IZIMPISI
Bongani Mavuso
1 Uma kukuhle ziyangazi,
2 Uma kukubi azingazi,
3 Izimpisi ezigqoke isikhumba semvu.
4 Cha zinonya olungakaze lubonwe;
5 Elimhlophe ziliveza lapho ngiqhamuka,
6 Kuyothi lapho ngisithela zingibeke amabala,
7 Zinjalo-ke izimfamona,
8 Azifuni ukubona omunye umuntu enotho.
Amagama amasha enkondlweni
Amagama Incazelo yesiZulu Incazelo yesiNgisi
Izimpisi Uhlobo oluthile lwezinja Hyenas
zasendle eziyingozi
-zigqoke zembathe They are clothed /
covered in / They are
wearing
Zinonya Zinezinhliziyo ezimbi They are evil / They are
cold hearted
Isikhumba semvu Uboya / ingaphandle Sheep skin
lesilwane esibizwa
ngemvu.
Ngiqhamuka Ngivela / Ngiphambi In front of / When I’m
around
Ngisithela Ngifulathela / ngisuka When I turn back / when I
phambi kwazo move away from them
Izimfamona Abantu abangakufiseli Haters
okuhle / abanomona
ngawe
Utho Okuthile Something
Izimo zenkulumo
Izimpisi – Ngabantu abangabazenzisi / amaxoki (back stabbers)
Ukugqoka isikhumba semvu – Ukuba ngumkhohlisi (a hypocrite)
Unya – inzondo (envy)
Elimhlophe ziliveza… - Izinyo / ukuhleka kokuzenzisa / ukuhleka inhlinini
(pretend/ fake smile / grin)
Ukubeka amabala – Ukukhuluma kabi / ukubona izici kumuntu / ukugxeka
(criticize)
UKUHLUZWA KWENKONDLO – IZIMPISI
Isihloko senkondlo: “Izimpisi”
-Incazelo yesihloko sale nkondlo eqondile, isitshela ngezilwane
ezaziwa njengezinja zasendle. Lolu hlobo lwezilwane luvame ukuba
nesenzo esifanayo nabantu abangabakhohlisi. Ungaze ucabange
ukuthi izilwane ezinothando kanti ziyingozi enkulu ngoba zivama
ukulimaza kumbe ukuhlasela kungazelelwe (unexpectedly).
-Empilweni sinabo (In life we do have) abantu abaziphatha (who conduct
themselves) njengazo lezi zilwane. Umuntu angaze alutheke (fooled)
acabange ukuthi bayamthanda kanti bayazenzisa (they are pretending),
nokuthi lapho ungazelele bakwenze into embi ngenxa yomona.
Uhlobo lwenkondlo
Iyilirikhi ngoba imbongi iveza imizwa yayo ngalolu hlobo lwabantu ebabiza ngezimpisi.
Iphinde ibe yisathaya ngoba imbongi izwakalisa ukugxeka izenzo zalolu hlobo lwabantu.
Ingaphandle le nkondlo
Isakhiwo senkondlo
Le nkondlo yakhiwe yisitanza esisodwa nje vo.
Lesi sitanza sakhiwe yimigqa eyisishiyagalombili engalingani futhi yonke
evalekile ngoba ineziphumuzi.
Sithola ukuxhumana siqalo emugqeni 1 no -2 ;“Uma”.
Sithola imvumelwano maphakathi emugqeni -1 no -2; “ku-”
Siphinde sithole imvumelwano sigcino emugqeni -1 no -2; “-zi”
Izifenqo
Isibonelo sesifenqo Uhlobo lwesifenqo Incazelo yesiNgisi
ziyangazi
azingazi Ukwenzasamuntu / Personification
zigqoke isenzasamuntu
Izinzwa ezitholakala enkondlweni
Ukuthinta – zingibeka amabala
Ukubona – Azifuni ukubona
Indikimba yale nkondlo
Umona: Ngoba ukuziphatha kwalolu hlobo kubantu kuvamise ukudalwa yinkinga
yomona. Imbongi ize isebenzisa amagama athi “Abafuni ukubona omunye umuntu
enotho”.
Umoya wenkondlo
Wokwexwayisa ngoba imbongi yexwayisa isizwe ngalolu hlobo lwabantu
abayingozi. Iphinde imbongi iveze umoya wobuhlungu ngezenzo zalolu hlobo
lwabantu.
Umqondo osobala wenkondlo
Le nkondlo ikhuluma ngabantu esiphila nabo abenza sengathi bayasithanda kanti
basidla izithende (bayasikhohlisa). Emugqeni -1, imbongi ithi laba bantu bayasazi
uma kukuhlenokuchaza ukuthi uma izinto zikuhambela kahle benza sengathi
bajabula kanye nawe. Kodwa uma uke waba senkingeni yilapho bevela khona
ukuthi empeleni abakukhathalele noma abanendaba nawe.
-Lolu hlobo lwabantu lungabazenzisi. Umuntu ongumzenzisi uvame ukubizwa
ngempisi eyembethe / egqoke isikhumba semvu nokusho ukuthi uyinto
angesiyo.(Umugqa-2)
-Emugqeni -4, imbongi ithi le ndlela yokuziphatha kulolu hlobo lwabantu idalwa
ngukuthi banezinhliziyo ezimbi “They are evil” banonya.
-Uma beseduze kwakho laba bantu ungaze udideke ucabange ukuthi
bayakuthanda ngoba bayakuhlekisa. (Umugqa -5) Nakhu beveza “elimhlophe”
izinyo.
-Kuthi uma nje usuka eduze kwabo baqale bakhulume kabi ngawe “bangibeka
amabala”.
-Lezi zimfamona azifuni ukubona omunye umuntu enokuthile noma ejabulile. (They
don’t want to see another person better than them)
Umyalezo / Isifundo
Imbongi iyasikhuthaza (encourages us) ukuba siqaphele (to be aware of) abantu
esiphila nabo ikakhulukazi labo abenza sengathi bayasithanda kanti bathi “lala
lulaza ngikwengule” okusho ukuthi “lapho ungazelele bakwenzakalise” ngoba
vele abakaze bakuthanda ngisho kwasekuqaleni njengoba bengabantu
abanomona.