0% found this document useful (0 votes)
472 views173 pages

08-08 25 Final Jit Zulhl Edited 2

Copyright
© © All Rights Reserved
We take content rights seriously. If you suspect this is your content, claim it here.
Available Formats
Download as DOCX, PDF, TXT or read online on Scribd
0% found this document useful (0 votes)
472 views173 pages

08-08 25 Final Jit Zulhl Edited 2

Copyright
© © All Rights Reserved
We take content rights seriously. If you suspect this is your content, claim it here.
Available Formats
Download as DOCX, PDF, TXT or read online on Scribd

CURRICULUM GRADE-12 DIRECTORATE

NCS (CAPS) SUPPORT

LAST PUSH LEARNER REVISION DOCUMENT

ISIZULU HL: PAPER 1,2&3

GRADE 12

2025

No. OKUQUKETHWE IKHASI


1
1 Izivivinyo sokuqondisisa 4 - 14

2. Izikhangisi 15 - 21

3. Amakhathuni 22 - 26

4. Izakhiwo nezimiso zokusetshenziswa kolimi 26 – 29

5. Uthunywe Ngubani? KNN Gcumisa 30 – 36

6. Idwala LikaShaka JM 36 - 48
Sikhakhane
7. Ucu Olumhlophe CT Msimang 49 – 51
8. Impi SRC Shongwe 51 – 52

9. Ithala Lobunzulu EJ Mhlanga 52 – 59


10. Izingxabo Zomyezane EJ Mhlanga 60 – 66

11. Imvelo KNN Gcumisa 66 - 68


12. Isisiziba Senhlakanipho EJ Mhlanga 69 – 73

13 Musani KNN Gcumisa 73 – 74

14. Wesi Nximfi Ndini! SS Gcumisa 75 - 80

15. Ukuthula SS Gcumisa 81 – 83

16. Bengithi Lizokuna Umbuzo omfushane 83 – 90

17. Kudela Owaziyo Umbuzo omfushane 90 – 93

18 Ubhuku Lwamanqe Umbuzo omfushane 94 – 104

19. Incwadi yobungani 104 – 106

20. I-Imeyili 106 - 109

21. Inhlolokhono/intavyu 110 – 113

22. Incwadi yesicelo somsebenzi 113 - 114

23. Inkulumo elungiselelwe 115 – 117

24. Isibuyekezo 118 – 121

25. I-Athikhili yephephandaba 122 – 124

26. Umlando kamufi 125 - 127

29. Indaba edaza inkani 128 – 131


2
30. Indaba eqhathanisayo 132 – 134

31. Indaba esuselwa esithombeni x2 135 - 140

31. Izimpendulo 141 -


174

ISETHULO
UMnyango WeMfundo KwaZulu-Natali ngezwi loMqondisi wakwa FET ngezandla zabeluleki
besifundo nothisha abangabalekeleli boLimi lwesiZulu bethula leli bhuku eliqukethe
imisebenzi yokubuyekeza ngenhloso yokwelekelela ekuthuthukiseni izinga lokuphunyelelwa
ngamalengiso kwesiZulu esifundiswa ngaphansi kohlelo luka-CAPS (Tahfuzwe). Leli bhuku
liyinsiza edinga ukwesekelwa eminye imiqulu engumhlahlandlela ekufundisweni kwalezi
zinto ebezingekho olimini esezifakwe ngokohlelo lwemfundo esekwe emiphumeleni. Lo
ngumngenelela ohlose ukwelekelela uthisha ezingqinambeni abhekana nazo nsuku zonke
ekufundiseni kwakhe. Lokhu kokwenzeka uma uthisha ezolisebenzisa kahle ukubuyekezisa
kule themu nabafundi bakhe.

Abeluleki bayoba abachasisi balokhu njengoba bezobamba izinkuthazakwenza eziyingini


abasebenzela kuzo ukucacisa kahle ngaleli bhuku.

3
UMSEBENZI - 1

ISIVIVINYO SOKUQONDISISA
1.1 Fundisisa lesi siqephu esingezansi bese uphendula imibuzo ezolandela.

UMBHALO A (OFUNDWAYO)

ASINGATHULI SIBE SIBAZI ABENZA UBUGEBENGU


Impi yokulwa nobugebengu ibonakala ingatheli zithelo kuleli lizwe
laseNingizimu Afrika. Lokhu kuvezwe izibalo zobugebengu obekuthulwa
izinhlaka ezilwa nobugebengu kulesi sigamu sonyaka esethuse wonke
umuntu. Ucwanolwenziwe luveze ukuthi ubugebengu obuhamba phambili
5
obokwebiwa kwezimoto, bulandelwe obukubambaa inkunzi izimoto zemali,
kuze obokugqekezwa kwemizi kugcine obokubamba inkunzi abantu
beyothenga ezitolo noma bephuma emsebenzini.

Ubugebengu ngokwalolu cwaningo budlange kakhulu ezindaweni ezihlala


abantu abamnyama ezisemalokishini kunezasemakhaya. Lokhu akusho
10
ukuthi izindawo zasemakhaya azinabo nhlobo ubugebengu. Kunempikiswano
ekhona mayelana nokubanga abantu ukuthi bangene ebugebengwini.
Kukhona ababona ukungabibikho kwamathuba emisebenzi kuyiyona
mbangela yobugebengu. Abanye babona kuwubandlululo olwashiya abantu
abamnyama bedla imbuya ngothi base bencamela ukungena ebugebengwini.
Akugcini lapho kukhona ababona umhobholo kulabo abangena 15
ebugebengwini ngoba bethanda impilo ewubukhazikhazi. Laba abantu
abasuke besebenza bengaswele lutho kodwa banganeliswa abanakho bese
bengena ebugebengwini. Akekho owayazi ukuthi ubugebengu buyogcina
benzeka emini kubuka wonke umuntu futhi ezindaweni ezazihlonishwa
20
njengezikole, imitholampilo, izibhedlela njalonjalo.

Izikole zamabanga aphansi naphezulu sezaba izindawo lapho kuchanasa


khona izigebengu. Azinqeni ukubuya ziphindelela esikoleni sisinye
zizobamba inkunzi. Zifike ziphuce othisha omakhalekhukhwini, izimoto, imali

4
njl. Ezinye zazo azigcini ngokuthatha izinto kodwa zigcina zikhiphe
umphefumulo phambi kwabafundi abasuke besebancane ngokweminyaka
25
kubashiye behlukumezekile ngokomoya. Eminyakeni eyedlule kwenzeka
isigameko esashiya wonke umuntu ebambe ongezansi kwesinye sezikole
ezakhele iTheku lapho izigebengu zaphuca umzali imoto zashaya zachitha
nomfundi owayephakathi emotweni. Akubona ubulwane lobo obuphindiwe?
Ngenhlanhla abakwasidlodlo basheshe bathintwa bakwazi ukulandela 30
umkhondo wemoto yatholakala. Umfundi owayesemotweni watholakala
esaphila, kwadingeka ukuba ayolulekwa ngokwengqondo. Lesi sithombe
kuyena siyohlala isikhathi eside. Othisha abaningi bagcina sebeyishiya
indawo enobugebengu bese kuhlukumezeka izingane zisale 35
zingondingasithebeni. Uhulumeni kuyadingeka ukuba aqikelele ukuthi
ezokuphepha ziyaqiniswa ezikoleni ukuze kuvikeleke othisha nabafundi.
Izikole eziningi sezaba namakomiti ahlanganisa othisha, umphakathi
namaphoyisa ukulwa nobugebengu ezikoleni futhi sekuthele nezithelo.

Izibhedlela nemitholampilo nakho kusenkingeni ngenxa yobugebengu obudla


40
lubikulezi zinsuku. Abahlengikazi, omabhalane kanye neziguli babanjwa
inkunzi izigebengu. Ziyaye zifike kungakangenwa zibacuthele bese zibagila.
Ngonyaka odlule izigebengu zitheleke kweminye yemitholampilo
eMgungundlovu zizobamba inkunzi. Ebezikufuna kakhulu imoto ethwala
45
iziguli ebizwa nge-ambulensi. Ilungu lomphakathi elihlala eduze
komtholampilo elazibonela kwenzeka konke lokhu lathi, “lezi zigebengu
kwase kunesikhathi zifike zizidlise satshanyana eduze kwalo mtholampilo.
Zazifika ekuseni ungakavulwa umtholampilo zilinde i-ambulensi kuthi uma
zibona ukuthi ayikho zihambe. Ngelanga eyabanjwa ngalo zafika ekuseni
50
kungakapheli ngisho amaminithi ayishumi uvulile umtholampilo, yaqhamuka.
Zakhipha izibhamu zakhipha umshayeli ngaphandle ezinye zaqonda
kubahlengikazi kanye neziguli zazenzela kubona. Kwaqhuma isililo
emtholampilo. Kuze kube manje leyo ambulensi ayikaze itholakale.”

Abanikazi bezindlu bakhihla esikaNandi mihla namalanga ngokugqekezelwa


55
imizi yabo. Isikhathi izigebengu ezimandla ngazo ekugqekezeni imizi kuba
isikhathi sasemini abantu abaningi besemisebenzini. Okwakobani ukubuya
5
emsebenzini kuthathwe zonke izimpahla zakho ozisebenzele kanzima?
Kushiya abanikazi bezindlu behlukumezekile ngokomoya Iningi labantu
abagqekeza imizi yilaba asebaqanjwa igama elithi “amaphara”. Isikhathi 60
esiningi basuke befuna imali yokuthenga izidakamizwa. Izimpahla
abazintshontshayo bazibiza imali encane. Abantu abaningi bayaphoqeleka
ukuba bavikele izindlu zabo ngokubiya ngocingo lukagesi, ukufaka ama-
alamu, amakhamera njalonjalo. Phela nakho kuba izindleko ezinkulu
ukwenza lokhu. Imiphakathi seyakha amaforamu okuyiwona alwa
65
nobugebengu emiphakathini. Ayaye avikele abaya noma ababuya
emsebenzini ezigebengwini. Ayaye asebenzisane namaphoyisa ukunqanda
ubugebengu.

Izimoto ezithwala imali zona ziyaye zibanjwe kakhulu inkunzi uma


sekungamaholidi kaKhisimusi. Kufanele uhambele kude nalezi zimoto ngalezi
70
zikhathi. Izigebengu zisuke zifuna ukuba namaholidi amahle inyanga yonke.
Zisebenzisa unya oluyisimanga uma zibamba imoto yemali. Azinqeni
ukuqhumisa imoto ngesiqhumane inonogada phakathi bese zithatha imali.
Azilali zihamba izindawo zobumnandi zisaphaza imali eziyithole
ngobugebengu futhi zidale izingozi ezinyantisa igazi. Izinkampani zezimoto
ezithwala imali ziyazama ukuvikela lezi zimoto ngokufaka amakhamera
75
kuzona.

Ubugebengu uma ububona benzeka uthule kusho ukuthi nawe uyingxenye


yabo ngoba ngabe usindise abantu abaningi. Kukhona izinombolo
zamahhala ezikhishwayo ozishayelayo uma ubona ubugebengu benzeka
noma ngabe buwuhlobo luni. Asilekelele abakwasidlodlo ekulweni
80
nobugebengu. Sikhumbule ukuthi namhlanje imina obanjwa izigebengu
kusasa uwena. Asingathuli sibe sibazi abenza ubugebengu.
[Umbhalo wokuziqambela]

Qaphela Mfundi: ngaphambi kokuphendula imibuzo yokufundela ukuqondisisa


khumbula lokhu okulandelayo:

6
Inhloso yalesi sifundo ukuthuthukisa ikhono lokufunda ngokuqondisisa kuwena.
Ngakho-ke kumele:
 Ukuba ukuqondisise, ukuzwe lokho okufundayo.
 Ufunde ngokucophelela, uqaphelelisise amagama amasha
ozowathola esiqeshini leso.
 Ufunde isigaba ngasinye esisephepheni lemibuzo bese uyasifingqa
isigaba ngasinye kusuka kwesokuqala esiyisingeniso kuze kuyofika
ekugcineni.
 Ubhekisise amagama abhalwe ngokugqamile, adwetshelwe uma
ekhona endabeni ngoba uzobuzwa ngawo .sebenzisa isu lokubheka
incazelo yegama ngokubheka amagama alizungezile ngoba usuke
ungenaso isichazimazwi.
 Uma kukhona isimo sokukhuluma (okungaba isaga noma isisho)
esidwetshelwe endabeni kubalulekile ukuba ukwazi ukuthola
incazelo yaso njengoba sisetshenzisiwe endabeni. Akugcini lapho
kepha kumele ku
bhekwe ukuthi lesi simo sokukhuluma sisetshenziselweni.
 Uma usukwenzile konke-ke lokhu usungaqala ukubheka izimpendulo
zakho.

 Khumbula imibuzo kulesi siqephu iba ngama-20. Kuba khona


imibuzo esobala eyakhiwa amamaki ayisi-8, kube ephakathi
nayo eyakhiwa amamaki ayisi-8 bese kuba elukhuni
eyakhiwa amamaki ama-4. Uthisha uzonisiza anikhumbuze
njengoba nibuyekeza ukuthi konje enjani imibuzo elula,
ephakathi kanye nelikhuni nokuthi ulindeleke ukuthi
uphendule kanjani uma uthola imibuzo ehlukahlukene.

PHENDULA IMIBUZO

1.1 Yini ebonakala ingatheli zithelo ngokwalesi siqephu? (1)

1.2 Yisho ubugebengu obuhamba phambili ngokocwaningo. (1)

7
1.3 Nikeza okufanayo okushiwo isigaba sesi-3 kanye nesigaba sesi-4
mayelana nokuhlukumezeka. (3)

1.4 Chaza kafushane ukuthi ngonjani umuntu othanda impilo ewubukhazikhazi.


(3)

1.5 Khetha igama elihambelana ngokomqondo naleli elibhalwe


ngokugqamile
Igama elibhalwe ngokugqamile elitholakala esigabeni sesi-5 liwumqondofana
naleli …
A isihawu
B isineke
C isihluku
D isizotha (1)

1.6 Iyini inhloso yombhali ngokusibhalela lesi siqephu? (2)

1.7 Ucabanga ukuthi kungaqedwa kanjani ubugebengu obuhlasele leli lizwe


laseNingizimu Afrika? (3)

1.8 Kungabe kunamthelela muni ukungabubiki ubugebengu obenzeka


emphakathini? (2)

1.9 Kuyiqiniso noma umbono ukuthi umuntu oseke wadonsa ejele ngenxa
yobugebengu ufika aziphathe kahle emphakathini? Sekela impendulo
yakho.
(2)

1.10 Ake uncome indlela aphethe ngayo umbhali ubhekise emagameni


abhalwe ngokugqamile esigabeni sesi-7. (2)

KANYE NO

8
UMBHALO B (OBUKWAYO)

Bukisisa lezi zithombe ezingezansi bese uphendula imibuzo


elandelayo

ISITHOMBE SOKU – 1 ISITHOMBE SESI – 2


(Kuqhunyiswe imoto yemali)
UMBHALO A (OFUNDWAYO)

ISITHOMBE SESI-3 ISITHOMBE SESI – 4


(Kusemagcekeni esikole)

[Zithathwe ku-inthanethi]

PHENDULA IMIBUZO

1.11 Shono izinto EZIMBILI ozibona esithombeni sokuqala. (2)

1.12 Chaza kafushane okwenzeka esithombeni sesi-3. (2)

9
1.13 Qhathanisa umqondo oqukethwe UMBHALO A isigaba sesi-5 kanye nalokho
(4)
okubonakala kuMBHALO B esithombeni sesi-4.

1.14 Phawula ngobungozi obungabhekana nowesilisa osesithombeni sesi-2. (2)

[30]

UMSEBENZI - 2

ISIVIVINYO SOKUQONDISISA
UMBHALO A (OFUNDWAYO)

Fundisisa lesi siqephu esingezansi bese uphendula imibuzo


ezolandela.

INGXOXO KAZWELONKE
Injobo ithungelwa ebandla. UMongameli weZwe uMnumzane Cyril
Ramaphosa umemezele ukuthi kuzoba nengxoxo kaZwelonke. Mhlawumbe
kunemibuzo okufanele sizibuze yona njengokuthi ngabe iyini “Ingxoxo
kaZwelonke?” Yini esukumise phansi uMongameli wabiza yona?. Phela lena
inqubo ehlelekile yokuxoxisana ehlose ukuhlanganisa abantu abahlukene
5
esizweni ukuze baxoxisane ngezinto ezibalulekile. Akugcini lapho kuzoxoxwa
nangezinkinga ezikhungethe isizwe ukuze kube nombono ofanayo
ngekusasa bese kuhlahleka indlela eya phambili. Yikhona okususe phansi
uMongameli wabiza ingxoxo kaZwelonke. Le ngxoxo kaZwelonke ihlelelwe
ukuba iqale ngomhla ziyi-15 kuNcwaba kuwo lo nyaka. Kungenzeka idonse 10
izinyanga eziningana ngaphambi kokuba isongwe.

UMongameli weZwe wamemezela abantu abavelele futhi abanamava


emiphakathini okuyibona abayobe bengamele le ngxoxo kaZwelonke. Laba
bantu bavela emikhakheni eyehlukene njengezemidlalo, amasiko,
emabhizinisini, kwezomthetho, njalonjalo. Singabala laba abalandelayo 15

10
uDokotela Gcina Mhlophe, uNkosazana Lindiwe Mazibuko, uMnumzane
Roelf Meyer, uDokotela Brigalia Bam, uMnumzane Siya Kolisi ukubala
abambalwa. Ozihlalo bengxoxo kaZwelonke kukhethwe uSolwazi Tinyiko
Maluleke ozobambisana noMnumzane Roelf Meyer bese osekela zihlalo
kuzoba uNkosazana Lindiwe Mazibuko kanye noMnumzane Siyabulela Xuza. 20
Ngaphambi kokuqala kwayo ingxoxo kaZwelonke kuzoba nokuvukuza
okwenziwa iKomiti elilungiselela ingxoxo kaZwelonke ukuze kuthi ifika konke
kube sekumi ngomumo ukuze kungakhalwa ngokuthi ayihlelekile.

Abantu abayi nganxanye bengemanzi. Kukhona ababona ingxoxo


25
kaZwelonke iwukumosha imali futhi babona ukuthi ngeke ize isize muntu.
Bazithethelela ngokuthi uhulumeni ubalekela umsebenzi wakhe ngoba
uyazazi izinkinga ezibhekene noma ezikhungethe abantu. Ngakho-ke asikho
isidingo sokuxoxisana ngazo. Okunye abakhala ngakho ukuthi uma ubheka
uhla lwabantu abakhethiwe akucaci ukuthi bakhethwe kanjani nokuthi
30
kukhona abantu abashiywe ngaphandle ikakhulukazi basemakhaya.
Ngakolunye uhlangothi kukhona ababona ingxoxo kaZwelonke izosiza isizwe
ngoba uHulumeni uzobe esenza izinto ezifunwa abantu futhi azisukumele
izinkinga zabo. Okusho ukuthi abantu abangahlali dekle kodwa abasukume
bahlanganyele kule ngxoxo kaZwelonke. Okhethelwe ukuba uSihlalo
35
wengxoxo kaZwelonke uSolwazi Tinyiko Maluleke uke wabuzwa imibuzo
ngenye yezintatheli mayelana nengxoxo kaZwelonke. Eminye yemibuzo
ukuthi abantu abafuna ukuba yingxenye benza kanjani? Empendulweni
yakhe uthe, “Bazoya kubantu, babanike iwebhusayithi abazoyisebenzisa
ukuze basho lokho abafuna ukukuveza okuzobasiza”.

40
Izimpikiswano ziyohlale zikhona ngoba abantu abasoze babona ngeso
elilodwa. Okufanele singakukhohlwa ukuthi abantu bakuleli lizwe
banezinkinga eziningi ezibagabhile okudingeka ukuba zixazululwe. Lezi
zinkinga zifaka ugesi, amanzi, imigwaqo engalungiswa, ukubulawa
kwezingane, ukugqekezwa kwemizi, ukubulawa kwabantu besifazane,
45
ubugebengu njl. Kusekhona abafundi ababikelwayo uma lina izulu ngoba
basuke bazi ukuthi uma kugcwala umfula ngeke kufinyeleleke ezikoleni.
Lokhu kubangwa ukungabi khona kwamabhuloho azobasiza bawelele
11
ngaphesheya. Izinhlelo zezikole ziyaphazamiseka ikakhulukazi ehlobo ngoba
kusuke sekuzoqala izivivinyo zokuphela konyaka. Abafundi bagcina
sebesala uma sekuqalwa ukubuyekeza nemiphumela abayitholayo 50
ekupheleni konyaka ayibi mihle. Kwezinye izindawo kusabaswa ngezinkuni
ngenxa yokungabi khona kukagesi. Abantu abahlukumezeka kakhulu kuba
abesifazane ngoba kudingeka bahambe amabanga amade ukuyotheza
izinkuni. Izwe njengoba selafa kanjena bagcina bebe yizisulu zezigebengu.
Amanzi ngokunjalo nawo ayinkinga kwezinye izindawo ezisemakhaya. Uthola
55
ekhiwa emifuleni lapho kuphuza khona izinkomo. Izifo nazo zigcina
sezibangena abantu ngenxa yokuphuza amanzi angcolile. Lezi zifo kungaba
esohudo esibizwa “ngekholera” kanye nesichenene.

Ubugebengu buhlasele kakhulu kuleli abantu sebelahlekelwe ithemba.


Alishoni ilanga kungabikwanga ngabantu abasishiyile bebulawa izigebengu. 60
Azinqeni ukungenela abantu ezindlini zabo zibabambe inkunzi bese
zibabulala. Abantu sebeyabikelwa uma kuhlwa ngoba abakwazi
okuzokwenzeka kubo. Abakwasidlodlo bazama ngazo zonke izindlela
ukuqeda ubugebengu kodwa abupheli. Eminye imiphakathi uma inezinkinga
ikwenza konke ukukhombisa ilaka layo njengokubhikisha, ukuhambisa 65
izikhalo kwabaphethe kodwa akwenzeki lutho. Konke lokhu kuyithena
amandla ibone kudlalwa ngayo.
Lilonke kukhona okufanele kwenziwe ngalezi zinkinga ezikhona ezweni.
Kungaba kubizwa ingxoxo kaZwelonke, kuxoxwa ngazo ePhalamende,
emiphakathini yethu, emabandleni njl. Intsha yethu akufanele izibone 70
ingenalo ikusasa ezweni layo.
[Ica shunwe ku-inthanethi yabuye yahunyushwa kabusha]

KANYE NO

12
UMBHALO B (OBUKWAYO)

Bukisisa lezi zithombe ezingezansi bese uphendula imibuzo elandelayo

ISITHOMBE SOKU – 1 ISITHOMBE SESI - 2

ISITHOMBE SESI – 3 ISITHOMBE SESI - 4

[Zithathwe ku-inthanethi ]

PHENDULA IMIBUZO

2.1 Tomula isimo sokukhuluma esitholakala esigabeni soku-1 esichaza ukuthi (2)
kuyasiza ukubekela abanye udaba lwakho.

2.2 Shono okuzobe kuxoxwa ngakho kungxoxo kaZwelonke. (2)

2.3 Nikeza imikhakha EMIBILI eyehlukene okuvela kuyo laba bantu abaqokiwe. (2)

2.4 Chaza kafushane ngomsebenzi weKomiti elilungiselela ingxoxo (2)

13
kaZwelonke

2.5 Khetha impendulo eyodwa kulezi ozinikeziwe.

Igama elidwetshelwe lichaza…..

A amasela.
B amadoda.
C amaphoyisa.
D amagwala. (1)

2.6 Ucabanga ukuthi yikuphi okungenziwa umphakathi ukwelekelela uhulumeni


ukulwisana nendlala?
(2)

2.7 Qhathanisa umqondo oqukethwe yisigaba sesi-3 mayelana nengxoxo


kaZwelonke. (3)

2.8 Chaza imbangela eyenza imiphakathi izithole ibhikishela uhulumeni. Sekela (2)
impendulo yakho.

2.9 Hlaziya isitatimende esibhalwe ngokugqamile. (2)

2.10 Phawula ngomyalezo odluliswa umbhali walesi siqephu. (2)

2.11 Sibaluleke ngani isithombe soku-1 engxoxweni kaZwelonke?. (2)

2.12 Chaza kafushane okwenzeka esithombeni sesi-2. (2)

2.13 Qhathanisa umqondo oqukethwe yisigaba sesi-2 esikuMBHALO A


ofundwayo kanye nesithombe sesi-3 esikuMBHALO B obukwayo.
(4)

2.14 Phawula ngokubaluleka kwalo wesilisa osesithombeni sesi-4 kule ngxoxo


kaZwelonke.
(2)
[30]

14
UMSEBENZI - 3

UKUHLAZIYA ISIKHANGISI

UMBHALO D (OFUNDWAYO NOBUKWAYO)


Fundisisa lesi sikhangisi (UMBHALO D OFUNDWAYO NOBUKWAYO) bese
uphendula imibuzo ezolandela.

YONGA UGESI NGALOBU BUSIKA.


U-Eskom ususize izigidigidi zabantu.

Sebenzisa
ugesi

YONGA! YONGA! YONGA! UGESI NSUKU ZONKE!


Bika ngomkhonyovu wokuxhunywa ngokungemthetho kwezintambo zikagesi:
I-imeyili CustomerServices@eskom.co.za
Ucingo 08600 37566
Iwebusayithi https://www.eskom.co.za

@Eskom_SA SA 0860037566 Eskom Hld SOC Ltd

[Sicashunwe ku-inthanethi
sahunyushwa kabusha]
IMIBUZO

15
3.1 Sibhekiswe kobani lesi sikhangisi? (1)

3.2 Kungani umkhangisi efake ezokuxhumana kulesi sikhangisi? (2)

3,3 Yini inhloso yokusetshenziswa kwesu lokuphindaphinda kulesi sikhangisi? (2)

3.4 Bhala umusho ombaxa ngale misho edwetshelwe. (2)

3.5 Umkhangisi uphumelele kahle ukusebenzisa isithombe sebhodi elikhulu,

eliphakeme futhi elinokukhanya kukagesi okugqamisa igama lenkampani


kanye nesiqubulo sakwa-Eskom. (3)

[10]

16
UMSEBENZI - 4

UMBHALO D (OFUNDWAYO NOBUKWAYO)

Fundisisa lesi sikhangisi (UMBHALO D OFUNDWAYO NOBUKWAYO) bese


uphendula imibuzo ezolandela.

VIKELA UMNTWANA WAKHO EMKHUHLANENI!

Thola ibhodlela le-Scotts Emulsion

I-Scotts Emulsion:

Iqinisa amasotsha omzimba.


Yenza izingane zibe nempilo futhi
zikhule kahle.
Iqinisa amathambo namazinyo.

I-Scotts Emulsion inovithamini A no D,


ikhalisiyamu no-omega 3

THATHA ISIKHANGISI USIYISE EKHEMISI UKUZE UTHOLE ISAPHULELO SALO


MKHIQIZO.

Ucingo: 0866178827
I-imeyili: scottsemulsion.co.za
Iwebusayithi: www.scottsemulsion.net

@Eskom_ SA 0860037566 Eskom Hld SOC Ltd


Uma ungabi ngcono emva kwezinsuku ezi-3, bonana nodokotela.
Sithathwe ku-www.googlepics sahunyushwa kabusha
[Sicashunwe ku-inthanethi
sahunyushwa kabusha]

IMIBUZO
4.1 Bala OKUBILI okwenziwa i-scotts emulsion ezinganeni eziyisebenzisayo. (2)
17
4.2 Chaza kafushane ngokusetshenziswa kolimi kulesi sikhangisi. (2)

4.3 Yini inhloso yokusetshenziswa kwefonti ehlukahlukene kulesi sikhangisi? (2)

4.4 Chaza indlela okuhlelwe ngayo le thekisthi. (2)

4.5 Kungani kusetshenziswe lolu hlobo lwezokuxhumana kulesi sikhangisi? (2)

[10]

UMSEBENZI - 5

UKUHLAZIYA ISIKHANGISI

UMBHALO (OFUNDWAYO NOBUKWAYO)

Fundisisa lesi sikhangisi (UMBHALO D OFUNDWAYO NOBUKWAYO) bese


uphendula imibuzo ezolandela.

UNGUMFUNDI ODINGA INDAWO YOKUHLALA?

Xhumana nathi. Sinendawo entsha sha yokuhlala abafundi ese-Resevourhill

18
 Sine wifi yamahhala
 Igumbi lokutadisha
 Onogada abagade
amahora angama-
24 ngesonto
 Ifenisha kanokusho
 Isondelene nesikole

Sivakashele ku:
36 Westdale Cresent
Resevourhill

NOMA

Sithinte kule nombolo:


0825674180

KWAZANDIE
STUDENT
ACCOMODATION
KUSEKHAYA!

IMIBUZO
5.1 Nikeza OKUBILI okutholakala kwaZandie Student Accomodation. (2)

5.2 Ihleleke kanjani le thekisthi? (2)

5.3 Ngabe umbhali walesi sikhangisi usisebenzise kahle yini isiqubulo?

(2)

5.4 Ngabe igama elibhalwe ngokugqamile lisetshenziselweni? (2)

5.5 Hlaziya ukusetshenziswa kwefonti ehlukahlukene kulesi sikhangisi. (2)

19
UMSEBENZI - 6

UFUNA UKUTHATHA UHAMBO OLUDE?


Fika uphephile
lapho uya khona
Thuthuka Tours
izokuthatha
ikubeke!
 Uhlala
ngokukhululeka.
 Kunezitulo
ezintofontofo
ezikwenza
ufikelwe
Ukuphepha ubuthongo.
kwabagibeli Ngokuphazima
kungumsebe kweso uzobe
nzi wethu
usufikile lapho uya
THUTHU khona
KA KWATHUTHUKA
TOURS
UKUPHEPHA
KWABAGIBELI
KUNGUMSEBENZI
WETHU!
Njalo
ngoLwesithathu
ogogo bathola
isaphulelo
samaphesenti
angama-50
Xhumana nathi:
0862065769
thuthuka@gmail.co
m
[Ithathwe: http://www.kingfeatures.com]

IMIBUZO
6.1 Sibhekiswe kobani lesi sikhangisi? (2)

20
6.2 Chaza ngokusetshenziswa kolimi oluchemile kulesi sikhangisi. (2)

6.3 Yini inhloso yombhali walesi sikhangisi yokusebenzisa ifonti encane? (2)
6.4 Ucabanga isimo sokukhuluma esitholakala kulesi sikhangisi
sisetshenziselweni? (2)

6.5 Phawula ngekhono lomkhangisi lokusebenzisa isithombe kulesi sikhangisi. (2)


[10]

21 UMSEBENZI - 7
UKUHLAZIYA IKHATHUNI
Bukisisa UMBHALO E bese uphendula imibuzo elandelayo.

UMBHALO E (OFUNDWAYO NOBUKWAYO)


Bukisisa le khathuni engezansi bese uphendula imibuzo elandelayo.

FRAME YOKU-1 FRAME YESI-2

MFANA!

Yebo!
Thisha!

Ngabe uzwa Cha akumnandi neze,


kumnandi Ngifisa sengabe
ukulala kukhona nemicamelo
ekilasini? ezikoleni

[ithathwe ku-inthanethi]

IMIBUZO

22
7.1 Nikeza isizathu sokuthi umdwebi asebenzise uphawu olutholakala efremini
yoku-1. (1)
7.2 Chaza kafushane umuzwa ovezwa ukusetshenziswa kwezitho zomzimba
okwenzeka efreyimini yesi-3 (2)
7.3 Nikeza igama elimqondofana naleli elidwetshelwe elitholakala efremini yesi-2
bese ulisebenzisa emshweni ozakhele wona. (2)

7.4 Shono ukuthi le theksthi eyikhathuni ihleleke kanjani.


Khetha impendulo enembayo kulezi ezilandelayo.
A Iyachaza

B Imbangela nomthelela

C Inkinga nesixazululo

D Iyalanda
(1)

7.5 Qhathanisa ukusetshenziswa kwezibiyelo ezingafani efremini yesi-2. (2)

7.6 Phawula ngomyalezo odluliswa umdwebi wale khathuni. (2)


[10]

23
UMSEBENZI - 8

UKUHLAZIYA IKHATHUNI

Bukisisa UMBHALO E bese uphendula imibuzo elandelayo.

UMBHALO E (OFUNDWAYO NOBUKWAYO)

Bukisisa le khathuni engezansi bese uphendula imibuzo elandelayo.

,QJDQH\ DP L2 K Kumele zifundiswe


1 JL] R\ LEL] DQJR -- XQH izingane
8W KHNDP EH ngokubaluleka
. Z HQ] DNDODQL" Kwaleli holide

[ithathwe ku-inthanethi]
IMIBUZO
8.1 Kungani kusetshenziswe igama elithi “oh” enkulumweni yokuqala? (1)
8.2 Nikeza okubili okukhombisa ukuthi laba besifazane bangabafundi. (2)
8.3 Fingqa ngamaphuzu amabili ukusetshenziswa kwezibiyelo kule khathuni. (2)
8.4 Chaza ukuthi umdwebi walekhathuni uyihlele kanjani. (2)

24
8.5 Chaza uteku olusetshenziswe umdwebi wale khathuni ubhekise
enkulumeni yomfundi wesifazane kule khathuni.
(2)
8.6 Phawula ngomyalezo odluliswa umdwebi wale khathuni? (2)
[10]

UMSEBENZI - 9

UKUHLAZIYA IKHATHUNI

Bukisisa UMBHALO E bese uphendula imibuzo elandelayo.

UMBHALO E (OFUNDWAYO NOBUKWAYO)

Bukisisa le khathuni engezansi bese uphendula imibuzo elandelayo.

[ithathwe ku-inthanethi]
IMIBUZO
9.1 Nikeza okubili okukhombisa ukuthi umlingiswa osemumva kosofa

uthukuthele (2)

25
9.2 Sebenzisa igama elithi, ‘isinkwa’ ukwakha isimo sokukhuluma bese
usisebenzisa emshweni ozakhele wona. (2)

9.3 Hlaziya amagama athi, ‘Lo hulumeni wethu wathi uzositholela imisebenzi’
Ukuthi ahambisana kanjani nokwenziwa ngumlingiswa wesilisa? (2)

9.4 Ucabanga ukuthi amazwi alo wesifazane adlulisa muphi umlayezo? (2)

9.5 Phawula ngokusetshenziswa kwezibiyelo ezingefani kule khathuni. (2)

[10]

UMSEBENZI - 10

IZAKHIWO NEZIMISO ZOKUSETSHENZISWA KOLIMI.


Funda lesi siqeshana esingezansi bese uphendula imibuzo elandelayo.

UMBHALO

UKUNGENA ESIBAYENI

1 Isibaya indawo engcwele nebalulekile ngesintu sethu, ikakhulukazi kumaZulu.


Yilapho amathongo nezinyanya zomuzi zihleli khona. Akungeni noma ubani 5
kuso, ikakhulukazi abesifazane. Lokhu kubonisa inhlonipho kwabadala ekhaya
asebaphumula. Isintu siyakholelwa ukuthi basaphila yibo ababheke ekhaya
noma ababheke isizwe. Kukho konke okuhle okubavelele njalo bakuphiwa yibo
abalele esibayeni.

2 Kuyisiko uma iNkosi izobekwa ukuthi ingene esibayeni u kuyogonqa,


10
ikhothwe izinyanya ziyiphe amandla ngaphambi komgidi wokubekwa
kwayo. Umcimbi obalulekile lo ngesizulu. Kuyahlonishwa akungeni noma
ubani esibayeni, kungena kuphela labo abaseduze neNkosi nomndeni. Ngisho
umnumzane ongusaziwayo akavunyelwa. Kuyimfihlo-ke okwenzeka khona
akukhona okwabafokazana. Kududuza abantu beNkosi kulethe nethemba
lokuthi izinsizi nezinhlupheko zizoshabalala njengamazolo ebona ilanga.
INkosi iphuma lapho isinamandla nokuzethemba ukuthi izokwazi ukuphatha
isizwe.

26
3 Ukungena esibayeni kuligugu kuMzulu. Yingakho uma intombi iphuma
iyogana iholwa nguyise ayidlulise esibayeni ukuze ayicelele 15
ukuba ihambe kahle ifukanyelwe amathongo alowo muzi. Noma
kunomkhuhlane ohlasele ikhaya noma isizwe umnumzane noma inkosi
iphikelela khona esibayeni ukuyokhuza lolo dungunyana. Isibaya sifana
nethempeli lekhaya lapho uma kukhona okungabonakali kahle usokhaya
ayobika khona ecela abadala bakhuze umhlola.
Uma ungakhuzwanga umhlola ikhaya noma isizwe siyabhubha.
[Sicashunwe kuBona Magazine]

IMIBUZO
10.1 Shono ukuthi isakhi esidwetshelwe emgqeni woku-1 sisetshenzisweleni. (1)
10.2 Tomula umusho osendleleni esabizo esigabeni sokugcina. (1)
10.3 Isimo sokukhuluma esibhalwe ngokugqamile esigabeni sesi-2
sisetshenzisweleni? (1)

10.4 Igama elibhalwe ngokugqamile emgqeni wesi-2 lisetshenzisweleni? (2)

10.5 Shono ukuthi le thekisthi engenhla ihleleke kanjani. Khetha impendulo eshaya
emhlolweni kulezi ezilandelayo:

A. Iyalandisa.

B. Iyaqhathanisa. (1)

C. Iyachaza.

D. Iletha inkinga nesixazululo. (1)

10.6 Sebenzisa leli gama elibhalwe ngokugqamile emshweni ozakhele wona linikeze
incazelo ehlukile kunale esendabeni. (2)

10.7 Emshweni odwetshelwe, bhala imisho emibili eqondile. (2)

[10]

27
UMSEBENZI - 11

IZAKHIWO NEZIMISO ZOKUSETSHENZISWA KOLIMI.


Funda lesi siqeshana esingezansi bese uphendula imibuzo elandelayo.

UMBHALO

IZAGA NEZISHO ZIYAYINONGA INKULUMO

1 Izaga zenza inkulumo ibe mnandi, ikhanye, ishelele. Kuthi noma lowo oyixoxa
5
eyinonga ngezaga indaba yakhe, izwakale ihlabahlosile. Ithi, ‘ngilalele!”
Nababhali uma sebekhipha amangwevu okubhala, uyobabona ngokusebenzisa
izaga nezisho zolimi. “Ukwanda kwaliwa umthakathi”, uma umuntu ebonga
ngokuthile omenzele khona noma omuphe khona. “Akukho qili lazikhotha
emhlane!” Uma lowo engakwazanga ukunyonka, waze wabanjwa esifeni ethi yena
uhlakaniphile kanti kabuzanga elangeni. Zonke ziyakhuluma zixoxa indaba
ngokwazo futhi zinothisa ulimi olukhulunywayo.

2 Namanje izaga nezisho zisasungulwa, ngoba phela impilo yinto ehlala


ikhona, edla ngokuguquguquka. Ezamanje sezikhomba izinto zamanje, 10

njengokuthi nje: Useshwawuza nje sengathi ushiswa yizambane emlonyeni.


UMnumzane uMsweli osebenza emsakazweni uKhozi owethula isimo sezemigwaqo
uselwenze lwathandeka uLimi LwesiZulu. Uyaye uzwe esebika ethi, “Ungabe
usahamba kulowo mgwaqo ngoba sekukhona esilahle imithwalo”. Isizwe asithande
ulimi lwaso njengesikhukhukazi sifukamele amatshwele aso.
(Umbhalo wokuziqambela)

IMIBUZO

11.1 Shono ukuthi isakhi sidwetshelwe emgqeni wesi-2 sisetshenzisweleni. (1)

28
11.2 Igama elibhalwe ngokugqamile emgqeni wesi-2 lisetshenzisweleni? (1)

11.3 Isimo sokukhuluma esidwetshwele emgqeni wesi-5 kuya kosi-6


sisetshenzisweleni? (2)

11.4 Bhala igama elidwetshelwe emgqeni wesi-8 emshweni ozakhele wona


selikhomba ukuphika.
(1)

11.5 Shono ukuthi le thekisthi engenhla ihleleke kanjani.


Khetha impendulo eshaya emhlolweni kulezi ezilandelayo:

A. Iyalandisa.
B. Iyaqhathanisa.
C. Iyachaza.
D. Iyafundisa. (1)

11.6 Guqula inkulumo esemgqeni we-13 kuya kowe-15 ibe yinkulumo mbiko. (2)

11.7 Emshweni obhalwe ngokugqamile, bhala umusho omkhulu kanye


nomushwana ochazayo.
(2)

(10)

29
IPHEPHA LESIBILI

UMSEBENZI - 12

UTHUNYWE NGUBANI? – K.N.N. GCUMISA


1. We kufa, ak’ungihlebele,
2. Uthunywa ngubani wena?
3. Ukub’uzosibangel’usizi?
4. Nguban’okuph’amandlakazi?
5. Angangawamabuth’akwaMandlakazi?
6. Owephul’uphoqoze ngawo
7. Izithomb’ezingamaklume
8. Omthathe, omsimbithi nomthombothi?
9. AbakwaMthombothi bangavuma.

10. AbakwaMsimbithi bangavuma


11. NabakwaMthathe bavume
12. Ukuthi usuke wabenzakalisa,
13. Kungabe uyisithunywa sikaSathane
14. Noma uthunywe ngoMkhulukhulu?

UKUKHETHWA KWAMAGAMA

Ukukhethwa kwamagama kuchaza ikhono lembongi ekukhetheni amagama


anobuciko nobuchule esingajwayele ukuwasebenzisa ukugqamisa lokho imbongi
efuna ukukusho enkondlweni yayo. Kule nkondlo imbongi ikhuluma ngokufa ikubiza
ngegama engathi umuntu ikhuluma nakho ukuthi ngabe kuthunywa ngubani phakathi
kukaNkulunkulu noSathane ukuba kuzosiziwisa ubuhlungu.

30
Ungihlebele – leli igama elichaza inkulumo yabantu ababili ekungamele izwiwe
omunye umuntu. Imbongi incenga ukufa ukuthi ake kuyichazele bebobabili ukuthi
ngabe ubani okuthumayo kungekho muntu ozozwa.
Uzosibangel’usizi – igama elikhethekile lichaza ukukwenza into ebuhlungu
komunye umuntu engeke imphathe kahle. Imbongi igqamisa ukuthi ukufa kuletha
ubuhlungu kulabo abasuke kubehlele.

Amandlakazi – igama elikhethekile. Imbongi ichaza ukuthi ukufa kunamandla


amakhulu okubulala yingakho idideka ukuthi kungabe kuthunywa ngubani.
Owephula, uphoqoze – isenzasamuntu/ umfanekiso wokuthintekayo. Imbongi
inikeza ukufa izimpawu zomuntu kungathi kunezandla. Imbongi igqamisa amandla
ukufa okunawo okukhipha imiphefumulo yabantu.
Izithomb’ezingamaklume – ulimi olunothile oluchaza ummbila osemncane
ongakalungeli ukudliwa. Imbongi igqamisa ukuthi ukufa akukhethi kuthatha ngisho
izingane ezisencane.

Omthathe, omthombothi, omsimbithi – isingathekiso. Izinhlobo zezihlahla


ezahlukene. Imbongi lapha igqamisa ukuthi ukufa akukhethi kuthatha noma ubani
omdala, omncane, osezikhunleni nongenalutho.

Abakwamsimbithi nabakwaMthathe bangavuma. Isenzasamuntu. Imbongi ithi


bonke abantu ngokwamazinga bangakuqinisekisa ukuthi ukufa sekuke kwafika
kubona.

Usuke wabenzakalisa – igama elinembayo elichaza ukuthi ukwehlelwa into


ebuhlungu. Imbongi iveza ukuthi wonke umuntu angavuma ukuthi sewake
wahlangabezana nesimo sokushonelwa.

Kungabe uyisithunywa sikaSathane noma oMkhulukhulu? – umbuzombumbulu.


Imbongi igqamisa ukudideka kwayo ukuthi ngempela ukufa kuthunywa ngubani.

AMASU ANHLOBONHLOBO OKUHLUZA

31
Indkimba
Indikimba ungumongo wenkondlo, iphendula umbuzo othi inkondlo ikhuluma ngani.
Indikimba yale nkondlo ukufa. Imbongi ithi ukufa akukhethi kubulala omncane,
omdala, osesikhundleni nongenasikhundla. Imbongi iyakubuza ukufa ukuthi
kuthunywa ngubani, ubani lo okunikeza amandla amakhulu kangaka.

Umqondo wenkondlo
Umqondo wenkondlo unaba ngendimba yenkondlo. Inkondlo ingaba nomqondo
osobala nocashile. Umqondo wale nkondlo usobala. Imbongi ikhuluma nokufa
ukuba ake kuyihlebele imbongi ukuthi ngempela kuthunywa ngubani.
Imbongi ithi ukufa kuletha usizi ebantwini ngoba akukhethi muntu noma ngabe
ungakanani noma ngabe umkhulu noma umncane kodwa kuyafika. Imbongi ididwa
ukuthi ngabe ubani othuma ukufa phakathi kommdali nosathane.

Umoya
Umoya isimo imbongi esuke ikuso ngenkathi ibhala inkondlo. Umoya wale nkondlo
owokukhathazeka. Imbongi ikhathazwa yizinto ezenziwa ukufa njengoba
kungakhethi muntu kuthatha ngisho izingane ezincane kanye nabantu abadala
ngokwamazinga abo. Imbongi kuyayikhathza ukuthi ayazi ukuthi ngempela ukufa
kuthunywa ubani.

Isigqi
Isigqi umgqumo wenkondlo. Isigqgi sale nkondlo siyanensa ngenxa yomoya
wokukhathazeka. Imbongi ikhathazwa ukufa okunamandla amakhulu njengoba
kungakhethi kuthatha wonke umuntu. Imigqa eminingi yale nkondlo ivalekile nakuba
kunokweqiwa konkamisa kweminye imigqa kodwa lokho akusenzi isigqi sisheshe.

Ithoni
Ithoni yale nkondlo eyokudideka. Imbongi ididwa ukuthi ngabe ukufa kuthunywa
ngubani phakathi kukaNkulunkulu noSathane.

Umyalezo
Kumele sihlale silindile ngaso sonke isikhathi ngoba asazi ukuthi ukufa kuyofika nini
kubani ngoba akekho ongeke adlule emhlabeni.
32
Imvumelwano
Kuba ilunga elifanayo noma onkamisaabafanayo ekuqaleni kwegama. Kuba khona
imvumelwano esekuqaleni, ephakathi kanye nasekugcineni.
Imvumelwano esekuqaleni
Uthunywa ngubani wena?
Ukub’uzosibangela usizi?
Imbongi isebenzise imvumelwano siqalo u ‘u’’ ukuletha umgqumo osamculo
enkondlweni kanye nokugcizelela ukudideka kwayo njengoba ibuza ukufa ukuthi
kuthunywa ngubani.
Imvumelwano ekusigcineni
Ukub’uzosibangel’usizi?
Nguban’okuph’amandlakazi?
Imbongi isebenzise imvumelwano sigcino u ‘zi’ ukuletha umgqumo osamculo
enkondlweni kanye nokugcizelela ukuthi ukufa Kuletha ubuhlungu futhi kunmandla
amakhulu.

Imvumelwano emaphakathi
Ukuthi usuke wanbenzakalisa,
Kungabe uyisithunywa sikaSathane
Noma uthunywe ngoMkhulukhulu?
Imbongi isebenzise imvumelwano maphakathi u 'u’ ukuletha umgqumo osamculo
ngenhloso yokugcizelela ukuthi ibuza ukufa ukuthi kuthunywa ngubani phakathi
kukaSathane noNkulunkulu.

Ukuxhumana
Ukuxhumana okusekugcineni

Ngubani okuph’amandlakazi?
Angangawamabuth’akwaMandlakazi?
Imbongi isebenzise ukuxhumana okusekugcineni “amandlakazi” ukugqamisa
Amandla amakhulu ukufa okunawo.

33
AbakwaMsimbithi bangavuma
NabakwaMthathe bavume
Ukuxhumana okusekugcinenei kugqamisa ukuthi laba bantu bangafakaza ukuthi
sebeke bakwelamela ukufa.

Ukuxhumana maphakathi
Kungabe uyisithunywa sikaSathane
Noma uthunywe ngoMkhulukhulu
Imbongi isebenzise ukuxhumana maphakathi ukugqamisa ukudideka kwayo ukuthi
ngabe ukufa kuthunywa ngubani phakathi kukaSathane noNkulunkulu.
Ifanamsindo
Ifanankamisa
Omthathe, omsimbithi nomthombothi
Ifanangwaqa
Omthathe, omsimbithi nomthombothi

Enjambamenti
Owephul’uphoqoze ngawo
Izithomb’ezingamaklume
Omthathe, omsimbithi nomthombothi?

Imifanekiso
We kufa, ak’ungihlebele, - umfanekiso wokuzwakalayo
Ukub’uzosibangel’usizi – umfanekiso wokubonakalayo
Owephul’uphoqoze – umfanekiso wokuthintekayo

Imifanekisomqondo
Izifengqo

Umbizi – we kufa
Imbongi ikhuluma nakho ngqo ukufa ukuba akumtshele ukuthi kuthunywa ngubani.

Isenzasamuntu – owephul’uphoqoze ngawo

34
Imbongi inikeza ukufa izimpawu zomuntu ophilayo njengoba kuyikona ukufa
okuhlukanisa umzimba nomphefumulo kumuntu.
AbakwaMsimbithi bangavuma – isenzasamuntu
Imbongi inika ukufa izimpawu zomuntu njengoba ithi izihlahla zingafakaza ukuthi
akekho umuntu ongakaze ashonelwe.

Isifaniso – angangawamabutho akwaMandlakazi


Imbongi ifanasa amandla okufa okunawo njengawamabutho.
Isingathekiso – omthathe, omsimbithi nomthombothi
Imbongi ingathekisa abantu abasemazingeni ahlukene nezihhlahla ezahlukene.

Umbuzombumbulu – uthunywa ngubani?


Imbongi ibuza umbuzo ongeke uphendulwe muntu ngoba ukufa akukhulumi.

UMBUZO OMUDE
UTHUNYWE NGUBANI? [10]

Uma kukhona oshonile abantu baye babe nokudideka bazibuze imibuzo eminingi.
Fakazela lesi sitatimende ubheke imifanekisomqondo, ukukhethwa kwamagama
nendikimba.
Impendulo yakho ayibe ubude obuphakathi kwamagama ayi-190 kuya kwangama-
240.

Kuyiqiniso ukuthi uma kukhona oshonile emndenini baye babe nokudideka bazibuze
imibuzo eminingi. Abanye abantu baze baqalwe ukugula okuthile ngenxa yemibuzo
abasuke benayo ngenxa yokushonelwa. Kule nkondlo imbongi ikhombisa ukudideka
ukuthi ukufa ngabe kuthunywa ngubani, lokhu kufakazelwa imifanekisomqondo
kanye namagama ewakhethile imbongi agqamisa indikimba yale nkondlo.

Imbongi isebenzise umbizi ikhuluma nokufa ithi ‘We kuf’akungihlebele’ imbongi


ikhuluma nakho ukufa ngqo ukuthi ake kuyitshele bebobali kungezwa muntu ukuthi
ngabe ngempela kuthunywa ngubani. Imbongi iphinde ithi isebenzise igama
elinembayo uma ithi – uku’uzisibangela usizi? Imbongi lapha igqamisa ukuthi ukuthi
ukufa Kuletha ukuphatheka kabi kulabo abasuke beqondene nakho.
35
Imbongi iphinde isebenzise umbuzombumbulu njengoba ithi
‘Nguban’okuph’amandlakazi? Imbongi ididekile ukuthi ukufa kuwathathaphi
Amandla amakhulu kangaka okuthatha abantu abasemazingeni ahlukene. Iphinde
isebenize isifaniso lapho ithi – Angangawamabuth’akwaMandlakazi?’ imbongi ifanisa
Amandla ukufa okunawo njengebutho lakwaMandlakazi.

Imbongi iphinde yakhetha amagama anembayo/isingathekiso athi


‘Izithomb’ezingamaklume’ iklume ummbila osemncane ongakakulungeli ukudliwa.
Imbongi lapha ingathekisa izingane ezincane ezithathwa ukufa okungakhethi muntu.

Imbongi ithi ‘omthathe, omsimbithi nomthombothi bangavuma? – isingathekiso.


Imbongi ingathekisa abantu abahlukene ngokwamazinga nezihlahla ukuthi sebeke
bashonelwa. Ukuthi usuke wabenzakalisa- igama elinembayo elichaza ukwenzeka
into ebuhlungu. Imbongi igqamisa ukuthi bonke abantu ngokwazinga ahlukene
sebeke bakwelamela ukufa.

Impela kuyiqiniso elingephikwe ukuthi abantu uma behlelwe ifu elimyama baba
nokudideka bazibuze imibuzo eminingi engenakuphendulwa muntu njengoba nakule
nkondlo imbongi ikhombisa ukudideka ize ibuza ukufa ukuthi kuthunywa ngubani.

UMSEBENZI - 13

IDWALA LIKASHAKA – J. M. SIKAKANE

1. Yidwala likaShaka
2. EliseSibubulungu,
3. Elahlul’abelungu
4. Ukuliqhephula

5. Yidwala likaShaka
6. Elengamel’ulwandle
7. Kuhle kwenkos’imele
8. Imikhosi yempi.
36
9. Yidwala likaShaka
10. Elabikezel’umlungu,
11. Nempela wathi lungu
12. Emanzin’olwandle.
13. Yidwala likaShaka
14. Elalibuk’amabutho
15. Ezam’ukuwenz’ufuthi
16. Kumadlamb’olwandle.

17. Yidwala likaShaka


18. Eligezw’amagagasi
19. Won’adl’amaqaqasi
20. Ejutshwa yiLembe.

21. Yidwala likaShaka


22. Eliseyisisekelo.
23. Liseyisizekelo
24. NgoShaka kashayeki.

UKUKHETHWA KWAMAGAMA

Ukukhethwa kwamagama kuchaza ubuhlakani bembongi ekusebenziseni


amagama athile anobuchule azogqamisa futhi alekele lokho efuna ukukuveza
ngenkondlo y a y o . Kule nkondlo imbongi ikhuluma ngedwala likaShaka ayehlala
kulo na ebheke ngalapho kuzoqhamuka khona abelungu, nangempela
baqhamukela kuyena olwandle lwaseSibubulungu (eThekwini).

Idwala - Leli gama lisho itshe elikhulu elingagudluzeki futhi elingahlukaniseki


kalula. Imbongi ithi iNkosi uShaka wayehlala kuleli tshe.
Elahlula - Leli gama lisho ukungaphumelelei ukwenza into. Imbongi ithi
abelungu bahluleka ukuligaya/ukulibulala.

37
Elengamele- Ukwengamela kusho ukubheka/ukubhekwa kwento. Imbongi ithi
ekupheleni kolwanlde kukhona leli tshe elikhulu.
Kuhle kwenkosi- isifaniso- imbongi ifanisa inkosi ibhekene nezimpi zezinye
izizwe. Imikosi- L e l i g a m a l i s h o i m i b u n g a z o e b e a khona. Imbongi
i i f a n i s a leli dwala nezimpi ezahlekene ezaziliwa uShaka.
Elabikezela- Leli gama lisho ukumemezela into ethile ezokwenzeka. Imbongi ithi
iNkosi uShaka yayimi kuleli dwala ngenkathi imemezela ukuthi abalungu
bayoqhamuka kule ndawo.
Lungu –isenzukuthi. Leli gama lisho ukuvele kuvele into esikhaleni ingalindelwe
muntu. Imbongi ithi okwakumenyezelwe yinkosi uShaka kwafezeka ngokuthi
baqhamuke abelungu baengalindelwe.
Elalibuka- Leli gama lisho ukubakhona abantu uma benza into ethile. Imbongi
ithi iNkosi uShaka wayema kulo leli dwala abheke amabutho akhe elungiselela/
eziqeqeshela impi engaqhamuka.
Ukwenza ifutho- Leli gama ifutho lisho ukuba nomdlandla wokwenza okuthile.
Imbongi ithi iNkosi uShaka wayebuka umdlandla owawukhonjiswa amabautho
khona olwandle.
Eligezw’amagagasi- la magama asho ukuthi amanzi olwandle ayebuye
alimboze leli dwala uma eza ngamandla emaningi. Imbongi ithi kwakwenzeka
amanzi eze ngamandla afike ale mboze leli tshe.

…adl’ aMaqaqasi- Amaqaqasi kwakungelinye lamabutho eNkosi uShaka.


Lapha imbongi ithi amagagasi afika athatha amukisa amabutho ayeseduze
naleli dwala.
Ejutshwe- Leli gama lisho ukuthunywa ukwenza into ethile. Imbongi ithi kukhona
amabutho ayelapha osebeni lolwandle ayekade ethunywe iNkosi uShaka
ashona.
Eliseyisisekelo- Leli gama lisho ukuqala kwezinto. Imbongi ithi abelungu bafika
kuleli zwe ngokuqhamuka emanzini/olwandle.
Liseyisisekelo- Leli gama lisho into okusaxoxwa ngayo. Imbongi ithi iNkosi
uShaka usahlonishwa ngoba kusaxoxwa ngayo nokubusa kwayo okwahlula
abelungu bezama ukuqeda umbuzo wakhe.

UKUKHETHWA KWAMAGAMA
38
AMASU OKUHLUZWA KWEZINKONDLO

Umqondo wenkondlo
Umqondo yilokho inkondlo ekushoyo noma okushiwo imbongi enkondlweni. Kule
nkondlo imbongi ithi iNkosi uShaka wayehlala kule ndawo y a s e S i b u b u l u n g u
osebenzi lolwandle alinde ukubhekana nokufika kwabelungu namabutho
akhe okwakungaMaqaqasi.

Umoya

Umoya wenkondlo umuzwa noma isimo imbongi esuke ikuso uma iqamba/
ihaya inkondlo. Le nkondlo inomoya wokuncoma nowokukhathazeka. Imbongi
incoma ubuhlakani beNkosi uShaka ngokungabayekeli abelungu ukuthi bavele
bazifikile ezweni ngaphandle kokudlula kuyena. Iphinde ibe nnomoya wokubalisa
njengoba imbongi ithi nakuba kwakuhle ukulinda olwandle kepha kunamabutho
emuka ethathwa ngamagagasi olwandle. Ekugcineni inkondlo iphinde inomoya
wokutusa ubuqhawe beNkosi uShaka okusakhulunywa ngakho.

Indikimba

Indikimba ummongo/ ingikithi yenkondlo. Yilokho inkondlo emayelana nakho


ngegama elilodwa noma ibinzana lamagama. Indikimba yale nkondlo
ubuqhawe/umlando/ukudabuka kwezinto njengoba iNkosi uShaka wakwazi
ukuvikela isizwe sayo ihlale ilindele phakathi nolwandle ukufika kwabelungu.

Umyalezo

Umyalezo yilokho imbongi efisa ukukudlulisa ngokuhaya/ngokubhala inkondlo.


Kubalulekile ukuzinikela uma wenza into njengoba iNkosi uShaka yazinikela, yaba
yiNkosi ekwaziyo ukubhekana nabelungu ukuze bangazenzile endaweni yayo

Isigqi

Isigqi siyashesha ngenxa yomoya wokuncoma nakuba kukhonyana nowokubalisa.


Imigqa mifishane inamagma amabili, namabinza ayalingana eminingi
inezimpawu zokuloba kodwa lokho akusenzi isigqi sinense ngenxa yomoya
wokuncoma.

39
Ithoni

Ithoni iveza ukujabula indlela iNkosi uShaka azinikela ngayo namabutho egade
ukufika kwabelungu okusaxoxwa ngakho nanamuhla.

Imifanekiso mqondo.

Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha imifanekiso


emqondweni walowo ofunda inkondlo. Kungashiwo futhi ukuthi i z i t h o m b e
magama. Sikhuluma ngemifanekiso (umfanekiso w okubonakalayo,
u m f a n e k i s o w okuzwakalayo/ wokulalelekayo, inzwa yokuhogelekayo, inzwa
yokunambithekayo nenzwa yokuthintekayo), izimo zokukhuluma (izifengqo, izaga
nezisho) namagama acebile.

Izibonelo

Ukuliqhephula – u m f a n e k i s o yokuthintekayo.

Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi akekho owakwazi ukuhlukanisa itshe


/umbuso elalihlala iNkosi uShaka.

Elengamele - Inzwa yokubonakalayo

Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi kukuleli dwala lapho amabutho ayehlala


eduze kwalo azungeze/agade iNkosi uShaka.

Elebikezela - Inzwa yokuzwakalayo

Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi iNkosi uShaka yayikule ndawo


ngenkathi itshela abantu bayo ukuthi kuzofika abelungu beqhamuka khona lapha
olwandle.

Elalibuka - Inzwa yokubonakalayo

Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi iNkosi uShaka wayehlala kulo abuke


amabutho akhe uma ezilungiselela ngokuhlabelela ukubhekana nempi.

40
Elaligezwa - Inzwa yokubonakalayo/yokuthintekayo

Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi leli dwala laliphakathi


nolwandlwe, amagagasi aphakama athatha ibutho leNkosi uShaka.iNkosi
uShaka.

Izifenqo

Umugqa wesi -7, isifaniso ‘Kuhle kwenkos’ imele…’

Imbongi ifanisa leli tshe nokuma kweNkosi uma ime phambi kwamabutho eya
empini.
Umugqa w a m a -23…...isingathekiso

‘Liseyisizekelo’- Ingathekisa idwala nendaba exoxwayo ingapheli.


…lungu…isenzukuthi

Enjambamenti

Umugqa woku-1 kuya kowesi-2.


Umqondo uqala emgqeni woku-1 uphelela emgqeni wesi-2
Imbongi isebenzise le enjambamenti ukuveza ukuthi leli tshe likuyiphi indawo
nolwandle.

Impindwa

Idwala likaShaka

Le mpindwa iqukethe umqondo wokugcizelela umlando


o m k h u l u w o k u f i k a k w a b e l u n g u befikela eNkosini uShaka owayevikela
isizwe samaZulu.

Imvmelwano

Umugqa wesi-2 kuya kowesi-3

EliseSibubulungu,
Elahlul’ abelungu

41
Imbongi isebenzise imvumelwano-siqalo ukuletha umgqumo osamculo
ukugcizelela ukuthi leli tshe likuyiphi indawo nokuthi abaphumelelanga
abelungu ukulihlukanisa/ ukuliphihliza

Umugqa wesi-2 kuya kowesi-3

EliseSibubulungu,
Elahlul’ abelungu
Imbongi isebenzise imvumelwano-sigcino ukuletha umgqumo osamculo
ukugcizelela ukuthi leli tshe likuyiphi indawo nokuthi abaphumelelanga abelungu
ukuliphihliza/ukulihlukanisa
Umugqa we-10 kuya kowe-11
Elabikezel’ umLungu,

Nempela wathi lungu

Imbongi isebenzise imvumelwano-sigcino ukuletha umgqumo osamculo


ukugcizelela ukuthi lokwakumenyezelwe yiNkosi uShaka ngokufika kwabelungu
kwenzeka ngoba bavele baqhamuka njengoba base belindiwe.

Umugqa we-14 kuya kowe-15

Elalibuk’ amabutho
Ezam’ ukwenz’ ufutho
Imbongi isebenzise imvumelwano-sigcino ukuletha u m g q u m o o s a m c u l o
ukugcizelela nokuthi iiNkosi uShaka wayehlala a b u k e l e a m a b u t h o
e z i l u n g i s e l e l a u k u l w a /ukuvikela umbuso wakhe.

Umugqa we-14 kuya kowe-15

Elalibuk’ amabutho
Ezam’ ukwenz’ ufutho
Imbongi isebenzise imvumelwano-siqalo ukuletha umgqumo osamculo
ukugcizelela nokuthi iNkosi uShaka wayehlala abukele amabutho ezilolonga.

42
Umugqa we-18 kuya kowe-19

Eligezw’ amagagasi, Won’ adl’


aMaqaqasi
Imbongi isebenzise imvumelwano-sigcino ukuletha umgqumo
osamculo ukugcizelela nokuthi ukuzilungiselela kwamabutho
phakathi nolwandlwe kwaba nobungozi bokuthi amanye agwinye yilo
ulwandle ngenza yokuthathwa ngamagagasi.

Umugqa wama-22 kuya kowama-23

Eliseyisisekelo. Liseyisizekelo
Imbongi isebenzise imvumelwano-sigcino ukuletha umgqumo osamculo
n o k u g c i z e l e l a umlando wokufika kwabelungu nobuqhawe obakhonnjiswa
yiNkosi uShaka ezinikele ngokuvikela umbuso wayo kubelungu.

Ukukhethwa kwamagama kuchaza ubuhlakani bembongi ekusebenziseni


amagama athile anobuchule azogqamisa futhi alekele lokho efuna ukukuveza
ngenkondlo y a y o . Kule nkondlo imbongi ikhuluma ngedwala likaShaka ayehlala
kulo na ebheke ngalapho kuzoqhamuka khona abelungu, nangempela
baqhamukela kuyena olwandle lwaseSibubulungu (eThekwini).

Idwala - Leli gama lisho itshe elikhulu elingagudluzeki futhi elingahlukaniseki


kalula. Imbongi ithi iNkosi uShaka wayehlala kuleli tshe.
Elahlula - Leli gama lisho ukungaphumelelei ukwenza into. Imbongi ithi
abelungu bahluleka ukuligaya/ukulibulala.
Elengamele- Ukwengamela kusho ukubheka/ukubhekwa kwento. Imbongi ithi
ekupheleni kolwanlde kukhona leli tshe elikhulu.
Kuhle kwenkosi- isifaniso- imbongi ifanisa inkosi ibhekene nezimpi zezinye
izizwe. Imikosi- L e l i g a m a l i s h o i m i b u n g a z o e b a k h o n a . Imbongi
i f a n i s a l e l i d w a l a n e z i m p i ezahlekene ezaziliwa uShaka.
Elabikezela- Leli gama lisho ukumemezela into ethile ezokwenzeka. Imbongi ithi
iNkosi uShaka yayimi kuleli dwala ngenkathi imemezela ukuthi abalungu
bayoqhamuka kule ndawo.

43
Lungu –isenzukuthi. Leli gama lisho ukuvele kuvele into esikhaleni ingalindelwe
muntu. Imbongi ithi okwakumenyezelwe yinkosi uShaka kwafezeka ngokuthi
baqhamuke abelungu baengalindelwe.
Elalibuka- Leli gama lisho ukubakhona abantu uma benza into ethile. Imbongi
ithi iNkosi uShaka wayema kulo leli dwala abheke amabutho akhe elungiselela/
eziqeqeshela impi engaqhamuka.
Ukwenza ifutho- Leli gama ifutho lisho ukuba nomdlandla wokwenza okuthile.
Imbongi ithi iNkosi uShaka wayebuka umdlandla owawukhonjiswa amabautho
khona olwandle.
Eligezw’amagagasi- la magama asho ukuthi amanzi olwandle ayebuye
alimboze leli dwala uma eza ngamandla emaningi. Imbongi ithi kwakwenzeka
amanzi eze ngamandla afike ale mboze leli tshe.
…adl’ aMaqaqasi- Amaqaqasi kwakungelinye lamabutho eNkosi uShaka.
Lapha imbongi ithi amagagasi afika athatha amukisa amabutho ayeseduze
naleli dwala.
Ejutshwe- Leli gama lisho ukuthunywa ukwenza into ethile. Imbongi ithi kukhona
amabutho ayelapha osebeni lolwandle ayekade ethunywe iNkosi uShaka
ashona.
Eliseyisisekelo- Leli gama lisho ukuqala kwezinto. Imbongi ithi abelungu bafika
kuleli zwe ngokuqhamuka olwandle.

AMASU OKUHLUZWA KWEZINKONDLO

Umqondo wenkondlo

Umqondo yilokho inkondlo ekushoyo noma okushiwo imbongi enkondlweni. Kule


nkondlo imbongi ithi iNkosi uShaka wayehlala kule ndawo y a s e S i b u b u l u n g u
osebenzi lolwandle alinde ukubhekana nokufika kwabelungu namabutho
akhe okwakungaMaqaqasi.

Umoya

Umoya wenkondlo umuzwa noma isimo imbongi esuke ikuso uma iqamba/
ihaya inkondlo. Le nkondlo inomoya wokuncoma nowokukhathazeka. Imbongi
incoma ubuhlakani beNkosi uShaka ngokungabayekeli abelungu ukuthi bavele

44
bazifikile ezweni ngaphandle kokudlula kuyena. Iphinde ibe nnomoya wokubalisa
njengoba imbongi ithi nakuba kwakuhle ukulinda olwandle kepha kunamabutho
emuka ethathwa ngamagagasi olwandle. Ekugcineni inkondlo iphinde inomoya
wokutusa ubuqhawe beNkosi uShaka okusakhulunywa ngakho.

Indikimba

Indikimba ummongo/ ingikithi yenkondlo. Yilokho inkondlo emayelana nakho


ngegama elilodwa noma ibinzana lamagama. Indikimba yale nkondlo
ubuqhawe/umlando/ukudabuka kwezinto njengoba iNkosi uShaka wakwazi
ukuvikela isizwe sayo ihlale ilindele phakathi nolwandle ukufika kwabelungu.

Umyalezo

Umyalezo yilokho imbongi efisa ukukudlulisa ngokuhaya/ngokubhala inkondlo.


Kubalulekile ukuzinikela uma wenza into njengoba iNkosi uShaka yazinikela, yaba
yiNkosi ekwaziyo ukubhekana nabelungu ukuze bangazenzile endaweni yayo.

Isigqi

Isigqi siyashesha ngenxa yomoya wokuncoma nakuba kukhonyana nowokubalisa.


Imigqa mifishane inamagma amabili , namabinza ayalingana eminingi
inezimpawu zokuloba kodwa lokho akusenzi isigqi sinense ngenxa yomoya
wokuncoma.

Ithoni

Ithoni iveza ukujabula indlela iNkosi uShaka azinikela ngayo namabutho egade
ukufika kwabelungu okusaxoxwa ngakho nanamuhla.

Imifanekiso mqondo.

Imifanekiso mqondo yilawo magama asetshenziswa imbongi ukwakha imifanekiso


emqondweni walowo ofunda inkondlo. Kungashiwo futhi ukuthi i z i t h o m b e
m a g a m a . Sikhuluma ngezinzwa (inzwa yokubonakalayo, inzwa yokuzwakalayo/
yokulalelekayo, inzwa yokuhogelayo, inzwa yokunambithekayo nenzwa

45
yokuthintekayo), izimo zokukhuluma (izifengqo, izaga nezisho) namagama
acebile.

Izinzwa

Ukuliqhephula - inzwa yokuthintekayo.

Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi akekho owakwazi ukuhlukanisa itshe


/umbuso elalihlala iNkosi uShaka.

Elengamele - Inzwa yokubonakalayo

Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi kukuleli dwala lapho amabutho ayehlala


eduze kwalo azungeze/agade iNkosi uShaka.

Elebikezela - Inzwa yokuzwakalayo

Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi iNkosi uShaka yayikule ndawo


ngenkathi itshela abantu bayo ukuthi kuzofika abelungu beqhamuka khona lapha
olwandle.

Elalibuka - Inzwa yokubonakalayo

Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi iNkosi uShaka wayehlala kulo abuke


amabutho akhe uma ezilungiselela ngokuhlabelela ukubhekana nempi.

Elaligezwa - Inzwa yokubonakalayo/yokuthintekayo

Imbongi iyisebenzisele ukugqamisa ukuthi leli dwala laliphakathi


nolwandlwe, amagagasi aphakama athatha ibutho leNkosi uShaka.iNkosi
uShaka.

Izifenqo

Umugqa wesi -7, isifaniso ‘Kuhle kwenkos’ imele…’

Imbongi ifanisa leli tshe nokuma kweNkosi uma ime phambi kwamabutho eya
empini.

Umugqa w a m a -23…..isingathekiso

‘Liseyisizekelo’- Ingathekisa idwala nendaba exoxwayo ingapheli


46
.…lungu…isenzukuthi

Enjambamenti

Umugqa woku-1 kuya kowesi-2.


Umqondo uqala emgqeni woku-1 uphelela emgqeni wesi-2
Imbongi isebenzise le enjambamenti ukuveza ukuthi leli tshe likuyiphi indawo
nolwandle.

Impindwa

Yidwala likaShaka

Le m p i n d w a i q u k e t h e u m q o n d o w o k u g c i z e l e l a umlando omkhulu
wokufika kwabelungu befikela eNkosini uShaka owayevikela isizwe samaZulu.

Imvumelwano

Umugqa wesi-2 kuya kowesi-3

EliseSibubulungu,
Elahlul’ abelungu
Imbongi isebenzise imvumelwano-siqalo ukuletha umgqumo osamculo
ukugcizelela ukuthi leli tshe likuyiphi indawo nokuthi abaphumelelanga abelungu
ukulihlukanisa/ ukuliphihliza
Umugqa we-10 kuya kowe-11 Elabikezel’
umlungu,

Nempela wathi lungu

Imbongi isebenzise imvumelwano-sigcino ukuletha umgqumo osamculo


ukugcizelela ukuthi lokwakumenyezelwe yiNkosi uShaka ngokufika kwabelungu
kwenzeka ngoba bavele baqhamuka njengoba base belindiwe.

Umugqa we-14 kuya kowe-15

Elalibuk’ amabutho
Ezam’ ukwenz’ ufutho

47
Imbongi isebenzise imvumelwano-sigcino ukuletha umgqumo osamculo
ukugcizelela nokuthi iiNkosi uShaka wayehlala abukele amabutho
ezilungiselela ukulwa/ukuvikela umbuso wakhe.

Umugqa we-14 kuya kowe-15

Elalibuk’ amabutho
Ezam’ ukwenz’ ufutho
Imbongi isebenzise imvumelwano-siqalo ukuletha umgqumo osamculo
ukugcizelela nokuthi iiNkosi uShaka wayehlala abukele amabutho ezilolonga.

Umugqa we-18 kuya kowe-19

Eligezw’ amagagasi, Won’ adl’ aMaqaqasi


Imbongi isebenzise imvumelwano-sigcino ukuletha umgqumo osamculo
u k u g c i z e l e l a nokuthi ukuzilungiselela kwamabutho phakathi nolwandlwe kwaba
nobungozi bokuthi amanye agwinye yilo ulwandle ngenza yokuthathwa
ngamagagasi.

Umugqa wama-22 kuya kowama-23

Eliseyisisekelo. Liseyisizekelo
Imbongi isebenzise imvumelwano-sigcino ukuletha umgqumo osamculo
nokugcizelela umlando wokufika kwabelungu nobuqhawe obakhonnjiswa
yiNkosi uShaka ezinikele ngokuvikela umbuso wayo kubelungu.

UMBUZO OMFISHANE
13.1 Tomula uphinde ugagule imvumelwano etholakala ebinzeni loku-1.
[2]
13.2 Chaza kafishane ngosetshenziswa kwe- enjambamenti ebinzeni lesi-
2. [2]
13.3 Kungabe yini isu lembongi lokusebenzisa ukuxhumana sigcino
emgqeni
emgqeni we- 10 kuya kowe- 11…
[2]

48
13.4 Shono imbangela yembongi yokusebenzisa impinda kule nkondlo.
[2]
13.5 Phawula ngendikimba yale nkondlo ubhekise emigqeni yama -21
kuya
kowama-24.
[2]

{10}

UMSEBENZI - 14

UCU OLUMHLOPHE – C.T. MSIMANG

1. Ucu Olumhlophe-C.T. MSIMANGO


2. Kwakhethwa uzi oluwusinga lobumhlophe;
3. Kwaqokwa ubuhlal’ obugabis’ ubumhlophe;
4. Yeka leyo minjunju yothando kutshutshwa,
5. Luny’uhlamvu lwesiqalo nolwesiphetho,
6. Lolu cu alunasiqalo nasiphetho.
7. Ngamehlwana amhlophe luthi cwayicwayi;
8. Ngamehlwana amsulwa luthi phayiphayi;
9. Lungumhlanganisi kanye nomxhumanisi,
10. Luyisibopho sezifungo isibili;
11. Luyisizinda sezinhliziy’ ezimbili.

12. Uzi oluhlanganise la maqanda wolwazisa,


13. Ungaluphatha gadalala luyagqashuka,
14. Ubuhlalu koba isanhlaka senhlakanhlaka,
15. Kochitheka uphoko lwakwamfazi

49
Umqondo wenkondlo:

Umqondo wenkondlo okungaphakathi enhlizweni yembongi. Le nkondlo ikhuluma


ngocu oluwuphawu lothando, oluyindlela intombi eveza ngayo ukwamukela uthando
lwensizwa.

Umoya:

Umoya isimo sembongi esuke ikuso lapho ibhala inkondlo. Kule nkondlo sithola
umoya oxubile okungumoya wothando othalakala emabinzeni amabili asekuqaleni
kanye nomoya wokuxwayisa otholakala ebinzeni lokugcina lapho imbongi ixwayisa
ukuthi uthando kumele luphathwe kahle ngoba uma lungaphethwe kahle luphela
kabuhlungu.

Ithoni:

Usizi nokudabuka.

UMBUZO OMUDE

Uthando lungumhlanganisi wabantu ababili kodwa usaluphatha budedengu luphela


kabuhlungu. Fakazela lesi sitatimende ubhekise impendulo yakho kumfanekiso
kanye nomfanekisomqondo. Impendulo yakho ayibe amagama ayi-190 kuya
kwangama-240.

Kuyiqiniso elingephikiswe ukuthi uthando lungumahlanganisi wabantu ababili kodwa


uma lungaphethwe kahle luphela kabuhlungu. Imbongi isebenzise imifanekiso kanye
nemifanekisomqondo ukugcizelela isitatimende.

Emgqeni woku-1 imbongi isebenzise umfanekiso wokubonakalayo “Kwakhethw’ uzi


oluwusinga lobumhlophe” ukugqamisa ubumsulwa bentombi bokungabi nacashazi.
Imbongi isebenzise umfanekiso wokuthintekayo emgqeni wesi-3 “Yeka leyo minjunju
yothando kutshutshwa” ukugqamisa umuzwa wothando itshitshi eliwuzwayo
ngesikhathi yakha lolu cu. Iphinde yasebenzisa umfanekiso wokubonakalayo
emgqeni wesi-5 “Lolu cu alunasiqalo nasiphetho” ukugqamisa ukuthi lolu cu

50
luyindilinga akekho umuntu ongakwazi ukungena phakathi kwabantu
abathandanayo.

Emgqeni wesi-8 imbongi isebenzise umfanekisomqondo oyisenzasamuntu


“Lungumahlanganisi kanye nomxhumanisi” ukugqamisa umuzwa wobuhlungu
imbongi edlula kulo ngenxa yaloluthando. Ukugqamisa ukuthi uthando
lungumanqoba ngoba lukwazi ukuhlanganisa izinhliziyo zabantu ababili. Imbongi
iphinde yasebenzisa umfanekisomqondo oyisingathekiso emgqeni wesi-9
“Luyisibopho sezifungo isibili” ukugqamisa ukuthi abantu uma besothandweni baba
nezethembiso abazithembisanayo ukwesekela uthando lwabo ukuze luqhubekele
phambili.

Imbongi iphinde yasebenzisa umfanekisomqondo oyisingathekiso emgqeni we-10


“Luyisizinda sezinhliziy’ ezimbili” ukugqamisa ukuthi uthando lwabo lusuka ekujuleni
kwezinhliziyo
Emgqeni we-11 imbongi isebenzise isingathekiso “la maqanda” ukungathekisa
uthando ngamaqanda lapho egqamisa ukubaluleka kothando ukuthi libucayi
kanganani kumele uliphathe kahle.

Emgqeni we-12 imbongi isebenzise umfanekiso wokuthintekayo “Ungalupha


gadalala luyogqashuka” ukugqamisa ukuthi uma lolu thando ungaliphethe kahle
luyophela. Emgqeni we-13 imbongi isebenzise umfanekiso wokubonakalayo
“ubuhlalu buyoba yisanhlaka senhlakanhlaka” ukugqamisa ukuphela kothando uma
lungaphathwanga kahle lungabe lusaphinde lube khona.

Ngempela kuyiqiniso ukuthi uthando lungumahlanganisi wabantu ababili nokuthi


luphela kabuhlungu uma lungaphethwe kahle. Kufakazelwa yimifanekiso
nemifanekisomqondo

UMSEBENZI - 15

IMPI – SRC SHONGWE

Umqondo wenkondlo:

51
Okusemqondweni wembongi. Le nkondlo inomqondo osobala kanye nocashile.

UMqondo osobala – owokuzimisela / wokuzinikela kwamabutho asempini.

UMqondo ocashile – Owokuzinikela / wokuzinikela kwabafundi esikhungweni


semfundo bebekezelela ukuzuza impumelelo.

Umoya wenkondlo:

Umoya isimo imbongi esuke ikuso ngenkathi ibhala inkondlo. Le nkondlo inomoya
wokukhuthaza ngoba sithola imbongi ikhuthaza abafundi ukuba babekezele
ezimweni ukuzuza impumelelo nokuthi bafunde ngokuzikhandla ngoba uma
bebangakuthandi ngeke bazuze impumelelo.

Indikimba:

Indikimba inkondlo ngegama elilodwa. Indikimba yale nkondlo umfundo.

Ithoni:

Kule nkondlo sithola ithoni yokunxusa lapho sithola imbongi inxusa abafundi ukuba
bafunde ngokuzimisela nangokubekezela ukuzuza impumelelo.

IMIBUZO:

15.1 Tomula ubuye ugagule imvumelwano etholakala ebinzeni lesi-2. (2)

15.2 Fingqa ngamaphuzu amabili umqondo otholakala ebinzeni lesi-3. (2)

15.3 Yini inhloso yembongi yokusebenzisa ukuxhumana okutholakala


ebinzeni lesine. (2)

15.4 Phawula ngokusetshenziswa kwesu lenkondlo elitholakala emgqeni


we-19.
(2)

15.5 Phawula ngokusentshenziswa kophawu oluwumbabazi olutholakala


emgqeni we-16 kanye nomugqa wama-24. (2)

[10]

52
UMSEBENZI - 16

ITHALA LOBUNZULU

Umqondo wenkondlo

Kule nkondlo imbongi ithi abantu abamnyama babecindezelwe ngokwemfundo


becindezelwe abelungu. Imbongi ithi abelungu babengafuni ukubona abantu
abamnyama beqhakaza ngokwezemfundo. Imbongi iphinde iqhubeke iveze ukuthi
isimo sesingcono abantu abamnyama sebeyafunda yona le mfundo eyafika
nabelungu. Imbongi iphinde iveze ukuthi wonke umuntu usekhululekile ukuthi enze
noma yini ngesikhali sakhe esiyimfundo. Imbongi ikhuluma nabantu abamnyama ithi
mabafunde ngokuzikhandla ngoba nemisebenzi esikhathini samanje isitholakala
kanzima.

Umoya wenkondlo

Umoya wale nkondlo uxubile, owokukhathazeka/owokubalisa nowokuncoma.


Imbongi ibalisa ngobunzima obabubhekene nabantu abamnyama ngesikhathi
becindezelwe abelungu. Ithi noma kunjalo kodwa ekugcineni umuntu omnyama
ugcine ekwazile ukuthola imfundo yingakho isijabule/incoma. Imbongi iphinde
ikhuthaze abantu abasha ukuthi basukume bayofunda ngoba sekuyiso isikhathi
esilungile

Indikimba

Indikimba yale nkondlo imfundo.

Umyalezo

Umyalezo oqukethwe yile nkondlo ukuthi abantu abamnyama basebenza kanzima


ukuzuza le mfundo ejulile esitholakala kalula manje.

Isigqi

53
Isigqi sale nkondlo sixubile sithole isigqi esinensayo (ngenxa yomoya
wokukhathazeka) imbongi ikhathazwa ubunzima obabubhekene nabantu
abamnyama ngoba kwakungelula ukuzuza imfundo/ulwazi.

Ithoni

Ithoni yokukhathazeka kanye uncoma. Imbongi ibalisa ngokuthi abantu abamnyama


babecindezelwe ngabelungu bebagodlele ulwazi okwamele beluzuze nabo. Iphinde
income ukuthi noma babecindezelwe abantu abamnyama bakwazi ukusebenza
ngokuzikhandla ukuzuza ulwazi olunzulu. Imbongi inokwethemba okuhle njalo ngoba
inethemba lokuthi uma abantu abamnyama sebefundile bayokwakha isizwe
esinomlando ongenakushabalala.

Imifanekisomqondo

 MntakaNduli emnyama- isenzasamuntu. Imbongi ibiza abantu abamnyama


ngomntakaNduli okuwutshani bokwakakha amacansi,ikhuluma ngokubukeleka
phansi kwabantu abamnyama ngenxa yokungafundi.

 Enezimpiko ingandiza- ukwenzasasilwane. Imbongi ikhuthaza abantu


abanyama ukuthi sebengaya ukuyofuna ulwazi ezikhungweni zemfundo ngoba
sesidlulile isikhathi sencindezelo.

 Umthombo -isingathekiso. Imbongi ingathekisa ukuphikelela kwabantu


abamnyama nakuba isimo sasingavumi ngenxa yencindezelo.

 Ugqinsi lwenkungu- isingathekiso. Imbongi ingathekisa ukungazi kwabantu


abaningi abaadinga ukulekelelwa ukuze babe nolwaz.

 Bhaqa izimbaqa- isngathekiso. Imbongi ikhuluma ngabantu


abafundile/izifundiswa ezikhanyisela labo abangenalo ulwazi ngokwemfundo.

Izisho

 Seligez’ incokazi- isikhathi sesivumela noma ubani ukuthi ahambe ayofunda.

 Wezonwele olude- imbongi ikhuluma ngabantu asebekhanyiselwe ngemfundo


ukuthi abathathe lokho abakutholayo okuwulwazi bakubhale phansi ukuze kube
wumlando wesizwe esingenakushabalala.

54
 Kayiphonse izikhali ephanda- abantu abayeke ukulwa bahambe
bayofunda/bayofuna ulwazi.

Imifanekiso (izinzwa)

 Emnyama -obonakalayo

 Bewugqiba- othintekayo

 Izixhokolo zamatshe-obonakalayo

 Iyophuza- onambithekayo

 Zifukula- othintekayo

 Oluxox’ imibono-ozwakalayo/olalelekayo

Amasu omsindo

Imvumelwano

Imvumelwano siqalo

Emugqeni we- 13 kuya 14

Uquqaba lwakweth’ olusagudluza

Ugqinsi lwenkung’ebuchosheni.

Imbongi isebenzise imvumelwano siqalo u- ‘U’, ukuletha umgqumo omnandi


ozwakala samculo kanye nokugcizelela. Imbongi igcizelela ukuthi laba
abanolwazi/izifundiswa ziyaqhubeka nokucobelela ngolwazi kulabo abangenalo
ulwazi.

Imvumelwano sigcino

Emugqeni we- 11 kuya 12

Izimbaq’ eziqhakaz’ ethala

Zilokhu zishabasheka zifukula

Imbongi isebenzise imvumelwano sigcino u-‘la’, ukuletha umgqumo ozwakala


samculo kanye nokugcizelela. Imbongi igcizelela izifundiswa zisebenza kanzima
ukuphakamisa labo abangenalo ulwazi olufanele.

55
Ifanamsindo

Ifanankamisa

Ifanangwaqa

Umugqa we-4

Zamatsh’ asezinkelekethen’ ezingenazala;

 Imbongi isebenzise ifanangwaqa u-“z” emgqeni wesi-4 ukuletha


umgqumo omnandi kanye nokugcizelela. Imbongi igcizelela ukuthi
abantu abamnyama babecindezelekile ngokwezemfundo
becindezelwe abelungu.

I-enjambament

 Inhloso yembongi yokusebenzisa i-enjambamenti ukuphelelisa


umqondo ewuqale emgqeni we-2 kuya kowe-3. Imbongi igcizelela
ukuthi abantu abamnyama bathola ulwazi bakhula ngokomqondo
nakuba babecindezelwe abamhlophe.
 Imbongi isebenzise i-enjambament ukuphelelisa umqondo ewuqale
emgqeni wesi-6 kuya kowe-8. Imbongi igqamisa ukuthi wonke
umuntu usekhululekile ukuzuza imfundo noma ulwazi olujulile
nakunoma isiphi isikhungo osithandayo. Imbongi iphinde iveze
ukuthi uma usulizuzile lolulwazi olujulile kuba nezinguquko ezinhle
empilweni yomuntu.
 Imbongi isebenzise i-enjambamenti ukuphelelisa umqondo ewuqale
emgqeni we-11 kuya kowe-14. Imbongi igqamisa ukuthi labo
abanolwazi /izifundiswa zilokhu ziqhubeke njalo nokucobelela
ngolwazi kulabo abangenalo.
 Imbongi isebenzise i-enjambamenti ukuphelelisa umqondo ewuqale
emgqeni wama-20 kuya kowama-21. Imbongi igcizelela ukuthi
kufanele sisebenzise lolu lwazi oluncane esinalo ekuthuthukiseni
abantu abamnyama ukuze siphumelele.

Ukuxhumana

56
Ukuxhumana okutshekile
Elanamuhla selibukwa ngobhaqa,
Izimbaq’ eziqhakaz’ ethala
Imbongi igcizelela ukuthi akuselula ukuthola umsebenzi uma
ungafundile ngakho-
kubalulekile ukuthi abantu abamnyama baye ezikhungweni zemfundo
ukuze bathole ulwazi/imfundo.

ITHALA LOBUNZULU– E.J. MHLANGA

Fundisisa le nkondlo elandelayo bese uphendula imibuzo.

1. MntakaNdul’emnyama,

2. Umthomb’odlondlobale

3. Abasezitheni bewugqiba ngezixhokolo

4. Zamatsh’asezinkelekethen’ ezingenazala;

5. Ithala seligez’ incokazi,

6. Enezimpik’ingandiza iyophuza

7. Kuleya nzulu yomthomb’ochich’uju

8. Lwenzulu yobuchopho.

9. Mntaka-Afrika kulukhun’ ezweni lakobelungu,

10. Elanamuhla selibukwa ngobhaqa,

11. Izimbaq’ eziqhazake ethala

12. Zilokhu zishabasheka zifukula

13. Uquqaba lwakweth’ olusagudluz’

14. Ugqinsi lwenkung’ ebuchosheni.

15. Inkundla ngeyakho bhaqa lwangomuso,

16. Kayiphons’ izikhal’ ephanda,

57
17. Idlondlobale ngenzulu yobuchopho,

18. Nangosib’ oluxox’ imibono,

19. Elihle kakhulu libuyiswe ngobuchopho,

20. Sicosh’ imvuthuluka sibumbe

21 Isizwe somlando wezonwele olude.

UMBUZO OMUDE

Imbongi ithi uma abantu bengazimisela kuningi abangakuzuza ngemfundo. Fakazela


lesi sitatimende ubhekise ekukhethweni kwamagama nomqondo wale nkondlo.

Impendulo yakho mayibe yi-eseyi ehleleke kahle ibe namagama ayi-190 kuya
kwangama-240.
[10]

[Ohlolwayo makakhombise ukuthi uyasiqonda isitatimende asinikeziwe ngokuhlaziya


ubhekise ekukhethweni kwamagama nomqondo kule nkondlo.]

Kuyiqiniso elingephikiswe ukuthi uma abantu bengazimisela bengazuza okuningi


ngemfundo. Imbongi ithi abantu abafunde ngoba izinto sezishintshile isikhali sempilo
imfundo.

Imbongi isebenzise amagama alandelayo ukugqamisa umqondo walenkondlo.

 “Ithala lobunzulu” Isihloko siveza ukujula kwendaba yokulwa kwabantu


abamnyama befuna imfundo.
 “MtakaNdul’ emnyama” imbongi igqamisa abantu abamnyama. Imbongi
igqamisa ukuthi abantu abamnyama babe yisizwe esidelelekile esibukelwa
phansi, senziwe umata wokunyathelwa ngabelungu ngenxa yokungafundi.
 “Ngezixhokolo” amatshe amakhulu ayiqoqo. Imbongi igqamisa ukuthi
abelungu bazamile ukucindezela abantu abamnyama bevinjelwa ukuba
bathuthuke kwezemfundo./ Imbongi incoma abantu abamnyama indlela

58
asebekhule ngayo ngokwemfundo ngenxa yokuthi babecindezelekile
babengatholi imfundo elinganayo neyezinye iznhlanga .
 “Odlondlobale” ukuthuthuka kwento. Imbongi ithi abantu abamnyama
bathola ulwazi bakhula ngokomqondo.
 “Ithala seligezi incokazi” imbongi lapha igqamisa ukuthi izinto sezishintshile
abantu abamnyama nabo sebefundile/ abasacindezelekile.
 “Enezimpiko ingandiza iyophuza” (isenza sasilwane) imbongi igqamisa
ukuthi abantu abamnyama sebekhululekile manje/ abasacindezelekile,
abayilangazelele noma abasibonayo isidingo semfundo abahambe bayofunda
ngoba izindawo sezivulelekile manje.
 “Kuleya nzulu yomthombo ochich’ uju” imbongi igqamisa ukuthi abantu
ahambe bayofunda bayofuna ulwazi ezindaweni zemfundo ezahlukahlukene
ukuze bakhulise ulwazi emiqondweni yabo.
 “Mntaka afrika kulukhuni ezweni lakobelungu” (umoya wokubalisa)
imbongi igqamisa ubunzima obukhona ezindaweni zokusebenza/ uma ufuna
umsebenzi ungafundile.
 “Elanamuhla selibukwa ngobhaqa,” imbongi igqamisa ukuthi izinto
sezishintshile manje sesizibuka ngeso lokukhaya.
 “Izimbaq’ eziqhakaze ethala .” imbongi igqamisa abafundisi ukuthi
basaqhubeka nokufundisa abalandelayo ukuze kusuke ukungazi
ebuchosheni.
 “Inkundla ngeyakho bhaqa langomuso” imbongi ikhuthaza abasebancane
ukuba bafunde baqhubekele phambili.
 “Kayiphons’ izikhali ephanda” igama ephanda - indawo ephezulu yokugaxa
izikhali endlini yesintu. Imbongi igqamisa ukuthi abantu abayeke ukulwa
basebenzise isikhali sabo esiyimfundo ukubhekana nezingqinamba zempilo.
 “Nangosib’ oluxoxa imibono” Imbongi igqamisa ukuthi uma abantu
sebefundile bayokwazi ukubhala izincwadi baxoxe ngomlando wesintu
ngokuhlukahlukana.
 “Elihle kakhulu libuyiswe ngobuchopho” imbongi ingqamisa ukuthi izwe
liyophathwa ngabantu abafundile abazolibuyisela kubantu abamnyama
ngemfundo.
 “Sicoshe imvuthuluka sibumbe” Imbongi ithi ngemfundo abayoyitholile
bayokwazi ukuxoxa ngomlando wokucindezelwa ngabelungu.
59
Impela kuyiqiniso ukuthi abantu uma bengazimisela kuningi abangakuzuza
ngemfundo. Imbongi ikwazile ukusebenzisa amagama anembayo ukugqamisa
ukubaluleka kwemfundo.

[Ohlolwayo angasebenzisa amanye amaphuzu ukusekela isitatimende]


[10]

UMSEBENZI 2

Kule nkondlo ethi ‘Ithala Lobunzulu’ imbongi igqamsa ukuthi isikhathi sengcindezelo
sesidlulile wonke umuntu usenethuba lokusukuma ayofunda ukuze ukuze abe
negalelo ekubumbeni isizwe esingeyukushabalala.

Fakazela lesi sitatimende ubhekise kumqondo kanye nomoya wale nkondlo.

Impendulo mayibe I-esyi ehleleke kahle engamagama aphakathi kwayi-190 kuya


kwangama-240. [10]

UMSEBENZI - 17

IZINGXABO ZOMNYEZANE
Indikimba
Imfundo /ulwazi

Umqondo wenkondlo

60
Umqondo osobala
Le nkondlo ikhuluma ngesihlahla somnyezane esimila emfuleni.Lesi
sihlahla sinezimpande ezijulile ngenxa yendawo esimila kuyo . sivame
ukwengama iziziba. Sinamacembe aluhlaza ubusika nehlobo ngenxa
yamanzi ahlala esichelela njalo. La macembe ayesetshenziswa kudala
ukwakha iminqwambo yamaqhawe ahlabene empini. Le minqwambo
yayiba imiklomelo iklonyeliswa wonke amaqhawe ahlabene empini.

Umqondo ocashile
Le nkondlo ikhuluma ngemfundo. Imbongi isebenzise isihlahla umnyezane
okuhambisana kakhulu nokwethweswa kweziqu kulabo abasuke
bephumelele ezifundweni zabo. Imbongi ithi kubalulekile
ukulangazelela ukuthola imfundo/ulwazi lakwaNgqondonkulu ngoba
ngalo awusophinde uhlupheke ngisho isizukulwane sakho imbala
siyozuza ngalo. Ithi lolu lwazi ukwazi ukulusebenzisa noma ynini futhi
noma yikuphi kukuhle noma kukubi empilweni.

Umoya
Umoya wale nkondlo uxubile
Imbongi igqamisa umoya wokufisa/wokulangazelela, ilangazelela
ulwazi/imfundo ejulile yakwaNgqondonkulu oluzoba yisiqalo nesisekelo
sempilo engcono impilo yayo yonke. Imbongi ibuye income uhlobo
lwemfundo ezoluthola ithi lungolwekhethelo ngoba luzoyenza
ingahlupheki noma ngabe izimo zempilo zimbi noma zinhle. Imbongi
iphinde iveze umoya wenjabulo ijatshuliswa ulwazi eluthole
kwaNgqondonkulu ngoba ngalo izobhala yakhe umphako walabo
abalandelayo ebabiza ngabazukulu. Ithi ngalolo lwazi abazukulu
bayodla kuchitheke inyongo futhi bayojabula unomphela ngoba lolu
lwazi luyobasiza ezimweni ezahlukene zempilo.

Ithoni
Lapha imbongi iveza ithoni yethemba ngoba imbongi ifisa ukuthola
ulwazi/imfundo eseqophelweni eliphezulu/yekhethelo. Ibuye iveze

61
ithoni yokuncoma incoma ulwazi/imfundo eyitholile kwaNgqondonkulu
ithi eyekhethelo ngoba luzoyenza ihlale inolwazi olungapheliyo.
Iyaqhubeka imbongi igqamise ithoni yenjabulo ijatshuliswa ukuthi le
mfundo eyitholile/ulwazi elutholile izolusebenzisa ukubhala yakhe
umphako wendlela esizukulwaneni esizayo naso ethemba ukuthi
siyoneliseka futhi sihlale sijabule impilo yaso yonke.

Isigqi
Isigqi sale nkondlo sixubile.
Isigqi siqala sinense ngenxa yemigqa eminingi evalekile enezimpawu
zokuloba ekugcineni kanye nomya wokufisa/wokulangazelela.imbongi
ilangazelela ukuthola imfundo/ulwazi lwekhethelo.
Imbongi incoma imfundo/ulwazi lwakaNgqondonkulu ithi ngalo ufunda
izinto eziningi uze uthweswe ngisho iziqu imbala eziletha ithemba
lesiqalo sempilo engcono. Iphinde izwakalise ukujabula ngoba izibona
isinolwazi olungenakuphela. Ijatshuliswa nawukuthi lolu lwazi luyenze
yakwazi ukubhala kwasizakala nesizukulwane esizayo.

Umyalezo
Kubalulekile ukuthola imfundo yekhethelo yakwaNgqondonkulu ngoba uba
nekusasa eliqhakazile ngoba ngalo uyasizakala kuze kusizakale nabanye
abantu.

Imifanekisomqondo
 Isingathekiso
 Kuyingcebo-imbongi igqamisa ukuthi uma unolwazi/imfundo usuke
ungaseyukuhlupheka impilo yakho yonke
 Kuyisiyalu somthombo-ulwazi/imfundo yakwaNgqondonkulu
iyisiqalo nesisekelo sempilo engcono engenakuphela
 Kuleyo mithombo yeziziba- imbongi ikhuluma ngezikhungo zemfundo
lapho kutholakala khona ulwazi lwekhethelo.
 Isenzasamuntu

62
 Ngizwe imvunge yemvelo ivungama-imbongi igqamisa umsindo
wenjabulo nomculo omnandi uma sekuklonyeliswa amaqhawe
ahlabene kwezemfundo nethemba elisha elilethwa yileyo mpumelelo.
 Ngivunulise ubuchopho-imbongi ikhuluma ngokuba nolwazi olunzulu
 Isifaniso
 Ayonginqwambis’ okweqhawe- imbongi ikhuluma ngempumelelo
nokwethweswa iziqu uma usuqedile ukufunda

Ulimi olunothile
 Yomhlaba nezulu-okzimoroni egqamisa ukubaluleka kwemfundo
okwenza ungaphinde uhlupheke.
 Ukudons’ amanzi ezinkalweni-ukuthekela ulwazi nasezindaweni
ezikude okuyizikhungo zemfundo.
 Kuchitheke inyongo- imbongi igqamisa inkululeko oba nayo uma
ufundile ngoba awesweli lutho.
 Bafinye ngendololwane-ukubusa uma sewuphothulile esikhungweni
semfundo ephakeme, akubusi wena wedwa kubusa ngisho abanye
imbongi ebabiza ngabazukulu.
 Ngikhephuzele uhlaza ubusika nehlobo- I-okzimroni-imbongi igqamisa
ukuthi ulwazi/imfundo iyakwelekelela ukubhekana nanoma yiziphi
izimo empilweni okungaba ezinhle noma ezimbi.

Imifanekiso (izinzwa)
Umfanekiso wokubonakalayo (inzwa yokubona)
 Kotatalambu bezingxabo (umugqa wesi-2)
 Ngigiye ngiqephuze (umugqa wama-20)
 Ngikhephuzele uhlaza (umugqa we-12)
Umfanekiso wokuthintekayo (inzwa yokuthinta)
 Ngifunde ukudons’ amanzi
 Ngiqoth’ uphoko nokhothe
Umfanekiso wokuzwakalayo (inzwa yokulalela)
 Ngizwe imvunge yemvelo ivungama ingoma

63
Impindwa
Ngilangazelel’ ukudepha kwelenjulo
Ngilubalubel’ ukugxila kwelenjulo
Ngilangazelel’ ukudeph’okujulile
Ngale mpindwa imbongi igcizelela ukulangazelela/ukufisa kwayo ukuthola
imfundo ulwazi olujulie lwekhethelo.

Imvumelwano
Imvumelwano siqalo
Umugqa wesi-8 kuya kowe-13
Ngilubalubel’ ukugxila kwelenjulo,
Ngizinz’ ekujuleni kwenkululeko yomphefumulo,
Ngizinz’ ekuthuleni ngijabul’ unomphelo,
Ngifund’ ukudons’ amanz’ ezinkalweni,
Ngikhephuzele uhlaz’ ubusika nehlobo,
Ngizw’ imvunge yemvel’ ivungama
Le mvumelwano iletha umgqumo omnandi osamculo nokugcizelela
impumelelo yayo ekuzuzeni imfundo/ulwazi lwekhethelo, ithi ngalo
inethemba lokuba nekusasa eliqhakazile.
Umugqa wama-20 nowama-21
Ngigiye ngiqephuze ngosiba lwakwaNgqondonkulu,
Ngiqothe uphoko nokhothe lwendlela,
Imbongi ngale mvumelwano iletha umgqumo omnandi osamculo kanye
nokugcizelela injabulo enayo ngokuphumelela kwayo, igcizelela ukuthi lolu
lwazi izolusebenzisa ekubhaleni ukuze ngalo kusizakale nesizukulwane
esizayo.

Imvumelwano maphakathi
Umugqa wesi-9 nowe-10
Ngizinz’ ekujuleni kwenkululeko yomphefumulo,
Ngizinz’ ekuthuleni ngijabule unomphela,
Imbongi iletha umgqumo omnandi osamculo kanye nokugcizelela injabulo
ezoba nayo uma isithole lolu lwazi elulangazelelayo.

64
Umugqa we-11 nowe-12
Ngifund’ ukudons’ amanzi ezinkalweni,
Ngikhephuzele uhlaza ubusika nehlobo,

Imvumelwano sigcino
Umugqa we-15 nowe-16
Ngilangazelel’ ukudepha okujulile,
Kulezo zimpande zemingamanzi ngigcule,
Imbongi iletha umgqumo omnandi osamculo nokugcizelela ukwaneliseka
kwayo ngolwazi/imfundo eyitholile.

I-Enjambamenti
Umugqa we-13 kuya kowe-14
Le enjambamenti ixhumanisa/iphelelisa umqondo oqale emgqeni we-13
waphelela emgqeni we-14. imbongi igqamisa umsindo nomculo omnandi
wekwethweswa kweziqu owuphawu lwethemba elisha nesiqalo sempilo
engcono.
Ifanamsindo
Ifanankamisa
Umugqa wesi-6
Kuyisiyalu somthombo ompompoza,
Leli fanankamisa liletha umgqumo omnandi osamculo kanye
nokugcizelela ukuthi ulwazi kumbe imfundo elangazelelwa yimbongi
iyisiqalo nesisekelo sempilo engcono impilo yayo yonke.

IZINGXABO ZOMNYEZANE- EJ Mhlanga

1 Ngilangazelel’ ukudepha kwelenjulo,


2 Kotatalambu bezingxabo zomnyezane,
3 Laph’ ukujula kwenjulo,
4 Kuyingcebo yomhlaba nezulu,
5 Laph’ ukuphelela konke kwempilo,
6 Kuyisiyalu somthombo ompompoza,

65
7 Ingunaphakade.

8 Ngilubalubel’ ukugxila kwelenjulo,


9 Ngizinz’ ekujuleni kwenkululeko yomphefumulo,
10 Ngizinz’ ekuthuleni ngijabul’ unomphela,
11 Ngifund’ ukudons’ amanz’ ezinkalweni,
12 Ngikhephuzel’ uhlaza ubusika nehlobo,
13 Ngizwe imvunge yemvelo ivungama
14 Ingoma kaqinadolo nethemb’ elizayo,

15 Ngilangazelel’ ukudeph’ okujulile,


16 Kulezo zimpande zemingamanzi ngigcule,
17 Ngivunulis’ ubuchopho ngohlaza.
18 Lwamaqabung’ ayonginqwambis’ okweqhawe;
19 Kuleyo mithombo yeziziba ngingaphinde ngome,
20 Ngigiye ngiqephuze ngosiba lakwaNgqondonkulu,
21 Ngiqoth’ uphoko nokhothe lwendlela,
22 Nabazukulu badle kuchitheke inyongo,
23 Bafinye ngendololwane bethabile.

UMBUZO 1
17.1 Tomula ifanamsindo elitholakala emgqeni wokuqala bese uligagula. (2)

17.2 Chaza kafushane ngokusetshenziswa komfanekiso obhalwe


ngokugqamile emggqeni wesi-6. (2)

17.3 Kungani imbongi isebenzise isifengqo esitholakala emgqeni we-12? (2)

17.4 Iyini inhloso yembongi yokusebenzisa imvumelwano emgqeni wama-20


nowama-21? (2)

17.5 Hlolisisa isigqi ebinzeni lokugcina kule nkondlo. (2)

66
(10)

UMSEBENZI - 18

Imvelo – KNN Gcumisa


1. Uma ngiphakamis’ amehlo ami
2. Kuwo womane amagumb’ omhlaba,
3. Ngizw’ amehl’ ami ehungeka,
4. Ehungwa uthando lwemvelo
5. Imvelo eyadalwa nguMdali.

6. Lapho ngiphakamisela amehlo esibhakabhakeni


7. Ngibon’ izinyoni zemvelo zijabule.
8. Lapho ngehlisel’ amehlo ami emhlabeni,
9. Ngibona imihlambi ehlane iklabile,
10. Izimila zihuba ingoma yenjabulo.
11. Ngiluzwe uthando lwemvelo lwenyuka.
12. Ngiqalaze ngibon’ ubuhlebezintaba zezwe,
13. Namanz’ apholile agelez’ emifuleni,
14. Ngiluzwe uthando lwemvelo lufukuka
15. Ngitshakadule njengenkonyan’ ibon’ unina,
16. Ngibone kuyifanele imvelo ukuba
17. Siyiphe lonke uthando njengokway’ ukusithanda.

18. Uthando lwemvelo yezwe


19. Lwenz’ umzimba wam’ uthuthumele,
20. Lapho ngibona abonakalisi bemvelo
21. Bebhubhisa ubuhle bezwe bengezwa,
22. Bengezwa kwabumnandi bokubusiseka,

67
23. Bengazi nanyaka ngokungehla
24. Uma ingabhujisw’ iqothulwe imvelo.

UMQONDO WENKONDLO
Umqondo yilokho inkondlo ekushoyo noma ilokhu okushiwo
imbongi enkondlweni.Umqondo wale nkondlo ubuhle
bemvelo.Imbongi isivezela kabanzi ngobuhle bemvelo ebubonayo
emhlabeni, ithathekile ubuhle bemvelo ebubonayo,ibala izidalwa
ezahlukene zemvelo ezitholakala emhlabeni jikelele.

INDIKIMBA YENKONDLO
Indikimba iwumongo wenkondlo yonke, kusukela ekuqaleni
kwenkondlo kuze kuyofika esiphethweni
sayo. Kule nkodlo indikimba yayo imvelo/uthando lwemvelo.

UMOYA WENKONDLO
Umoya wenkondlo isimo imbongi esuke ikuso ngenkathi ibhala
noma ihaya inkondlo. Umoya wale nkondlo uxubile. Ekuqaleni
kwale nkondlo kunomoya wokuncoma ubuhle bemvelo
obutholakala emhlabeni jikelele. Imbongi incoma ubuhle
obusemhlabeni kanjalo nobusesibhakabhakeni. Ebinzeni lokugcina
sithola imbongi igxeka indlela abantu bayicekela phansi ngayo
imvelo, bengayinakekeli.

ITHONI YENKONDLO
Imbongi ijabule futhi iyancoma. Isebenzise ithoni yokukhathazeka
nokugxeka indlela abantu bengayinakekeli ngayo imvelo.

UMBUZO OMUDE

Imvelo ibonakala ibalulekile ezimpilweni zabantu. Hlaziya lesi sitatimende


ubhekise kwithoni kule nkondlo.

68
Impendulo yakho ayibe amagama ayi-190 kuya kwangama-240.

69
UMQONDO WENKONDLO
Umqondo wenkondlo yilokho inkondlo ekhuluma ngakho. Umqondo
wale nkondlo ukufunda okufiswa imbongi ukuba ingayeki ize igogode
ilokhu ifundile. Imbongi isivezela ukulangazelela enakho ngokuqhubeka
ISIZIBA nokufunda.
SENHLAKANIPHO – E. J. MHLANGA
Imbongi ikhuluma ngezifiso enazo zokuphuza emthonjeni oyimfundo.
1. Sizib’esijulile
Ifisa ukufundaNjulase,
ize igogode. Imbongi iveza ukuthi ulwazi lwemfundo
2. Ngiphum’emzini
ezoluthola alusoze
kababa,
lwaqhathaniswa nalutho. Ulwazi lwemfundo luhlala
3. Kusempondozankomo
luqhakazile ubusika nehlobo
ngovivi lokusa,
okuyizikhathi zonke.
4. Ngithwel’izihlabath’ ekhanda,
5. Kwathiw’angonyus’amaqele,
INDIKIMBA
6. Ngiyoncel’amanzi
Indikimba ingumongo
ngobhaqa;
noma ingqikithi yenkondlo. Indikimba iphendula
7. Ngisuthisa
umbuzo wokuthi
wena Nzibase.
inkondlo ikhuluma ngani. Yini le ethinte imbongi yafisa
8. Kunamuhla
ukubhala lokhu
ngayo?
ngisahamba,
Indikimba ingaba igama elilodwa noma ibinzana
9. Ngisathulula
lamagama. lesi
Indikimba
sihlabathi,
yale nkondlo imayelana nemfundo.
10. Engisigeza ngamanz’omfula,
11. Olokhu
UMOYA kwasa
WENKONDLO
ugobhoza.
Umoya wenkondlo isimo imbongi esuke ikuso ngesikhathi ibhala
12. Uyimpambankwici
inkondlo. UmoyaweNjulase,
wale nkondlo uxubile. Le nkondlo inomoya
13. Ngokuhlomel’ekudepheni.
wokulangazelela kanye nokukhathazeka Ngasekuqaleni kwale nkondlo
14. Buph’ubunzulu
imbongi ilangazelela
bakho ukuthola ulwazi lwemfundo oluzoyisiza ukuba ibe
15. Lapho
nekusasa
ngohlala
eliqhakazile.
ngiphumule, Imbongi iveza ukukhathazeka ngokuthi
16. Nginethezeke
ayikutholi ukweneliseka
ngobuqhawe;nokujula kwalemfundo ifisa ukulokhu ifundile.
17. Lokh’ungafun’ukujula
18. Oseku
ITHONI
ngixabanise
YENKONDLOnowethu,
19. Engabashiy’osebeni,
Ithoni yale nkondlo ukulangazelela kwembongi ukuqhubeka nokufunda
20. Bezidobel’inhlanzi
ngenhloso yokuthola
ngodobo.
ukweneliseka nokuthola ukujula kwemfundo. .
21. Ngiyokuthola
“Ngithungathana
nin’ukuphumula,
nenjabulo yokudepha”
22. Komzimb’osufohlok’umhlandla,
23. Ngithungathan nenjulo yokudepha
24. Kwakho
UMBUZONzulase?
OMFUSHANE
25. Sizinda sami ngiyophephelaphi,
26. Uma
Gagula
ngingaphepheli
umfanekiso kuwena?
otholakala emgqeni wesi-6 kule nkondlo. (1)
27. Hleze ngiyothi sengiyithongo,
28. Basale
Chazabedalul’imfumbe
kafushane ngomqondo oqukethwe
70 umugqa wesi-8 kuya kowe-11
29. Yobunzulu bakho siziba,
30. Ngoba namuhl’uyimpicabadala.
Isiziba Senhlakanipho – E. J. Mhlanga
1. Ngilangazel’ ukudepha kwelenjulo
2. Kotatalambu bezingxabo zomnyezane,
3. Laph’ ukujula kwenjulo,
4. Kuyingcebo yomhlaba nezulu,
5. Laph’ ukuphumelela konke kwempilo,
6. Kuyisiyalu somthombo ompompoza,
7. Ingunaphakade.

8. Ngilubalubel’ ukugxila kwenjulo,


9. Ngizinz’ ekujuleni kwenkululeko yomphefumulo,
10. Ngizinz’ ekuthuleni ngijabul’ unomphela,
11. Ngifund’ ukudons’ amanz’ ezinkalweni,
12. Ngikhephuzel’ uhlaza ubusika nehlobo,
13. Ngizwe imvunge yemvelo ivungama
14. Ingoma kaqinadolo nethemb’ elizayo.

15. Ngilangazel’ ukudeph’ okujulile,


16. Kulezo zimpande zemingamanzi ngigcule,
17. Ngivunulis’ ubuchopho ngohlaza.
18. Lwamaqabung’ ayonginqwambis’okweqhawe;
19. Kuleyo mithombo yeziziba ngingaphinde ngome,
20. Ngigiye ngiqephuze ngosiba lwakwaNgqondonkulu,
21. Ngiqoth’ uphoko nokhothe lwendlela,
22. Nabazukulu badle kuchitheke inyongo,
23. Bafinye ngendololwane bethabile.

UMQONDO WENKONDLO

Imbongi ikhuluma ngezifiso enazo zokuphuza emthonjeni oyimfundo. Ifisa ukufunda


ize igogode. Imbongi iveza ukuthi ulwazi lwemfundo ezoluthola alusoze
lwaqhathaniswa nalutho. Ulwazi lwemfundo luhlala luqhakazile ubusika nehlobo
okuyizikhathi zonke.

INDIKIMBA

71
Indikimba iphendula umbuzo wokuthi inkondlo ikhuluma ngani. Yini le ethinte
imbongi yafisa ukubhala ngayo? Indikimba ingumongo wenkondlo yonke kusuka
ebinzeni lokuqala kuze kufike ebinzeni lokugcina.

Indikimba ingaba igama elilodwa noma ibinzana lamagama. Indikimba yale nkondlo
imayelana nemfundo.

UMOYA WENKONDLO

Umoya wale nkondlo uxubile. Ngasekuqaleni kwale nkondlo kukhona umoya


wokulangazelela. Imbongi iveza ukulangazelela ukuthi imfundo ijule ibe nolwazi
olujulile. Esigabeni sokugcina imbongi iveza umoya wenjabulo. Imbongi izibona igiya
iqephuza ngolwazi eluthole esikhungweni semfundo ephezulu. Imbongi iveza ubuhle
obungaba khona uma isizuze imfundo lapho isiqeda indlala kubuswe.

ITHONI YENKONDLO
Iveza ukufisa nokulangazelela ukuthola ulwazi oludephile lwemfundo.
“Ngithungathana nenjabulo yokudepha”

UMSEBENZI - 20

MUSANI - KNN GCUMISA 01


Umbuzo Omude (10)

Le nkondlo ithi ukukhala kwabantu njengabangenalo ithemba uma kudlule


othandiweyo wabo akwamukelekile. Uyavumelana yini nalesi sitatimende
esingenhla. Fakazela impendulo yakho ubhekise kwindikimba kanye nethoni.

Kuyiqiniso elingiphiswe ukuthi ngokwembongi uma kudlule isihlobo noma


othandiweyo, abantu bakhala bazigingqe njengabantu abangenalo ithemba. Bakhala
sengathi umuntu usefe ukufa kwaphakade noma sengathi umuntu uye endaweni
ebuhlungu. Ngiyavumelana nokuthi ukukhala okomuntu ongenathemba
nongakholwa akwamukelekile. Kule nkondlo imbongi ikhuluma ngakho ukufa noma
ukudlula kothandiweyo, imbongi ikhuza abakhalayo ithi abayeke.

Imbongi emgqeni woku-1 kuya kowe-4 inokukhathazeka/nosizi icela ukuba


bangakhali. Imbongi lana ibuka indlela abakhala ngayo bengasaqedi, abanye

72
bekhala kubonakala ukuthi kudala bekhala awasaphumi namazwi, kwabanye
kugeleza izinyembezi kanjalo nabanye bakhala ngokumemeza okukhombisa khona
ukuthi akwamukelekile ukukhala njengabantu abangenalo ithemba nanjengabantu
abangakholwayo

Emgqeni wesi-5 kuya kowe-8 igqamisa ukuthi kufanele bamukele bajabule futhi
ukuthi umama uye endaweni ephephile, ngoba esabele ubizo loMdali okunguMenzi
wakhe. Abamukele ngoba ubevele engeyena owabo. Ngakho-ke kufanele
bangakhathazeki kodwa bajabule uma esephindela lapho avela khona. Lokhu
kufakazela ukuthi impela akwamukelekile ukukhala kwabantu njengabangenali
ithemba uma kudlule othandiweyo wabo.

Imbongi emgqeni we-11 kuya kowe-14 icela abakhalayo baduduzwe nabasabayo


bavume ukuthi usebiziwe bese bevula izinhliziyo zabo bazivulele intando
kaNkulunkulu. Lokhu kuyasibonisa ukuthi singakhali kube sengathi asinalo ithemba
lombuso ozayo.

UMBUZO OMFISHANE
Musani! - KNN Gcumisa
20.1 Gagula uphinde utomule imvumelwano etholakala kule nkondlo. (2)
20.2 Chaza kafushane umqondo oqukethwe umugqa woku-1 kuya kowe-3. (2)
20.3 Iyini inhloso yembongi yokusebenzisa ukuxhumana okutholakala emgqeni
wesi-9 kuya kowe-10? (2)
20.4 Ingabe isimo sokukhuluma esisemgqeni we-11 sisetshenziselweni? (2)
20.5 Ncoma impumelelo yembongi ukwethula isigqi sale nkondlo. (2)
[10]

73
UMSEBENZI - 21

WE SINXIMFI NDINI! – MSS GCUMISA


1. Qhumuk’ uhleke
2. We Sinximfi ndini!
3. Uyisigqila somona,
4. Umon’ ongumthakathi.

5. Yithi klibhi klolo


6. We Sichwensi ndini!
7. Ayisengangamlomo
8. Bakubonil’ abanamehlo.

9. Nximfa unximfile
10. We sinximfi ndini!
11. Uyozuf’ usongizandla’
12. Uyozuf’ ungahlabananga.

13. Ngifel’ umona


14. We Sifamona
15. Wen’ ophila ngokwethekela
16. Abanye bephila ngezithukuthuku.

74
17. Cekeful’ uzidelise
18. We Sicekefuli ndini!
19. Wen’ obon’ olwam’ ugongolo’
20. Ucashelw’ olwakh’ usibi.

21. Gubhela kwesakho


22. We Gubhela ndini!
23. Kuhlafun’ owakh’ umhlathi

24. Eyabany’ ingahlafuni.

25. Ngibamb’ emehlweni


26. We Qili ndini!
27. Uthi lala lulaza
28. Bayokwengul’ abakwengulayo.

29. Ngikhohlikhohlise
30. We Sikhohlisani!
31. Uthi kulele ngakunye
32. Kanti kulele ngakubili,

33. Ngiluth’ ungithonye


34. We Sithonyi ndini!
35. Abant’ abayi nganxanye
36. Bengamanz’ egobhoza.

37. Ngenzel’ ugomolophonjwana


38. We Liphixiphixi ndini!
39. Bangiwezil’ abangangifeli mona,
40. Sengize ngahlabana sengikhohliwe

75
INKONDLO NGAMAFUPHI

 INDIKIMBA
Indikimba umongo noma ingqikithi yenkondlo. Iyilokho inkondlo
ekhuluma ngakho/ emayelana nakho egameni elilodwa noma isigejana
samagama. Kule nkondlo imbongi isethulele indikimba yokugxeka
umona/ umona

 UMQONDO WENKONDLO
Umqondo yilokho inkondlo ekushoyo noma okushiwo imbongi
enkondlweni. Kule nkondlo imbongi ikhuluma ngabantu abanomona,
abafuni ukubona abanye abantu bephumelela. Bagxeka yonke into.
Imbongi ithi lolu hlobo lwabantu aluvamisile ukuphumelela ngoba
alukhuthalele ukwenza kepha luhlale lusonge izandla. Lolu hlobo
lwabantu luze lufe lungenalutho ngoba esikhundleni sokuthi lwenze
noma luzame lona lulibala ukunaka abanye abantu. Lubagxeke kepha
lona lube lungenzi lutho.

 UMOYA
Umoya umuza noma isimo imbongi esuke ikuso uma ibhala/ ihaya
inkondlo. Le nkondlo iqukethe umoya wokugxeka. Imbongi igxeka
izenzo zalaba bantu abanomona ngoba babukela phansi imisebenzi
yabanye abantu. Iyabanxusa laba bantu abangafuni ukubona abanye
bephumelela ukuba nabo abaphenduke benze okuhle bengalokhu
bebheke okubi kodwa.

 ITHONI
Ithoni isu lobunkondlo eleyemene nawo umoya. Ichazwa njengendlela
imbongi ebeka ngayo amagama uma isemzweni othize ngesikhathi
ihaya/ibhala inkondlo. Kule nkondlo imbongi isethulele Ithoni
yokudinwa/yokucasuka. Imbongi icasulwa ukubona izenzo zomuntu
onomona ovele anximfe ngaso sonke isikhathi uma ebona izinto
zihambela kahle abanye abantu.

76
 ISIGQI
Isigqi umgqumo ogagula ukunensa nokushesha kwenkondlo. Isigqi sale
nkondlo siyanensa ngenxa yomoya wokugxeka. Nakuba imigqa
imifushane futhi kunonkamisa abaningi abeqiwe kule nkondlo lokho
akusenzi isigqi senkondlo sisheshe, kodwa siyaqhubeka sinense ngenxa
yomoya wokugxeka.

Ukukhethwa kwamagama

Qhumuk ‘uhleke- imbongi isebenzise amagama ‘Qhumuk’ uhleke’ ukugqamisa


ukuthi abantu abanomona bahleka sakubhuqa uma bebona abantu abaphumelelayo.
‘Ukuqhumuka’ ukuhleka kakhulu. Imbongi ibonakala ibhuqa sakukhuthaza lo
ohlekayo ukuthi ahleke kakhulu, angazibambi.

‘We Sinximfi ndini’ - Lapha imbongi igqamisa ukuthi abantu abanomona bahlala
benganeliseki ngakho konke okwenzeka kubantu abaphumelelayo, bayakhononda
benximfe ukukhombisa ukubabukela phansi. Imbongi isebenzise isifengqo umbizi
‘we’ ukugqamisa ukuthi ikhuluma naso ngqo isinximfi/umuntu onomona. Isinximfi
umuntu ongeneliswa ohlala ekhononda ebukela abanye abantu phansi.

Uyisigqila somona- Isigqila umuntu osebenza komunye umuntu ngaphandle


kwenkokhelo. Imbongi ibona umona wenzisa abantu izinto ezingalungile kodwa
bengatholi nzuzo.

Klibhi klolo- lokhu kushiwo uma ubabaza ukhombisa ukucasuka nokubhinqa.


Imbongi igqamisa umona, bayakloloda. Imbongi iyabagxeka ukuthi bayakloloda njalo
uma bebona umuntu ophumelelayo.

Sichwensi- Isichwensi umuntu owenza izinto noma kanjani angacabangeli imizwa


yabanye abantu; isideleli noma isigcwaneki. Imbongi igqamisa ukuthi abantu
abanomona bayizichwensi abanandaba nemizwa yabanye abantu.

77
Ayisengangamlomo- Lesi isaga esisho ukukhulumela futhi. umlomo nje kuphela
ayikho indaba.Akunjengokukhuluma kwakhe.

Bakubonile abanamehlo- Lesi saga sichaza ukuthi ngoba wenza mina kanje boze
bakuthole abakwazi ukwenza njengawe. Lokhu okubi akwenze kubantu, kukhona
asebekwenzile nakuye. Sebeze bamthola naye.

Nximfa unximfile- Ukunximfa ukwenza umsindo okhombisa ukucasuka. Imbongi ithi


akenze akujwayele ukunximfa. Imbongi isawugqamisa umona kubantu uma ethi
bayanximfa uma umuntu ephumelela bekhombise ukungamjabuleli ‘Nximfa
unximfile’. Ebese esho ukuthi bangamavila benjalo nje abanalutho bona abazenzela
lona.

Uyozuf’ usongizandla- Akukho akwenzayo okumusa empumelelweni. Uyoze afe


engenzanga lutho.

Uyozuf’ ungahlabananga- Uyoze afe engaphumelelanga. Uyoze afe engenalutho,


engazuzanga lutho. Ukuhlabana isisho esichaza ukuphuma phambili noma
ukuphumelela kokuthize okwenzayo.

Sifamona - imbongi ikhethe igama ‘Sifamona ‘eligqamisa ukuthi umona abanawo


uba mkhulu kakhulu ngalabo abazisebenzelayo. Umuntu njengoba enomona uyinto
ephila ngokucela ukudla kubangani nasezihlotsheni ngoba eswele futhi uphila
ngokwethekela’

Cekeful’uzidelise- imbongi ikhethe ukusebenzisa amagama ‘Cekeful’ uzidelise’


lapha igqamisa ukuthi lo muntu onomona uthanda ukukhuluma kabi (ukuhleba)
ngabanye abantu abaphumelelayo. Yena akaziboni ukwehluleka kwakhe.

Ubon olwami ugongolo- Imbongi igqamisa lokhu ngokukhetha amagama athi


‘olwami ugogolo’ ubona ububi kwabanye yena akaziboni. Ugongolo ubhici/
ukungcola okumhloshana okutholakala emehlweni.

78
Gubhela kwesakho -Imbongi ikhethe amagama athi ‘Gubhela kwesakho’
ukugqamisa ukuthi umuntu onomona ufuna ukuthi konke kube ngokwakhe abanye
bangabi nalutho.

Liphixiphixi -Imbongi ikhethe igama ‘Liphixiphixi’ ukugqamisa ukuthi umuntu


onomona uyishaya emuva ayishaye phambili. Uze enze sengathi uyabathanda
abaphumelelayo kanti uyabakhohlisa. Uyabakhohlisa nabo baze bamethembe.

Ngibamb’ emehlweni- Usho ukuthi ngikhohlise, kulungile.


Lala lulaza - isaga esisho umuntu othanda ukwenza abanye abantu izilima
ngokuthatha izinto zabo ngoba ethi balibele.

Bayokwengul’ abakwengulayo- bayoze bamthole.


Sikhohlisani- Imbongi igqamisa ukuba namanga komuntu ohlale egxeka noma
onomona. Uthi kulele kunye- ucabanga ukuthi imbongi iyisilima. Kanti ihlakaniphile
‘kulele ngakubili’ Ngiluthe ungithonye- Imbongi igqamisa ukuthi umuntu ogxekayo
uyakwazi ukukhohlisa abantu bakholwe yilokho akushoyo.
Abant’ abayi nganxanye- lesi saga sisho ukuthi akusibo bonke abantu
abakujabulelayo akwenzayo. Kuyenzeka ukuthi umuntu abe nomona ngawe lokho
akusho kuthi bonke bazofana naye bakhona abazokujabulela ngokweqiniso.

Ugomolophonjwana- Ukugomonqa/ ukuphenduphenduka emoyeni. Imbongi


igqamisa ukuphendukelwa yilo muntu onomona.

Liphixiphixi- umuntu ongumxabanisi. Imbongi igqamisa umqondo wokuthi umuntu


onomona uphinde abe ngumxabanisi.

Bangiwezil’abangifeli mona- kukhona abagcine beyisizile imbongi yaphumelela.

UMIBUZO OMUDE

21.1

79
Imbongi ithi umona yifa leziwula.

Hlaziya ngokuhlolisisa indikimba yomona ubhekise ekukhethweni


kwamagama, umoya nethoni kule nkondlo ethi “We Sinximfi Ndini!

Impendulo yakho mayibe yi- eseyi ehleleke kahle ibe namagama ayi-190
kuya kangama -240.
(10)

UMSEBENZI - 22

UKUTHULA –W.B. VILAKAZI

1. Uma thina sobabili singahlala lapha,


2. Sicambalale osebeni lolwandle nogu
3. Ehlabathin’ elimhloph’eligcwel’ ufasimbe,
4. Lapho kugcwel’ ukuthula komhlaba nezulu
5. Yiyo le ndaw’ eyenza mina ngiqumbelane
6. Usikisiki lomphefumulo nonembeza,
7. Le ndaw’ egcwel’ inhlokomo kuyo kibuthene
8. Konk’ okuhle nokuphas’ umphefumulo wami

9. Kuyona ngizw’ amazwana abantu bekhuluma,

10. Abant abahamba ngezinyawo nangomoya

11. Abanye bantanta nangaphezu kwamanzi,

12. Bayasikhohlisa bathi bangamahlengethwa,

13. Abanye balokhu benyakazisana nemithi,

14. Banyakazisana nezindwani eziluhlaza.

80
15. Kuthi nxa siyobuza kuthiwe yiwona moya,

16. Ngiyabezwa bekhuluma, woza ungizwise.

17.Ngiyabathanda, bayangithanda, woz’ uzizwele.

Ukukhethwa kwamagama

Sicambalale – Imbongi isebenzise leli gama elisho ukulala kodwa hhayi ukulala
ubuthongo. Imbongi ikhethe leli gama ukugqamisa ukufisa kwayo ukuzolala
iziphumulele nesithandwa sayo endaweni enokuthula ewulwandle.

Ugu - Leli gama lisho usebe lolwandle okuyilapho imbongi efuna ukuhlala khona
ichithe isikhathi nothandiweyo wayo.

Ufasimbe – inkungwanyana egudla usebe lolwandle nokuyilapho imbongi efisa


ukuzipholela khona.

Ngiqumbelane - Leli gama lisho ukugcwala komoya wenjabulo uma izizwa


isolwandle ngoba akekho onake omunye wonke umuntu uzenzela into ethandwa
nguye.

Usikisiki – Leli gama lisho ukulangazelela. Lapho imbongi ilangazelela ukuba


solwandle nesithandwa sayo.

Amahlengethwa - izinhlanzi ezinkulu ezilokhu zishona zivumbuka olwandle.


Ngokwembongi lezi zinhlazi izibona zenza ngengabantu ababhukudayo olwandle.

Izindwani - ukhula noma utshani obubasosebeni lolwandle. Ngaleli gama imbongi


igqamisa ukuthi abantu abagwedla izikebhe olwandle banyakazisa lobo tshani
obusosebeni lolwandle.

Umqondo wenkondlo

Uma sikhuluma ngomqondo wenkondlo yilokho okushiwo yimbongi ngokusebenzisa


amagama ewakhethile ukugqamisa umqondo. Umqondo wale nkondlo ngamafuphi
imbongi izizwa inothando lwendawo ewulwandle. Ngaleyo ndlela iyafisa sengathi
ingaya olwandle nothandiweyo wayo ngoba le ndawo inokuthula. Imbongi iveza

81
ukuthi olwandle akekho onake omunye, abantu bazenzela izinto zabo
ezahlukahlukene ngokukhululeka. Igcizelela kakhulu ukuthi zonke izinto ezenzeka
olwandle iyazithanda futhi ziyayijabulisa.

Indikimba

Indikimba umongo wenkondlo noma yilokhu okususa phansi imbongi efuna ukubhala
ngakho. Indikimba yale nkondlo imvelo ngoba ikhuluma ngothando lwemvelo
okuwulwandle.

Umoya wenkondlo

Umoya isimo imbongi esuke ikuso uma ibhala inkondlo. Nomoya wenkondlo
ugqanyiswa amagama imbongi esuke iwakhethile. Umoya wale nkondlo
owokuncoma ubuhle bezinto ezenzeka olwandle. Omunye umoya otholakala kule
nkondlo owokulangazelela ngoba imbongi ilangazelela ukuzihlalela nesithandwa
sayo olwandle.

Ithoni

Ithoni etholakala kule nkondlo eyokujabula lapho imbongi ijabulela ukuba sendaweni
ewulwandle enokuthula

IMIBUZO EMIFISHANE

22.1 Tomula isifengqo esitholakala ebinzeni lokuqala, bese usho uhlobo


lwaso. (2)
222.2 Fingqa ngamaphuzu AMABILI umqondo oqukethwe umugqa wesi-7
kuya kowesi-8. (2)
222.3 Yini inhloso yembongi yokusebenzisa imvumelwano siqalo emgqeni
we-16 kuya kowe-17. (2)
222.4 Chaza ngokusetshenziswa kwe- enjambamenti etholakala emgqeni (2)
wesi-4 kuya kowesi-5 ebinzeni lokuqala.
22.5 Phawula ngesigqi esitholakala kule nkondlo (2)
(10)

UMSEBENZI - 23

82
BENGITHI LIZOKUNA

UMBUZO OMFISHANE

Fundisisa lesi siqeshsana esingezansi bese uphendula imibuzo elandelayo.

ISIQESHANA

“Kangazani nantombi yakho mina,” ephendula ngolaka naye manje.


“Uya kuphi?’
“Ngiya kuphi?’ ehwaqa kakhulu. Nansi ingulube imnonela bo!
“Ehhe. Uya efulethini eliwinamba bani?’
‘Enamba 312,” ephendula ngokunganaki ezama ukuqhubeka nohambo lwakhe.
Wavele wajama phambi kwakhe uNdumiso wavimba indlela. Akagcinanga
ngokujama endleleni kodwa wabuye wadedela nemvula yezibhakela ezamthola
engazelele uXolani, wadiyazela.
Akakwazanga nokuvika ngoba wayephethe kabi. Kwaba sengathi kuyamjabulisa
lokhu uNdumiso, wazithela zalandelana ngamawala izibhakela.

“Uyifunani intombi yami?” esho emdikadika ngequpha. Kwawa izimpahla manje


kuXolani, iwayini laphihlizeka esandleni ngenkathi ethi uyavika, lambhunyela
umzimba wonke, nokwenza efake isikibha esimhlophe. Ne-pizza
kayizithambisanga yavele yavuleka, yathi bukululu emzimbeni ishisa injalo.

“Uyifunani intombi yami?” wayelokhu ebuzile uNdumiso eqhubeka


nokumnxanxatha ngesibhakela uXolani owayesopha manje. Wake wazama bandla
ukulwa ngenkathi sezikhululekile izandla zingasaphethe lutho. Kwasho nokho
ukuthi isiminingi iminyaka agcina ukulwa, yasina yazibethela ewuNdumiso,
yaqinisa kuleli so elase lopha.

Kwaze kwaba sengathi uyamxolela ngenkathi sekukhona abamemezayo


ngaphesheya.

“Myeke bandla, kawuboni yini ukuthi akakwazi ukulwa?” Nebala kwaba sengathi
liyamdambisa lelo ekuthukutheleni uNdumiso.

83
“Uyosindela bona laba abathi kangikuxolele,” esho emvalelisa ngodalimede
wesibhakela owamgqimuza kwaqhasha izinkanyezi uXolani, wayothi dakla
ngezinqe phansi.

“Ngelinye ilanga ngiyovele ngikuhlabe ngenhlamvu,” esho eshingila emshiya


kanjalo uXolani efinya igazi elase liza ngamawala. Wazama ukuvuka, wadiyazela,
wazama futhi, kwazameka, watabuzela ezama ukuqhubeka nokuhamba.

“Ha, kanti kawudelanga, usaqhubeka nokuya kule ntombi yami engikukhuza


kuyo?” kusho uNdumiso ebuya esefingqile, ekhomba ngomunwe.

“Bamba oze ngayo. Kengiphinde nje ngikubone lapha!” egcizelela ngokuqhulula


inhlamba.

Akadinganga kuphindelwa uXolani ngokuthi akabambe eze ngayo. Wgxawuzela


ngamawala eseqonde emotweni yakhe. Wayidumisa ngewala, yasuka kwakhala
amathaya. Nasendleleni yayilokhu igijime njalo, ewajomba ewajombile
amarobhothi amanye ayengasawaboni nakahle ngenxa yeso elase livuvukale
layintaba ngomzuzwana nje. Kayisaphathwa-ke eyegazi, kwase kubomvu imoto.
Wafika kwakhe engasafisi lutho. Akabange esayipaka nemoto, akabange
esayikhiya nokuyikhiya. Empeleni wehla ingakami nakahle nje, wahlaba ngejubane
eseqonde endlini.

Wathwala izandla umkakhe.

“Yini Xolani, kwenzenjani?” ebuza ehlahle amehlo.

“Ngi…” yankwankwaza indoda. Phela endleleni akukho su ayelicabangile lamanga


ayezowaqamba kumkakhe.

“Yini kwenzenjani?” emphinqela amehlo.

“Hhayi, yindaba ende,” esho ngomunyu esula igazi ngesikipa esase simfoma mfo
ngenxa yegazi sekubonakala kancane ukuthi besinombala omhlophe.

“Hhayi kuyozwakala,” kubalisa umkakhe, eqonda e-bathroom eyobheka izinto


zokusiza umyeni wakhe owayeseyisimungulu nje elokhu ehefuzelela phezulu
engundaza ephimisa igazi elalingamnike thuba ligobhoza njengale mvula
yezibhakela ayebhaxabulwe ngazo nguNdumiso.

84
Imibuzo

23.1 Shono isizinda sendawo esitholakala ekuqaleni kwalesi siqeshana.


(2)

23.2 Yiziphi izinto ezimbili uXolani ayeziphathele uMahlengi njengoba


eseshawa nguNdumiso nje?
(2)

23.3 Chaza umoya otholakala ekuqaleni kulesi siqephu ngaphambi


kokuba uXolani abhekise amabombo ekhaya.
(2)

23.4 Chaza umsebenzi womlandi ubhekise kumlingiswa onguNdumiso


kulesi siqephu.
(2)

23.5 Fingqa ngamaphuzu amathathu imbangela yodweshu phakathi


kukaXolani noLungile ngenkathi uXolani efika ekhaya ebusuku
enyonyoba ecabanga ukuthi uLungile ulele.
(3)

23.6 Qhathanisa okufanayo phakathi kokuboshwa kukaNdumiso kanye


nokushona kwezingane zikaXolani.
(3)

23.7 Ucabanga ukuthi iyini inhloso yombhali yokusebenzisa umlingiswa


onguNhlumayo kule ndaba?
(3)

23.8 Ucabanga ukuthi wawuyoba njani umphumela empilweni kaXolani


ukube wawalalela amazwi adwetshelwe kulesi siqephu?
(3)

23.9 Uyezwelana yini nokwagcina kwenzeke kuNkululeko kule ndaba.


Sekela impendulo yakho.
(2)

85
23.10 Phawula ngesenzo sikaNontobeko sokushiya umshado,
ayothungatha uMhlengi kubo. Ukube wawunguNontobeko
wawuyokwenze njani wena ubhekene nalesi simo?
(3)

AMAMAKI ESEWONKE 25

UMSEBENZI - 24

Bengithi Lizokuna
Umbuzo Omfishane
Fundisisa lesi siqeshsana esingezansi bese uphendula imibuzo elandelayo.

ISIQESHANA
“Kangazani nantombi yakho mina,” ephendula ngolaka naye manje.
“Uya kuphi?’

86
“Ngiya kuphi?’ ehwaqa kakhulu. Nansi ingulube imnonela bo!
“Ehhe. Uya efulethini eliwinamba bani?’
‘Enamba 312,” ephendula ngokunganaki ezama ukuqhubeka nohambo lwakhe.

Wavele wajama phambi kwakhe uNdumiso wavimba indlela. Akagcinanga


ngokujama endleleni kodwa wabuye wadedela nemvula yezibhakela ezamthola
engazelele uXolani, wadiyazela. Akakwazanga nokuvika ngoba wayephethe kabi.
Kwaba sengathi kuyamjabulisa lokhu uNdumiso, wazithela zalandelana ngamawala
izibhakela.

“Uyifunani intombi yami?” esho emdikadika ngequpha. Kwawa izimpahla manje


kuXolani, iwayini laphihlizeka esandleni ngenkathi ethi uyavika, lambhunyela
umzimba wonke, nokwenza efake isikibha esimhlophe. Ne-pizza kayizithambisanga
yavele yavuleka, yathi bukululu emzimbeni ishisa injalo.

“Uyifunani intombi yami?” wayelokhu ebuzile uNdumiso eqhubeka nokumnxanxatha


ngesibhakela uXolani owayesopha manje. Wake wazama bandla ukulwa ngenkathi
sezikhululekile izandla zingasaphethe lutho. Kwasho nokho ukuthi isiminingi
iminyaka agcina ukulwa, yasina yazibethela ewuNdumiso, yaqinisa kuleli so elase
lopha.

Kwaze kwaba sengathi uyamxolela ngenkathi sekukhona abamemezayo


ngaphesheya.

“Myeke bandla, kawuboni yini ukuthi akakwazi ukulwa?” Nebala kwaba sengathi
liyamdambisa lelo ekuthukutheleni uNdumiso.

“Uyosindela bona laba abathi kangikuxolele,” esho emvalelisa ngodalimede


wesibhakela owamgqimuza kwaqhasha izinkanyezi uXolani, wayothi dakla ngezinqe
phansi.

“Ngelinye ilanga ngiyovele ngikuhlabe ngenhlamvu,” esho eshingila emshiya kanjalo


uXolani efinya igazi elase liza ngamawala. Wazama ukuvuka, wadiyazela, wazama
futhi, kwazameka, watabuzela ezama ukuqhubeka nokuhamba.

“Ha, kanti kawudelanga, usaqhubeka nokuya kule ntombi yami engikukhuza kuyo?”
kusho uNdumiso ebuya esefingqile, ekhomba ngomunwe.

87
“Bamba oze ngayo. Kengiphinde nje ngikubone lapha!” egcizelela ngokuqhulula
inhlamba.

Akadinganga kuphindelwa uXolani ngokuthi akabambe eze ngayo. Wagxawuzela


ngamawala eseqonde emotweni yakhe. Wayidumisa ngewala, yasuka kwakhala
amathaya. Nasendleleni yayilokhu igijime njalo, ewajomba ewajombile amarobhothi
amanye ayengasawaboni nakahle ngenxa yeso elase livuvukale layintaba
ngomzuzwana nje. Kayisaphathwa-ke eyegazi, kwase kubomvu imoto. Wafika
kwakhe engasafisi lutho. Akabange esayipaka nemoto, akabange esayikhiya
nokuyikhiya. Empeleni wehla ingakami nakahle nje, wahlaba ngejubane eseqonde
endlini.

Wathwala izandla umkakhe.

“Yini Xolani, kwenzenjani?” ebuza ehlahle amehlo.

“Ngi…” yankwankwaza indoda. Phela endleleni akukho su ayelicabangile lamanga


ayezowaqamba kumkakhe.

“Yini kwenzenjani?” emphinqela amehlo.

“Hhayi, yindaba ende,” esho ngomunyu esula igazi ngesikipa esase simfoma mfo
ngenxa yegazi sekubonakala kancane ukuthi besinombala omhlophe.

“Hhayi kuyozwakala,” kubalisa umkakhe, eqonda e-bathroom eyobheka izinto


zokusiza umyeni wakhe owayeseyisimungulu nje elokhu ehefuzelela phezulu
engundaza ephimisa igazi elalingamnike thuba ligobhoza njengale mvula
yezibhakela ayebhaxabulwe ngazo nguNdumiso.

IMIBUZO

24.1 Shono isizinda sendawo esitholakala ekuqaleni kwalesi siqeshana. (2)

24.2 Gagula umsebenzi womlandi otholakala kulesi siqeshana. (1)

24.3 Chaza kafushane umoya otholakala ngasekuqaleni kwalesi siqeshana


ngaphambi kokuba uXolani afike ekhaya lakhe.
(3)

88
23.4 Yamanisa ubudlelwano bodweshu lwangaphakathi olusekugcineni kulesi
siqeshana nodweshu lwangaphakathi ekugcineni kule noveli.
(4)

24.5 Chaza ukuvezwa komlingiswa onguNyambose kule noveli. (2)

24.6 Qhathanisa okufanayo phakathi kokushona kukaNkululeko kanye


nokuboshwa kukaNdumiso kule ndaba.
(3)

24.7 Iyini inhloso yombhali yokusebenzisa umlingiswa onguNhlumayo kule ndaba? (3)

24.8 Ucabanga ukuthi wawuyoba njani umphumela empilweni kaXolani ukube


wawalalela amazwi adwetshelwe kulesi siqephu?
(3)

24.9 Ngabe isimo sikaNontobeko sokushiya umshado, ayothungatha uMhlengi


kubo siyakholakala. Ukube wawunguNontobeko wawuyokwenze njani wena
ubhekene nalesi simo?
(2)

24.10 Uyazwelana yini nokwagcina kwenzeke kuNkululeko kule ndaba. Sekela


impendulo yakho.
(3)
[25]

UMSEBENZI - 25

ISIQESHANA
Fundisisa lesi siqeshana somdlalo bese uphendula imibuzo elandelayo

(Asondele uManqina kuze kube sebengenisana kanye kanye kuvulandi maqedane


abonakale uMdaluli esebeka isinqe esihlalweni ngalesi sikhathi uManqina
esekhonjiswa usofa okumele athinsike kuwo. uMaMlanduli afole phambi kwabo
esehlahle amehlo enziwa wukumangala)

89
MAMLAND
ULI:
(ukhathazekile) Izosale seyehlukaniswa nguwena-ke
Manqina le nhloko nesixhanti ngoba sengibone kahle
ukuthi umhlambi nomhluzi wenkomo useyehluleka manje
yena wukuyetha nokuyikhipha ngezitho zayo…
(kuthuleke) Tshela mina wena Manqina: nabuya emini
Kangaka emsebenzini namuhla kube kungesilona nelanga
LangoLwesihlanu, ngabe sekwenzekeni? Kungenzeka yini
ukuthi sekuphinde kwasuka esinye isiteleka futhi?

MANQINA:
(ujabhile) Alishoni lingenazindaba zalo mame wekhaya.
Njengoba usibona nje sidiliziwe emsebenzini…(aphazamiseke)

(usehlahle amehlo, umangele) Hawu! Kahle ukungethuka


MAMLANDULI:
ngethambo likadadewethu uKhangisile wena esewaba
mathambo amhlophe. Yini kodwa lena engiyizwayo?

Nje. Kunjengoba ngisho nje mame. Khohlwa yile ncazelo


MANQINA: engikunika yona wena. Uma ungakholelwa kuyona angazi

noma uyoze uyizwe kangcono ngoba isiphuma ezindlebeni

zomlomo wabaphuma eNgilandi yini?

(umphefumulo phezulu) Hmm! Shono nje inyoni ivele ibindwe


MAMLANDULI: yisidwa nje lapha kubaba uma ngale ndaba. Kanti izinto zimi kanjalo
manje bakithi?

(Kuthuleke) Ake utshele mina-ke wena: Lingaze liphume

ngani ishwa lokudilizwa nje sekwenze njani? Nichaza ukuthi

seniyizehluleki nina ukwedlula zonke ezinye izisebenzi efemini

90
yensimbi?

Qha mame, ngicela ungizwe kahle. Eqinisweni lilonke lokhu

lokhu kudilizwa engikushoyo mina kakuqondiswe khona


MANQINA:
kulowo noma kulabo abathile mhlawumbe abayincithakalo kumbe
abangawungenisi umnotho efemini. Ukudilizwa kwethu kuthinta
wonke umuntu owaziwa njengesisebenzi sakwa Iron, Metal and
Steel Industry eClairwood eThekwini.

Ibingekho futhi enye ifemu ebesingashintshelwa kuyona


ebambisene neyethu kulo mkhiqizo kwazise phela iyathutha ifemu
iphindela phesheya lapho yayivele iqhamuke ngakhona
Encazelweni esiyitholayo kuthiwa ize ithuthe nje futhi isidilize,
yingoba isiyehluleka manje wukubhekeana nesimo somnotho

ngenxa yokwehla kwamandla alo, lokho osekuze kwayiphoqa ukuba


ingabe isakwazi ukumelana nezidingo zayo ngasohlangothini
lokusimama kwezomnotho. Okunye futhi okuphawulekayo wukuthi
amandla ale femu aphele nya ngenxa yesiteleka sakamuva nje
eseyishiye nokulahlekelwa obekungakaze kubekhona phambilini

okungangoba abaxhasi baphesheya bapheth ngokuba benze


izincomo zokuba babhoncule izikhonkwana zayo ngokomnotho
yagcina ngakho-ke ukuthutha lokho ngoba ungasabonakali
MAMLANDULI:
umkhiqizo wayo.

(usekhexe umlomo) Wewu! Ezibuhlungu azipheli bakithi.

Kazi sizoba yini lapha ekhaya ubaba wekhaya engasasebenzi.

Waphela kabi nawo lo msebenzi. Ngaso kanye impela-ke lesi


sikhathi izindleko abhekene nazo kulo muzi, zithe bhe.
(uyabalisa) Wo hhe! Ngiyazisa mina ntombi ka Qholwane! Sife
olwembiza ngempela-ke uma kunje.

91
(ubukeka esedabukisa) Akukashiwo nokuthi sife olwembiza
mkami. Mhlawumbe kungezwakala kangcono uma kungathiwa
MDALULI: kuvalwe ngehlahla kulo muzi, kuyekwe lokho kuthiwe
singcwabeke siphila.
[Inkundla Yoku-1, Isigcawu Sesi-5, ikhasi 28-
30].

IMIBUZO

25.1 Nikeza isizinda sendawo ubhekise ekuqaleni kwalesi siqeshana. (2)

25.2 Chaza kafushane umsebenzi womlandi ubhekise kulesi siqeshana. (2)

25.3 Fingqa ngamaphuzu AMABILI izinto eziveza ukuthi uMdaluli ungubaba


onodlame emndenini wakhe nasemphakathini kulo mdlalo.
(2)

25.4 Chaza imbangela yodweshu phakathi kukaZayeka noMdaluli? (2)

25.5 Chaza ukuthi uMdaluli uvezwe njengomlingiswa onjani kulesi siqeshana.


(2)
25.6 Ngabe la amzwi abhalwe ngokugqamile akulekelele kanjani ukuqonda lo
mdlalo?
(2)

25.7 Ucabanga ukuthi wawuzoba njani umphumela ukuba uLondiwe


akawashayelanga amaphoyisa.
(2)

25.8 Qhathanisa izenzo nokuthembeka kukaZayeka noHeshane kulo mdlalo


mayelana nokusebenza kwabo.
(2)

25.9 Iyini inhloso yokusetshenziswa kukaZenyezile emdlalweni? (2)

92
25.10 Ngabe isenzo sokushaywa kukaChivenga samukelekile yini kuwena?
Sekela impendulo yakho. (2)

25.11 Uyavumelana yini nomlayezo othi “abantu abangacwasani ngokobuzwe’.


Sekela impendulo yakho.
(2)

25.12 Xoxa ngempumelelo yombhali ekusethuleleni lo mdlalo. (3)


[25]

UMSEBENZI - 26

UMDLALO: UBHUKU LWAMANQE


UMBUZO OMUDE.

Kulo mdlalo umbhali usibonisa ukuthi konke okwenziwa abalingiswa kuyaphumelela.

Hlaziya ngokuhlolisisa lo mbono ubhekise kulo mdlalo.

Impendulo yakho mayibe ubude obungamagama angama-340 kuya kwangama-390.


Impendulo yakho ayibhalwe njenge-eseyi.

Impendulo:

Lesi sitatimende esithi, “Kulo mdlalo umbhali usibonisa ukuthi konke okwenziwa
abalingiswa kuyaphumelela”, angivumelani naso ngokuphelele. Nakuba zikhona
izinto abalingiswa abazenzayo baphumelele kepha zikhona ezinye abazenzayo

93
zingaphumeleli. Lapha singabala abalingiswa abanjengoPhindisiwe, uNkululeko,
uMaKhangela nabanye.

UPhindisiwe uyaphumelela esenzweni sakhe sokufihlela uThamsanqa ukuthi


unezingane azithola ngaphambi kokuba bahlangane. Lokhu ukwenza ngesizathu
sokuthi ufuna uThamsanqa amshade ngoba wayecabanga ukuthi hleze amyeke uma
ngase athole ukuthi unezingane. Nangempela uyamshada uThamsanqa uze uthola
sebeshadile ukuthi uPhindisiwe unezingane. UPhindisiwe ushayisa ingane ehamba
noNkululeko. Usaba ukuboshwa bavumelana neshende lakhe uNkululeko ukuthi
akube sengathi uyena oshayise ingane ukuze amthwalele icala, umkhokhela imali
ngalokho. Nangempela bayaphumelela uNkululeko uyaboshwa uze agwetshwe.

UPhindiswe uyaphumelele ekuthandaneni noNkululeko ngenkathi uThamsanqa


esahambe ngokomsebenzi. Ekuthandaneni kwabo uyakhulelwa ingane
okunguZiphozonke, leyo ngane uyisulela ngoThamsanqa umyeni wakhe. Nempela
umyeni wakhe uThamsanqa uyakholwa ukuthi uZiphozonke ingane yakhe,
uyikhulisa ngothando ngoba azi ukuthi ingane yakhe. Noma esetholile ukuthi
uZiphozonke akusiye owakhe, uyaqhubeka nokumnika uthando njengengane yakhe

UPhindisiwe uhlangana noNkululeko bakhanda itulo lokuyothatha ukhiye


wasebhange kuSarah umngane wakhe abasebenza naye ebhange. Nempela
bayawuthola ukhiye wasebhange. Lokhu bakwenza ngenhloso ukuze bangene
kalula ebhange bathole lenhlobo yemali abayifunayo. Bayaphumelela ekungeneni
bayayithola imali, ngeshwa labo besengaphakathi ebhange kutheleka amaphoyisa
bayabanjwa bayaboshwa.

UPhindisiwe uzitapela imali ebisale ngesikhathi eyofaka imali emshinini ngenhloso


yokuzicebisa aqeda izinkinga zakhe ayebhekene nazo zemali, ngempela uyayithola
imali kodwa ngeshwa lakhe uyabanjwa uyaboshwa ngosizo lwakhamera eyambona
enza lesi senzo. Uyagwetshwa ugwetshwa Iminyaka eyisikhombisa ulengiselwa
emithathu.

UMaKhangela akalikhulumi iqiniso lokuthi uPhindisiwe unezingane ngenkathi


abakwaMathonsi bezolobola. Inhloso yakhe ukuthi ufuna ilobolo eliphelele
nokuthanda imali. Uyaphumelela ekwenzeni lokhu ngoba uPhindisiwe ugcina
eshadile noThamsanqa futhi walotsholwa ngezinkomo eziphelele.

94
UNkumbulo uyazi ukuthi uPhindisiwe akaziphethe kahle kodwa akamtsheli umngane
wakhe uThamsanqa. Lokhu ukwenza ngenhloso yokungafuni ukuba yisizathu
sokubhidlika komshado womngani wakhe uThamsanqa. Lokho uze ukuveza
ngesikhathi esexoxelwa uThamsanqa ngezinkinga zemshadweni wakhe. Ngempela
akabi isizathu sezinkinga zomshado womngani wakhe uThamsanqa.

UNkululeko uyaphumelela ekwenzeni isiqiniseko sokubhidliza umshado


kaPhindisiwe aphinde ampende njengomuntu omubi emendweni wakhe
kwaMathonsi. Uya kwaMathonsi uyokhuluma okungelona iqiniso ngoPhindisiwe
njengokuthi yena noPhindisiwe bashadile futhi banezingane. KwaMathonsi
bakhombisa ukungamkholwa okwenza uMaMhlongo avuke ngolaka afune
nokushayela amaphoyisa. Umsabisa ngokukhipha isibhamu, uyathuka uMaMhlongo
uhlala phansi. Ngokubona ukuthi abamkholwa uthembisa ukubuya nobufakazi
balokhu akhuluma ngakho.

Uphinda ubuya isibili esephethe ubufakazi ayebuthembisile okuyisitifiketi somshado


okungesomgunyathi ayesenzelwe umngani wakhe uSikela osebenza eMnyangweni
wezaseKhaya kanye nesithombe somshadombumbulu. Konke lokhu ukwenza
ngempumelelo ngoba ekugcineni kwanda izinkinga emshadweni kaPhindisiwe.
UPhindisiwe uxabana nomnyeni wakhe uThamsanqa ngenxa yocingo
okungakhulumi muntu uma luphendulwa uThamsanqa.

UNkululeko uphoqa uPhindisiwe ukuba bakhe itulo lokubulala umyeni wakhe


uThamsanqa ukuze bathole izimali zikaThamsanqa, nokhu akaphumeleli kulesi sifiso
sakhe emuva kokuboshwa ngokubamba inkunzi ebhange.

Ngenxa yalezi zenzeko ezingenhla, kuyakufakazela ukuthi akuzona zonke izinto


abalingiswa abazenzayo abaphumelelayo kuzo.

UMBUZO OMFISHANE.
(KukwaMakhunga elawunji. uPhindisiwe ulokhu egqolozele phansi izinyembezi
zingumfula ebusweni bakhe.)

PHINDISIWE (Ekhuluma yedwa.) Kangazi ukuthi uThamsanqa uzwile yini


ebengikuswesweza endlebeni yakhe? (Kulowo mnyama kuqhamuke

95
uNkululeko ekamelweni.) 5
NKULULEKO Usahlakaniphile kanti namanje? Wenze kahle wamxosha lo mlisa
ngoba besengicasuke kabi kuthi ngiphume nesibhamu ngimhlakaze
ubuchopho ngenhlamvu, ngabuye ngazikhuza.
PHINDISIWE Nkululeko inhliziyo yami ibuhlungu kabi ngale nto ongenza yona.
Kangilwazi uthando olunje. Ufuna ngihlupheke kuze kubenini? 10
NKULULEKO Kulula nje Phindisiwe. Mina nawe sathembisana ukuthi
siyonakekelana. Ngalokho-ke kufanele nawe ufeze isithembiso
owasenza. Wangiqoma ungazi ukuthi ngingumuntu onjani.
PHINDISIWE Ngiyakwazi engakwethembisa Nkululeko. Khumbula nawe wangithola
ngisenkingeni ngiqeda ukushonelwa yingane kanti noThamsanqa 15
engekho ekhaya izinyanga eziningana impela. Wangithola
ngingenamali wangisiza kepha esebuyile uThamsanqa savumelana
ukuthi sengizobhekana nezindaba zomshado wami akekho ozokonela
omunye. Kangikwazi-ke osekwenzeka manje. Okubuhlungu kakhulu
usubhidlize lonke ikusasa lami.
20
NKULULEKO Nami elami walibhidliza Phindisiwe. Ukwazi kahle kamhlophe lokho.
Ngisize nje ungalokhu ungibalisela. Kusasa ekuseni siyavuka siqonda
ebhangi. Ngiyifuna yonke imali elaphaya, uma uhluleka ukwenza
lokho kufa umuntu manje.
25
MAKHANGELA Ndodana yini ulunya olungaka pho?
NKULULEKO Ngithi angikuncome salukazana sami uyidlalile indima yakho.
Bengingazi ukuthi uhlakaniphe ngale ndlela? Nokuba ubuke wabheda
inhlamvu ibiyokhala enhloko.
(Esho emkhomba ngontuluntulu wesibhamu.) 30
MAKHANGELA (Esehlahle amehlo ngenxa yokuthuswa yisibhamu esikhulukazi
NKULULEKO ayengakaze asibone empilweni yakhe.) Phindisiwe yenza
njengokusho kwakhe umkhwenyana. Ingabe ngiyobabhekelwa
ngubani abakwaMathonsi ngoba phela le nto ebengiyichwensa
uThamsanqa yisono esingephinde sixoleleke.
35
Musa ukusixoxela inganekwane. (Abheke umngane wakhe
uMaqoma.) Umsebenzi wakho ukuthi uqinise indodakazi yakho idolo
ingalokhu ihluphana nomphefumulo wethu yenze njengoba

ngishilo. Lokho okhuluma ngakho niyosale nikubona seninodwa.

96
Kufanele nginixwayise ukuthi ubulima benu yibona obuyonifaka 40
kwenkulu inkinga lena.

PHINDISIWE Ngangingazi Nkululeko ukuthi unenhliziyo elukhuni ngale ndlela?


NKULULEKO Kuyokusiza ngani ukubuza lowo mbuzo manje, ngoba wehluleka
ukubamba inhliziyo angithi? Nguwena owangisukela ngiziphuzela
nabangani bami. Sonke lesi sikhathi ngangikuthengela ukudla 45
nezimpahla zokugqoka. Imfihlo engiyigqibile uthini ngayo? Izandla
ziyagezana ntombi. Sekuyisikhathi sokuthi nawe ungisize.
PHINDISIWE Sengonakalelwe Nkululeko ngenxa yakho. Nami-ke ngibeka le
mibandela yokuthi uma imali leyo usuyitholile uyongihlephulela ukuze
impilo iqhubeke ngoba ngiyobe ngingasenaye umuntu ongibhekile. 50
Ukhumbule ukuthi uThamsanqa ubeyikho konke ezinganeni zami
manje ukwehlukana kwami naye kusho khona ukuthi useyoyeka
ukuzondla.

UMDLALO: UBHUKU LWAMANQE


UMBUZO OMUDE.

Kulo mdlalo umbhali usibonisa ukuthi konke okwenziwa abalingiswa kuyaphumelela.

Hlaziya ngokuhlolisisa lo mbono ubhekise kulo mdlalo.

Impendulo yakho mayibe ubude obungamagama angama-340 kuya kwangama-390.


Impendulo yakho ayibhalwe njenge-eseyi.

Impendulo:

Lesi sitatimende esithi, “Kulo mdlalo umbhali usibonisa ukuthi konke okwenziwa
abalingiswa kuyaphumelela”, angivumelani naso ngokuphelele. Nakuba zikhona izinto
abalingiswa abazenzayo baphumelele kepha zikhona ezinye abazenzayo zingaphumeleli.
Lapha singabala abalingiswa abanjengoPhindisiwe, uNkululeko, uMaKhangela nabanye.

UPhindisiwe uyaphumelela esenzweni sakhe sokufihlela uThamsanqa ukuthi unezingane


azithola ngaphambi kokuba bahlangane. Lokhu ukwenza ngesizathu sokuthi ufuna
uThamsanqa amshade ngoba wayecabanga ukuthi hleze amyeke uma ngase athole ukuthi

97
unezingane. Nangempela uyamshada uThamsanqa uze uthola sebeshadile ukuthi
uPhindisiwe unezingane. UPhindisiwe ushayisa ingane ehamba noNkululeko. Usaba
ukuboshwa bavumelana neshende lakhe uNkululeko ukuthi akube sengathi uyena
oshayise ingane ukuze amthwalele icala, umkhokhela imali ngalokho. Nangempela
bayaphumelela uNkululeko uyaboshwa uze agwetshwe.

UPhindiswe uyaphumelele ekuthandaneni noNkululeko ngenkathi uThamsanqa esahambe


ngokomsebenzi. Ekuthandaneni kwabo uyakhulelwa ingane okunguZiphozonke, leyo
ngane uyisulela ngoThamsanqa umyeni wakhe. Nempela umyeni wakhe uThamsanqa
uyakholwa ukuthi uZiphozonke ingane yakhe, uyikhulisa ngothando ngoba azi ukuthi
ingane yakhe. Noma esetholile ukuthi uZiphozonke akusiye owakhe, uyaqhubeka
nokumnika uthando njengengane yakhe

UPhindisiwe uhlangana noNkululeko bakhanda itulo lokuyothatha ukhiye wasebhange


kuSarah umngane wakhe abasebenza naye ebhange. Nempela bayawuthola ukhiye
wasebhange. Lokhu bakwenza ngenhloso ukuze bangene kalula ebhange bathole lenhlobo
yemali abayifunayo. Bayaphumelela ekungeneni bayayithola imali, ngeshwa labo
besengaphakathi ebhange kutheleka amaphoyisa bayabanjwa bayaboshwa.

UPhindisiwe uzitapela imali ebisale ngesikhathi eyofaka imali emshinini ngenhloso


yokuzicebisa aqeda izinkinga zakhe ayebhekene nazo zemali, ngempela uyayithola imali
kodwa ngeshwa lakhe uyabanjwa uyaboshwa ngosizo lwakhamera eyambona enza lesi
senzo. Uyagwetshwa ugwetshwa Iminyaka eyisikhombisa ulengiselwa emithathu.

UMaKhangela akalikhulumi iqiniso lokuthi uPhindisiwe unezingane ngenkathi


abakwaMathonsi bezolobola. Inhloso yakhe ukuthi ufuna ilobolo eliphelele nokuthanda
imali. Uyaphumelela ekwenzeni lokhu ngoba uPhindisiwe ugcina eshadile noThamsanqa
futhi walotsholwa ngezinkomo eziphelele.

UNkumbulo uyazi ukuthi uPhindisiwe akaziphethe kahle kodwa akamtsheli umngane


wakhe uThamsanqa. Lokhu ukwenza ngenhloso yokungafuni ukuba yisizathu sokubhidlika
komshado womngani wakhe uThamsanqa. Lokho uze ukuveza ngesikhathi esexoxelwa
uThamsanqa ngezinkinga zemshadweni wakhe. Ngempela akabi isizathu sezinkinga
zomshado womngani wakhe uThamsanqa.

UNkululeko uyaphumelela ekwenzeni isiqiniseko sokubhidliza umshado kaPhindisiwe


aphinde ampende njengomuntu omubi emendweni wakhe kwaMathonsi. Uya kwaMathonsi

98
uyokhuluma okungelona iqiniso ngoPhindisiwe njengokuthi yena noPhindisiwe bashadile
futhi banezingane. KwaMathonsi bakhombisa ukungamkholwa okwenza uMaMhlongo
avuke ngolaka afune nokushayela amaphoyisa. Umsabisa ngokukhipha isibhamu,
uyathuka uMaMhlongo uhlala phansi. Ngokubona ukuthi abamkholwa uthembisa ukubuya
nobufakazi balokhu akhuluma ngakho.

Uphinda ubuya isibili esephethe ubufakazi ayebuthembisile okuyisitifiketi somshado


okungesomgunyathi ayesenzelwe umngani wakhe uSikela osebenza eMnyangweni
wezaseKhaya kanye nesithombe somshadombumbulu. Konke lokhu ukwenza
ngempumelelo ngoba ekugcineni kwanda izinkinga emshadweni kaPhindisiwe.
UPhindisiwe uxabana nomnyeni wakhe uThamsanqa ngenxa yocingo okungakhulumi
muntu uma luphendulwa uThamsanqa.

UNkululeko uphoqa uPhindisiwe ukuba bakhe itulo lokubulala umyeni wakhe uThamsanqa
ukuze bathole izimali zikaThamsanqa, nokhu akaphumeleli kulesi sifiso sakhe emuva
kokuboshwa ngokubamba inkunzi ebhange.

Ngenxa yalezi zenzeko ezingenhla, kuyakufakazela ukuthi akuzona zonke izinto


abalingiswa abazenzayo abaphumelelayo kuzo.

UMBUZO OMFISHANE.
(KukwaMakhunga elawunji. uPhindisiwe ulokhu egqolozele phansi izinyembezi
zingumfula ebusweni bakhe.)

PHINDISIWE (Ekhuluma yedwa.) Kangazi ukuthi uThamsanqa uzwile yini


ebengikuswesweza endlebeni yakhe? (Kulowo mnyama kuqhamuke
uNkululeko ekamelweni.) 5

NKULULEKO Usahlakaniphile kanti namanje? Wenze kahle wamxosha lo mlisa


ngoba besengicasuke kabi kuthi ngiphume nesibhamu ngimhlakaze
ubuchopho ngenhlamvu, ngabuye ngazikhuza.
PHINDISIWE Nkululeko inhliziyo yami ibuhlungu kabi ngale nto ongenza yona.
Kangilwazi uthando olunje. Ufuna ngihlupheke kuze kubenini? 10
NKULULEKO Kulula nje Phindisiwe. Mina nawe sathembisana ukuthi
siyonakekelana. Ngalokho-ke kufanele nawe ufeze isithembiso

99
owasenza. Wangiqoma ungazi ukuthi ngingumuntu onjani.
PHINDISIWE Ngiyakwazi engakwethembisa Nkululeko. Khumbula nawe wangithola
ngisenkingeni ngiqeda ukushonelwa yingane kanti noThamsanqa 15
engekho ekhaya izinyanga eziningana impela. Wangithola
ngingenamali wangisiza kepha esebuyile uThamsanqa savumelana
ukuthi sengizobhekana nezindaba zomshado wami akekho ozokonela
omunye. Kangikwazi-ke osekwenzeka manje. Okubuhlungu kakhulu 20
usubhidlize lonke ikusasa lami.
NKULULEKO Nami elami walibhidliza Phindisiwe. Ukwazi kahle kamhlophe lokho.
Ngisize nje ungalokhu ungibalisela. Kusasa ekuseni siyavuka siqonda
ebhangi. Ngiyifuna yonke imali elaphaya, uma uhluleka ukwenza
25
lokho kufa umuntu manje.
MAKHANGELA Ndodana yini ulunya olungaka pho?
NKULULEKO Ngithi angikuncome salukazana sami uyidlalile indima yakho.
Bengingazi ukuthi uhlakaniphe ngale ndlela? Nokuba ubuke wabheda
inhlamvu ibiyokhala enhloko.
30
(Esho emkhomba ngontuluntulu wesibhamu.)
MAKHANGELA (Esehlahle amehlo ngenxa yokuthuswa yisibhamu esikhulukazi
NKULULEKO ayengakaze asibone empilweni yakhe.) Phindisiwe yenza
njengokusho kwakhe umkhwenyana. Ingabe ngiyobabhekelwa
ngubani abakwaMathonsi ngoba phela le nto ebengiyichwensa
35
uThamsanqa yisono esingephinde sixoleleke.
Musa ukusixoxela inganekwane. (Abheke umngane wakhe
uMaqoma.) Umsebenzi wakho ukuthi uqinise indodakazi yakho idolo
ingalokhu ihluphana nomphefumulo wethu yenze njengoba
ngishilo. Lokho okhuluma ngakho niyosale nikubona seninodwa.
Kufanele nginixwayise ukuthi ubulima benu yibona obuyonifaka 40
kwenkulu inkinga lena.
PHINDISIWE Ngangingazi Nkululeko ukuthi unenhliziyo elukhuni ngale ndlela?
NKULULEKO Kuyokusiza ngani ukubuza lowo mbuzo manje, ngoba wehluleka
ukubamba inhliziyo angithi? Nguwena owangisukela ngiziphuzela
nabangani bami. Sonke lesi sikhathi ngangikuthengela ukudla 45

nezimpahla zokugqoka. Imfihlo engiyigqibile uthini ngayo? Izandla


ziyagezana ntombi. Sekuyisikhathi sokuthi nawe ungisize.
PHINDISIWE Sengonakalelwe Nkululeko ngenxa yakho. Nami-ke ngibeka le
mibandela yokuthi uma imali leyo usuyitholile uyongihlephulela ukuze
impilo iqhubeke ngoba ngiyobe ngingasenaye umuntu ongibhekile. 50

100
Ukhumbule ukuthi uThamsanqa ubeyikho konke ezinganeni zami
manje ukwehlukana kwami naye kusho khona ukuthi useyoyeka
ukuzondla.

Umbuzo omfishane.

26.1 Nikeza ithoni etholakala ekuqaleni kwalesi siqeshana. Sekela impendulo (2)
yakho.
26.2 Yamanisa isigameko sokubuya kukaNkululeko nalokho okwenzeka kulesi
siqeshana. (2)
26.3 Chaza kafushane ukuthi izenzo zikaSikela ziyithuthukise kanjani indikimba
kulo mdlalo. (3)
26.4 Fingqa ngamaphuzu AMATHATHU isisusa sodweshu kulo mdlalo. (3)
26.5 Chaza isigameko esasifihlelwe umlingiswa onguPhindisiwe efihlelwa (2)
uNkululeko kulo mdlalo
26.6 Qhathanisa indlela abamemukela ngayo uNkululeko abakwaMathonsi
ngesikhathi efika okokuqala nangesikhathi efika okwesibili. (3)
26.7 Ngabe izenzo zomlingiswa onguMaKhangela ziyakholakala yini? (2)
26.8 Uyavumelana nokuthi uPhindisiwe kulo mdlalo uvezwe njengomlingiswa
ongenalo iqiniso? Sekela impendulo yakho. (3)
26.9 Hlaziya la magama abhalwe ngokugqamile ashiwo nguNkululeko kulesi
siqeshana. Sekela impendulo yakho. (2)
26.1 Xoxa ngempumelelo yombhali ekwethuleni isingeniso salo mdlalo. (3)
0 [25]

UMBUZO
PHINDISIWE Ngingakusiza? Kubuza uPhindisiwe ngezwi eliphansi.
NKULULEKO (Izwi elihoshozayo) Bengicela ukukhuluma noPhindisiwe.
PHINDISIWE Uyena okhulumayo. Ngingakusiza?
NKULULEKO (Engapholisi maseko) Kuseyimina futhi s'thandwa sami.
PHINDISIWE (Ebabaza) Waze wayiphela endlebeni Nkululeko. Ngakutshela ukuthi 5
okwakusihlanganisile sekwashabalala njengamazolo ebona ilanga.
Ufunani manje?
NKULULEKO (Umoya uthi ukuphakama.) Wakusho kalula lokho.

101
Usukhohliwe yizimfihlo engizaziyo ngawe? Uyabona-ke
Phinidisiwe njengoba ikhanda lakho liqine liwusimende 10
lizothamba.
PHINDISIWE Lithanjiswe yini? Angithi kawufuni ukuzwa uma ngikutshela?
Sengikhathele yile ndlela.
NKULULEKO Imali ebengikondla ngayo, isikhathi engisichithe ngawe, ikusasa lami-ke,
konke lokhu uthini ngakho?
PHINDISIWE Mamo! Yishwa lami phela leli, uyayazi imihlola kaMakhangela yilena 15
ongitshela yona manje. Insumansumane uqobo lwayo. Uyajabula
ngokukhala ngesikhathi, esami sona?
NKULULEKO Ukukhwela phezu kwendlu njengenja ngeke kukusize, ukwazi kahle
engikhuluma ngakho.
PHINDISIWE Kwamina ungichithela isikhathi ngeze leze. Sengikhathele, kade 20
ngikhuluma nawe kepha kubonakala ukuthi ngithela amanzi emhlane
wedada nje. Uzongipiklela ngesikhathi siphi sona?
NKULULEKO Kuhle-ke uma kunjalo. Ulibambe lingashoni.
Usukhohliwe yiminyaka emithathu engiyichithe ejele ngibhecwe
ngobende ngingaludlanga. Ngilahlekelwa yikhona konke ngenxa
yakho. Manje usuyangipiklela?
25
PHINDISIWE Hhayi, Cha uyisona ngempela esathunywa ugwayi sabuya neboza.
Nkululeko okwakufaka kwezimnyama kungenxa yokuthi kawulaleli.
Ngangingakuphoqile ukuthi uyigqibe indaba, angithi sasithandana,
ufunani manje?
30
NKULULEKO Mina ngifuna sibuyelane siqale impilo yethu kabusha ngoba
ngisakuthanda. (Ngephimbo elisakuncenga.)
PHINDISIWE Isondo lendalo kalimile belu liyaguquka. Iminyaka iyanyathelana.
Nempilo kufanele ingemi ndawonye kepha iqhubeke. Ngalokho-ke nami
ngaqhubeka. Nawe usuyoqhubeka nabanye ngoba kangisenaso isikhala 35
sokugcina uthando lwakho, enginalo lwanele. Ngakho-ke ncenga nje
mfowethu kuzolunga, uzomthola oyokuthanda futhi.
NKULULEKO (Ngokufutheka) Kangicabangi ukuthi uyazizwa ukuthi uthini nokuthi
ukhuluma nobani? Ungangihlanyisi Phindisiwe. Ngizokwenza into 40
yamehlo. Ngingamane ngibuyele ngiyodonsa isigwebo sokubulala wena
uma ungangazi kahle.
PHINDISIWE Angithi yinto oyijwayele yokusoconga abantu, kuyobe kungaqali ngami.
Ngingazi-ke ukuthi ngiyobe ngigoqe izandla yini uma ungisoconga?

102
Kayikho-ke into engithusayo kulokho. Kufanele wazi ukuthi kuyona
yonke imizi kunezibheva zakhona, uma ucabanga ukuthi nguwe wedwa 45
ushaye phansi.

IMIBUZO OMFISHANE
26.1 Shono isizathu esenza kube nodweshu ekuqaleni kwalesi siqeshana. (2)

26.2 Chaza ithoni etholakala enkulumeni yomlingiswa onguPhindisiwe. Bhekisa


impendulo yakho kulesi siqeshana. (2)
26.3 Fingqa ngamaphuzu AMATHATHU isizinda salesi siqeshana. (3)

26.4 Ucabanga ukuthi kwakufanele yini uNkululeko ukubuya kwakhe ejele


ezofuna imali kuPhindisiwe? Sekela impendulo yakho (3)
26.5 Qhathanisa ukuvezwa komlingiswa onguMathonsi nomlingiswa
onguThamsanqa ngezenzo zabo zokuphatha amakhosikazi abo. (3)

26.6 Ngokubona kwakho wawuzoba njani umphumela empilweni


kaPhindisiwe ukube akagqunywanga ejele? Sekela impendulo. (2)
26.7 Chaza imbangela yokusetshenziswa kwamagama agqamile atholakala
kulesi siqeshana. (2)

26.8 Ngokwakho ukucabanga ngabe umlingiswa onguKholekile kwakufanele yini


ajikele uPhindisiwe? Sekela impendulo yakho. (3)

26.9 Uyazwelana yini nokuboshwa komlingiswa onguMaqoma kanye


nomlingiswa onguSikela? Sekela impendulo yakho. (2)
26.10 Phawula ngekhono lombhali ekusebenziseni isu lokubikezela kulo
mdlalo. Bhekisa impendulo yakho ephusheni likaMaMhlongo. (3)
[25]

103
IPHEPHA LESI- 3
1. INCWADI YOBUNGANI
Endaweni yangakini kuhlasele isifo esibhuqabhuqa imfuyo.
Bhalela ubaba wakho INCWADI umazise ngalesi simo. Incwadi
yakho mayibe ngamagama ayi-100 kuya kwayi-120.

[25]

AMALUNGISELO
1. Ikheli lobhalayo elihambisana nosuku.
2. Isibingelelo esikhombisa ukwazana.
3. Isingeniso
 Isingeniso esikhombisa ukwazana kanye nengxenye yenhloso
yencwadi.
4. Umzimba
 Ukuveza inhloso ngokugcwele ebika ngesifo esibulala izinkomo.
 Ukucela usizo lokunqanda lesi sifo.
5. Isiphetho
 Amazwi okuphetha akhombisa ukwazana.
6. Ukuvalelisa okukhombisa ubuhlobo.

104
C822 Ugagane Street
Ulundi
3838
23 Ntulikazi 2025

Mbulazi

Ngijabule kakhulu ukuzwa ukuthi usukhushulelwe esikhundleni esiphezulu


emsebenzini. Lokho kusho ukufezeka kwephupho lakho lokuthenga imoto entsha.
Yikho-ke ukuthi empilweni kunezindaba ezinhle kanjalo nezimbi, ngapha emakhaya
iyaphela imfuyo.

Mashobane, isimo asisihle neze lapha endaweni. Kunesifo esiqotha imbokodo


nesisekelo emfuyweni. Imfuyo iyaphela isifo samatele. Lesi sifo sibi kakhulu ngoba
siyathelelana. Inkomo uma isihlabekile akukho ngisho ukuthi iqedelwe, idliwe ngoba
siyabulala. Sike sazama ukuzisa ediphini izinkomo kodwa kwanhlanga zimuka
nomoya. Izinga lokufa kwamankonyane liphezulu kakhulu. Sehluleka ngisho
ukudayisa lezi zithole owawushiye uthe sisale sizidayisa ngoba sekumisiwe
ukuhwebelana ngezinkomo okwamanje.

Benginxusa ukuthi uBheje asifakele imali ukuze sizokwazi ukuthenga umjovo


wamatele. Odokotela bezilwane bathi ukugoma kuyasiza ukuthi isifo
singabhebhetheki.Ngicela usisize baba noma udula umjovo ngoba kuyabonakala
ukuthi uyofica itshe selome inhlama esibayeni uma singasukunyelwa lesi sihlava.

Umama ngapha usekuyoba ngozi makhaza ngoba usephumile esibhedlela. Kwasiza


khona ukuthi waphuthunyiswa esibhedlela ubuthi benyoka bungakasabalali
nomzimba wonke. Ukhonze kumalume uSakhumuzi lapho ehostela.

Yimina indodana yakho


uThubelihle

I-IMEYILI:

UMBUZO: Uzwe isikhangisi emsakazweni esazisa ngokuthi iSizimele Health Care


ihlele

105
ukunikela ngemifundaze kubafundi abazofunda izifundo zobudokotela ngonyaka
wezi-
2026.

Bhala i-imeyili ubhalele umqondisi weSizimele Health Care uzicelele lo mfundaze


usebenzise ikheli elithi: sizimelehealthcare@hotmail.com. Mubonise ngemiphumela
yakho yamathemu adlule.

AMALUNGISELELO
Isuka ku: Nomathemba@gmail.com
Iya ku: sizimelehealthcare@hotmail.com
Cc:
Bcc:
Isihloko: Isicelo Somfundaze
Mnumzane

Isingeniso: Ngibhala le imeyili ngenhloso yokucela umfundaze engiwuzwe


emsakazweni.
Umzimba
Isigaba soku-1: Ngiwumfundi owenza ibanga le-12 onentshisekelo enkulu
nobudokotela.
Isigaba sesi-2: Ukuzuza kwami leziqu kuyonitholisa nani umvuzo omuhle.
Isiphetho: Ngingajabula uma isicelo sami siyokwamukeleka.
Isivaleliso: Yimina ozithobayo
uNomathemba Xaba (Nksz.)
Amathashimenti: 📎Umazisi, Imiphumelayethemu loku-1 nelesi-2.

Isuka ku: Nomathemba@gmail.com


Iya ku : sizimelehealthcare@hotmail.com
Cc:
Bcc:
Isihloko : Isicelo somfundaze

106
Mnumzane

Ngibhala le imeyili ngenhloso yokucela umfundaze wokufundela izifundo


zobudokotela
ngonyaka wezi-2026 obukhangiswa emsakazweni iNethezeka FM.

Ngingumfundi owenza ibanga le-12, onentshisekelo yokwenza izifundo zobudokotela


ngonyaka ozayo. Kuyiphupho lami kusuka ngingena esikoleni ukuthi uma ngiqeda
umatikuletsheni ngifundele ukuba udokotela. Lo mkhakha ngiwukhethiswe
intshisekelo
enginayo ngokuhlenga abantu. Ngiwumntwana ozimisele kakhulu ezifundweni
zakhe,
futhi ophumelela ngamalengiso.

Ukuthola kwami lo mfundaze kungalekelela ekufezeni amaphupho ami okuba


ngifundele
umkhakha wami wamaphupho. Ukuzuza kwami lo mfundaze kunganizuzisa nani
ngoba
emva kokuphothula izifundo zami ngizobuya ngizosebenza lapho ukuze ngibuyisele
kini
ngokufaka isandla ekufundeni kwami.

Ngingajabula uma isicelo sami sibe impumelelo.

Yimina ozithobayo.
uNomathemba Xaba (Nksz.)
Amathashimenti: 📎 1. Umazisi
2. Imiphumelayethemu loku-1 nelesi-2.

I-IMEYILI
Umzala wakho obenza unyaka woku-1 enyuvesi uphumelele ngamalengiso
ezifundweni
zakhe zesigaba soku 1- sonyaka.

107
Mubhalele i-imeyili umhalalisela uphinde umgqugquzele ukuba aqhubeke
nokusebenza
Kanzima.

Amalungiselelo
Isuka ku: Andile123@gmail.com
Iya ku: nonhlanhla43@gmail.com
Isihloko: I-Imeyili Yokukuhalalisela Ngemisebenzi Yonke Emihle Nonhlanhla

Isingeniso: Selokhu yagcinana ngosuku lokubungaza ukubuya kwethu, ngahamba


ngikhathazekile ngengcindezi yezifundo kodwa manje ngijabule,
Umzimba
Isigaba soku-1: Muhle kakhulu umsebenzi

Isuka ku: Andile123@gmail.com


Iya ku : nonhlanhla43@gmail.com

Nonhlanhla

Ngangikhathazeke kakhulu ngikuzwa ubalisa ngengcindezi yezifundo onazo lapho


Esikhungweni semfundo ephakeme. Konke ukukhathazeka kwami sekuvele
Kwaphenduka injabulo ngezenzo zakho zakamuva nje.

Ngiyitholile imiphumela ongithumelele yona yesigaba soku-1 sonyaka wokuqala


mzala
wami. Baqinisile uma bethi ukusebenza kanzima kuzala impumelelo.
Bengikhathazeka
mihla namalanga ukuthi kazi uzokwenza njani lapho kwaNgqondonkulu kwazise
phela
inkonyane isathuka isisinga. Uvele wangigeza igilo. Halala mzala wami.

Njengoba senizovulela isigaba sesi-2 ngifisa uqhubeke nomgqigqo wakho omuhle

108
Wokubeka izifundo zakho phambili. Ungadikibali ukuthola ulwazi kwasebeke
bayibamba
le ndlela oyihambayo. Singumndeni wakho sizozama ngayo yonke indlela ukukusiza
la
esingasiza khona.

Ukhonze kuThembeka noNomathemba , ubazise ngizobavakashela maduze.

Yimina umzala wakho


u-Andiswa

INHLOLOKHONO/ INTHAVYU
 I-inthavyu yingxoxo phakathi kwabantu ababili nona ngaphezulu.
 Obuzwayo kungaba ngumuntu nje noma usaziwayo ebuzwa
ngempilo yakhe noma ngemibono yakhe ngokuthile.
 I-inthavyu ingenziwa bukhoma, emsakazweni, kumabonakude
noma ebhalwa phansi njengenkulumo- mpendulwano.
 Umbuzo kulona obuzayo kumele ube mfushane kodwa ucace
kahle, bese impendulo yona kufanele yenabe.
 I-inthavyu ivamise ukuba ihambisane nengqikithi ethile
okubhekiswe kuyo. Kungaba mayelana nolwazi oluthile noma
kuhambisane nesicelo somsebenzi.

Ukuhleleka kwe-inthavyu/ inhlolokhono


Ukwethulwa (kuvezwa isizinda, inhloso ukwethulwa kwabalingiswa bethiwa
namagama)
Ihlelwa njengenkulumo mpendulwano kodwa umehluko ukuthi obuzayo ubuza
kafushane bese kuthi ophendulwayo achaze kabanzi.

109
Esingenisweni kwakhiwa ubuhlobo (kwakhiwa isimo sokwethembana).
Imibuzo (buza okuvulelekile kuya kokukhethekile, imibuzo eqonde ngqo;
ukusebenzisa ubuhlakani, uzwelo, ulimi olunxenxayo nolunenhlonipho;
ukulalelisisa; ukubhekisisa impendulo, ukuphendula ngokuyikho ukukhombisa
ulwazi.
Ukuvala (ukubonga umuntu obebuzwa imibuzo, anikeze imininingwane
yokuxhumana).
INTHAVYU
Imiphumela yakho ibe ngundabamlonyeni ngoba uphumelele ngamalengiso kuzo
zonke izifundo eBangeni le-12.

Bhala i-inthavyu ephakathi kwakho nentatheli yephephandaba i-Isolezwe


lapho uchaza khona ukuthi kube yini imfihlo yakhe ukuze aphumelele ngamalengiso
kuMatikuletsheni.

Isibonelo se-inthavyu / inhlolokhono:


Amalungiselelo
1. Isihloko intatheli nomfundi
2. Isethulo (siba kubakaki, siveza isizinda, amagama abalingiswa
nenhloso) kusehhovisi eThekwini
3. Isingeniso (ukwemukela) intatheli iyamamukela
4. Umzimba (uba nengqikithi, imibuzo emifushane kobuzayo kanti
ophendulayo uyenaba)ubuhle bemiphumela; ukuba sesikoleni;
ukushona kukagogo
Isiphetho (ukusonga) ukuthola umfundaze

I-Inthavyu Phakathi Komfundi WaseLuhana High School Kanye Nentatheli


YeSolezwe

110
(Kusemini ehhovisi lephephandaba iSolezwe eThekwini, intatheli uMnumzane
Zwane ubuza umfundi onguSiyonela mayelana namasu awasebenzisile ukuze
aphumelele ngamalengiso kumatikuletsheni.)

uZwane: Siyathokoza kakhulu ndodakazi ukuthi uma sikumema wasukumela


phezulu.

uSiyonela: Ngiyajabula kakhulu nami baba uZwane ukuba kanye nawe.

uZwane: Ake usichazele wenze ngani ukuba imiphumela yakho ibe mihle
kangaka?

uSiyonela: Kuningi ebengikwenza. Okokuqala ukuba sesikoleni njalo


ngesikhathi sokufunda. Okwesibili ukuba ngihlele kahle isikhathi
sami sokubuyekeza umsebenzi wami.

uZwane: Iziphi izinkinga obhekane nazo ngesikhathi usafunda?

uSiyonela: Ziningi izinkinga engiye ngabhekana nazo ngesikhathi ngifunda.


Ukubalwa ezimbalwa nje, ukushonelwa ugogo okunguyena
obengikhulisa ngesikhathi sokusingakuhlolwa. Ukuswela izidingo
ezinjengokudla njengoba bengihlala emqashweni.

UZwane: Ukwaze kanjani ukubhekana nalezingqinamba zangakuphazamisi


esikoleni?

uSiyonela: Bekungelula kodwa ngisizwe kakhulu othisha ebebengifundisa


okubalwa kubo uthishanhloko kanye nothisha we-Life Orientation
kanye nowesiZulu yibona ebebeqinisekisa ukuthi angisweli lutho.

uZwane: Ikuphi okunye obekukusiza ukuze uphumelele ngamalengiso?

111
uSiyonela: Bengicela amaphepha amadala kothisha, ngilalele izifundo
ezethulwa emisakazweni ngiphinde ngingene emaqenjini ahlukene
ezifundo engizenzayo.

uZwane: Iziphi izeluleko ongazinika abafundi abazobhala kulo nyaka?

uSiyonela: Ngingathi kubona abazimisele kakhulu kunakuqala. Basebenzise


sonke isikhathi abanaso ukufunda bakhohlwe izinto
ezingenakubasiza ezifundweni zabo. Bangakhohlwa ukuthandaza.

uZwane: Njengoba uphumelele ngamalengiso yikuphi ozoya kokufundela?

uSiyonela: Ngamukelwe ezikhungweni eziningi kodwa ngikhethe ukuyofunda


eNyuvesi iWitwatersrand ngiyokwenza izifundo zobudokotela.

uZwane: Siyabonga kakhulu njengephephandaba sizimisele ukukwelekelela


ngomfundaze uze uqede izifundo zakho.

uSiyonela: Ngiyabonga kakhulu, ngizosebenza ngokuzimisela naseNyuvesi


ngibuye ngizosebenza emphakathini wangakithi.
UMYALELO.
Ephephandabeni langakini i-Estcourt news ubone isikhangiso sezikhala zomsebenzi
odinga abazosebenza njengoba kuzovulwa inxanxathela yezitolo ezintsha.

Bhala incwadi yesicelo somsebenzi kanye nencwadi yokuzichaza (i-CV) uyibhekise


kuMphathisitolo Milky Lane shop No.3 Ntabamhlophe Road Estcourt 3310.

P.O. Box 1350


Estcourt
3310
23 Ntulikazi 2025

112
Mphathisitolo
Milky Lane Shop No.3
Ntabamhlophe Road
Estcourt
3310

Mnu. / Nkz. / Nkk.

INCWADI YESICELO SOMSEBENZI

Ngibhala le ncwadi ngenhloso yokucela umsebenzi, lesi sicelo ngisifaka ngoba


ngibone isikhangiso ephephandabeni i-Estcourt news langomhla zi- 15 kwephezulu.

Ngingumfanyana oneminyaka engama-25 ubudala. Ngaphothula ibanga le-12


ngonyaka wezi-2022 eSahlumbe High school. izifundo ebengizenza isiZulu, isiNgisi,
i-Mathematics, i-Physical Sciences, i-Computer Literacy, Life sciences ne Life
Orientation, zonke ngaziphasa ngamalengiso. Angithandabuzi ukuthi lo msebenzi
ungifanele. Ngingumuntu ozimiselayo uma ngenza umsebenzi. Ngiyakuthanda
kakhulu ukusebenza nabantu lokhu okungenza ngikwazi nokuxoxisana nabo
ngendlela eyamukelekile.

Ngike ngabamba iqhaza ekulekeleleni ukudayisa esitolo sakwa V. M motor garage


ngisebenza njengomshayi wethili, iminyaka emibili. Ngaze ngaklonyeliswa
ngendondo yegolide ngenxa yomsebenzi wami omuhle nokuphatha kahle
amakhasimende. Imininingwane eminingi ngami izovela encwadini yokuzichaza.

Ngiyojabula uma isicelo sami samukelekile.


Yimina ozithobayo
uMthobisi Khuzwayo

2. INCWADI YOMSEBENZI
Kwenye iSuphamakethe yangakini badayisa ukudla osekudlulelwe yisikhathi.
Bhalela iphephandaba lendawo yangakini ukhalaze ngalesi senzo.

113
Incwadi yakho ayibe ubude obungamagama ayi- 100 kuya kwayi- 120.
[25]

UKWETHULA INKULUMO ELUNGISELELWE

Umbuzo:

Njengentsha yaseSimozomeni nixhaswe inkampani yakwaMashiyemfene


ngamathuluzi okuqala amabhizinisi. Uye wacelwa ukuthi wethule inkulumo
elungiselelwe.

Amalungiselelo

Isihloko: Inkulumo Yokukhuthaza Osomabhizinisi Abasafufusa ESimozomeni


Ethulwa NguMnu. S. Ngubane ngehora le-10, mhla zi-5 Mfumfu kowezi-2025.

Igama lomuntu othula inkulumo: Ngubane Seluleko


Indawo: Ehholo lomphakathi

114
Isikhathi: 10:00 ekuseni
Usuku: 5 Mfumfu 2025
Isingeniso: Ukubonga ithuba nokubingelela abantu ngokwezikhundla zabo:
Umzimba : Sibongela intsha ngokuzuza amathuluzi azobalekelela.
: Ibhizinisi liyintuthuko emphakathini.
: Zithuthukiseni ngolwazi nezobuchwepheshe akufundwe
Isiphetho: Zibambeni ziqine ningapheli amandla.
Isivaleliso: Ngibonga ithuba mphathi wohlelo.

Inkulumo Yokukhuthaza Osomabhizinisi Abasafufusa ESimozomeni Ethulwa


NguMnu. S. Ngubane ngehora le-10, mhla zi-5 Mfumfu kowezi-2025

Ngibonga ithuba eliyingqayizivele engilinikwe umphathi wohlelo uMnumzane


uNgxongo.
Ngibingelela ngokukhethekile kumphathi wenkampani iMashiyemfene, uMnumzane
uJila, umfundisi uNgcobo olethe umkhuleko, amalunga ekomidi le nhlangano
iThembalihle Co- Op. kanye nayo yonke intsha engaphakathi ehholo.

Baqinsile uma bethi, engakhali ifela embelekweni, intsha yakithi ikhalile kuGcumisa.
Wasabela. Nginentokozo enkulu ukuma phambi kwenu ukuzohalalisela intsha yakithi
ngokuzuza lamathuluzi azolekelela ekuqaleni amabhizinisi abo. Lokhu kuzokwenza
nalaba abese belahlekelwe ithemba ngendlela yokuziphilisa bakwazi ukuvuka
bezithathe.

Sikhumbule ukuthi ukuqala ibhizinisi akukhona nje ukusebenzela ukuba nemali


kodwa kuxazulula izinkinga eziningi emphakathini. Kuvula amathuba emsebenzi,
kuxoshe ikati eziko kwenze kube nentuthuko kubo bonke abazuzile namhlanje.
Kungakuhle nibekezele, nigqugquzeleke kwenikwenzayo, niphokophele phambili
futhi ningavumi ukwehluleka. Ningakhohlwa ukuthi engakhali ifela embelekweni,
ngakho nizibandakanye nabantu asebemnkantshu bomvu abazokwazi
ukunigqugquzela, phela nendlela ibuzwa kwabaphambili.

115
Lolu hambo ludinga nikwazi ukuqhubeka nithole ulwazi olusha oluhambisana
nesikhathi sobuchwepheshe esiphila kuso. Namhlanje
asimukeli kuphela amathuluzi esiwaphiwa abakwaMashiyemfene kodwa sijabulele
nokuthi kuzogcwaliseka ukuthi inkunzi isematholeni.

Khumbula ukuthi akuvelwa kanye kanye kungamadlebe embongolo abanye benu


bazothwala kanzima kodwa kumele bekhumbule o-Harland Sanders,
kanye noHoward Schultz ukuthi bazama kaningi bahluleka kodwa ekugcineni
baphumelela.

Ngibonga ithuba ongiphe lona Mphathi wohlelo.

Esikoleni sakho kuhlelwe umcimbi womkhuleko wokukhulekela abafundi


bebanga le-12 ukuthi babhale kahle njengoba izivivinyo zokuphela konyaka zizoqala
emasontweni amabili azayo. Njengomphathi wesigungu sabafundi ucelwe ukuba ube
ngomunye wezikhulumi kulo mcimbi.

Bhala inkulumo elungiselelwe ozoyethula kulo mcimbi.

116
ISIBUYEKEZO

Incazelo emfushane:

Isibuyekezo siwuvo lobhalayo ngokuthile okungaba


incwadi,iphephandaba, iphephabhuku, isidi (CD), indawo ethile
yokuqeda isizungu okungaba eyokuya ngasesethunjini,
eyokungcebeleka, eyokuzivocavoca njalonjalo. Inhloso yaso
iwukwazisa ngelaka ngento abhale ngayo. Kulindeleke ukuba
isibuyekezo sigxile emaqinisweni egculisa noma engagculisi ukuze
abasifundile bakwazi ukuzithathela izinqumo mayelana nalokno
okubhalwe ngakho.

Izimpawu Zesibuyekezo

Isihloko asigagule ukuthi singesani isibuyekezo.

Kugagulwa imininingwane yento okubhalwa ngayo.

 Sebenzisa kakhulu inkathi ehambisana nalokho osuke okubuyekeza.


 Sebenzisa kakhulu amagama achazayo, amagama athinta imizwa

117
ukuze adlulise kahle umyalezo wakho.
 Sekela umbono wakhe ngokutholakala kulokho abhala ngakho
nangalokho akuthole kweminye imithombo ethembekile ngenhloso
yokuqinisa uvo lwakho.
 Veza isinqumo ngalokho obhala ngakho ukuthi kuhle noma akukuhle
maqede wenze izincomo.

Izibonelo zezihlokwana ezingasetshenziswa uma kubhalwa isibuyekezo:

INCWADI IFILIMU I-CD UMCIMBI UKHETHO


Igama Igama lefilimu Igama le- Uhlobo Igama
lencwadi CD lomcimbi leqembu
Igama Umqondisi/ Igama Usuku Isilogeni
lombhali Abaqondisi lenkampani lomcimbi igama
eqophile Indawo labasohlwini
Abashicileli Isikhathi Igama Abahleli Abaxhasi
lomculi bomcimbi beqembu
Unyaka Inkampani Uhlobo Isikhathi Isikhathi
Eyashicilelwe Yabashuthayo lomculo Somcimbi Sokukhetha
Ngawo
Incwadi Ifilimu Ukuxoxa Ukuxoxa Isibuyekezo
ngamafuphi kafushane kafushane Ngomcimbi Sokhetho
Nge-cd (ngamafuphi) ngamafuphi
Izincomo Izincomo Izincomo Izincomo Izincomo
(okuhle (okuhle (okuhle (okuhle /ukuphawula
nokubi nokubi ) nokubi) nokubi) (ngokuhle
ngayo) nokungekuhle)
Uvo lwakho Uvo lwakho Uvo Uvo lwakho Uvo lwakho
lwakho

Isibonelo sesibuyekezo

Usebenza ngezimpelasonto emsakazweni womphakathi uMshikashika Community


Radio Station emkhakheni wezomculo. Unikezwe umsebenzi wokukhetha umculo

118
okumele udlalwe emoyeni.

Bhala isibuyekezo se-CD obuyilalele.

IMPENDULO
AMALUNGISELELO
Isihloko: Masiveze ukuthi isibuyekezo simayelana nani.
Umzimba:
 Igama le CD nomculi/abaculi bayo/iqembu PAPA Sankomota
 Imininingwane yabashicileli/yabadidiyeli/uphrojusa
 Unyaka eqoshwe/ekhishwe ngawo AFRO
 Uhlobo lomculo/lamaculo ngamafuphi
 Ukuphawula ngokuhle nokungekuhle ngomculo otholakala
kule-Cd Inani lezingoma izilimi ezahlukahlukene

ISIPHETHO
 Uvo lwami izingoma zothando
 Izincomo ayitholakale kuzo zonke izitolo.

Igama le CD: Papa

Imininingwane yabadidiyeli: Sankomota no Tsepo Tsula

Unyaka eqoshwe/ekhiswe ngawo: 1981

Unyaka eshicilelwe ngawo: 2016

Uhlobo lomculo: Afro Music

Ukuphawula ngokuhle nokungekuhle ngomculo otholakala kule-CD

Le CD inezingoma eziyi-8

Amaculo atholakala kule-CD: Papa,Now or Never,Stop The War,Vukani,


Hero,Thulasizwe, Ho Lokile no Shine Your Light.

Le-CD inamaculo amnandi kakhulu, izingoma zakhona zithinta umphefumulo,


ziyakuthatha zikubeke lapho ungazi khona.

Okuhle kakhulu ngale-CD ukuthi umculo wayo udlalwe ngezilimu

119
ezahlikahlukene, zonke izinhlanga ziyakwazi ukuwulalela ziwuqonde.

Amaculo akule-CD aqoshwe aba made ngokwanele ngokwemizuzu.

Uvo lwami

Le-CD ikhuluma ngothando okuyinto ethinta izimpilo zabantu esikhathini


samanje.

Izincomo

Kungaba kuhle kakhulu uma le-CD ingatholakala kuzona zonke izitolo ukuze
bonke abantu abayithandayo bakwazi ukuyithenga.

1. UMSEBENZI
Khetha umsebenzi owodwa kule elandelayo ubhale ngawo
isibuyekezoUbuhambele umcimbi wokugujwa wosuku lokuzalwa komngane
wakho obehlanganisa iminyaka engama-21 ngoJulayi kulo nyaka.

Bhala ISIBUYEKEZO salo mcimbi ngakho konke okwenzekile kusukula


umcimbi uqala uze uyofika ekupheleni kwawo.

2. UMSEBENZI 25
Ube nethuba eliyingqayizivele lokubuka umdlalo kamabonakude
omfushane.
Bhala ISIBUYEKEZO salo mdlalo.

120
I-ATHIKHILI YEPHEPHANDABA/IPHEPHABHUKU

Incazelo emfushane yephephandaba/yephephabhuku

I-athikhili yephephabhuku iyindlela yokuletha ulwazi, inguquko, imininingwane


ethile mayelana nalokho ofisa ukukwedlulisa noma ofuna ukukukhangisa.
Uma ubhala i-athikhili sebenzisa ifonti ehlukahlukene, imibala ehlukahlukene
egqamile. Le midwebo igqugquzela ukuthengisa umqondo othize.
Ungabhalwa ngamagama athize okunezelela okushiwo yizithombe. Amanye
amaphephandaba aphuma nsuku zonke, kanti iphephabhuku lona liphuma
kanye ngenyanga noma kanye ezinyangeni ezintathu. Indlela ebhaleka ngayo
imibiko yephephandaba neyephephabhuku iyefana, kuhluka nje ukuthi
umbiko wephephandaba uzohlala isikhathi esifishane ngoba nephepha lihlala
isikhathi esifishane kanti umbiko wephephabhuku wona uhlala isikhathi eside.
Kusetshenziswa isakhiwo nesitayela esifanele.

121
Qaphela lokhu ngenkathi ubhala:

Indatshana yephephandaba/yephephabhuku kumele ishaye emhloleni;


idlulise lokho okusemqoka. Ifingqe ngokunembayo, ingachezuki eqinisweni.
Iba nesihloko esihle esihehayo. Kwesinye isikhathi ihambisana nesithombe
esicacile.

Okulindelekile uma ubhala i-athikili yephephandaba/ iphephabhuku:

 Isihloko masiveze umongo wendaba kodwa sigodle ulwazi


oluthile ukuze sizoheha.
 Igama lentatheli nendawo okubhalwe kuyona isiqephu
akuvele.
 Umbiko ubhalwa ngendlela yamaphephandaba eba
nezigatshana ezihlelwe ngokwamakhalamu.
 Kweqiwa umugqa phakathi kwezigaba.
 Ulwazi luhlelwa ngendlela yokuthi kuqale okubalulekile.
 Isigaba sokuqala yisona esithwala ingqikithi yendaba ngokuthi
sinikeze lokhu okulandelayo:

Ubani? Wenzani? Kuphi? Nini? Ngoba kwenzenjani? Kanjani?

 Ezigabeni ezilandelayo chaza kabanzi ngalokhu okushiwo


esingenisweni.
 Zama ukuthi i-athikhili yakho ingachemi.
 Kusetshenziswa umlandi ongumuntu wesithathu.
 Bhala amagama abantu khona kuzobonakala ubuqiniso
balokho okushiwoyo.
 Uvumelekile ukuthi usebenzise amagama ashiwo ngumuntu
kodwa ucaphune.
 Ungayisebenzisa inkathi edlule neyamanje embhalweni
owodwa.

Isibonelo se-athikhili yephephandaba

Umyalelo

Sekuzwakale ukuthi kukhona abantu abadayisela abafundi ezikoleni izidlo

122
ezinezidakamizwa.

Bhala i-athikhili yephephandaba mayelana nezimvo/izikhalo zabantu ngenxa


yalesi senzo.

Amalungiselelo

Isingeniso

Ukubhadanywa kwalesi sihlava sokudayiswa kwezidlo ezinezidakamizwa


ezikoleni.

Umzimba

o Ubufakazi bokungenisa lesi sihlava.


o Ukukhathazeka komphakathi ngalesi senzo.
o Ukuqwashisa ngezindlela zokuqeda/zokunqanda ukudayiswa
kwalezi zidlo.

Isiphetho

Ukugqugquzela ukubambisana komphakathi namaphoyisa ekulwisaneni nalo


mkhuba.

Nasi isibonelo sombiko wephephandaba:

Ukudayiswa Kwezidlo Ezifakwe Izidakamizwa Ezikoleni

Kuloba uZandile Gumede eThekwini

Othisha basesikoleni samabanga aphansi iZongile, bethuke boma, kuquleka


abafundi aba-4 bebanga lesi-5 emva kwekhefu lokuqala. Uma bebuza
kwabanye abafundi ukuthi yini imbangela yalokhu, babatshele ukuthi boba-4
bathenge amagwinya abedayiswa esangweni.

Laba bafundi baphuthunyiswe eMtholampilo, ofike wakuqinisekisa ukuthi


badle ukudla okunezidakamizwa. Emtholampilo babasizile ngokususa
izidakamizwa emzimbeni yabo. Othisha bakhuthaze ukuthi kuthungathwe lo
muntu odayisele izingane ukudla okunezidakamizwa.

123
Umphakathi wona ubhodla umlilo ngalesi senzo. Sebephawula nokuthi lo
mkhuba usuyanda kule ndawo. Baphawula nokuthi ziningi izikole lapho
kudayiswa khona ukudla okunezidakamizwa. Baxakwa nawukuthi kungani
laba bantu bedayisela izingane izidakamizwa. Abanye basola ukuthi
kungenzeka ukuthi bafuna ukuzintshontsha izingane uma sezidakiwe
izidakamizwa, bazidayise ukuthi ziyogqilazwa kwamanye amazwe.

USihlalo wesiGungu sokuphatha isikole waphawula wathi “Sekuyisikhathi


sokuthi kuhlolwe kahle bonke abantu abadayisela izingane ukudla ukuze
izigila mkhuba zizobanjwa”. Kuphakanyiswe ukuthi umphakathi uhlangane
namaphoyisa ukulwisana nalo mkhuba.

2. Indawo enihlala kuyona igcwele izakhiwo ezingahlali muntu. Lezi zakhiwo 25


seziphenduke izidleke zezinswelaboya.

Bhala i-athikhili yephephandaba ubeke izikhalazo kanye nezisombululo


zalolu daba.

3. Endaweni yangakini kade umgqwaqo uvaliwe ngenxa yombhikisho 25


wezimfuno zomphakathi.

Bhala indatshana yephephandaba uxoxe ngalesi sigameko osibonile.

Iphephabhuku, iKusa Kusa, inengosi yokubhala imibono yentsha.

Bhala i-athikhili yephephabhuku ugqugquzele intsha ukuba isungule ezikaqeda


isizungu emphakathini.

124
UMLANDO KAMUFI
Kudlule emhlabeni umalumekazi wakho emva kokubandakanyeka engozini yemoto.
Umndeni ucele wena ukuba ubhale umlando ozofundwa emngcwabeni wakhe. Bhala
umlando kamufi.

Impendulo yombuzo wakho ibe ubude obungamagama ayi-100 kuya kwayi-120.

Amalungiselelo

Isihloko

Amagama aphelele kamufi. –Babhekile Ngcobo

Isigaba 1:

Amagama aphelele kamufi, usuku lwakhe lokuzalwa, 1980 abazali bakhe indawo
azalelwa kuyo, eMpolweni nosuku adlule ngalo emhlabeni.

Isigaba 2:

Imfundo yakhe yamabanga aphansi,eNkosenhle amabanga athe thuthu eDingane


namabanga aphezulu.

125
Isigaba 3:

Izindawo asebenze kuzona, Ermelo Mine neqhaza abelibambile


emphakathini.ukuqoqa izintandane

Isigaba 4:

Abantu abayigazi lakhe abashiyile emhlabeni. Umama umyeni abafowabo nezingane

Isiphetho:

Amazwi okumvalelisa.

Umlando Kamufi uBabhekile Gladys Ngcobo

UNkosikazi Babhekile Gladys Ngcobo wazalwa mhla ziyi-10 kuNhlaba ngonyaka we-
1980,endaweni yaseMpolweni,ezalwa uMnu.Gilbert Zulu osalala kobandayo kanye
noNkk.Nomzamo Zulu uMaMkhonza osadla anhlamvana.Udlule emhlabeni
ngokukhulu ukuzuma emva kwengozi yemoto enyantisa igazi mhla ziyisi-6
kuNtulikazi kowezi-2025.

UNkk.Babhekile waqala imfundo yamabanga aphansi eNkosenhle Primary School.


Wadlulela eDingane High School eyokwenza amabanga aphezulu. Wafika wagila
izimanga ebaqwaqwada emakhanda. Abafundisi bakhe babengawuvali umlomo
ngokukhalipha kwakhe edla umhlanganiso kuzo zonke izifundo. Ukuphumelela
kwakhe ngamalengiso ebangeni le-12 kwamenza wahlomula ngomfundaze
kaMasipala wokuyokwenza iziqu zobuNjiniyela eNyuvesi yaKwaZulu nokuyilapho
azuza khona iziqu zobuNjiniyela.

Ngemuva kokuphothula iziqu zakhe wayeseyinyama ezinkampanini eziningi.Waqala


ukusebenza e-Ermelo Mine, eMpumalanga.Ukusebenza kwakhe ngokuzikhandla,
kwamenza washesha ukukhushulelwa esikhundleni sokuba nguMphathi wemayini.
Wayengazibekile phansi esiza nomphakathi ontulayo. Wayenikela ngezishuqulwana
zokuya ngasethunjini kulabo abesweleyo.Ubeseqoqe nabantwana abayizintandane
wabanikeza uphahla. Konke ekwenza engabheke nzuzo.

Ushiye emhlabeni umama wakhe, umyeni wakhe, abafowabo abane kanye


nezingane zakhe ezimbili.

126
LALA NGOKUTHULA MAPHOLOBA SIYOHLALA SIKUKHUMBULA UYIBEKILE
INDUKU EBANDLA!

1. INDABA EDAZA INKANI (Argumentative essay)


Kule ndaba edaza inkani umfundi uqala ngokukhetha uhlangothi avumelana nalo
noma aphikisana nalo esihlokweni abhala ngaso. Umfundi angavumelana noma
aphikisane nesihloko. Umfundi kumele agxile kakhulu kulolu hlangothi ahambisana
nalo.

Esingenisweni umfundi kumele asicacisele ukuba yena uzoncika ngakuphi. Kumele


kuvele uhlangothi azogxila kulo endabeni.

Emzimbeni wendaba umfundi wenaba ngamaphuzu asekela uhlangothi alukhethile


esingenisweni.
Esiphethweni umfundi ucacisa noma ugcizelela isizathu zokuthatha lolo hlangothi
alukhethile.

UMBUZO
AMALUNGISELELO
Indlela Abelaphi Bendabuko Abasebenzisa Ngayo Amakhambi Kuleli LikaMthaniya
Iyancomeka.

127
1. Isingeniso
2. Ukubulawa kwabebala elimhlophe
3. Ukuthwala
4. Ukuxegelwa yizimilo
5. Ukuthengwa
6. Izilinganiso nokuphelelwa isikhathi
7. Izifo
8. Ukulutha abantu
9. Ukubhila abantu abangasekho
10. Isiphetho

Nasi isibonelo sendaba edaza inkani:

Indlela Abelaphi Bendabuko Abasebenzisa Ngayo Amakhambi Kuleli LikaMthaniya


Iyancomeka.

Indlela abelaphi bendabuko abasebenzisa ngayo amakhambi kuleli ayincomeki.


Abelaphi bendabuko okubalwa izinyanga, abathandazi nezanusi sebenalo iphunga
elibanukisa okomzondo ngendlela isikhathi esiningi abasebenzisa kabi ngayo
amakhambi.

Sekuyinsakavukela ukubulawa kwabantu abazalwa benebala elimhlophe ngoba


kuthiwa kwenziwa ngabo umuthi wenhlanhla. Laba bantu bacwiywa izitho zabo
zomzimba. Kuba ngumqansa lapho ingalo yomthetho ithungatha ababulala laba
bantu abagila lo mkhuba. Isikhathi esiningi batholakala kuye kunukwe bona abelaphi
bendabuko. Umuntu utholakala esekopolotwe amehlo, ekhishwe, isitho sangasese,
kube sengathi bekuhlinzwa inyamazane le ehlala ehlathini kanti umuntu. Impela lesi
senzo senzo singubulwane isibili.

Indaba ayigcini nje kulo mkhuba wokubulawa kwalolu hlobo labantu abazalwe
benebala elimhlophe. Kulezi zinsuku enye indaba esematheni kubantu abaningi
ukuthwala. Abantu bakithi abampisholo sebedudana ngokuya ezinyangeni
ezithwalisayo ukuze bezoceba, bahambe ngezimoto zemali eshisiwe ngoba
bangonontandakubukwa njengesakabuli. Izinyanga uma zibathwalisa kusuke
kunemigomo okumele bayilandele, ngisho labo phela asebezidele amathambo baye
kothwala. Abanye bathi kumele unyaka nonyaka umuntu ayise kwagoqanyawo
ingane yakhe noma abazali bakhe. Umuntu othwele, lokho asuke ekuzuzile
ekugcineni kuyashabalala njengamazolo ebona impakamo. Lapho-ke usuke
esewumtshingo ubethwa ngubani, esehla enyuka engasenasinqe efuna usizo.
128
Izinyanga azibe zisamsiza uma sekungasahambi kahle kodwa zivele ziphele
emehlweni, zishaye utshani.

Akugcini nje ngalo mkhuba wokuthwala. Abanye abelaphi bendabuko uma belapha
umuntu wesibhuda baba nogovane abalobizayo. Bagcina sebeconsa amathe kuhle
kwengcanga ibona ithambo bese bemphambanisela imithi. Bamfaka umuthi
wentando bese ekhohlwa isoka noma umyeni osuke emlethe kulo gobela ukuze
asizakale. Umyeni noma isoka lalowo muntu lisala lincela isithupha, likhihla
esikaNandi isimthathile inyanga, uma ethi uyiphinqela amaqaphelo uyalutheza
olunenkume. Uyoshaywa ngezulu noma athunyelelwe omantindane bamyise
koyisemkhulu.

Ukuthengwa kwabelaphi bendabuko ngabantu abenza izenzo ezigwegwile


sekudlangile. Usuthola izinswelaboya ezifuna ukuyobamba inkunzi izinqolobane
zenkece kumbe izitolo ziqala kuye umelaphi wendabuko abagqihise ukuze
zingadubuleki lapho bebhekana mahlanze nengalo yomthetho. Osomatekisi
nezinkabi zabo bamiswa isibindi yiyo imithi le abagcatshwa ngayo abelaphi
bendabuko. Bayodubulana-ke kuze kuchaphazeleke nabantu abamsulwa abasuke
bengangene kuleli qatha abasuke belibanga.

Imithi yabelaphi bendabuko mibi ngoba ayinasilinganiso. Umelaphi wendabuko


ukulinganisela ngelunga lomunwe. Uma elakho lilide njalo kunelakhe, ungazithola
usuya kobandayo. Indaba yokuthi lo muthi uphelelwa nini isikhathi ayisetshenzwa
leyo, ngisho owenziwa eminyakeni eminingi edlule ungaqhabuliswa nje yona.
Inhlanzeko abakhwekazi kule mithi. Imbiwa inekwe egcekeni eminye ifakwa izilwane
ezinekwe phandle zaze zomela khona zingenwa izimpukane. Gula-ke, uzokhothiswa
yona injalo, inhliziyo ithi cifi cifi uma unomthakathi uyabuya.

Izichitho, izipoliyane, umeqo ngokunye okwenziwa abelaphi bendabuko. Ezikoleni


eziningi kuleli likaMthaniya bese kungathi umqhudelwano ukumpongoloza
kwamantombazane. Bekunede kusho eyodwa ngengila uyozwa kuyoduma isikole
nabanye sebenanela bevukwa yizo izipoliyane belu. Ukufunda kuyaphazamiseka
ngoba abanye bafuna ukuhlaba ngejubane bengazi ukuthi bayaphi. Lesi senzo
esisetshenziswa ovukuvale bezishimane behlangene nabelaphi bendabuko.

Abaningi abelaphi bendabuko bangohubhu kabhejane futhi bangogombela kwesabo.


Laba abanye baphotha ilumbo bebhixa abantu ngodaka emehlweni bethi belapha

129
isandulela ngculazi nengculazi uqobo. Abantu bayokhotha, bancinde, bachathe baze
baye kwagoqanyawo ngoba bethemba umelaphi onamaphosiso. Abanye abelaphi
laba abethwasisayo uma bebona ukuthi kudliwa kahle kubo kwethwasa bayalibamba
ngophondo bangaliphothulisi belokhu bethi sekukhona okuvelayo babize eshisiwe
imali. Uyidla imali yethwasa lize lisale limathanjana lapho yena ukhuluphele
uyaqhuma useze aphume ngisho ilunda.

UMdali wadala umuntu ukuthi uyophila bese ebuyela kuye uma esedlula emhlabeni.
Kunabantu abahamba ngesandla sabanye abantu okungaba ukubagwaza noma
ukubadubula. Umndeni woshonile uya kumelaphi azosebenza ngemithi umzimba
womuntu osethule ukuze abuye azolanda lo ombulele. Lowo muntu akayi kuMdali
ngoba ufa egcwele lezi zitaputapu futhi ethunywa ukuthi azule azobulala lo
ombulele. Lesi senzo sikhomba ukushabalala konembeza wokwazi ukuthi umuntu
ungokaMdali.

lmpela ngiyayihlaba, ngiyayihlikiza eyabelaphi bendabuko bezikhathi zamanje kuleli


likaMthaniya. Kuningi abantu bakithi asebebadukisa ngakho ngenxa yokuthi bona
bafuna imali. Le ndlela abaqhuba ngayo akusekude ibafake enkingeni enkulu.

130
INDABA EQHATHANISAYO
Izinkundla Zokuxhumana Eningizimu Afrika
Izinkundla Zokuxhumana Eningizimu Afrika
Amalungiselelo

Isingeniso:

- Ubuhle/ Ububi

Umzimba:

- Ulwazi
- Kwezemfundo
- Kwezomnotho
- Ubugebengu
- Ngcindezi
- Ezempilo

Isiphetho:

- Ukubambisana

131
Baqinisile uma bethi akukho soka lingenasici, lezi zinkundla zokuxhumana
Facebook, Whatsapp, Twitter, Instagram, TikTok njl. zifike noguquko olukhulu
ezimpilweni zabantu eNingizimu Afrika. Zenze impilo yabalula nakuba kukhona
okushaya amanzi ngazo.

Lezi zinkundla zenze kwaba lula ukuxhumana kwezakhamuzi lokhu kwenza kube
lula ukuphawula kanye nokwabelana ngolwazi. Zisheshisha indlela yokuxhumana
phakathi kwabantu kulethe nobuqotho. Zikhuthaza umoya wobumbano
nokubambisana kuthuthukise nemibono emisha. Kuqinisa ubudlelwano phakathi
kwezithandani, izihlobo, abangani abaqhelelene ngenxa yomsebenzi noma
ukufunda. Ziyalekelela kubantu abasha bangabi uvanzi bahlale komakhalekhukhwini
babo.

Abafundi basebenzisa izinkundla zokuxhumana ukuthola ulwazi olwengeziwe


ngezifundo zabo, okubalekelela ukuthi bafunde ngisho sebesemakhaya, kubasize
ukuthi bawenze ngempumelelo umsebenzi wabo wesikole. Kulekelela nothisha
ukuthi baxhumane nabafundi ukubanika umsebenzi besemakhaya. Ziphinde zibe
usizo kubantu bonke ngolwazi oludingakala mihla namalanga ezimpilweni zabo.

Zilekelela osomabhizinisi ekukhangiseni imikhiqizo yabo bekwazi nokuxhumana


nabathengi okwenza kube lula ukuthola ulwazi ngalokhu abakudingayo. Zikwazi
ukuhlanganisa izihlobo ezikade zadukelana noma zagcinana ziphinde zihlanganise
nabangani abangasazani.Ziwusizo olukhulu kubantu abafuna umsebenzi
basebenzisa zona ukuze bathole ulwazi. Zehlisa nengcindezi amahlaya atholakala
khona akwenza ukhohlwe usizi ngenxa yawo lamahlaya.

UHulumeni usebenzisa izinkundla zokuxhumana ukuthula umbiko wezwe lonke


jikelele, lokhu kwenza ukuba akwazi ukuxhumana nabantu abaningi ngesikhathi
esisodwa. Ziyalekelela ekongeni imali kubantu esikhundleni sokuyobuka ibhola

132
ezinkundleni zemidlalo bavele balibuke ezinkundleni zokuxhumana. Zisinika ulwazi
nokwenzeka emhlabeni wonke jikelele.

Nakuba zifike noshintsho kodwa kukhona izinqinamba okufike nazo. Izigilamkhuba


zithola ithuba lokwenza ubugebengu zisebenzise izinkundla zokuxhumana. Ziqola
izimali zabantu bebathembisa umsebenzi engekho. Zikwazi ukuthatha imininingwane
yomuntu kuzo izinkundla zokuxhumana bese zenza ubugebengu ngayo, babuye
babhebhethekise ulwazi olungelona iqiniso okugcina kudicilela phansi isithunzi
salabo bantu ikakhulukazi osaziwayo. Abanye badlulisa imiyalezo ngabanye abantu
engasilona iqiniso bagcina bethi abasekho emhlabeni bebe bephila njengosheleni.
Bafuna nodumo ngezinto ezingezinhle nezihlukumeza abanye abantu

Abafundi bazithola sebehlelele zona izinkundla zokuxhumana esikhundleni


sokufunda bagcine bengaphumeleli ezifundweni zabo. Imindeni eminingi iyabhidlika,
abanye baphehla udweshu kuzo lezi zinkundla zokuxhumana.Abanye basebenzisa
ulimi oluhlambalazayo bakhohlwe ukuthi baningi abantu ababonayo ngisho
nezingane imbala.

Kungenza isimo sempilo yakho ibentekenteke ngenxa yomqondo wakho ongawuniki


ukuphumula ngoba uhlala uwugqilaza, nokulahlekelwa isikhathi sokuphumuza
umzimba wakho ngenxa yokuchitha amahora amaningi ezinkundleni zokuxhumana.

Izinkundla zokuxhumana zifikele ukwenza impilo ibelula, abantu abazame


ukusebambisana ukuze singazisoli ngalo hlelo oluhle kangaka esililethelwe
uHulumeni wethu

INDABA ESUSELWA ESITHOMBENI

133
Impela Ngiyokhohlwa Ngifile
AMALUNGISELELO
1. ISINGENISO

1.1.Kwakunini
2. UMZIMBA
2.1. Indlela engangizizwa ngayo
2.2. Injabulo esikoleni
2.3. Ubuhle bemvelo
2.4. Ukufika eMgungundlovu
2.5. Okwenzeka Ngesikhathi sekhefu
2.6. Ukutholakala kweqiniso
3. ISIPHETHO
3.1. Isifundo

Impela Ngiyokhohlwa Ngifile

Amakhaza ayeshubisa umkantsha kwazise kwabe sekuzinsukwana liyidliva eMtubatuba.


Kwakumnyama bhuqe phandle, kwakungalaleki ngilokhu ngivuka ngiqalaza phandle ngoba
ngangilangazelela lolu hambo esasizoba nalo ngakusasa.

134
Mina noLusanda sasingamathe nolimi singahlukani sIdalo. Ekhaya babenqabile ukuthi
ngihambe nesikole ngiye eMgungundlovu kodwa uLusanda wabancenga baze bavuma
abazali ngoba babemethemba. Lwafika usuku olungaliyo. Ngavuka kusempondozankomo
ngageza, amadambi ayebanda njengeqhwa kodwa konke lokho ngakushaya indiva.
Kwethuka ngisho umama ngoba ngangilale ngimcele ukuthi angivuse ukuze ngingaselwa.
Esikoleni engifunda kuso kwakunohambo olwalubheke eMgungundlovu ukuyofunda izifundo
zoLimi. Inhliziyo yayigxumagxuma isho ukuphuma ngomlomo ngenxa yenjabulo. Ngaphuma
ekhaya, ngihamba ngeqa amazolo lapha endleleni ebheke esikoleni. Ngangizobe ngiqala
ngqa ukuhamba ibanga elide ngebhasi, mina ngizijwayelele izimoto zakwaDube ezithutha
abantu ababheke edolobheni langakithi.

Esikoleni kwakuphithezela, abazali belethe abantwana babo ngezimoto zikanokusho. Injabulo


yayibhalwe ebusweni kubafundi kanye nothisha basesikoleni. Lafika ibhasi elalilindiwe
kwaqalwa kwabizwa amagama ebhukwini ngokulandelana. Mina ngangena ngilandelana
nomngani wami uLusanda kwazise sakhokha silandelana. ULusanda waphoqa ukuthi
imiphako yethu siyihlanganise sidle ndawonye ukuze ukudla kuzokwanda. Kwakungekudla
okutheni kwazise imindeni yethu ayithathi ntweni, idla imbuya ngothi. Laduma ibhasi,
sahamba.

Abafundi ebhasini babehlabelela bekhombisa injabulo. Babodwa ababegida abanye


behlabelela izingoma zokholo. Endleleni sasibona izilwane ezahlukahlukene, sicele ukuma
sithwebule izithombe, umama wayengiboleke umakhalekhukhwini wakhe ngoba mina
ngangingenawo ukuze ngizokwazi ukuthwebula izithombe ngibuye ngizobakhombisa ekhaya.
Sashosholoza njalo ngebhasi laze layoma kwelikabhanana. Sehla sangena ezitolo sathenga
ngoba abazali babesinikezile imali yokuthenga phambili. Mina ngangizohlanganisa imali
nomngani wami uLusanda.

Sagcina sifikile eMgungudlovu lapho ebesilibangise khona, abafundi


babengangezimpethu zendlovu bevela ezindaweni ezahlukehlukene. Sayalelwa
ukuthi izimpahla esasiziphethe sizishiye ebhasini ngoba kuphephile khona. Senza
njengomyalelo kwase kuqalwa esasikuzele. Sasihamba sikhonjiswa Imikhakha
eyahlukahlukene kweZolimo kusukela ezitshalweni kuye emfuyweni. Esasikubona
kwenza ukuba sihungeke, safisa ngempela ukungena shiqe kwezolimo.

Ngezikhathi zekhefu sabuyela ebhasini noLusanda, safica abakhapheyana ababili


bemi eceleni kwebhasi esasihamba ngalo. Ngangena ngaphakathi. Uma ngingena

135
ebhasini ngiphonsa amehlo emuva, ngabona umkhapheyana omile ophethe
umkhono wekati. Ngethuka ngagelekeqela. Ngathi ngiyahlehla naba abanye
ngemuva. Bathatha umakhalekhulekhukhwini kimi kanye nemali engangiyiphethe.
Ngangiqhaqhazela ngingazi ngizomemeza bani ngoba lesi sehlo ngangisiqala.
ULusanda wavele wabaleka ebona lokhu ngasala dengwana. Okwangimangaza
kakhulu ukuthi sasihlala sithembisana ukuthi siyofa lapho okufa khona omunye.
Emveni kwemizuzu engemingaki kwafika abakwasidlodlo ngoba kukhona owabona
isehlo wasehlaba umkhosi wabikela amaphoyisa. Laba bafana babesekhona eduze
basheshe babanjwa nokulapho okwavela khona ukuthi okayise bakaLusanda laba
ebebengibamba inkunzi futhi bebethunywe nguyena ukuzongigcweleza.

Lolu suku ngiyolukhohlwa ngifile. Ngabona ngalelo langa ukuthi umuntu angembatha
isikhumba semvu kanti uyinyoka efuna ukukuqhobozela. Angisophinde ngisondeze umuntu
empilweni yami ngoba lokhu okwenziwa uLusanda kwangishiya ngithuthumela.

(amagama angama-389)

[Icashunwe ku – inthanethi]
AMALUNGISELELO

1. ISINGENISO
1.1. Iyini imfundo nokuphupha
2. UMZIMBA

136
2.1. Isisekeko sempilo namasiko abantu
2.2. Imfundo esemazingeni aphansi
2.3. Ukuvunjululwa kwamakhono ayisisekelo samaphupho.
2.4. Izifundo mayelana nokukhethwa kwemisebenzi
engamaphupho.
2.5. Imfundo esemazingeni aphezulu.
2.6. Ukubekezela kuzala impumelelo
3. ISIPHETHO
3.1. Ukulalela nokubekezela emfundweni kuyaphumelelisa.

Ngemfundo Angafezeka Amaphupho Akho.

Amaphupho nemfundo kuyisisekelo sanoma yimuphi umuntu ophila kulo


mhlaba. Amaphupho yilokho esisuke sikufisa ezimpilweni zethu kanti
imfundo ulwazi olunhlobonhlobo ngempilo nangendlela yokuziphatha
kwabantu.

Imfundo ibalulekile ngoba iyisisekelo sempilo futhi ikufundisa kabanzi


ngosikompilo nangemikhuba yabantu. Kuleli zwe umntwana ufundiswa
amasiko nemikhuba kanye nenkolo okukholelwa kuyo kulelo khaya
azalelwe kulo. Abazali bomntwana osuke ezelwe yibona abamfundisa
yonke le mikhuba okanye lezi mfundiso emndenini ize ifike ezingeni lokuthi
ingene ezikoleni.

Emazingeni aphansi asesikoleni esingabala kuwo izinkulisa, kuba


umsebenzi wabafundisi ukuqaqa ingqondo yomntwana bayijwayeze
ukufunda, bafukule amakhono anhlobonhlobo emfundo lapha
okuphembeka khona kuvuleke iphupho lomntwana ngomntwana. Nakuba
lokhu kusuke kunganakiwe umntwana.

Ukuphuma komntwana enkulisa eya ukuyoqala imfundo yamabanga


aphansi yilapho afunda khona ulwazi olunhlobonhlobo ngezinhlobo
zomsebenzi aphinde avukuzeke nothando lomsebenzi afuna ukuwenza
uma esekhulile. Kukuso lesi sigaba lapho khona umntwana aphupha eyinto
ethile bese kuthi ngokwelekelelwa yisikole kanye nokubambisana nabazali
akhuthazeke futhi aheheke emsebenzini awuthandayo. Ukuba khona

137
komuntu oyisifundiswa futhi ophumelelayo empilweni, kuyabakhuthaza
abantwana ukuba bafunde ngokuzimisela.Loyo muntu uba yisibonelo
esihle aphinde akwazi ukukhuthaza, akhombe indlela achaze
ngokubaluleka kokuphupha kanye nokufeza lelo phupho

Ezifundweni umntwana azifunda esikoleni usuke esezibona eyinto ethile


ekusaseni lakhe. Inqobo nje uma elalela iziyalo nemiyalelo uyakubona
ukubaluleka kwemfundo lokho kuyamholela ekutheni amaphupho akhe
afezeke. Kukulo futhi leli zinga noma isigaba umntwana alolongwa khona
nalapho athola khona ulwazi oluyisisekelo samaphupho akhe. Lokhu kusho
ukuthi yilapho akwazi khona ukukhetha nezifundo ezihambisana
nemisebenzi yamaphupho akhe.

Ezingeni lemfundo ephakeme kuyilapho asuke esefundela lowo msebenzi


oyiphupho lakhe. Kuba kuhle kakhulu uma ekhatha imikhakaha
engajwayelekile njengakho ukushayela izindizamshini. Bambalwa kakhulu
abebala elinsundu abangene kulo mkhakha. Kulesi sigaba umntwana
usuke esebhekene ngqo nezifundo zomkhakha oyomsimamisa impilo
yakhe yonke. Ukubekezela kuzala impumelelo, phela lokhu kusho ukuthi
ngokubekezelela izingqinamba ohlangabezana nazo ugweme zonke
izilingo empilweni usafunda ugcina uphumelele.

Ukubekezelela imfundo kuze kuyofika ekugcineni kwenza ukuthi kube lula


ukuthola umsebenzi. Umsebenzi osuke uwutholile ngokwezinga lemfundo
onayo kuba oholela kakhulu futhi uwenza ngokukhulu ukwethembeka
nangokukhululeka kwazise usuke uwukhethe ngoba uwuthanda.

Ngemfundo kungafezeka onke amaphupho akho. Inqobo nje uma uzolalela


iziyalo nemiyalelo yabazali kanye nabafundisi bakho. Feza amaphupho
akho ngemfundo ube yisibonelo esihle kwabanye abafundi ubagqugquzele
ukuthi bazame ukukhetha amakhono angajwayelekile emisebenzi.

(Inani lamagama -340 )

IMIKLOMELO /50/
QAPHELA

138
Omunye umfundi angakwazi ukubhala indaba elandisayo ngesithombe esingenhla.
Leyo ndaba ingaba ngabangani abakhula bexakekile noma behlupheka kodwa
ngokubambelela emfundweni bagcina bephumelele baba ngabashayeli bezindiza.

IZIMPENDULO

UMSEBENZI 1

UMBHALO A (OFUNDWAYO)

1.1 Impi yokulwa nobugebengu √ (1)

1.2 Ubugebengu obuhamba phambili obokwebiwa kwezimoto √ (1)

1.3 Lezi zigaba zikhuluma ngezinto ezifanayo, ukuhlukumezeka ngokomoya. √


Isigaba sesi-3 sikhuluma ngabafundi abasuke besebancane ngokweminyaka
ubugebengu obenzeka esikoleni kubashiya behlukumezekile ngokomoya√
kanjalo isigaba sesi-4 sikhuluma ngabanikazi bemizi abafika kugqekeziwe
kwathathwa izimpahla zabo abazisebenzele kanzima nabo bayahlukumezeka
ngokomoya.√
(3)

1.4 Umuntu othanda impilo ewubukhazikhazi usuke ethanda ukuphila impilo


ephezulu njengokuba nemoto enhle, umuzi omuhle, izingubo zikanokusho
njalonjalo. Kwesinye isikhathi usuke engeke akwazi ukuyimela bese efuna

139
ezinye izindlela zokuthola imali yokuphila le mpilo. √√√
(3)

1.5 C. isihluku.√ (1)

1.6 Umbhali ubehlose ukuseluleka/ uyasiqwashisa ngokuthi singabothula uma


sibona ubugebengu benzeka phambi kwethu. Kufanele ubugebengu sibubike
uma senze njalo sobe sisindise izimpilo zabantu abaningi ebebengaba izisulu
(2)
zobugebengu.√√
(Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukelwa)

1.7 Ngicabanga ukuthi uhulumeni kumele asebenzisane nezinhlaka ezibhekelele


ubugebengu njengamaforamu alwa nobugebengu, izinkampani zonogada,
umphakathi njalonjalo. Kufanele njalo ngenyanga kuzokwethulwa imibiko
ngosekwenziwe ukulwa nobugebengu.√√√
(Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukelwa) (3)

1.8 Kungaba nomthelela omubi ngoba izigebengu zingazicanasela emphakathini


zenze ezikuthandayo futhi zibe neqholo lokuthi ngeke zenziwe lutho uma
kungabikwa ubugebengu ezibenzayo.

(Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukelwa) (2)

1.9 Kuwumbono. Bakhona abantu abadonsa izigwebo ezinde emajele kodwa


babuye bezokwenza ubugebengu emphakathini babuyele khona ejele
badonse.√√ (2)
(Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukelwa)

1.10 Umbhali uyiphethe kahle indaba yakhe ngoba ubugebengu kwesinye isikhathi
benziwa abantu esibaziyo okungaba omalume bethu, abazala, abangani njl.
Kufanele sibabike emaphoyiseni uma sibona bebenza ubugebengu singathuli
nje kodwa sibe sazi ukuthi bayizigebengu.
(Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukelwa) (2)

UMBHALO B (IZIMPENDULO)

1.11 Izinto engizibona esithombeni soku-1 yilezi ezilandelayo:

140
 Abantu abamile.
 Izihlahla.
 Imali esaphazeke phansi.
 Imoto yemali eginqikile.
(Okubili kwalokhu okungenhla)

1.12 Kunabantu abajaha izigebengu ezingaphakathi emagcekeni esikole. (2)

1.13 Umqondo oqukethwe isigaba sesi-5 esikuMBHALO A kanye nokwenzeka


esithombeni sesi-4 esikuMBHALO B kuyefana. Isigaba sesi-5 esikuMBHALO
A sikhuluma ngokudlanga kobugebengu okwenza umphakathi usukume
wakhe amaforamu asebenzisana namaphoyisa.√√ kanjalo esithombeni sesi-4
esikuMBHALO B sibona iforamu ixoxisana namaphoyisa ukuzama izindlela
zokunqanda ubugebengu. √√ (4)

1.14 Ubungozi angazithola ekubona owesilisa osesithombeni sesi-2 obokuthi


ngenkathi esathi uyagqekeza umuzi kufike umnikazi wawo amdubule noma
amaphoyisa ambophe, umndeni wakhe ungene ezindlekweni
ezingenasidingo. √√ (2)
(Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukelwa)

[30]
UMSEBENZI 2

UMHLAHLANDLELA WOKUMAKA

UMBHALO A (OFUNDWAYO)

2.1 Inqubo ehlelekile yokuxoxisana ehlose ukuhlanganisa abantu abahlukene


esizweni ukuze baxoxisane ngezinto ezibalulekile.√√
(2)

2.2 Kuzobe kuxoxwa ngezinkinga ezikhungethe isizwe ukuze kube nombono


ofanayo ngekusasa bese kuhlahleka indlela eya phambili. √√ (2)

2.3 Bazobe bevela emikhakheni elandelayo:


 Kwezemidlalo.√

141
 Kwezamasiko; √
 Kwemabhizinisini√
 Kwezomthetho.√
(2)
(Okubili kwalokhu okungenhla)

2.4 Umsebenzi weKomiti elilungiselela ingxoxo kaZwelonke kuzoba ukuvukuza


ukuze kuthi ifika konke kube sekumi ngomumo ukuze kungakhalwa
ngokuthi ayihlelekile.√√

(2)

2.5 C/amaphoyisa.√ (1)

2.6 Ngicabanga ukuthi umphakathi ungahlangana wenze izivande bese uya


emNyangweni weZolimo ucele ukuba usizwe ngembewu noma
ogandaganda abazolima.√√
(Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukelwa)
(2)
2.7 Umqondo oqukethwe yisigaba sesi-3 mayelana nengxoxo kaZwelonke
awufani.√ Kukhona ababona ingxoxo kaZwelonke iwukumosha imali futhi
babona ukuthi ngeke ize isize muntu.√ kanti abanye babona ingxoxo
kaZwelonke izosiza isizwe ngoba uHulumeni uzobe esenza izinto ezifunwa
abantu futhi azisukumele izinkinga zabo.√ (3)

2.8 Imbangela eyenza imiphakathi izithola ibhikishela uhulumeni uma


inezinkinga isuke ikhombisa ilaka layo.√√
(2)

2.9 Lesi sitatimende sinabo ubuqiniso ngoba uma othisha behlaselwa


izigebengu ezikoleni kuphindelela bagcina bezishiya lezo zikole. Izingane
zisala zingenamuntu ozozifundisa noma kungekho ozobuyekeza
umsebenzi kanye nazo. Ekupheleni konyaka zithole imiphumela
engagculisi.√√ (2)
(Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukelwa)

2.10 Umbhali walesi siqephu usitshela ngemibono eyehlukene ekhona mayelana


nengxoxo kaZwelonke. Kukhona ababona izosisiza isizwe kulezi zinkinga
kanti kukhona abaphikisana nayo ababona kuwukuchitha isikhathi ngale

142
ngxoxo kaZwelonke.√√
(Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukelwa). (2)
UMBHALO B (OBUKWAYO)

2.11  Abantu bezinhlanga ezehlukene.√


 Abantu besilisa.√
(2)
 Abantu besifazane.√
(Okubili kwalokhu okungenhla)

2.12 Esithombeni sesi-2 kunabantu abahlezi emhlanganweni belungiselela


ingxoxo kaZwelonke eNingizimu Afrika.√√
(2)

2.13 Umqondo oqukethwe yisigaba sesi-2 esikuMBHALO A ofundwayo kanye


nesithombe sesi-3 esikuMBHALO B obukwayo uyefana owokukhethwa
abantu abavelele futhi abanamava emiphakathini.√√ Esigabeni sesi-2
kushiwo ukuthi uMongameli ukhethe abantu abavela emikhakheni
eyehlukene njengezemidlalo, amasiko, emabhizinisini kwezomthetho njl.
okungoDokotela Gcina Mhlophe√ kanjalo esithombeni sesi-3 sibona
uDokotela Gcina Mhlophe ozobe eyingxenye yengxoxo kaZwelonke.√ (4)

2.14 Lo wesilisa osesithombeni sesi-4 ubalulekile ngoba uzokwazi ukunikeza


ulwazi olubalulekile mayelana nezinkinga, amathuba njl. ebholeni lombhoxo
nokwakha isizwe kube kusetshenziswa ingxoxo kaZwelonke. √√
(Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukelwa)
(2)

[30]

UMSEBENZI 3
IZIMPENDULO

3. 1 Lesi sikhangisi sibhekiswe kubantu abasebenzisa ugesi. (1)


3. 2 Umkhangisi ufake inombolo yocingo, i-imeyili kanye newebusayithi
ukuze abafisa ukubika ngomkhonyovu wokuxhunywa kwezintambo bawubike
ngokushesha besebenzisa lezi zinkundla zokuxhumana. (2)

143
3.3 Inhloso yokusetshenziswa kwesu lokuphindaphinda ‘’yonga’’ ukugcizelela
ukubaluleka kokonga ugesi wakwa-Eskom njengoba usetshenziswa izigidigidi
zabantu. (2)

3.4 U-Eskom ususize izigidigidi zabantu ngakho-ke bika ngomkhonyovu


wokuxhunywa ngokungemthetho kwezintambo zikagesi. (2)

3.5 Umkhangisi uphumelele kahle ukusebenzisa isithombe sebhodi elikhulu,


eliphakeme futhi elinokukhanya kukagesi okugqamisa igama lenkampani
kanye nesiqubulo sakwa-Eskom. (3)

[10]

UMSEBENZI 4

IZIMPENDULO
4.1  Iqinisa amasotsha omzimba.
 Yenza izingane zibe nempilo futhi zikhule kahle.
 Iqinisa amathambo namazinyo.
(Okubili kwalokhu okungenhla) (2)

4.2 Umkhangisi usebenzise ulimi oluphoqayo “thola ibhodlela le-scotts emulsion”


ukuphoqa noma ngubani onomntwana ukuthi makasebenzise i-scotts emulsion
(2)
ukuvikela umntwana wakhe emkhuhlaneni.

4.3  Umkhangisi usebenzise ifonti enkulu ‘vikela umntwana wakho emkhuhlaneni’


ukuheha abathengi ukuthi baphuthume bathenge ibhodlela le-scotts emulsion
ukuze abantwana babo bengezukuphathwa umkhuhlane.
 Umkhangisi usebenzise ifonti encane ukufihla ulwazi lokuthi
kungenzeka umntwana angabi ngcono emva kokusebenzisa i-scotts emulsion
ngakho-ke akabonane nodokotela uma bungekho ubungcono.
(2)

4.4 Umkhangisi uhlele lethekisthi yakhomba ukuchaza, usichazela kabanzi

ngemisebenzi eyenziwa i-scotts emulsion ukuthi iqinisa amasotsha omzimba

144
yenza izingane zibe nempilo futhi iqinisa amathambo namazinyo. (2)

4.5 Umkhangisi usebenzise kahle ezokuxhumana okuyiwebusayithi, izinombolo


zocingo kanye ne-imeyili ukuze kube lula ukuxhumana nabadayisa lo mkhiqizo
(2)
ngokushesha uma kudingeka.

(10)

UMSEBENZI 5

IZIMPENDULO
5.1 -Sine wifi yamahhala
-Igumbi lokutadisha
-Onogada abagade amahora angama-24 ngesonto
-Ifenisha kanokusho
-Isondelene nesikole (2)

5.2 Umkhangisi wale thekisthi uhlele lesi sikhangisi sakhomba inkinga nesixazululo.
Inkinga ebhekene nabafundi abadinga indawo yokuhlala isixazululo ukuthola
indawo kaZandie Student Accomodation. (2)

5.3 Igama elibhalwe ngokugqamile “sha” lisetshenziselwe ukuchaza ukuthi le ndawo


ayikaze isetshenziswe phambilini, ofisa ukuhlala kuyo uzobe engowokuqala ngqa.

(2)

5.4 Umkhangisi usebenzise ifonti enkulu ukuheha abafundi abadinga indawo. Uphinde
wasebenzisa ifonti ephakathi ukunikeza ulwazi lwalapho kunendawo yokuhlala
abafundi. (2)

[10]

UMSEBENZI 6

IZIMPENDULO
6.1 Lesi sikhangisi sibhekiswe kubantu abafuna ukuthatha uhambo olude
nabathanda ukuvakasha. (2)

145
6.2 Umkhangisi usebenzise ulimi oluchemile ngokobulili ngokuthi athi ngogogo
kuphela abazothola isaphulelo samaphesenti angama-50. (2)

6.3 Umkhangisi usebenzise ifonti encane ukufihla ulwazi lokuthi babiza inani
ngokwekhilomitha. (2)

6.4 Isimo sokukhuluma esiyisisho ngokuphazima kweso sisetshenziselwe


ukuchaza ukuthi uma ugibele ibhasi lakwaThuthuka Tours ufika ngokushesha
okumangazayo kuleyo ndawo osuke uya kuyona. (2)

6.5 Umkhangisi usisebenzise kahle isithombe sebhasi elihle esihambisana


nesikhangisi njengoba kukhangiswa ngesithuthi esithwala abantu abahamba
ibanga elide, lokhu kuzoheha abantu bafise ukuligibela leli bhasi. (2)

[10]

UMSEBENZI 7

IZIMPENDULO
7.1 Umdwebi esebenzise uphawu olutholakala efremini yoku-1 oluchaza ukuthi
umfana uyezela ngoba ehleli endaweni angakuthokozeli ukuba kuyo  (2)

7.2 Umuzwa ovezwa inkulumo esefremini yesi-3, umuzwa


wokukhathazeka/wokudumala (2)

uthisha udunyazwa umfundi olala ekilasini kufundwa.

7.3 Igama eliyisihlonipho segama elitholakala efremini yesi-2 elithi “Mfana”


umkhapheyana (2)

Umkhapheyana wakamakhelwane uyothengelwa ibhayisikili. 

7.4 B. Imbangela nomthelela (2)

7.5 ukusetshenziswa kwezibiyelo ezingafani efremini yesi-2 kusho izinkulumo


ezingafani, isibiyelo senkulumo kathisha sichaza ukuthi uyathetha noma
uyamemeza ngoba umfana owumfundi bukeka ezela noma elele endaweni
yokufunda, kanti umfana yena isibiyelo senkulumo ejwayelekile ngoba
uphapheme usephendula uthisha.  (2)

146
7.6 Umdwebi wale khathuni uphumelele noma ukwazile ukudlulisa umyalezo
wokuthi othisha abafundisa izingane ezikoleni abathole izindlela
ezithokozisayo ukufundisa ukuze izingane zikujabulele ngaso sonke isikhathi
ukufunda.  (2)

[Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka] [10]

UMSEBENZI 8

IZIMPENDULO

8.1 Igama elithi “oh” enkulumweni yokuqala lisetshenziselwe ukugqamisa ukuthi


laba besifazane bangabangani abakhulu  (1)

8.2 Okubili okukhombisa ukuthi laba besifazane bangabafundi.

- Umfaniswano wesikole
- Balengise izincwadi (2)

8.3 Ngamaphuzu amabili ukusetshenziswa kwezibiyelo kule khathuni

Kusho ngokuqamba amagama ezingane, omunye ayikhulelwa ngo June 16. 


zingafundiswa kanjani ngeholidi elibaluleke kangaka lentsha.  (2)

8.4 A/ iyaqwashisa.  (2)

8.5 Uteku olusetshenziswe umdwebi wale khathuni enkulumweni yomfundi


wesifazane kule khathuni lapho lo mfundi uthi uzoqamba ingane yakhe ngo June
16 kodwa akazi ukuthi kwenzakalani ngalolo suku phezu kokuba naye
esengumfundi njengalabo abalwela inkululeko yalolu suku.  (2)

8.6 Umdwebi wale khathuni uphumelele kahle ukudlulisa umyalezo othi intsha
esakhula ayifundiswe ngokubaluleka kwamaholidi ikakhulukazi lawo aqukethe
umlando nomunyu ngoba ayiyinhle indlela intsha egubha ngayo amaholidi. 
[Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukelwa.] (2)

[10]

UMSEBENZI 9

147
IZIMPENDULO

9.1 Uyathetha ngenxa yezibiyelo. 

Umlomo wesifazane uvuleke kakhulu.  (2)

9.2 Ukubeka isinkwa etafuleni ubaba usebenza kanzima ukubeka isinkwa

etafuleni.

[Imisho iyokwehluka] (2)

9.3 La magama ayahambisana ngoba lo mlingiswa uzihlalele phansi ubuka


umabonakude akanandaba nokufuna umsebenzi. 
[Nezinye izimpendulo ezinembayo.] (2)

9.4 La magama adlulisa umlayezo wokuthi akufanele sihlale phansi sicabange


ukuthi
izinto zizozizela kalula. Kufanele sisebenze ukuze sizokwazi ukuziphilisa.

[Nezinye izimpendulo ezinembayo.] (2)
9.5 Umkhangisi usebenzise kahle izibiyelo ezingefani
• Isibiyelo somuntu wesifazane sikhombisa ukuthi uyathetha/ uthukuthele
ngento eyenziwa ngumyeni wakhe okungukuhlala engayi ukuyofuna
umsebenzi elindele uhulumeni ukuthi amuphe umsebenzi

• Owesilisa esakhe isibiyekelo esenkulumo ejwayelekile, esikhombisa ukuthi


akanaki ukuthi unkosikazi wakhe uthini. Uyaxoxa nje ukuthi uhulumeni wakhe
kumele abaqashe (2)

[10]

UMSEBENZI 10
IZIMPENDULO

10.1 Sisetshenziselwe ukuvumelana okukhanyisela isimo/ lisetshenziselwe ukugqamisa


ukuthi isibaya kungani sibalulekile. (1)

10.2 Ukungena esibayeni kuligugu kuMzulu.

148
10.3 Isimo sokukhuluma sisetshenziselwe ukufanisa ukuthi izinhlupheko ziyaphela,
abantu baduduzeke babe nethemba (1)

10.4 Igama lisetshenziselwe ukuveza ubuningi babantu abangasekho emhlabeni noma


ukukhomba inhlonipho yabantu abangasekho emhlabeni. (1)

10.5 Iyachaza (C) (1)

10.6 Umfundi ophuma kwandlwana ugile umhlola ephasa ngamalengiso.

(Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka) (2)

10.7 INkosi iphuma lapho isinamandla nokuzethemba ukuthi izokwazi ukuphatha


isizwe.

Umusho oqondile:

(1) INkosi iphuma lapho isinamandla nokuzethemba.

(2) INkosi izokwazi ukuphatha isizwe. (2)

[10]

UMSEBENZI 11
IZIMPENDULO
11.1 Sisetshenziselwe ukuvumelana okukhanyisa isimo. Sisetshenziselwe ukuthi
inkulumo ibamnandi uma inongwe ngezaga.
11.2 Igama elidwetshelwe elithi “ihlabahlosile” lisetshenziselwe ukugqamisa
ukuthi inkulumo imnandi noma yinhle.
(1)
11.3 Isimo sokukhuluma esithi “Akukho qili lazikhotha emhlane” sisetshenziselwe
ukugqamisa ukuthi umuntu uyayenza into agcine esebanjiwe. (1)
11.4 Azikhulumi izigebengu uma sezibanjiwe. (2)
(Nezinye izimpendulo ezinembayo ziyokwamukeleka)
11.5 Iyachaza (1)
11.6 Ungabe usahamba kulowo mgwaqo ngoba sekukhona esiphonse
imithwalo, kusho uMnumzane Msweli. / UMnunzane Msweli uyaye ethi,
ungabe usahamba kulowo ngwaqo ngoba sekukhona eslahle imithwalo.
(2)

149
11.7 Isizwe esithanda ulimi lwaso njengesikhukhukazi sifukamele amatshwele
aso.

Umusho omkhulu: Isizwe sifukamele amatshwele aso.


Umshwana ochazayo: Esithanda ulimi lwaso njengesikhukhukazi. (2)
(10)

UMSEBENZI 12
Uthisha uzoxoxisana nabafundi ngezimpendulo.

UMSEBENZI 13

IZIMPENDULO
13.1 EliseSibubulungu
Elahlul' abelungu 

Imvumelwano siqalo  (2)

13.2 I-enjambamenti isetshenziselwe ukuqedela umqondo oqale emgqeni wama-


21 waze wayophelela emgqeni wama-23.  (2)

13.3 Isu lembongi lokusebenzisa ukuxhumana sigcino emgqeni emgqeni we- 10


kuya kowe- 11 ukugqamisa ukuthi abelungu baphuma olwandle kungazi
muntu ukuthi baphumaphi futhi bazokwenzani kule lizwe.  (2)

13.4 Imbongi isebenzise impinda ‘Yidwala likaShaka’ kule nkondlo ngenhloso


yokugqamisa ukuthi ubuqhawe bukaShaka kanye nesibindi sakhe kwamsiza
ukwakha umbuso wesizwe sikaZulu.  (2)
13.5 Imbongi iphumelelile ukwethula indikimba yenkondlo okuwu ‘Mlando’
ngenhloso youkugqamisa ukuthi iNkosi uShaka yabumba isizwe sikaZulu.
Saqina njengedwala futhi sasingahluwa ezinye izizwe nabelungu bahluleka
ukusihlaza isizwe sikaZulu.  (2)
[10]

150
UMSEBENZI 14
Uthisha uzoxoxisana nabafundi ngezimpendulo

UMSEBENZI 15
UHLA LWEZIMPENDULO:

15.1 Ngimi nowami umkhontshwana Ngimi nesami isihlangwana Imvumelwano


sigcino. (2)

15.2
• Ibinza lesithathu liqukethe umqondo wokuthi kunabantu ababangamagwala
abahluleka ukubekezelela imfundo asebe nokuzisola ngokuhluleka
ukubekezela.

• Umqondo wokuthi imfundo idinga abantu abanothando lwayo abazimisele


yokufunda ngoba akekho ozobalandela ngemuva. (2)

15.3 Imbongi isebenzise ukuxhumana okusekuqaleni “Khohlwa, khohlw’”


ukugqamisa ukuthi ekufundeni kwabo abangabe besanaka ubunzima asebedlule
kubo futhi bengezi izinto ezingeke zibasize ngalutho ngoba befuna ukujabulisa
abanye. (2)

15.4 Imbongi isebenzise isiqhathaniso “imini nobusuku” ukugcizelela ukuthi


imfundo idinga usebenze noma ufunde zikhathi zonke ukuze uphumelele.
Imbongi isebenzise umbabazi ukugcizelela ukunxusa kwayo ukuthi abantu
mabafunde. (2)

[10]

UMSEBENZI 16

151
Umsebenzi 1
UMHLAHLANDLELA WOKUMAKA

 Ungasebenzisa la maphuzu Kanye namanye njengomhlanhlandela


wokumaka lombuzo.
 Izimpendulo zingahluka ngokuthi umfundi uyiqonde kanjani inkondlo.
 Sebenzisa irubrikhi ukuhlola lombuzo.

[Ohlolwayo makakhombise ukuthi uyasiqonda isitatimende asinikeziwe ngokuhlaziya


ubhekise ekukhethweni kwamagama nomqondo kule nkondlo.]

Kuyiqiniso elingephikiswe ukuthi uma abantu bengazimisela bengazuza okuningi


ngemfundo. Imbongi ithi abantu abafunde ngoba izinto sezishintshile isikhali sempilo
imfundo.

Imbongi isebenzise amagama alandelayo ukugqamisa umqondo walenkondlo.

 “Ithala lobunzulu” Isihloko siveza ukujula kwendaba yokulwa kwabantu


abamnyama befuna imfundo.
 “MtakaNdul’ emnyama” imbongi igqamisa abantu abamnyama. Imbongi
igqamisa ukuthi abantu abamnyama babe yisizwe esidelelekile esibukelwa
phansi, senziwe umata wokunyathelwa ngabelungu ngenxa yokungafundi.
 “Ngezixhokolo” amatshe amakhulu ayiqoqo. Imbongi igqamisa ukuthi
abelungu bazamile ukucindezela abantu abamnyama bevinjelwa ukuba
bathuthuke kwezemfundo./ Imbongi incoma abantu abamnyama indlela
asebekhule ngayo ngokwemfundo ngenxa yokuthi babecindezelekile
babengatholi imfundo elinganayo neyezinye iznhlanga .
 “Odlondlobale” ukuthuthuka kwento. Imbongi ithi abantu abamnyama
bathola ulwazi bakhula ngokomqondo.
 “Ithala seligezi incokazi” imbongi lapha igqamisa ukuthi izinto sezishintshile
abantu abamnyama nabo sebefundile/ abasacindezelekile.
 “Enezimpiko ingandiza iyophuza” (isenza sasilwane) imbongi igqamisa
ukuthi abantu abamnyama sebekhululekile manje/ abasacindezelekile,
abayilangazelele noma abasibonayo isidingo semfundo abahambe bayofunda
ngoba izindawo sezivulelekile manje.

152
 “Kuleya nzulu yomthombo ochich’ uju” imbongi igqamisa ukuthi abantu
ahambe bayofunda bayofuna ulwazi ezindaweni zemfundo ezahlukahlukene
ukuze bakhulise ulwazi emiqondweni yabo.
 “Mntaka afrika kulukhuni ezweni lakobelungu” (umoya wokubalisa)
imbongi igqamisa ubunzima obukhona ezindaweni zokusebenza/ uma ufuna
umsebenzi ungafundile.
 “Elanamuhla selibukwa ngobhaqa,” imbongi igqamisa ukuthi izinto
sezishintshile manje sesizibuka ngeso lokukhaya.
 “Izimbaq’ eziqhakaze ethala .” imbongi igqamisa abafundisi ukuthi
basaqhubeka nokufundisa abalandelayo ukuze kusuke ukungazi
ebuchosheni.
 “Inkundla ngeyakho bhaqa langomuso” imbongi ikhuthaza abasebancane
ukuba bafunde baqhubekele phambili.
 “Kayiphons’ izikhali ephanda” igama ephanda - indawo ephezulu yokugaxa
izikhali endlini yesintu. Imbongi igqamisa ukuthi abantu abayeke ukulwa
basebenzise isikhali sabo esiyimfundo ukubhekana nezingqinamba zempilo.
 “Nangosib’ oluxoxa imibono” Imbongi igqamisa ukuthi uma abantu
sebefundile bayokwazi ukubhala izincwadi baxoxe ngomlando wesintu
ngokuhlukahlukana.
 “Elihle kakhulu libuyiswe ngobuchopho” imbongi ingqamisa ukuthi izwe
liyophathwa ngabantu abafundile abazolibuyisela kubantu abamnyama
ngemfundo.
 “Sicoshe imvuthuluka sibumbe” Imbongi ithi ngemfundo abayoyitholile
bayokwazi ukuxoxa ngomlando wokucindezelwa ngabelungu.
Impela kuyiqiniso ukuthi abantu uma bengazimisela kuningi abangakuzuza
ngemfundo. Imbongi ikwazile ukusebenzisa amagama anembayo ukugqamisa
ukubaluleka kwemfundo.

[Ohlolwayo angasebenzisa amanye amaphuzu ukusekela isitatimende]


[10]

Umsebenzi 2
UMHLAHLANDLELA WOKUMAKA

153
 Ungasebenzisa la maphuzu kanye namanye njengomhlanhlandela
wokumaka lombuzo.
 Izimpendulo zingahluka ngokuthi umfundi uyiqonde kanjani
inkondlo.
Sebenzisa irubrikhi ukumaka lombuzo.

Kuyiqiniso ukuthi isikhathi sencindezelo sesidlulile wonke umuntu usenethuba


lokusukuma ayofunda ukuze abe negalelo ekubumbeni isizwe esingenakushabalala.
Imbongi ikufakazele ngokugqamisa umqondo kanye nomoya kule nkondlo ethi ithala
lobunzulu. Ngizoqala ngokufakazela umqondo ngigcine ngomoya.

Umqondo wale nkondlo Imbongi ithi abantu abamnyama babeyinto ebukelwa phansi
beyinto yokusulela udaka yingakho ithi ‘MntakaNduli emnyama’. Abelungu
babebacindezele bengabavumeli ukuba bafunde ukuze nabo bazuze phezu kunjalo
baphikelela baphumelela ‘umthombo odlondlobale abasezitheni bewugqiba
ngezixhokolo zamatshe asezinkeleketheni ezingenazala’. Njengoba isikhathi
sokucindezelwa abalungu sesidlulile sekuyisikhathi sokuba abanamandla okuya
ezikhungweni zemfundo bahambe bayoncela ulwazi lwekhethelo‘ ithala seligezi
incokazi, enezimpiko ingandiza iyophuza kuleyo nzulu yomthomb’ ochich’uju’.
Abantu abamnyama abehlukane manje nokulwa ngoba leso sikhathi sesidlulie
kodwa abafunde baqinise yingakho sibuye siyithole isithi ‘ayiphonse izikhali
ephanda, idlondlobale ngenzulu yobuchopho’. imbongi iphonsa inselelo kubantu
abasha ithi yibona abayokhanyisela isizwe ‘inkundla ngeyakho bhaqa langomuso’
ibuye ithi abangagcini ngokufunda kodwa ababhale bezwakalise imibono yabo,
ikufakazela lokhu ngokuthi ‘nangosiba oluxox’ imibono’.

Kanjalo imbongi iyabalisa ngesenzo sabamhlophe sokubukela phansi abantu


abamnyama babathathe njengomata wokusulela udaka ngesikhathi sencindezelo
izwakala isithi MntakaNduli emnyama. Iyabancoma nokho ukuthi nakuba kunjalo
bakwazile ukuphulukundlela bafunda ‘umthombo odlondlobale’. imbongi
ikhuthaza abantu ukuthi abahambe beyofunda ngoba ifu elalibagubezele selidlulile
siyizwa isithi ’seligez’ incokazi. Iyaqwashisa ngokuthi akulula ukuthola umsebenzi
esikhathini sanamhlanje uma ungafundile ngoba abaqashi bafuna umuntu
okhanyiselwe manje ithi ‘ Mntaka-Afrika kulukhuni ezweni lakobelungu’ ngakho-

154
ke abantu abafunde babe nolwazi ‘elanamuhla selibukwa ngobhaqa’ ukuze
bakwazi ukubhekana nalobo bunzima. Imbongi iyabagqugquzela abantu
ikakhulukazi abasha ukuthi abangadikibali kodwa abasebenzise khona lokhu
okuyizinsalela zabacindezeli ‘Sicoshe imvuthuluka sibumbe’ ngokwenzenjalo
bayokwazi ukwakha isizwe esinomlando ongenakushabalala oyohlala ukhona
ungunaphakade ithi ‘sibumbe isizwe somlando wonwele olude’.

Ngempela kuyiqiniso elingephikiswe ukuthi isikhathi sengcindezelo sesidlulile wonke


umuntu usekhululekile ukuthi usengasukuma ayofuna ulwazi ukuze naye abe
negalelo elikhulu ekubumbeni umlando wesizwe sabamnyama.

[Ohlolwayo angasebenzisa amanye amaphuzu ukusekela isitatimende]


(10)

UMSEBENZI 17
IZIMPENDULO

17.1 “Ngilangazel’ ukudepha kwelenjulo, “

Ifanankamisa/ Ifanangwaqa

“Ngilangazel’ ukudepha kwelenjulo, “

[Nikeza amamaki amabili uma etomulile wase egagula ifanamsindo] (2)

17.2 Umfanekiso obhalwe ngokuqgamile emgqeni wesi-6 “kuyisiyalu


somthombo ompompoza,” inzwa yokubonakalayo/ yokuzwakalayo
usetshenziselwe ukugqamisa ukuthi uma uzuze imfundo uwube
usaphinde uhlupheke empilweni. (2)
[Nikeza amamaki amabili uma echazile kafushane ngomfanekiso
wawugagula]

155
17.3 Imbongi isebenzise isifengqo esitholakala emgqeni we-12 “Ngikhephuzel’

uhlaza ubusika nehlobo,” i- okzimoroni/ isiqhathaniso. Imbongi iqhathanisa


izikhathi ezingefani okuyizikhathi zobunzima kanye nezikhathi zenjabulo
eyokwazi ukubhekana nazo ngenxa yemfundo. (2)
[Nikeza amamaki amabili uma ekwazile ukubona isifengqo ngokusigagula
wase enikeza nomsebenzi waso]
17.4 Inhloso yembongi yokusebenzisa imvumelwano siqalo u-‘Ngi’ emgqeni
wama-20 nowama-21 ukuletha umgqumo osamculo nomsindo omnandi
kanye nokugcizelela. Imbongi igcizelela injabulo eyoba nayo uma isizuze
imfundo eyokwenza ingaphinde ihlupheke empilweni. (2)
[Nikeza amamaki amabili uma eyivezile inhloso yokusetshenziswa
kwemvumelwano, wayigagula ngokwemigqa ekuyo]
17.5 Isigqi sebinza lokugcina siyanensa ngenxa yomoya wokufisa/
wokulangazelela. Imbongi ifisa ukujula ngemfundo eyoba yisikhali
sokumelana nazo zonke izimo zempilo eyobhekana nazo. Nakuba
imigqa yaleli binza ivalekile, inezimpawu zokuloba ekugcineni kodwa
lokho akusenzi isigqi ukuthi sinense. Ukugwinyeka konkamisa kweminye
imigqa yaleli binza nakho kuyasilekelela isigqi esisheshayo. (2)
[Nikeza amamaki amabili uma esihlolisisile isigqi nangokomoya wasekela]
[10]

UMSEBENZI 18
IMPENDULO

Ngempela imvelo ibalulekile empilweni yabantu, lokhu kufakazelwa amagama


asenkondlweni aveza ithoni yokuncoma nokugxeka indlela abantu abasebenzisa
ngayo imvelo kanye nokungayinakekeli kwabanye imvelo.

Imbongi isebenzise lamagama alandelayo ukuncoma ubuhle bemvelo Kanye


nokugxeka abantu abangayinakekeli imvelo.

156
 Ehungeka - imbongi iveza indlela ethatheke ngayo ngobuhle
bemvelo. Indlela imbongi ethatheke ngayo imvelo iba
nokuyithanda kakhulu.

 Ngitshakadule - Ukugxumagxuma kwenkonyane ngenxa


yenjabulo, Imbongi ijabulela ubuhle bemvelo ize yehluleke
ukuzibamba.

 Zijabule –Lapha imbongi iveza injabulo enayo ngenxa yalobu


buhle bemvelo.

 Iklabile – Imbongi igqamisa ubuhle ebubona kwizinhlobonhlobo


zemfuyo nayo eyimvelo ekhona emhlabeni.

 Zihuba ingoma – Imbongi iba nokujabula ngokubona imvelo


eyizimila iyinhle igcinekile emhlabeni.

 Ukuthuthumela – lapha imbongi isivezela ukwesaba enakho


ngendlela abantu abangayinakekeli ngayo imvelo.

 Bebhubhisa – Imbongi ikhombisa ukukhathazeka kwayo


ngokuqedwa nokuqothulwa kwemvelo abantu abangakuboni
ukubaluleka kwemvelo.

 Iqothulwe – Imbongi iveza ukukhathazeka nokugxeka


ukuqothulwa kwemvelo, iqothulwa ngabantu abangenandaba
nayo. Ibona ukuthi imvelo izogcina iphele nya.

Kuyiqiniso elingephikiswe ukuthi imvelo ibalulekile ezmpilweni zabantu,


futhi kumele inakekelwe, kanti akukhuthazwa ukungayinakekeli imvelo.
Imbongi iyakugxeka nokubhujiswa kwemvelo. Kumele abantu bafundiswe
ngokugcina imvelo ukuze umhlaba uzohlala uhlobe ngobuhle bayo.

157
UMSEBENZI 19
IZIMPENDULO

19.1 Umfanekiso otholakala emgqeni wesi-6 umfanekiso wokunambithekayo –


Ngiyoncela amanzi ngobhaqa. (2)

19.2 Umqondo oqukethwe umugqa wei-8 kuya kowe-11, imbongi igqamisa ukuthi
njengoba isaqhubeka nokufunda iyofuna ulwazi olwanele ngokuhlala ifunda njalo
yingakho iyofunda kwaNgqondokulu ishiya ikhaya layo. (2)

19.3 Ukusetshenziswa kwala magama, Njulase, Nzibase kungelekele kahle


ukugqamisa indikimba yemfundo okugcizelela ukuthi imbongi isuka ekhaya iyofunda
imfundo ejulile kwaNgqondonkulu ithekele nolwazi olubanzi. (2)

19.4 Ngicabanga ukuthi imbongi isebenzise i-enjambamenti ukuxhumanisa,


ngokuqedela umqondo womugqa wama-28 kuya kowama-29 igqamisa ukuthi
kuyothi imbongi isihambile emhlabeni kuyila kuvela imfihlo yokuthi imfundo ijule
kangakanani.
(2)
19.5 Imbongi igqamisa ithoni yokulangazelela njengoba ingayeki ukufunda ilokhu
iqhubekile nokufuna ulwazi olujulile. (2)
[10]

UMSEBENZI 20
IZIMPENDULO
20.1 Imvumelwano siqalo√

Kanazi yini ukuthi uyephi na?

Kaniqondi yin ukuth’akuwenu na?√

158
NOMA

Imvumelwano siqalo√

Vumani ukuthi ubizwe nguyena.

Vulan’izinhliziyo zenu kuyena.√ (2)


20.2 Umqondo oqukethwe umugqa woku-1 kuya kowe-3 ukuthi imbongi icela
abantu ukuba bayeke ukukhala.√ Ithi abangamkhaleli umama njengoba
esedllulile emhlabeni, ithi abangakhali kakhulu kodwa ifuna babe nethemba
ngalo osedlule.√ (2)

20.3 Inhloso yembongi yokusebenzisa ukuxhumana sigcino ‘ekhaya…ekhaya’


ukuxhumana siqalo “pho pho”, ukuxhumana maphakathi “eseya, eseya”
emgqeni wesi-9 kuya kowe-10 ukugcizelela ukuthi useye ekhaya lakhe
kuMdali wakhe ngakho-ke abangakhathazeki ngalutho √√Ukuxhumana
maphakathi … um’ esey’ ekhaya/ emgqeni wesi-9 kuya kowe -10.√√ (2)

20.4 Isimo sokukhuma esisemgqeni we-11 okuyisihlonipho sisentshenziselwe


ukugcizelela ukuthi usedlulile akasekho emhlabeni usebiziwee nguMdali
wakhe.√√ (2)

20.5 Imbongi iphumelele kahle ukwethula isiqgi esinensayo. Isigqi siyanensa


ngenxa yomoya wokunxusa, wokukhathazeka, ukudideka, nakuba
kunokweqiwa konkamisa okuningi. √ Imbongi ikhathazekile futhi ididekile
ngabantu abakhalayo ngenxa yokushiywa othandiweyo wabo. Sengathi
abaqondi ukuthi ubevele engeyena owabo kodwa ungokaMdali.√ (2)

[10]

UMSEBENZI 21
IMPENDULO
Kuyiqiniso elingephikwe ukuthi umona uyifa leziwula. Isiwula umuntu owenza into
angabi nandaba nemiphumela yangomuso. Sekukaningi sibona imindeni ezalana
ngokwegazi ingadlelani ngenxa yokuba nomona ngempumelelo yabanye. Uzwe
sekuphuma amagama okuthakathisana ngenxa yokuthi ukhona omelene

159
nempumelelo yabanye. Ukufakazela lesi sitatimende sizobheka ukukhethwa
kwamagama agqamisa indikimba
Umona yifa leziwula.

Imbongi esitanzeni sokuqala isebenzise igama elithi ‘uyisigqila’ ukuveza ukuthi


abantu abanomona bafana nabantu abasebenza bengenzi nzuzo, ngoba impilo yabo
yonke bahlale bemonazela abanye abaphumelelayo kodwa eyabo impilo
ingenanqubekela phambili. Yingakho imbongi izigxeka izenzo zabantu abanomona.
Lobu bugqila abaphila ngaphansi kwabo abantu abanomona ababuboni, yingakho
kuyiqiniso ukuthi umona ifa leziwula.

Imbongi iphinde yasebenzisa igama ‘ukuhlabana’ okuyisisho esichaza


ukuphumelela kokwenzayo empilweni. Lapha imbongi iveza ukuthi abantu
abanomona abavamisile ukuphumelela empilweni ngoba bahlale bedlela abanye
umona kunokuba bazenzele okwabo noma bezisebenzele ukuze bazuze okuthize
empilweni. Kusobala futhi ukuthi umona uyifa leziwula, abantu abangaphumeleli
empilweni bayohlezi bengabafiseli abanye impumelelo.

Imbongi esitanzeni sesihlanu ithi “wen’ obon’ olwam’ ugongolo” ukugxeka ukuthi
abantu baboyeka ukubona amaphutha ezintweni ezenziwa abanye abantu,
bakhohlwe nawukuthi nabo banawo amaphutha. Abantu abanomona bahlala njalo
bebona izinto ezimbi kubantu abazamayo, abakuboni okubi ngezabo izenzo.
Yingakho umona uyohlezi uyifa leziwula ngoba ukubona iphutha komunye akusho
ukuthi wena ungcono kunaye.

Esitanzeni sokugcina imbongi ithi umuntu onomona uyiphixiphixi ngoba uzishaya


ngapha aphinde azishaye ngapha. Imbongi ithi noma ungaba nomona kangakanani
ulwisane nempumelelo yomuntu ngayo yonke indlela kodwa bazoba khona abazoba
wusizo bafake isandla ukuze umuntu ephumelele.

Ngempela kuliqiniso ukuthi umona ifa leziwula njengalokhu imbongi isebenzise kahle
amagama afakazela lokho aphinda agqamisa nendikimba yokugxeka. Imbongi
igxeka bona abantu abanomona ngokuveza ukuthi umona awubuyiseli. Singabantu

160
masiyeke ukufisa izinto zabanye kodwa masisukume sizizamele okwethu ukuze
siphumelele. [25]

UMSEBENZI 22
Izimpendulo
22.1 Lapho kugcwele ukuthula komhlaba nezulu - isiqhathaniso  (2)

22.2 Umqondo oqukethwe umugqa wesi-7 kuya kowesi -8 imbongi iveza


ukuthi uma isolwandle izwa umsindo wabantu abaningi
abasolwandleImbongi iphinde ithi yonke into eyenzeka olwandle
iyayijabulisa futhi nje uma ikule ndawo iyabusiseka.  (2)

22.3 Inhloso yembongi yokusebenzisa imvumelwano siqalo emgqeni 16


kuya kowe-17 ethi ‘Ngi’ ukuletha umgqumo omnandi osamculo
ogcizelela ukuthi imbongi izwa abantu abantu abasolwandle
abazikhulumela kamanandi izindaba zabo ngakho imema isithandwa
sayo ukuba size sizomzwisa laba bantu abakhulumayo ebathandayo. (2)

22.4 Imbongi isebenzise i-enjambamenti emugqeni wesi-4 kuya kowesi-5
ukuqedela umqondo womugqa ongenhla emgqeni ongezansi nokuletha
ilukuluku ukugqamisa ukuthi indawo ewulwandle inokuthula futhi uma
ikule ndawo umphefumulo wayo uyathokoza.  (2)

22.5 Imbongi iphumelele kahle ukusethulela isigqi sale nkondlo esinensayo ngoba
incoma indawo ewulwandle elangazelela ukuzipholela kuyo nothandiweyo
wayo.  (2)

UMSEBENZI 23
UMHLAHLANDLELA WOKUMAKA

23.1 Isizinda sendawo ekuqaleni kwalesi siqeshana kusefulethini


likaMahlengi√ lapho ekungenwa khona. √
(2)

161
23.2 Izinto ezimbili uXolani ayeziphathele uMahlengi iwayini√ kanye ne-
pizza.√ (2)

23.3 Umoya osekuqaleni kwalesi siqephu owokuxabana. √ UNdumiso ulwisa


uXolani ngoba emsola ngokuthi uya efulethi likaMahlengi, intombi yakhe. √
(2)

23.4 Umlandi usivezela isikhwele nesihluku sikaNdumiso. √ UNdumiso ushaya


uXolani, ongakwazi ukuzilwela, ngoba esola ukuthi uthandana nentombi
yakhe uMahlengi. √
(2)

23.5

 UXolani uthi usuthi uma ebuzwa ukuthi uzodla yini.√


 UXolani unuka utshwala ayesabuyeka kudala.√
 UXolani unuka isiqholo sabantu besifazane i-Red Door.√
(3)

23.6 Zombili lezi zigameko zingenxa yothando laba balingiswa abathanda


ngalo uMahlengi.√ UNdumiso uboshwe ngoba ebambe inkunzi waphinde,
wabulala uNyambose, kade eyobamba inkunzi ukuze athole imali yokulobola
uMahlengi.√ UXolani ukhiyele izingane endlini ehambe noMahlengi baya
eJohn Dory’s kanti kuzosala endlini kuqubuke umlilo kushone izingane.√
(3)

23.7 Inhloso yombhali yokusebenzisa umlingiswa onguNhlumayo


ngukusixwayisa ukuthi sigweme ukukhuluma kakhulu nabantu esingabazi
ngoba lokho kungadala izinkinga. √ UNhlumayo ukhulume wageqa amagula
esho ukuthi uNgidi uhlala yedwa kanti lokhu sekinikeza uNdumiso isibindi
sokuthi aye kombamba inkunzi. √√ (3)

23.8 Umphumela empilweni kaXolani wawuyoba muhle ngoba wayengeke


aphinde asondele kuMahlengi. √ Lokho kwakuyodala ukuthi ahlale kahle
nomndeni wakhe ingekho into emxabanisa nomkakhe. Nezingane zakhe
zazingeke zihlangabezane nokufa ngoba wayezobe ekhona ekhaya. √√
(3)

162
23.9 Ngiyezwelana noNkululeko owagcina ezibulele ngoba wayeqhutshwa
nguthando enethemba lokuthi uNontobeko uzobona uthando ayenalo ngaye
akhohlwe ngu Mhlengi futhi naye noNontobeko, yize ayencengwa, wagcina
evumile ukulotsholwa kuhlelwe nomshado. √√

NOMA

Angizwelani noNkululeko ngokuzibulala kwakhe ngoba wayetshelwe


kahle kwasekuqaleni ukuthi uthando lwakhe alukho. Noma eseqala
elobola ehlela nomshado wake wabuzwa ukuthi ujaheni kangaka. Lokho
kwakunguphawu lokuthi uthando lwakhe lwalungenaso isisekelo
esiqinile. √√ (2)

23.10 Isenzo sikaNontobeko sokushiya umshado asisihle ngoba washiya


umshado owawumqinisekisa ikusasa elingcono noNkululeko
owayemthanda waya kothungatha umuntu owamshiya esithubeni
ngaphandle kwesizathu futhi ayengazi nokuthi uphila mpiloni lapho
ekhona. √√ Ukuba nganginguNontobeko ngangizokwehlisa umoya,
ngizinikele kuNkululeko, owayetshengisa ukungithanda ngenhliziyo
yakhe yonke.√

NOMA
Isenzo sikaNontobeko sasifanele ngoba uthando luzifunela okwalo.
Wayengeke aneliseke ukuba semshadweni angawuthandi impilo yakhe
yonke. Nomyeni wakhe wayengeke aluthole uthando oluphelele kuye
uNontobeko. √√ Ukube nganginguNontobeko ngangingeke ngivume
kwasekuqaleni ukuthi alobole uNkululeko ngoba ngazi ukuthi uthando
lwakhe angisoze ngaba nalo. √ (3)

IMIKLOMELO ISIYONKE 25

163
UMSEBENZI 24
IZIMPENDULO

24.1 Isizinda sendawo esitholakala ekuqaleni kwalesi siqeshana kusefulethini


likaMahlengi ngaphandle kwesango lapho okungenwa khona njengoba
uXolani ephendula uNdumiso uma embuza ukuthi uya kunombolo -312. 
(2)

24.2 Umlandi usitshela ngenkulumo mpendulwano phakathi kwabalingiswa.  (1)

24.3 Umoya otholakala ngasekuqaleni kwalesi siqeshana owokuxabana.


UNdumiso ulwisa uXolani ngoba emsola ngokuthi uya efulethi (3)
likaMahlengi, intombi yakhe uze uyamshaya, umchithisa nePizza kuwe
newayini aliphethe. 

24.4 ULungile uyacabanga uze aphimisele athi ngelinye ilanga kuyovela ukuthi
kwenzekani kuwe uma ebona uXolani ukuthi ufika eshayiwe kepha
angakwazi ukumtshela isizathu njengoba ekugcineni kwenoveli eba
(4)
nodweshu lwangaphakathi uma sekuvela ukuthi uXolani uhambe washiya
izingane zasha nomuzi. 

24.5 UNyambose uvezwe njengomlingiswa okwaziyo ukukhuluma noqaphelayo (1)


njengoba ekwazi ukubona imoto uma iza futhi othanda izinto ezimnandi. 

24.6 Zombili lezi zigameko zingenxa yothando laba balingiswa.  UNkululeko


uthanda uNontobeko, uyehluleka ukwamukela uma emala ngosuku
olwandulela olomshado unquma ukuzibulala. kanti uNdumiso uthanda
(3)
uMahlengi uyehluleka ukwamukela uma ebona ukuthi sengathi kukhona
omunye osethanda uMahlengi, unquma ukubamba inkunzi ugcina
ngokuboshwa. 

24.7 Inhloso yombhali yokusebenzisa umlingiswa onguNhlumayo


ngukusixwayisa ngobungozi obuba khona uma abantu bekhuluma
ngokukhuleleka nabantu abangabazi ngoba lokho kungadala izinkinga.
(3)
UNhlumayo ukhulume wageqa amagula esho ukuthi uNgidi uhlala

164
yedwa kanti lokhu sekunikeza uNdumiso isibindi sokuthi aye kombamba
inkunzi. 

24.8 Umphumela empilweni kaXolani wawuyoba muhle ngoba wayengeke


aphinde asondele kuMahlengi.  Lokho kwakuyodala ukuthi ahlale kahle
nomndeni wakhe ingekho into emxabanisa nomkakhe. Nezingane zakhe
(3)
zazingeke zihlangabezane nokufa ngoba wayezobe ekhona ekhaya. 

24.9 Siyakholakala ngoba kuyenzeka abantu bangabe besashada uma kukhona


soismo ababhekana naso esingaba inkinga emshadweni abangena kuwo.
UUkuba nganginguNontobeko ngangizokwehlisa umoya, ngizinikele
kuNkululeko, owayetshengisa ukungithanda ngenhliziyo yakhe yonke. 

NOMA

Asikholakali ngoba uMhlengi wayemshiyile kwakufanele aqhubeke (2)


nempilo njengoba wayeselungiselela umshado njengoba
wayesathandane noMhlengi isikhathi esincane. Uzehlisa isithunzi
ngokulandela umuntu wesilisa.

24.10 Kule ncwadi ngiyezwelana noNkululeko owagcina ezibulele ngoba


wayeqhutshwa uthando enethemba lokuthi uNontobeko uzobona
uthando ayenalo ngaye akhohlwe nguMhlengi futhi naye
noNontobeko, yize ayencengwa, wagcina evumile ukulotsholwa
kuhlelwe
nomshado. 
(3)
NOMA
Angizwelani noNkululeko ngokuzibulala kwakhe ngoba
wayetshelwe kkahle kwasekuqaleni ukuthi uthando lwakhe
alukho. Noma eseqala elobola ehlela nomshado wake wabuzwa
ukuthi ujaheni kangaka. Lokho kwakunguphawu

lokuthi uthando lwakhe lwalungenaso isisekelo esiqinile. 

[25]

165
UMSEBENZI 25
IZIMPENDULO

25.1 Umdlalo wenzeka evulande emzini kaMdaluli eMandini kwaChappies lapho (2)
uhlala esihlalweni uManqina uhlala kusofa. 

25.2 Umlandi usitshela ngemizwa yomlingiswa onguMaMlanduli njengoba (2)


etshengisa ukukhathazeka uma ebona uMdaluli ebuya ngesikhathi
angajwayele ukubuya ngaso ekhaya.

25.3  UMdaluli uhlukumeza inkosikazi yakhe uMaMlanduli , aphinde (2)


ahlukumeze izingane zakhe ezingu Nenelezi,Londiwe noKhombephi
aze azixoshe emzini wakhe.
 Uphinde ahlukumeze uChivenga ngoba ethi ungowokuhamba futhi
umthathele umsebenzi wakhe abesewutholile wokwakha, uze
amshaye ehlathini laseMphekandlubu. 

25.4 Imbangela yodweshu lwangaphandle phakathi kukaZayeka noMdaluli (2)


lubangwa ukuthi uMaMlanduli unqabile nendabandaba efunwa uMdaluli
uLondiwe wabe eseshayela amaphoyisa ucingo.

25.5 Uvezwe njengomlingiswa onodlame njengoba ephoqa uMaMlanduli ukuthi


enze into angafuni ukuyena uphinde alwe nephoyisa uZayeka okuyilona
(2)
elizomlanda.

25.6 La mazwi angelekelele ukuba ngiqonde ukuthi uMaMlanduli ukhala ngokuthi


uma uMdaluli esephelelwe umsebenzi kusho ukuthi sekuphelile ngabo
njengomndeni, angeke besakwazi ukuphila impilo abebeyiphila .  

25.7 Umphumela wawuzoba mubi ukuba uLondiwe akawabizanga amaphoyisa.


UMaMlanduli wayengagcina elimele noma uMdaluli amshaye ambulale

166
nezingane zabo zihlukumezeke ngokwengqondo, umoya, noMdaluli (2)
aqhubeke nokuhlukumeza umndeni wakhe enze izinto ngenkani. 

(Nezinye izimpendulo ezishaya emhlolweni ziyokwamukeleka)

25.8 Bobabili basebenza kuhulumeni.Izenzo zabo azifani njengoba uZayeka (2)


wayewenza umsebenzi wakhe

ngokwethembeka njengoba ebophe uMdaluli ngemva kokuhlukumeza

uMaMlanduli waphinde wambopha ngesikhathi eshaye uChivenga kanti


uHeshane akathembekile eMnyangweni Wezasekhaya njengoba enzela
uChivenga isitifiketi somshado esiwumgunyathi ushada uHlengiwe engazi.
Konke loku ukwenza ukuze uChivenga abe isakhamuzi saseNingizimu Afrika,
ugcina ephelelwa nawumsebeni. 

25.9 Inhloso yokusebenzisa uZenyezile ukusivezela ukuthi abanye abantu (2)


abasebenzela ezenhlalakahle banendima enkulu emphakathi njengoba
uZenyezile kunguye osize izingane zikaMdaluli ekuhlukunyezweni nguyise
uMdaluli ukuze bakwazi ukuqhubeka nempilo . 

25.10 Isenzo sokushaywa kukaChivenga asamukelekile. Ngokomthethosisekelo


wezwe awuvumi ukuba umuntu azithathele umthetho ngezakhe izandla
njengoba uMdaluli ehlangene noChivenga ehlathini wamshaya wamlimaza
waze walala esibhedlela. Kwakungangcono ukuba bakhulumisane naye
baxazulule inkinga noma uma enephutha kubikelwe abomthetho.   (3)

25.11 Ngiyavumelana nomlayezo othi abantu abangacwasani ngokobuzwe ngoba


bonke bavela ezindaweni/emazweni ahlukahlukene kodwa bangabantu
abafanayo ,njengoba uMdaluli kulo mdlalo wenza okungamukellkile
ngokushaya uChivenga ngoba engeyena owaseNingizimu Afrika
(3)
engowaseMOzambique. 

167
(Nezinye izimpendulo ziyokwamukeleka.)

25.12 Umbhali uphumelele kahle ukusethulela umdlalo othi ’Kudela Owaziyo’


njengoba ekwazile ukusivezela indawo umdlalo owenzeka elokishini
lakwaChappies.

Uphinda usivezela ummeleli onguMdaluli okunguyena indaba nokwenzeka


emdlalweni ingaye. Waphinde wasivezela isisusa sodweshu esiyiphupho
lesiphepho elaphushwa uMdaluli okugcina ngokuthi alahlekelwa umsebenzi
(3)
e-Iron, Metal and Steel Industry. 

[10]

UMSEBENZI 26
IZIMPENDULO

26.1 Ithoni yokukhathazeka ngoba uPhindisiwe ukhathazwa ukuthi kazi


uyizwile yini into abekade emhlebela yona. uPhindisiwe uphinde
akhathazwe ukuthi uNkululeko usemjikele akasafani nasekuqaleni. (2)
26.2 Ukubuya kukaNkululeko kudalela uPhindisiwe noMaKhangela
izinkinga ngoba uNkululeko uyabathumba aphinde abasabise
ngesibhamu ngenhloso yokuthola imali. uMaKhangela ugcina
esechwensa uThamsanqa bese eyazisola (2)
26.3 Indikimba yalo mdlalo uthando lwemali. Umlingiswa onguSikela
izenzo zakhe ziyayithuthukisa le ndikimba ngoba uvuma
ukuthengwa uNkululeko ukuthi amenzele isitifiketi somgunyathi
esasifakazela ukuthi uPhindisiwe ushadile ngampela noNkululeko. (3)
26.4  Isisusa sodweshu ukubuya kukaNkululeko empilweni
kaPhindisiwe ephuma ejele. Ushayela uPhindisiwe ucingo
ufuna babuyelane kodwa uPhindisiwe uyanqaba.
 UPhindisiwe uxabana noNkululeko umtshela ukuthi
wamkhokhela amakhulu amarandi imali ngecala
lokushayisa ingane ngemoto.

168
 UNkululeko uxabana noPhindisiwe umtshela ukuthi
uzodalula izimfihlo zakhe. (3)
26.5 uPhindisiwe ufihlelwe umlingiswa onguNkululeko ukuthi emva
kokuphumelela kwabo etulweni lokubulala umyeni wakhe
uThamsanqa, naye uPhindisiwe wayezombulala ukuze asale imali (2)
eyidla yedwa.
26.6 Indlela abamemukela ngayo uNkululeko kwaMathonsi ayifani.
Uma efika okokuqala abakwaMathonsi abamemukeli, abamkholwa
nakushoyo uze uphuma ngesamagundane esho ukumqeda
uMaMhlongo kanti uma esebuya okwesibili esephethe ubufakazi
bayawehlisa umoya bayamlalela. (3)
26.7 Izenzo zomlingiswa onguMaKhangela ziyakholaka. Bakhona
abazali abavuna izingane zabo noma zenza okungalungile.
UMaKhangela Uhlangana nendodakazi yakhe uPhindisiwe
bafihlela abakwaMathonsi ukuthi kunezingane azishiya ekhaya.
Uphinde uhlangana noPhindisiwe bakhokhela uNkululeko ukuthi (2)
athwalele uPhindisiwe icala.
26.8 Ngiyavumelana. UPhindisiwe uthandana noNkululeko ebe
eshadile noThamsanqa. Ekuthandaneni kwabo kuvela ingane
uZiphozonke ebese eyisulela ngomyeni wakhe uThamsanqa.
Akathembekile emsebenzini wakhe ngokuthi wakwazi
ukusebenzisana nezigebengu ezingoNkululeko ukubamba (3)
ibhange inkunzi.
26.9 La mazwi asetshenziswe kahle ngoba uNkululeko wamthwalela
uPhindisiwe icala okwaholela ukuba abuye ejele engasenawo
umsebenzi. Ngakho-ke noPhindisiwe wayesefanele ukuba amsize
uNkululeko ngoba naye wamtakula. (2)
26.1 Umbhali uphumelele kahle ukwethula isingeniso salo mdlalo.
0 Esingenisweni kumele sethulelwe umlingiswa ongummeleli,inkinga
abhekene nayo,isisusa sodweshu kanye nesizinda. Ekuqaleni
sethulelwa ummeleli onguPhindisiwe ebhekene nenkinga
yokubuya kukaNkululeko ejele ezofuna ukuba babuyelane,
uPhindisiwe uyanqaba okuyisisusa sodweshu. Isimo senhlalo
asisihle abavumelani ocingweni olwalushaywe uNkululeko

169
ngenkathi uPhindisiwe esemsebenzini ebhange iForum.
(3)
Isamb [50]
a

IZIMPENDULO 2
26.1 Isizathu sokuba nodweshu ukuthi uNkululeko ushayela
uPhindisiwe ufuna babuyelane. UPhindisiwe uyenqaba ngoba uthi
okwakubahlanganise noNkululeko sekwashabalala.

[Nikeza amamaki amabili uma esinikezile isizathu] (2)

26.2 Ithoni kaPhindisiwe igqamisa indelelo/ukuba nesibindi sokungafuni


ukuqhubeka nobudlelwane ayenabo noNkululeko njengoba
eseyiphela endlebeni futhi anganendaba noma uNkululeko
ethembisa ukumsoconga nokuthi naye uzomthumela ngezimbeva
zakubo.
(2)
[Nikeza amamaki amabili uma eyichazile ithoni]
26.3  Indawo kusebhange i-Forum uNkululeko ushayela
uPhindisiwe ucingo ufuna babuyelane.
 Isimo senhlalo asisihle/sishubile njengoba uPhindisiwe
etshela uNkululeko ukuthi akahlukane naye, useqhubekele
phambili nempilo uNkululeko akavumi futhi ufuna ingane
yakhe.
 Isikhathi samanje ngoba sithola kunezingcingo njengoba
uNkululeko eshayela uPhindisiwe ucingo.
(3)
[Nikeza amamaki amathuthu uma efingqile ngamaphuzu]
26.4 Kwakungafanele uPhindisiwe wamkhokhela uNkululeko imali
engangamakhulu amarandi ukuze abashwe kungaboshwa
uPhindisiwe. Lesi senzo sikaNkululeko sikhombise ukungabinalo
iqiniso ekubeni uPhindisiwe wathembeka wamkhokhela njengoba

170
babevumelene.
Noma
Kwakufanele uNkululeko uboshwe ngenxa kaPhindisiwe
walahlekelwa nawumsebenzi, ikusasalakhe lonakala engeke
esaqasheka nakalula njengesiboshwa izithupha zakhe zingcolile.
(3)
[Nikeza amamaki amathathu uma enikezile impendulo wasekela]

26.5 Bobabili bayakholwa futhi banothando lweqiniso ngamakhosikazi


abo. UMathonsi uhlonipha uMaMhlongo uyamthanda nakuba
ekhombisa ukuba uhlanya, umvikela ukuba angayi
kwaMakhangela ukuze angangeni engozini. UThamsanqa
uyamthanda uPhindisiwe noma ngabe esethole ukuthi unezingane
zangaphandle akawutsheli umndeni wakhe.

[Nikeza amamaki amathathu uma ekwazile ukuqhathanisa] (3)

26.6 Wawuzoba muhle ngoba kwakungenzeka uThamsanqa amxolele


njengoba uPhindisiwe wayebhale inkondlo ayexolisa ngayo kanye
nothando ayenalo ngoThamsanqa baphinde bahlale kahle
ngokuzwana/ngoba wayezoba nemali avale izikweletu zakhe
ezimxinile bese ehlala kahle noThamsanqa angaphinde angene
ebugebengwini.
noma
Wawuzoba mubi ngoba wayezokwenza itulo lokubulala
uThamsanqa ehlangene noNkululeko athathe yonke imali yakhe
bese egcina ngokubulawa nguNkululeko.
(2)
[Nikeza amamaki amabili uma enikezile impendulo wasekela]
26.7 Imbangela ukuthi uNkululeko ukhumbuza uPhindisiwe ukuthi
kwakuyicala lakhe leli ayelihlalele ejele iminyaka ngakho-ke
kwakumele ukuthi amsize uPhindisiwe uma ecela usizo.

171
[Nikeza amamaki amabili uma eyinikezile imbangela wasekela] (2)

26.8 Kwakungafanele ngoba wayengumngani wakhe futhi uPhindisiwe


emxoxela zonke izindaba ngisho neziyimfihlo zakhe kanti
uKholekile wayesethandana noNkululeko uPhindisiwe engazi
ezidlulisa izindaba kuNkululeko evuma nokuthunywa
nguNkululeko ukuyohogela izindaba kuPhindisiwe.

[Nikeza amamaki amabili uma ekwazile ukuphendula wasekela] (2)

26.9 Angizwelani. UMaqoma noSikela bangabangani abakhulu


bakaNkululeko, sibathola belekelela kakhulu ukululeko ezezweni
zakhe ezimbi, abamkhuzi. UMaqoma uphelezela uNkululeko
ukuya kwaMathonsi ukuyidicilela isithunzi sikaPhindisiwe phansi.
Ubuwe uyamlekelela uNkululeko ngesikhathi eyobamba inkinzi
ibhange. uSikela usiza uNkululeko ukumenzela isitifiketi somshado
esiwumgunyathi.
Noma
Ngiyazwelana. UMaqoma noSikela abasizo izingebengu kodwa (2)
bafakwa uNkululeko ekwenzeni ubungebengu. UNkululeko
usebenzisa bona ukufeza izinhloso zakhe zobugebengu
njengokuthola imali ngokubamba inkunzi ibhange.

26.1 Umbhali ulisebenzisekahle isu noma ikhono lokubikezela kulo


0 mandlo. UmaMhlongo uphupha uhlanya luhlwitha umzukulu
wakhe uZiphozonke lubaleka naye. Leli phupho umbhali (3)
wayebikezela ukuthi ukuhamba kwesikhathi kuzofika uNkululeko
kwaMathonsiezofuna uZiphozonke ethi ingane yakhe, akusiye
umzukulu wakaMathonsi.
[25]

172
173

You might also like