyelweni. (2)
4.5 Ngabe umdwebi wale khathi uphumelele ukudlulisa umyalezo wakhe? Sekela
impendulo yakho. (2)
[10]
20 | P a g e
21 | P a g e
UMBUZO 4: UKUHUMUSHA IKHATHUNI
4.1 Kwenzeka endaweni elugwadule eKalahari. √ (1)
4.2 Isizathu sokuba lo okule khathuni omele amanzi yingoba le ndawo
iwugwadule, ukhathele ngenxa yebanga aselihambile futhi nelanga lishisa (2)
kakhulu. √√
4.3 Umdwebi uhlekisa ngalo muntu ngoba ugaqa ngamadolo okukhombisa ukuthi
ukhathele futhi womile√ kepha uqoka ukuthatha indlela ende ebheke lapho
kunendali khona kunokuba athathe le emfushane lapho kunamanzi khona.√√ (3)
4.4 Le nkulumo isho ukuthi umuntu angadela konke inqobo nje uma ethole izinto
ezizomenza onge imali. √√ (Nezinye (2)
izimpendulo ezinembayo)
4.5 Umdwebi wale khathuni uphumelele ukudlulisa umyalezo wokuxwayisa abantu
ngokumele bakwazi ukuhlukanisa phakathi kwezinto ezisemqoka futhi
22 | P a g e
ezibalulekile kanye nalezo eziyisidingo zesikhashana. √√ (2)
[10]
23 | P a g e
UMBUZO 4: UKUHUMUSHA IKHATHUNI
Bukisisa UMBHALO F bese uphendula imibuzo elandelayo.
UMBHALO F (OFUNDWAYO NOBUKWAYO)
IFREYIMU YOKU -1 IFREYIMU YESI-2
IFREYIMU YESI-3 IFREYIMU YESI-4
IFRE YIMU YESI- IFREYIMU YESI-6
Nazo-ke uzopepeza!
Akazi ukuthi
ikhekhe linomuthi
wokuhudisa.
[Icashunwe yabuye yahlelwa kabusha ku-MRLOVENSTEIN.COM]
Akuvunyelwe ukukopisha leli phepha Pheqa ikhasi
24 | P a g e
4.1 Yikuphi OKUBILI okukhombisa ukuthi uMlele uphatheke kabi? Bhekisa
25 | P a g e
impendulo yakho kufreyimu yoku-1. (2)
4.2 Nikeza incazelo yesimo sokukhuluma 'ngimenze isilo sengubo.' Phinda
usisebenzise emshweni ozakhele wona ukuze kubonakale ukuthi uyayiqonda
incazelo yaso. (2)
4.3 Humusha umbhinqo oqukethwe amazwi atholakala esibiyelweni kufreyimu
yesi-5. (2)
4.4 Ucabanga ukuthi amazwi alo mlingiswa oyibhoklolo asethulela ubudlelwano
obunjani phakathi kwakhe kanye nomfowabo kaMlele. Bhekisa impendulo
yakho kufreyimu yesi-3. (2)
26 | P a g e
4.5 Phawula ngoteku olutholakala kufreyimu yesi-6. (2)
[10]
27 | P a g e
UMBUZO 4: UKUQONDISISA EZINYE IZINGXENYE ZEMITHOMBO YEZINDABA
4.1 Unezinyembezi emehlweni akhe./Amehlo akhe akhombisa ukumesaba √
Ukhomba ingane athi iyibhoklolo kuye.√
Uhleli phansi ugoqe izinyawo wazibamba ukhombisa ukwethuka.√ (2)
(Okubili kwalokhu)
4.2 Ukwenza umuntu into ebuhlungu engalindele.√
Umsizi wasekhaya wenze umama isilo sengubo ngokumtshontshela zonke
izimpahla zakhe zokugqoka.√ (2)
(Neminye imisho enembayo iyokwamukelwa)
4.3 La mazwi asethulela umbhinqo ngoba uthi umfowabo kaMlele ewasho
kuMthivovo ethi umnikeza ikhekhe elimnandi kakhulu kepha ebe azi ukuthi
uqonde okuphambene kunalokho akushoyo.√√ (2)
4.4 Asethulela ubudlelwane obungebuhle ngoba uMthivovo ubiza umfowabo
kaMlele ngegwala. Ucabanga ukuthi umfowabo kaMlele naye uyigwala
njengoba ehlezi eshayana noMlele.√√ (2)
4.5 Uteku kule freyimu luvezwa okwenziwa abalingiswa kanye nenkulumo
esesibiyelweni. UMthivovo useqalile ukuzitika ngekhekhe angalazi ukuthi
lifakweni, umfowabo kaMlele uyakujabulela okwenziwa uMthivovo ngoba uyazi
ukuthi leli khekhe alidlayo ngeke limlalise, uMlele yena siyamethusa
28 | P a g e
isixazululo esithathwe ngumfowabo.√ √ (2)
[10]
29 | P a g e
30 | P a g e
UMBUZO 4: UKUHUMUSHA IKHATHUNI
Bukisisa UMBHALO E bese uphendula imibuzo elandelayo.
UMBHALO E (OFUNDWAYO NOBUKWAYO)
Ngibonga ukuthi Ngibonga ukuthi Ngingabonga uma
ngizodla ngishaye akuyiwa esikoleni kungakhona ongangilekelela
esentwala bese namuhla. ngokugeza izitsha!
ngiyalala!
Ngibonga ukuthi
Ngibonga ukuthi sizothola
libalele namuhla ophaya ababili
ngizodlala kahle sonke!
ngidele.
[Icashunwe ku
-Family circus.com
yabuye yahunyushwa]
4.1 Sichazani isibiyelo esisesetshenziswe enganeni encane kunazo zonke kule
khathuni? (2)
4.2 Chaza kafushane umuzwa ovezwa yinkulumo kamama okule khathuni. (2)
4.3 Khetha impendulo esh
aya emhloleni kulezi ezilandelayo.
Isakhi esidwetshelwe enkulumeni kamama okule khathuni sinikeza
umqondo …
A wokulandula.
B wesimo.
C wamandla.
D wokuphoqa. (1)
4.4 Chaza ukuthi umhwamuko otholakala phezu kwenkukhu usetshenziselweni?
(2)
4.5 Xoxa ngenkulumo egudliselayo esetshenziswe kule khathuni ubhekise
enkulumeni kababa. (3)
[10]
31 | P a g e
UMBUZO 4: UKUHLAZIYA IKHATHUNI
4.1 Isibiyelo esisetshenziswe enganeni encane kunezinye kule khathuni sichaza
ukuthi ingane iyacabanga, ayikuphimiseli lokhu ekucabangayo. / Isibiyelo
esisetshenziswe enganeni encane sichaza ukuthi ingane icabanga unodoli
wayo.√√ (2)
4.2 La mazwi asetshenziswe enkulumeni kamama aveza umuzwa wokubalisa
/wokudangala / wokukhathazeka /wokubhuqa/ wokudinwa√ ukuthi wonke umuntu
uthokozile futhi uzicabangela yena kuphela akekho noyedwa ocabanga ukumsiza
amgezise izitsha emuva kokudla isidlo esimnandi
kangaka.√ (2)
4.3 C/wamandla.√ (1)
4.4 Umhwamuko osetshenziswe phezu kwenkukhu ukhombisa ukuthi inkukhu
iyashisa.√√ (2)
4.5 Le nkulumo kababa egudliselayo ikhombisa ukuthi uyakuthokozela lokhu
kudla okuphekwe namhlanje.√ Ayikho enye into azoyenza uma esedlile
ngaphandle kokuthi ayolala angabe esaba nandaba nakho konke
32 | P a g e
okuzokwenzeka lapha ekhaya.√√ (3)
[10]
UMBUZO 4: UKUHUMUSHA IKHATHUNI
Bukisisa UMBHALO E bese uphendula imibuzo elandelayo.
UMBHALO E (OFUNDWAYO NOBUKWAYO)
33 | P a g e
4.1 Shono ukuthi zichaza ukuthini izibiyelo ezisetshenziswe umdwebi wale
khathuni? (2)
4.2 Chaza kafushane umuzwa owethulwa okwenzeka efreyimini yesi-3. (2)
4.3 Ucabanga ukuthi igama, 'ukunkonkoloza' elitholakala efreyimini yesi-2 lihambelana kanjani
nesimo umlingiswa azithola ekuso efreyimini yoku-1. (2)
4.4 Bhala umusho ombaxa usebenzise imisho edwetshelwe etholakala efreyimini
yesi-2. (2)
4.5 Hlaziya ngokuhlolisisa okwenzeka efreyimini yesi-4. (2)
[10]
UMBUZO 4: UKUQONDISISA EZINYE IZINGXENYE ZEMITHOMBO YEZINDABA
4.1 Izibiyelo ezikule khathuni ziyimicabango. Okusho ukuthi konke okwenzeka
kule khathuni kusukela kokucatshangwe umlingiswa oyikati. √√ (2)
34 | P a g e
4.2 Umuzwa owethulwa okwenzeka kufreyimu yesi-3 owokudangala /
wokudumala / wokwethuka / wokukhathazeka√ ngoba akazi ukuthi
uzoziphendulela athini kumama uma embuza. √ (2)
4.3 Lihambelana kahle ngoba igama ukunkonkoloza lisho ukuphuza mawala
ufuna ukuqeda ngokushesha njengoba umlingiswa ekuvezile efreyimini
yokuqala ukuthi womile kakhulu. √√ (2)
4.4 Balushiyile futhi luningi impela/ Balushiyile, luningi impela. √√ (2)
4.5 Umlingiswa efreyimini yesi-4 ubuka ingilazi eduze kwakhe futhi uyazisola
ngesenzo sakhe. Ufikelwa ithemba lokuthi nakuba ebulele ingilazi kodwa umama
angeke athethe kakhulu isekhona enye. √√ /
Singabantu siyawenza amaphutha empilweni kodwa sisenalo ithuba lesibili
lokulungisa kubuye ithemba. √√ (2)
[10]
35 | P a g e
36 | P a g e
37 | P a g e
UMBUZO 4: IZAKHIWO NEZIMISO ZOKUSETSHENZISWA KOLIMI
4.1 Igama 'ngicela' lisetshenziselwe ukuveza umuzwa wokuncenga.√ (1)
4.2 Omunye umlingiswa ujabule kanti omunye akajabule.√ Umama ujatshuliswa
ukuthi uzosebenza ngaphandle kokuphazamiseka√ kanti ingane idinwa ukuthi
umama uzosebenza ngeke adlale nayo.√ (3)
4.3 UThisha uNkala ugcine esethi kuSne, 'Thula umsindo mdlwembe,' ngoba
ubesekhathele ukumkhuza njalo engezwa.√√
(Neminye imisho enembayo.) (2)
4.4 Amazwi efreyimini yesi-3 ethula umcabango wokwethuka okhonjiswa
esibiyelweni ngoba kulo mhlangano awethamele kukhona umphathi√. Amazwi efreyimini
yesi-4 ethula ukwethuka okumenza athethe, amemeze ngoba
u-Enzo uyacula.√ (2)
4.5 Umdwebi wale khathuni uwedlulise kahle umyalezo wokuthi abantu
abathembeke emsebenzini ngoba izenzo zokungathembeki zigcina zibavezile,
bangalahlekelwe ukwethenjwa./ Umdwebi wale khathuni uwudlulise kahle umyalezo
wokuthi izingane azifundiswe ukulalela ngoba kwesinye isikhathi uma zingathobeli
umthetho wabazali zingagcina zidale umonakalo omkhulu. Ukungalaleli kuka-Enzo
kungenza unina alahlekelwe umsebenzi. √√
38 | P a g e
(Nezinye izimpendulo ezinembayo.) (2)
[10]
39 | P a g e
40 | P a g e
UMBUZO 4: UKUHUMUSHA IKHATHUNI
Bukisisa UMBHALO E bese uphendula imibuzo elandelayo.
UMBHALO E (OFUNDWAYO NOBUKWAYO)
Ngibonga ukuthi Ngibonga ukuthi Ngingabonga uma
ngizodla gishaye
n akuyiwa esikoleni kungakhona ongangilekelela
esentwala bese namuhla. ngokugeza izitsha!
ngiyalala!
Ngibonga ukuthi
Ngibonga ukuthi sizothola
libalele namuhla ophaya ababili
ngizodlala kahle sonke!
ngidele.
[Icashunwe ku
-Family circus.com
yabuye yahunyushwa]
4.1 Sichazani isibiyelo esisesetshenziswe enganeni encane kunazo zonke kule
khathuni? (2)
4.2 Chaza kafushane umuzwa ovezwa yinkulumo kamama okule khathuni. (2)
4.3 Khetha impendulo eshaya emhlole
ni kulezi ezilandelayo.
Isakhi esidwetshelwe enkulumeni kamama okule khathuni sinikeza
umqondo …
A wokulandula.
B wesimo.
C wamandla.
D wokuphoqa. (1)
4.4 Chaza ukuthi umhwamuko otholakala phezu kwenkukhu usetshenziselweni?
(2)
4.5 Xoxa ngenkulumo egudliselayo esetshenziswe kule khathuni ubhekise
enkulumeni kababa. (3)
[10]
41 | P a g e
UMBUZO 4: UKUHLAZIYA IKHATHUNI
4.1 Isibiyelo esisetshenziswe enganeni encane kunezinye kule khathuni sichaza
ukuthi ingane iyacabanga, ayikuphimiseli lokhu ekucabangayo. / Isibiyelo
esisetshenziswe enganeni encane sichaza ukuthi ingane icabanga unodoli
wayo.√√ (2)
4.2 La mazwi asetshenziswe enkulumeni kamama aveza umuzwa wokubalisa
/wokudangala / wokukhathazeka /wokubhuqa/ wokudinwa√ ukuthi wonke umuntu
uthokozile futhi uzicabangela yena kuphela akekho noyedwa ocabanga ukumsiza
amgezise izitsha emuva kokudla isidlo esimnandi
kangaka.√ (2)
4.3 C/wamandla.√ (1)
4.4 Umhwamuko osetshenziswe phezu kwenkukhu ukhombisa ukuthi inkukhu
iyashisa.√√ (2)
4.5 Le nkulumo kababa egudliselayo ikhombisa ukuthi uyakuthokozela lokhu
kudla okuphekwe namhlanje.√ Ayikho enye into azoyenza uma esedlile
ngaphandle kokuthi ayolala angabe esaba nandaba nakho konke
42 | P a g e
okuzokwenzeka lapha ekhaya.√√ (3)
[10]
43 | P a g e
26 | P a g e